Ukubhekana Nezingqinamba Zenkonzo Yendlu Ngendlu
‘Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu.’—1 THES. 2:2.
1. Iziphi izingqinamba uJeremiya abhekana nazo, futhi wakwazi kanjani ukuzinqoba?
UJEREMIYA wayengumuntu onemizwa enjengeyethu. Lapho uJehova emazisa ngesabelo sakhe sokuba “umprofethi ezizweni,” wabalisa: “Maye, Nkosi EnguMbusi Jehova! Bheka empeleni angikwazi ukukhuluma, ngoba ngisewumfana nje.” Noma kunjalo, wasamukela leso sabelo ethembele kuJehova. (Jer. 1:4-10) UJeremiya wabhekana nokunganakwa, ukungafunwa abantu, ukuklolodelwa ngisho nokuphathwa ngobudlova iminyaka engaphezu kwengu-40. (Jer. 20:1, 2) Ngezinye izikhathi, wafisa ukushiya phansi. Kodwa waphikelela ekumemezeleni isigijimi esingathandeki kubantu ngokuvamile ababengasamukeli. Ngamandla kaNkulunkulu, uJeremiya wafeza lokho ayengasoze akufeza ngamandla akhe.—Funda uJeremiya 20:7-9.
2, 3. Kungamuphi umqondo izinceku zikaNkulunkulu namuhla zibhekana nezingqinamba ezicishe zifane nezikaJeremiya?
2 Iningi lezinceku zikaNkulunkulu namuhla liyayiqonda indlela uJeremiya ayezizwa ngayo. Lapho sicabanga ngokushumayela endlini ngendlu, saba nomuzwa wokuthi ngeke sakwazi ukushumayela. Kodwa, lapho siqaphela ukuthi kwakuyintando kaJehova ukuba simemezele izindaba ezinhle, salunqoba uvalo futhi saqala ukushumayela. Noma kunjalo, iningi lethu labhekana nezimo zokuphila ezakwenza kwaba nzima ukuqhubeka lishumayela okungenani isikhathi esithile. Akunakuphikwa ukuthi kuyinselele ukuqala ukushumayela endlini ngendlu nokuqhubeka ushumayela kuze kube sekugcineni.—Math. 24:13.
3 Kuthiwani uma sekuyisikhathi utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi uya emihlanganweni yebandla kodwa umadolonzima ukuqala umsebenzi wokushumayela endlini ngendlu? Noma kuthiwani uma unguFakazi obhapathiziwe okuthola kunzima ukuhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu, ngisho noma uphile kahle emzimbeni? Qiniseka ukuthi abantu bazo zonke izizinda bayaphumelela ekunqobeni izingqinamba zenkonzo yendlu ngendlu. Nawe ungaphumelela ngosizo lukaJehova.
Ukuqunga Isibindi
4. Yini eyasiza umphostoli uPawulu ukuba ashumayele izindaba ezinhle ngesibindi?
4 Cishe uyaqaphela ukuthi umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke awufezwa ngamandla noma ngokuhlakanipha komuntu, kodwa ngomoya kaNkulunkulu. (Zak. 4:6) Kunjalo nangenkonzo eyenziwa umKristu ngamunye. (2 Kor. 4:7) Cabanga ngomphostoli uPawulu. Ekhumbula isikhathi lapho yena nomngane wakhe oyisithunywa sevangeli bephathwa kabi abaphikisi, wabhala: ‘Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu, ngemva kokuba sesihluphekile kuqala futhi seyiswa eFilipi.’ (1 Thes. 2:2; IzE. 16:22-24) Singase sikuthole kunzima ukucabanga ukuthi umshumayeli oshiseka njengoPawulu wayeke akuthole kunzima ukushumayela. Kodwa, njengathi sonke, noPawulu kwakudingeka athembele kuJehova ukuze ashumayele izindaba ezinhle ngesibindi. (Funda eyabase-Efesu 6:18-20.) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu?
