Isihlahla Esisheshe Siqhakaze
PHAKATHI kwezihlahla zezithelo zasendaweni yaseMedithera, isihlahla se-alimondi singesinye zezihlaba umxhwele kakhulu. Ngasekupheleni kuka-January noma u-February—ngaphambili kakhulu kwezinye izihlahla eziningi—siyavuka ekubhocobaleni kwaso kwasebusika. Futhi yeka ukuphaphama! Sonke isihlahla simbozwa isembatho esihle sezimbali ezibomvana noma ezimhlophe, lezi ezimhlophe zithi azifane nonwele olumhlophe lomuntu osegugile.—Qhathanisa nomShumayeli 12:5.
AmaHeberu asendulo ayebiza isihlahla se-alimondi ngokuthi “esiphaphamayo,” ebhekisela ekuqhakazeni kwaso okusheshayo. Lesici esihlukanisayo sasetshenziswa uJehova ukuze afanekise isigijimi esibalulekile. Ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJeremiya waboniswa umbono wegatsha le-alimondi. Wawusho ukuthini? UJehova wachaza: “Ngihlala ngiphapheme ngokuqondene nokufeza izwi lami.”—Jeremiya 1:12, qhathanisa neNW.
Njengoba nje isihlahla se-alimondi sishesha ‘ukuphaphama,’ ngakho noJehova ngomqondo ongokomfanekiso “ubevuka ekuseni” ukuze athumele abaprofethi bakhe ukuba baxwayise abantu bakhe ngomphumela wokungalaleli. (Jeremiya 7:25) Futhi wayengenakuphumula—‘wayeyohlala ephapheme’—kuze kufezeke izwi lakhe elingokwesiprofetho. Ngakho kwakungo-607 B.C.E., ngesikhathi esimisiwe, lapho isahlulelo sikaJehova sehlela isizwe esihlubukayo sakwaJuda.
Izwi likaNkulunkulu libikezela ukuthi isahlulelo esifanayo siyofikela lesimiso esibi esiphila kuso. (IHubo 37:9, 10; 2 Petru 3:10-13) Ebhekisela esenzweni esinjalo sokwahlulela, umprofethi uHabakuki uyasiqinisekisa: “Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo . . . wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) Imbali enhle ye-alimondi isikhumbuza ukuthi uJehova uyohlala ephapheme ngokuqondene nokufeza izwi lakhe.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.