Yiba Nesibindi NjengoJeremiya
“Themba uJehova; yiba nesibindi futhi inhliziyo yakho mayibe namandla. Yebo, themba uJehova.”—IHUBO 27:14.
1. Iziphi izibusiso ezinkulu oFakazi BakaJehova abazijabulelayo?
OFAKAZI BAKAJEHOVA bahlala epharadesi elingokomoya. (Isaya 11:6-9) Kuleli zwe eligcwele kangaka izinkathazo, bajabulela indawo engokomoya eyingqayizivele kanye nabafowabo abangamaKristu, abanokuthula noJehova uNkulunkulu nanomunye nomunye. (IHubo 29:11; Isaya 54:13) Futhi leli pharadesi labo elingokomoya liyanda. Wonke umuntu ‘owenza intando kaNkulunkulu ngomphefumulo wonke’ unesandla ekulandiseni. (Efesu 6:6) Kanjani? Ngokuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli nangokufundisa abanye ukuba benze okufanayo, ngaleyo ndlela bebamema ukuba nabo bazojabulela izibusiso zalelo pharadesi.—Mathewu 28:19, 20; Johane 15:8.
2, 3. Yini amaKristu eqiniso ayikhuthazelelayo?
2 Nokho, ukuthi sihlala epharadesi elingokomoya akusho ukuthi akukho bunzima esibhekana nabo. Sisalokhu singaphelele futhi siyagula, siyaguga, ekugcineni siyafa. Ngaphezu kwalokho, sibona ukugcwaliseka kweziprofetho eziphathelene ‘nezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Izimpi, ubugebengu, ukugula, indlala nobunye ubunzima buhlupha isintu sonke kuhlanganise noFakazi BakaJehova.—Marku 13:3-10; Luka 21:10, 11.
3 Ngaphandle kwakho konke lokho, sazi kahle ukuthi ngaphandle kwale ndawo ethokomele eyipharadesi lethu elingokomoya, kuvunguza imimoya ebandayo yokuphikiswa. UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda. Khumbulani izwi engiye ngalisho kini, Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma beye bashushisa mina, bayonishushisa nani.” (Johane 15:18-21) Kusenjalo nanamuhla. Abaningi abayiqondi indlela yethu yokukhulekela futhi ababuboni ubuhle bayo. Abanye bayasigxeka, basihleke usulu, noma basizonde nokusizonda—njengoba uJesu axwayisa. (Mathewu 10:22) Ngokuvamile, kusakazwa amanga ngathi futhi siyanyundelwa emithonjeni yezindaba. (IHubo 109:1-3) Yebo, sonke sibhekana nezimo ezinzima, ngenxa yalokho abanye kithi bangase baqale ukudikibala. Singakhuthazela kanjani?
4. Silufuna kuphi usizo lokukhuthazela?
4 UJehova uzosisiza. Ephefumulelwe, umhubi wabhala: “Ziningi izinhlekelele zolungileyo, kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:19; 1 Korinte 10:13) Abaningi bethu bangakufakazela ukuthi uma sithembela kuJehova ngokugcwele, usinika amandla okukhuthazelela noma ibuphi ubunzima. Uthando lwethu ngaye nenjabulo ebekwe phambi kwethu kusisiza silwisane nokudumazeka nokwesaba. (Hebheru 12:2) Ngakho, naphezu kobunzima, siyaqhubeka simi siqinile.
IZwi LikaNkulunkulu Lamqinisa UJeremiya
5, 6. (a) Sinaziphi izibonelo zabakhulekeli beqiniso abakwazi ukukhuthazela? (b) Wazizwa kanjani uJeremiya lapho ebizwa ukuba abe umprofethi?
5 Kuwo wonke umlando, izinceku zikaJehova ezithembekile ziye zajabula naphezu kwezimo ezinzima. Ezinye zaphila ezikhathini zokwahlulelwa lapho uJehova ebonisa ulaka lwakhe kwabangathembekile. Abanye balabo bakhulekeli abathembekile kwakunguJeremiya nabambalwa kubantu ayephila nabo, kanye namaKristu ekhulu lokuqala. Lezo zibonelo zomlando zilotshwe eBhayibhelini ukuze kukhuthazwe thina, futhi kuningi esingakufunda ngokuzitadisha. (Roma 15:4) Ngokwesibonelo, cabanga ngoJeremiya.