5. Iyiphi enye indlela esingaqunga ngayo isibindi sokushumayela?
5 Enye indlela yokuqunga isibindi sokushumayela iwukuthandaza. Elinye iphayona lathi: “Ngithandazela ukuba ngikhulume ngokuqiniseka, ngifinyelele izinhliziyo zabantu futhi ngithole injabulo enkonzweni. Kakade, lona umsebenzi kaJehova, akuwona owethu, ngakho akukho lutho esingalwenza ngaphandle kosizo lwakhe.” (1 Thes. 5:17) Sonke kudingeka siqhubeke sithandazela usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu ukuze sishumayele ngesibindi.—Luka 11:9-13.
6, 7. (a) Imuphi umbono owanikezwa uHezekeli, futhi wawusho ukuthini? (b) Umbono kaHezekeli unasiphi isifundo ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla?
6 Incwadi kaHezekeli yembula okunye futhi okungasisiza ukuba sishumayele ngesibindi. Embonweni, uJehova wanika uHezekeli umqulu obhalwe ngapha nangapha “izingoma zokulila nokugquma nokubangalasa,” futhi wamtshela ukuba awudle, wathi: “Ndodana yomuntu, kufanele ubangele isisu sakho ukuba sidle, ukuze ugcwalise amathumbu akho ngalo mqulu engikunika wona.” Wawusho ukuthini lo mbono? UHezekeli kwakumelwe asiqonde ngokugcwele isigijimi ayezosishumayela. Ngomqondo ongokomfanekiso, kwakumelwe sibe ingxenye yakhe, sishukumise imizwa yakhe esekujuleni. Lo mprofethi uyaqhubeka elandisa: “Ngawudla, futhi emlonyeni wami waba mnandi njengoju lwezinyosi.” UHezekeli wayekujabulela ukumemezela isigijimi sikaNkulunkulu—kufana nokudla uju. Kwakuyilungelo elikhulu kuye ukumelela uJehova nokufeza lesi sabelo ayemnike sona, ngisho noma lokho kwakusho ukumemezela isigijimi esinamandla kubantu ababengasamukeli.—Funda uHezekeli 2:8–3:4, 7-9.
7 Lo mbono unesifundo esibalulekile ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla. Nathi sinesigijimi esinamandla okumelwe sisishumayele kubantu abangayazisi njalo imizamo yethu. Ukuze siqhubeke sibheka inkonzo yobuKristu njengelungelo esilinikwe uNkulunkulu, kumelwe sihlale sondlekile ngokomoya. Ukutadisha okukha phezulu nokuqabukelayo ngeke kusenze siliqonde ngokugcwele iZwi likaNkulunkulu. Ungalithuthukisa yini izinga lakho lokufunda nokutadisha iBhayibheli futhi ulwele ukukwenza njalo? Ungazindla yini njalo ngalokho okufundayo?—IHu. 1:2, 3.
Ukuqala Izingxoxo ZeBhayibheli
8. Iyiphi indlela eye yasiza abanye abamemezeli boMbuso ukuba baqale izingxoxo zeBhayibheli enkonzweni yendlu ngendlu?
8 Ukukhuluma nomninikhaya okokuqala kuyingxenye enzima kakhulu yenkonzo yendlu ngendlu kubamemezeli abaningi. Kuyiqiniso ukuthi kwamanye amasimu kuyinselele ukuqala izingxoxo. Lapho besendlini ngendlu, abanye abamemezeli bazizwa bekhululeke kakhudlwana uma beqala ingxoxo ngamazwi ambalwa akhethwe kahle, banikeze umninikhaya ipheshana, njengoba kuboniswe ebhokisini elikulesi sihloko. Isihloko noma isithombe esinemibala emihle esikulelo pheshana singakhanga umninikhaya, sisinikeze ithuba lokusho kafushane injongo yokumhambela nokuphakamisa umbuzo. Enye indlela esingayisebenzisa iwukubonisa umninikhaya amapheshana amathathu noma amane bese simcela ukuba akhethe alithandayo. Yiqiniso, umgomo wethu awukona nje ukuhambisa amapheshana noma ukuwasebenzisa kuzo zonke izindlu kodwa uwukuqala izingxoxo zeBhayibheli eziholela ezifundweni zeBhayibheli.
