Hambisana Nenqola KaJehova Yasezulwini
“Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki.”—HEZEKELI 2:7.
1, 2. Isiphi isithuthi sobukhosi uHezekeli asibona, futhi watshelwani?
INQOLA kaJehova yasezulwini manje imi phambi kwezinceku zakhe. Ngamehlo okholo, ziyasibona lesosithuthi sasebukhosini seNkosi yazo enguMbusi. Siyakhazimula, siyesabeka, sinesithunzi.
2 Isithuthi esifanayo sobukhosi sema phambi komprofethi kaNkulunkulu uHezekeli embonweni cishe eminyakeni engu-2 600 edlule. Ekulenqola enesihlalo sobukhosi—inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini yezidalwa zomoya—uJehova wakhipha lomyalo ophawulekayo kuHezekeli: “Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.”—Hezekeli 2:4, 5.
3. Yimuphi umfuziselo wosuku lwanamuhla uHezekeli anawo?
3 UHezekeli wakufeza ngokuzimisela lokho kuthunywa, ekhonza njengethuluzi elilodwa esandleni saphezulu. Ngokufanayo, uNkulunkulu manje unethuluzi elilodwa alilawulayo eliyinhlangano. Isigaba sikaHezekeli, insali egcotshiwe, siphambili emsebenzini wokunikeza ubufakazi bokugcina, sisekelwa “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ esizihlanganisa naso. (IsAmbulo 7:9, 10; Johane 10:16) Ndawonye ‘bamhlambi munye,’ onoMalusi Omuhle, uJesu Kristu, obahola ngaphansi kobukhosi boMgibeli weNqola omuhle, uJehova uNkulunkulu.
4, 5. Inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo yaba khona kanjani, futhi yini eye yayibona ngokuvumelana noIsaya 60:22?
4 Ngaphansi kokuqondisa kukaJehova, lenhlangano yomhlaba wonke iye yakhula isuka eziqalweni ezincane yaba yinxusa elinamandla lokumemezela umyalo othi “mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.” (IsAmbulo 14:7) Njengoba uHezekeli engazange aphakame noma azimise njengomprofethi, kanjalo inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo ayizange izibumbe noma izimise yona. Ayizange ivele ngentando noma ngomzamo wabantu. UMgibeli waphezulu weNqola wabangela lenhlangano ukuba ibe khona. Benikezwa amandla umoya kaNkulunkulu futhi besekelwa izingelosi ezingcwele, abantu bakaJehova baye babona ukwanda okukhulu kangangokuthi ‘omncane useye waba isizwe esinamandla.’—Isaya 60:22.
5 OFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-4 000 000 bamemezela isigijimi soMbuso emazweni angu-212. Bahlanganiswe emabandleni angaphezu kuka-63 000 ahlelwe aba izifunda nezigodi. Izakhiwo ezinkulu zamahhovisi amagatsha nezokunyathelisa zisebenza ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo njengesikhungo senhlangano eyindlunkulu. Njengokungathi bangumuntu oyedwa, bonke baqhubekela phambili, beshumayela izindaba ezinhle, befundisa labo abasabelayo, bakha izindawo zokuhlangana. Yebo, inhlangano kaJehova ebonakalayo ihambisana nenqola yasezulwini noMgibeli wayo.
6. Yini ehilelekile ekuhambisaneni nenhlangano kaJehova ebonakalayo?
6 Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, ingabe uyahambisana nenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo? Ukwenza kanjalo akuyona nje indaba yokuba khona emihlanganweni yobuKristu nokusebenzisa isikhathi enkonzweni. Ngokuyinhloko, ukuhambisana nayo kuhlangene nentuthuko nokukhula ngokomoya. Kuhlanganisa ukuba nombono oqondile, ukubeka izinto ezifanele eziza kuqala, nokungasaleli emuva. Uma sihambisana nenqola kaJehova yasezulwini, ukuphila kwethu kuyavumelana nesigijimi esisimemezelayo.
7. Kungani sicabangela ukuziphatha kukaHezekeli njengomprofethi kaNkulunkulu?
7 Endabeni yokulondoloza ijubane, izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla zingafunda okuningi esibonelweni sikaHezekeli. Nakuba amiswa uJehova ngokukhethekile njengomprofethi, uHezekeli wayesalokhu enemizwa, ukukhathazeka, nezidingo. Ngokwesibonelo, njengendoda eshadile esentsha ngokuqhathaniswa, wezwa usizi lokulahlekelwa umkakhe ngokufa. Nokho, akazange alahlekelwe umbono wokuthunywa kwakhe njengomprofethi kaJehova. Ngokucabangela indlela uHezekeli aziphatha ngayo nakwezinye izici, singaziqinisa ukuze sihambisane nenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo. Lokhu kuyosenza sihambisane nenhlangano yakhe engabonakali.
Ukwamukelwa Nokufezwa Kokuthunywa
8. Ngokuqondene nokuthunywa kwakhe, isiphi isibonelo uHezekeli asibeka?
8 UHezekeli wabeka isibonelo esihle ngokwamukela ukuthunywa kwakhe nangokukufeza. Nokho, ukulalela nesibindi kwakudingeka ukuze akufeze, ngoba siyafunda: “Wena-ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo. Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki. Kepha wena-ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi-ngumhlubuki njengalendlu ehlubukayo.”—Hezekeli 2:6-8.