6 Esemncane, uJeremiya wabizwa ukuba abe umprofethi kwaJuda. Kwakungesona isabelo esilula lesi. Abaningi babekhulekela onkulunkulu bamanga. Nakuba uJosiya, owayeyinkosi ngesikhathi uJeremiya eqala inkonzo yakhe, ayethembekile, wonke amakhosi amlandela ayengathembekile, futhi iningi lalabo ababenomsebenzi wokufundisa abantu—abaprofethi nabapristi—babengalimeli iqiniso. (Jeremiya 1:1, 2; 6:13; 23:11) Wazizwa kanjani-ke uJeremiya lapho uJehova embiza ukuba abe umprofethi? Wesaba! (Jeremiya 1:8, 17) UJeremiya wakhumbula indlela azizwa ngayo ekuqaleni: “Ngathi: ‘Maye, Nkosi EnguMbusi Jehova! Bheka empeleni angikwazi ukukhuluma, ngoba ngisewumfana nje.’”—Jeremiya 1:6.
7. Babesabela kanjani abantu uJeremiya ayeshumayela kubo, yena wazizwa kanjani?
7 Iningi labantu uJeremiya ayeshumayela kubo lalingasabeli, futhi wayevame ukuphikiswa kakhulu. Ngesinye isikhathi uPhashuri, umpristi, wamshaya wamfaka esitokisini. UJeremiya wabika indlela azizwa ngayo ngaleso sikhathi: “Ngathi: ‘Ngeke ngisakhuluma ngaye [uJehova], futhi ngeke ngisakhuluma egameni lakhe.’” Mhlawumbe nawe uke wazizwa kanjalo ngezinye izikhathi—kuthi yeka. Phawula ukuthi yini eyasiza uJeremiya ukuba abekezele. Wathi: “Enhliziyweni yami [izwi likaNkulunkulu, noma isigijimi sakhe] kwaba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami; futhi ngakhathala ukuzibamba, ngangingakwazi ukukukhuthazelela.” (Jeremiya 20:9) Ingabe amazwi kaNkulunkulu akwenza uzizwe kanjalo?
Ozakwabo BakaJeremiya
8, 9. (a) Ibuphi ubuthaka umprofethi u-Urija abubonisa, waba yini umphumela? (b) Kungani uBharuki adikibala, futhi wasizwa kanjani?
8 UJeremiya wayengawenzi yedwa lo msebenzi wokuprofetha. Babekhona ayenza nabo lo msebenzi, futhi kumelwe ukuthi lokho kwamkhuthaza. Nokho, ngezinye izikhathi labo zakwabo babengenzi ngokuhlakanipha. Ngokwesibonelo, omunye umprofethi owayekanye naye okuthiwa u-Urija wayematasa exwayisa iJerusalema noJuda “ngokuvumelana nawo wonke amazwi kaJeremiya.” Nokho, lapho iNkosi uJehoyakimi iyala ukuba u-Urija abulawe, u-Urija wesaba wabalekela eGibhithe. Akumsindisanga lokho. Amadoda enkosi amlandela, ambamba, ambuyisela eJerusalema lapho abulawa khona. Yeka ukuthi kumelwe ukuthi kwamshaqisa kanjani lokho uJeremiya!—Jeremiya 26:20-23.