9. Kungani ukulungiselela kahle kubalulekile?
9 Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa yiphi indlela, ukulungiselela kahle kuyokusiza ukuba ukhululeke futhi ukhulume ngomdlandla enkonzweni yendlu ngendlu. Elinye iphayona lathi: “Uma ngilungiselele kahle ngiba nenjabulo eyengeziwe futhi kungenza ngifise ukushumayela.” Elinye lathi: “Lapho ngikwazi kahle okuqukethwe izincwadi engihlela ukuzihambisa ngiba nomdlandla wokuzihambisa.” Nakuba kunenzuzo ethile ukukubukeza buthule lokho ozokusho, abaningi bakuthola kuwusizo ngokwengeziwe ukuyiprakthiza ngokuzwakalayo intshumayelo abazoyisebenzisa. Ukwenza lokho kubasiza ukuba banikeze uJehova okungcono kakhulu.—Kol. 3:23; 2 Thim. 2:15.
10. Yini engenziwa ukuze imihlangano yenkonzo yasensimini ibe wusizo futhi izuzise?
10 Imihlangano yenkonzo yasensimini ewusizo yenza siphumelele futhi siyijabulele inkonzo yendlu ngendlu. Uma itekisi lalolo suku likhuluma ngokuqondile ngomsebenzi wokushumayela, lingase lifundwe futhi kuxoxwe ngalo kafushane. Nokho, umzalwane oqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini kufanele ahlele ukuba kube nesikhathi esanele sokuxoxa noma sokwenza umboniso olula ofaneleka kahle ensimini yebandla noma sokuxoxa ngokunye ukwaziswa okuwusizo okungasetshenziswa enkonzweni ngalolo suku. Lokhu kuyobahlomisa ngokwengeziwe labo abakhona ukuba bafakaze ngokuphumelelayo. Ngokulungiselela kahle kusengaphambili, abadala nabanye abaqhuba le mihlangano bangakwazi ukukufeza lokhu kodwa futhi bayiphethe ngesikhathi.—Roma 12:8.
Inzuzo Yokulalela
11, 12. Ukulalela ngozwela kungasisiza kanjani ukuba sifinyelele abantu ngezindaba ezinhle? Nikeza izibonelo.
11 Akukona ukulungiselela kahle kuphela okusisiza ukuba siqale izingxoxo zeBhayibheli futhi sifinyelele izinhliziyo zabantu enkonzweni, kodwa kuyasiza nokuba nesithakazelo esijulile kwabanye. Enye indlela esibonisa ngayo isithakazelo yindlela esilalela ngayo. Umbonisi ojikelezayo wathi: “Iyamangalisa indlela abantu abakulalela ngayo lapho unesineke futhi ubonisa ukuthi uzimisele ukubalalela. Lokhu kubonisa nokuthi unesithakazelo esiqotho kubo.” Ukulalela ngozwela kungayivula inhliziyo yomninikhaya, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
12 Encwadini eyavela ephephandabeni i-Progrès, laseSaint-Étienne, eFrance, owesifazane othile wakhuluma ngabantu ababili abafika kwakhe ngemva nje kokushona kwendodakazi yakhe enezinyanga ezintathu. Wabhala: “Ngasheshe ngababona ukuthi bangoFakazi BakaJehova. Ngase ngithi ngiyabaxosha ngomusa, kodwa ngabe sengibona incwajana ababeyiphethe. Yayikhuluma ngokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Ngakho nganquma ukubangenisa ngenhloso yokuchitha izizathu zabo. . . . Lab’ oFakazi bahlala isikhathi esingaphezudlwana kwehora. Bangilalela ngozwela olukhulu, futhi lapho behamba, ngazizwa ngingcono kakhulu kangangokuthi ngavuma ukuba baphinde babuye.” (Roma 12:15) Ngokuhamba kwesikhathi, lona wesifazane wamukela isifundo seBhayibheli. Kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi akukhumbulayo ngalokho kuhambela kokuqala akukhona lokho okwashiwo yilab’ oFakazi kodwa indlela abalalela ngayo.
13. Singasifanelanisa kanjani isigijimi sezindaba ezinhle nabantu esihlangana nabo?
13 Lapho silalela ngozwela, empeleni sinika abantu ithuba lokusitshela lokho okwenza badinge uMbuso. Lokhu kusenza sibe sesimweni esingcono kakhulu sokubatshela izindaba ezinhle. Cishe uye waphawula ukuthi abashumayeli abaphumelelayo ngokuvamile yilabo abanekhono lokulalela. (IzAga 20:5) Babonisa isithakazelo esiqotho kubantu abahlangana nabo enkonzweni. Ababhali nje kuphela amagama namakheli abo, kodwa nesithakazelo abasibonisile nalokho abakudingayo. Lapho bethola lokho okukhathaza umuntu ngokuqondile, bayacwaninga bese bebuyela ngokushesha bezoxoxa naye ngalokho abakutholile. Njengomphostoli uPawulu, bafanelanisa isigijimi soMbuso nabantu abahlangana nabo. (Funda eyoku-1 Korinte 9:19-23.) Leso sithakazelo esiqotho sidonsa abantu ukuba balalele izindaba ezinhle futhi sibubonisa kahle kakhulu ‘ububele bukaNkulunkulu wethu.’—Luka 1:78.
Londoloza Isimo Sengqondo Esihle
14. Lapho sifeza inkonzo yethu, singazibonakalisa kanjani izimfanelo zikaJehova?
14 UJehova uye wasihlonipha ngokusinika inkululeko yokuzikhethela. Nakuba enguNkulunkulu uMninimandla onke, akabaphoqi abantu ukuba bamkhonze kodwa ufisa beze kuye ngoba bemthanda, futhi uyababusisa labo abawazisayo amalungiselelo akhe amangalisayo. (Roma 2:4) Njengezikhonzi zakhe, njalo lapho sifakaza kufanele sikulungele ukwethula izindaba ezinhle ngendlela efanelana noNkulunkulu wethu onesihe. (2 Kor. 5:20, 21; 6:3-6) Ngakho, kudingeka silondoloze isimo sengqondo esihle ngabantu abasensimini yethu. Yini engasisiza ukuba sibhekane nale nselele?
15. (a) UJesu wayala abaphostoli bakhe ukuba benzeni uma abantu benqaba isigijimi? (b) Yini engasisiza ukuba sigxile ekufuneni abafanelekayo?
15 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bangakhathazeki kakhulu uma abathile besenqaba isigijimi kodwa kunalokho bagxile ekufuneni abafanelekayo. (Funda uMathewu 10:11-15.) Ukuzibekela imigomo emincane nefinyelelekayo kungasisiza ekwenzeni lokhu. Omunye umzalwane wazifanisa nomhlwayi wamatshe ayigugu. Wayezikhuthaza ngokuthi, “Nginethemba lokuthi namuhla ngizothola igolide.” Omunye umzalwane unomgomo “wokuthola umuntu oyedwa onesithakazelo isonto ngalinye abese ebuyela ngemva kwezinsuku ezimbalwa ayohlakulela leso sithakazelo.” Abanye abamemezeli bazama ukuxoxa nomninikhaya okungenani ngomBhalo owodwa uma kunokwenzeka. Imuphi umgomo onengqondo ongazibekela wona?