9 Omunye owayesebenza noJeremiya kwakungunobhala wakhe, uBharuki. UBharuki wayewusizo olukhulu kuJeremiya, kodwa naye ngesinye isikhathi wafiphalelwa umbono ongokomoya. Waqala ukukhonona, ethi: “Maye, manje, kimi, ngoba uJehova unezele usizi ebuhlungwini bami! Ngidiniwe ngenxa yokububula kwami, futhi angitholanga ndawo yokuphumula.” Edikibele, uBharuki waqala ukuphelelwa ukwazisa ngezinto ezingokomoya. Noma kunjalo, ngomusa uJehova wanika uBharuki isiyalo esihlakaniphile, wawulungisa umbono wakhe. Ngemva kwalokho waqinisekiswa ngokuthi wayezosinda lapho kubhujiswa iJerusalema. (Jeremiya 45:1-5) Kumelwe ukuthi wakhuthazeka kakhulu uJeremiya lapho uBharuki ephinda esimama ngokomoya.
UJehova Wamsekela Umprofethi Wakhe
10. UJehova wamthembisa wathini uJeremiya ebonisa ukuthi uzomsekela?
10 Okubaluleke nakakhulu ukuthi uJehova akazange amshiye uJeremiya. Wayeyiqonda indlela lo mprofethi wakhe ayezizwa ngayo ngakho wamnika amandla ayewadinga futhi wamsekela. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwenkonzo yakhe lapho uJeremiya ezwakalisa ukungabaza ngokufaneleka kwakhe, uJehova wathi kuye: “Ungesabi ngenxa yobuso babo, ngoba ‘nginawe ukuba ngikukhulule,’ kusho uJehova.” Khona-ke, ngemva kokuba esemchazele umprofethi wakhe ngesabelo sakhe, uJehova wathi: “Ngokuqinisekile bazolwa nawe, kodwa ngeke bakunqobe, ngoba ‘mina nginawe,’ kusho uJehova, ‘ukuba ngikukhulule.’” (Jeremiya 1:8, 19) Yeka ukuthi kwamqinisa kanjani idolo! Futhi uJehova waligcina izwi lakhe.
11. Sazi ngani ukuthi uJehova wasifeza isithembiso sakhe sokusekela uJeremiya?
11 Ngakho, ngemva kokuboshwa esitokisini nokwenziwa inhlekisa, ngesibindi uJeremiya wathi: “UJehova wayenami njengonamandla owesabekayo. Yingakho labo abangishushisayo uqobo lwabo beyokhubeka banganqobi. Ngokuqinisekile bayohlazeka kakhulu.” (Jeremiya 20:11) Eminyakeni ethile kamuva lapho kwenziwa imizamo yokumbulala, uJehova waqhubeka enoJeremiya, kwathi lapho kubhujiswa iJerusalema, uJeremiya, njengoBharuki, wasinda engumuntu okhululekile, abashushisi bakhe kanye nalabo abangazinakanga izixwayiso zakhe bona babhujiswa noma bathunjelwa eBhabhiloni.
12. Yize zingaba khona izinto ezingasidikibalisa, yini okufanele siyikhumbule?
12 OFakazi BakaJehova abaningi namuhla bakhuthazelela izinhlupheko njengoJeremiya. Njengoba kushiwo ngaphambili, ezinye zalezi zinhlupheko zibangelwa ukungapheleli kwethu, ezinye zibangelwa isiphithiphithi izwe elikuso, kanti ezinye zibangelwa ilabo abamelene nomsebenzi wethu. Izinhlupheko ezinjalo zingasidikibalisa. NjengoJeremiya, singase siqale ukuzibuza ukuthi singakwazi yini ukuqhubeka. Eqinisweni kumelwe sikulindele ukudikibala ngezikhathi ezithile. Ukudikibala kuvivinya ukujula kothando lwethu ngoJehova. Ngakho masizimisele ukuba singakuvumeli ukudikibala kusenze siyeke inkonzo kaJehova njengoba kwenza u-Urija. Kunalokho, masilingise uJeremiya siqiniseke ngokuthi uJehova uyosisekela.
Indlela Yokulwa Nokudikibala
13. Singasilandela kanjani isibonelo sikaJeremiya nesikaDavide?
13 UJeremiya wayekhuluma njalo noJehova uNkulunkulu, emazisa imizwa yakhe ejulile futhi emnxusa ukuba amnike amandla. Yisibonelo esihle leso okumelwe sisilandele. UDavide wasendulo, owayethembele eMthonjeni ofanayo ukuze athole amandla, wabhala: “O Jehova, beka indlebe emazwini ami; qonda ukububula kwami. Naka umsindo wokukhalela kwami usizo, Nkosi yami noNkulunkulu wami, ngoba ngithandaza kuwe.” (IHubo 5:1, 2) Umlando ophefumulelwe wokuphila kukaDavide ubonisa ukuthi uJehova wayilalela ngokuphindaphindiwe imithandazo yakhe yokucela usizo. (IHubo 18:1, 2; 21:1-5) Ngendlela efanayo, uma sesindwa izingcindezi, noma izinkinga sezibonakala zingenakunqobeka, akuve kududuza ukuya kuJehova ngomthandazo simthululele izifuba zethu. (Filipi 4:6, 7; 1Thesalonika 5:16-18) UJehova akenqabi ukusilalela. Kunalokho, usiqinisekisa ngokuthi ‘uyasikhathalela.’ (1 Petru 5:6, 7) Nokho, bekungeke kube nengqondo ukuthandaza kuJehova bese singakulaleli lokho akushoyo, akunjalo?
14. Ayenaliphi ithonya amazwi kaJehova kuJeremiya?
14 UJehova ukhuluma kanjani nathi? Cabanga ngoJeremiya futhi. Njengoba uJeremiya ayengumprofethi, uJehova wayekhuluma naye ngokuqondile. UJeremiya uchaza ithonya amazwi kaNkulunkulu ayenalo enhliziyweni yakhe: “Amazwi akho atholakala, ngawadla; izwi lakho kimi liba ngukwethaba nokujabula kwenhliziyo yami; ngoba igama lakho libizwé phezu kwami, Jehova Nkulunkulu wamabutho.” (Jeremiya 15:16) Yebo, uJeremiya wayejabula ngokuthi igama likaNkulunkulu lalibizwe phezu kwakhe, futhi amazwi aKhe ayeyigugu kulo mprofethi. Ngakho, njengomphostoli uPawulu, uJeremiya wayemagange ngokwazisa ngesigijimi ayephathiswe sona.—Roma 1:15, 16.
15. Singawafaka kanjani amazwi kaJehova ezinhliziyweni zethu, futhi ukucabanga ngani okuyosenza sizimisele ukungathuli?
15 UJehova akasakhulumi namuntu ngokuqondile namuhla. Nokho, amazwi kaNkulunkulu sinawo emakhasini eBhayibheli. Ngakho, uma singakuthathi kalula ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngokujulile ngalokho esikufundayo, nakithi amazwi kaNkulunkulu ayoba “ngukwethaba nokujabula” kwenhliziyo. Futhi singajabula ngokuthi sisuke siphethe igama likaJehova lapho sihamba siyokwazisa abanye ngalawo mazwi. Masingalokothi sikhohlwe ukuthi abekho abanye abantu emhlabeni namuhla abamemezela igama likaJehova. NgoFakazi bakhe kuphela abamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe futhi abafundisa abathobekile babe abafundi bakaJesu Kristu. (Mathewu 28:19, 20) Asive sijabula. Singathula kanjani-ke uma sicabanga ngalokho uJehova asiphathise kona ngothando?
Masiqaphele Ukuthi Sizihlanganisa Nobani
16, 17. UJeremiya wayenamuphi umbono ngabangane, futhi singamlingisa kanjani?
16 UJeremiya ubika enye into eyamsiza waba nesibindi. Wathi: “Angizange ngihlale phansi eqenjini elisondelene lalabo abantelayo futhi ngiqale ukwethaba. Ngenxa yesandla sakho ngihlalé ngedwa, ngoba ungigcwalisé ngamazwi okulahla.” (Jeremiya 15:17) UJeremiya wayekhetha ukuba yedwa kunokuba onakaliswe abangane ababi. Nanamuhla sizibheka ngendlela efanayo izinto. Asisikhohlwa isixwayiso somphostoli uPawulu esithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle,” ngisho nemikhuba emihle osekuyiminyaka eminingi sinayo.—1 Korinte 15:33.