16. Iziphi izizathu ezisenza siqhubeke nokushumayela?
16 Ukuphumelela kwenkonzo yendlu ngendlu akuxhomekile kuphela endleleni abantu abasensimini yethu abasabela ngayo. Yiqiniso, umsebenzi wokushumayela unendima ebalulekile ekusindisweni kwabantu abanhliziyo ziqotho, kodwa ufeza nezinye izinjongo ezibalulekile. Inkonzo yobuKristu isinikeza ithuba lokubonisa uthando lwethu ngoJehova. (1 Joh. 5:3) Isenza sigweme ukuba necala legazi. (IzE. 20:26, 27) Ixwayisa abantu abangamesabi uNkulunkulu ngokuthi “ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.” (IsAm. 14:6, 7) Ngaphezu kwakho konke, ukushumayela izindaba ezinhle kwenza ukuba igama likaJehova lidunyiswe emhlabeni wonke. (IHu. 113:3) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi abantu bayalalela noma cha, kumelwe siqhubeke simemezela isigijimi soMbuso. Ngempela, yonke imizamo yethu yokumemezela izindaba ezinhle mihle emehlweni kaJehova.—Roma 10:13-15.
17. Yini abantu maduze abazophoqeleka ukuba bayazi?
17 Nakuba abaningi namuhla bengawunaki umsebenzi wethu wokushumayela, maduze bazowubheka ngenye indlela. (Math. 24:37-39) UJehova waqinisekisa uHezekeli ukuthi lapho izahlulelo ayezimemezela zigcwaliseka, indlu ka-Israyeli evukelayo ‘ngokuqinisekile yayiyokwazi ukuthi umprofethi wayekhona phakathi kwayo.’ (Hez. 2:5) Ngokufanayo, lapho uNkulunkulu ekhipha izahlulelo zakhe kulesi simiso sezinto, abantu bayophoqeleka ukuba bazi ukuthi isigijimi oFakazi BakaJehova ababesishumayela obala nasendlini ngendlu empeleni sasivela kuJehova, uNkulunkulu oyedwa weqiniso, nokuthi empeleni oFakazi babengabameleli bakhe! Yeka ilungelo esinalo lokuphatha igama lakhe nokumemezela isigijimi sakhe kulezi zikhathi ezivusa amadlingozi! Kwangathi singaqhubeka sinqoba izingqinamba zenkonzo yendlu ngendlu ngamandla akhe.
Ungaphendula Kanjani?
• Singasiqunga kanjani isibindi sokushumayela?
• Yini engasisiza ekuqaleni izingxoxo zeBhayibheli enkonzweni yendlu ngendlu?
• Singasibonisa kanjani isithakazelo esiqotho kwabanye?
• Yini engasisiza ukuba silondoloze isimo sengqondo esihle ngabantu abasensimini yethu?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Enye Indlela Yokuqala Izingxoxo ZeBhayibheli
Indlela yokuqala ingxoxo:
◼ Ngemva kokubingelela umninikhaya, ungamnikeza ipheshana bese uthi, “Namuhla ngize ukuzoxoxa nawe ngephuzu elikhuthazayo ngale ndaba ebalulekile.”
◼ Noma ungase umnikeze ipheshana bese uthi, “Namuhla ngikuvakashele kafushane ngoba nginesithakazelo sokwazi ukuthi ucabangani ngale ndaba.”
Uma elithatha ipheshana:
◼ Ngemva kokumnikeza umzuzwana wokucabanga, mbuze umbuzo olula ofuna umbono wakhe osekelwe esihlokweni sepheshana.
◼ Lalelisisa ngenjongo yokuqonda imibono yomninikhaya. Mbonge ngomusa ngempendulo yakhe.
Ukuqhubekisela phambili ingxoxo:
◼ Funda umBhalo owodwa noma eyengeziwe bese uyikhulumela, ufanelanise intshumayelo yakho nezidingo zomninikhaya nalokho anesithakazelo kukho.
◼ Lapho umninikhaya ebonisa isithakazelo, mhambisele incwadi futhi, uma kunokwenzeka, umbonise indlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo. Hlela ukubuya.