17 Ukuzihlanganisa nababi kungabangela ukuba ukucabanga kwethu konakaliswe umoya wezwe. (1 Korinte 2:12; Efesu 2:2; Jakobe 4:4) Ngakho masiqeqeshe amandla ethu okucabanga ukuze sikwazi ukubona abangane abalimazayo futhi sibagweme ngokuphelele. (Hebheru 5:14) Ucabanga ukuthi ukube uPawulu ubephila namuhla emhlabeni ubengathini ngomKristu obuka amafilimu anokuziphatha okubi nobudlova noma imidlalo enobudlova? Ubengameluleka athini umzalwane owakha ubungane nabantu angabazi nhlobo kuyi-Internet? Ubengacabangani ngomKristu ochitha amahora ngamahora edlala imidlalo ye-video noma ebuka ithelevishini kodwa engenayo imikhuba emihle yokutadisha?—2 Korinte 6:14b; Efesu 5:3-5, 15, 16.
Qhubeka Uhleli Epharadesi Elingokomoya
18. Yini eyosisiza sihlale siqinile ngokomoya?
18 Siyalazisa ipharadesi lethu elingokomoya. Akukho okufana nalo ezweni namuhla. Ngisho nabangakholwa bayakhuluma ngothando, ukucabangelana nomusa amaKristu anako ngomunye nomunye. (Efesu 4:31, 32) Noma kunjalo, manje kudingeka silwe nokudikibala kakhulu kunakuqala. Abangane abahle, umthandazo kanye nemikhuba emihle yokutadisha kungasisiza sihlale siqinile ngokomoya. Kuyosiqinisa sikwazi ukubhekana nanoma iluphi uvivinyo simethemba ngokuphelele uJehova.—2 Korinte 4:7, 8.
19, 20. (a) Yini eyosisiza sikhuthazele? (b) Isihloko esilandelayo sibhekiswe kobani, futhi obani abanye esizobathakazelisa?
19 Akufanele neze sivumele labo abazonda isigijimi sethu seBhayibheli basifake ingebhe futhi basenze silahle ukholo lwethu. Njengalezo zitha ezazishushisa uJeremiya, labo abalwa nathi balwa noNkulunkulu. Ngeke banqobe. UJehova, onamandla kakhulu kunabasiphikisayo, uthi kithi: “Themba uJehova; yiba nesibindi futhi inhliziyo yakho mayibe namandla. Yebo, themba uJehova.” (IHubo 27:14) Njengoba ukuthembela kwethu kuJehova kugxilile ezinhliziyweni zethu, kwangathi singazimisela ukungayeki ukwenza okuhle. Kwangathi singaqiniseka ukuthi, njengoJeremiya noBharuki, siyovuna uma singakhathali.—Galathiya 6:9.
20 KumaKristu amaningi ukulwa nokudikibala kuyimpi engapheli. Nokho, abasha babhekene nobunzima obukhethekile. Kodwa futhi banamathuba amahle kakhulu. Isihloko esilandelayo sibhekiswe ngokuqondile kwabasha abaphakathi kwethu. Sizobathakazelisa nabazali kanye nabo bonke abantu abadala abazinikezele abasebandleni abangase bakwazi ukusiza abasebancane ebandleni ngamazwi, ngesibonelo nangokubasekela ngokuqondile.
Ungaphendula Uthini?
• Kungani singazilindela izimo ezidikibalisayo, futhi ubani okufanele sibheke ukuba asisize?
• UJeremiya wakunqoba kanjani ukudikibala naphezu kwesabelo esinzima ayenaso?
• Yini eyokwenza izinhliziyo zethu ‘zethabe futhi zijabule’ naphezu kobunzima?
[Isithombe ekhasini 9]
UJeremiya wayecabanga ukuthi usemncane kakhulu futhi akanalwazi ukuthi angaba umprofethi
[Isithombe ekhasini 10]
Ngisho nalapho eshushiswa, uJeremiya wayazi ukuthi uJehova wayenaye “njengonamandla owesabekayo”