9. Ukwenzani okuwukuphela kwento eyayiyokhulula uHezekeli ecaleni legazi?
9 UHezekeli kwakungamelwe azithele ngabandayo noma esabe, adinge ukubeleselwa njalo ukuba afeze ukuthunywa kwakhe. Wayeyokhululeka ecaleni legazi kuphela uma ayewakhuluma ngokuzimisela nangesibindi amazwi kaJehova. UHezekeli watshelwa: “Uma umxwayisa omubi, engaze ebuya ebubini bakhe nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwophulile umphefumulo wakho.”—Hezekeli 3:19.
10. Isigaba sikaHezekeli siye sazibonakalisa kanjani sifana nalomprofethi?
10 Njengasendabeni kaHezekeli, isigaba esigcotshiwe sikaHezekeli siye samukela ukuthunywa kwaso esikunikwe uNkulunkulu futhi siyakufeza. Uma singoFakazi BakaJehova, kumelwe sikhumbule ukuthi ukuphila kwethu nokuphila kwabanye kuxhomeke ekulaleleni kwethu. (1 Thimothewu 4:15, 16) UFakazi ngamunye kudingeka ahambisane nenhlangano kaJehova. UNkulunkulu ngeke asibophele enqoleni yakhe abese esidonsa ngayo. Ukuzithela ngabandayo nokuba nhliziyo-mbili kuyamlulaza uMgibeli weNqola. Ngakho inhlangano kaJehova ebonakalayo isikhuthaza ukuba sigcine izithakazelo zaphezulu zigxilile ekuphileni kwethu. Ukusabela okuphikelelayo esikhuthazweni esinjalo kusigcina sihambisana nenhlangano kaNkulunkulu futhi kuphakamisa inkonzo yethu engcwele ngaphezu kokugcina icala, ukusebenza nje. Ngokuqinisekile, abantu bakaJehova bebonke babonakalisa ukuzinikela okuphawulekayo. Ingxenye yethu ngabanye iwukuba silondoloze ijubane.
Ukufakwa Kwamazwi KaJehova Enhliziyweni
11. Yisiphi isibonelo uHezekeli asibeka ngokuqondene namazwi kaNkulunkulu?
11 UHezekeli wabeka futhi isibonelo esihle ngokufaka amazwi kaJehova enhliziyweni yakhe. Lapho eyalwa, wadla umqulu ayewunikwe uNkulunkulu. “Wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi,” kusho uHezekeli. Nakuba umqulu wawugcwele “izililo nezililiselo, nokuthi: Maye!,” wawumnandi kuHezekeli ngoba wayelwazisa udumo lokumelela uJehova. Kwakungokuhlangenwe nakho okumnandi kulomprofethi ukufeza isabelo sakhe asinikwe uNkulunkulu. UNkulunkulu wamtshela: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.” (Hezekeli 2:9–3:3, 10) Leyomibono yenza uHezekeli wakubona ngokucacile lokho uNkulunkulu ayemvumele ukuba ahlanganyele kukho futhi yaqinisa ubuhlobo bakhe noJehova.
12. Yini uHezekeli ayenza esikhathini esingaphezu kwamashumi amabili eminyaka enkonzo yobuprofethi?
12 UHezekeli wanikezwa imibono nezigijimi ngenxa yezinjongo ezihlukahlukene nabantu abahlukahlukene. Kwakudingeka alalele ngokunakekela abese ekhuluma futhi enze njengoba eqondisiwe. Ukwaziswa nezinqubo ezintsha wazembulelwa ngokuqhubekayo phakathi neminyaka engaba ngu-22 yenkonzo yobuprofethi. Ngezinye izikhathi uHezekeli wayekhuluma isigijimi esinamazwi ahlelwe ngokukhethekile. Ngezinye izikhathi, wayemane asebenzise indlela yokukhuluma yokushukuma komzimba, njengalapho elala phambi kwesitini esifanekisela iJerusalema. (Hezekeli 4:1-8) Isibonelo sakhe ezindabeni zomuntu siqu, njengokusabela kwakhe ekufeni komkakhe, naso sasinesigijimi. (Hezekeli 24:15-19) Kwakudingeka ahambisane nesikhathi, ngaso sonke isikhathi anikeze isigijimi esifanele futhi athathe isinyathelo esifanele ngesikhathi esifanele. UHezekeli wayebopheke ebuhlotsheni bokusebenza obuseduze kakhulu, obuqhubekayo noJehova.
13. Singabakha kanjani ubuhlobo obuseduze noJehova?
13 Ngokufanayo, ukuze sakhe futhi silondoloze ubuhlobo obuseduze noJehova njengezisebenzi ezikanye naye, kumelwe sifake iZwi likaNkulunkulu enhliziyweni yethu. (1 Korinte 3:9) Ukuhambisana nenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo kulokhu kudinga ukuba sihambisane nokugeleza kokudla okungokomoya njengoba kunikezwa ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45-47) “Ulimi oluhlanzekile” lwanda njalo. (Zefaniya 3:9, NW) Siyokwazi ngempela ukusabela ngokulalela ekuqondiseni koMgibeli weNqola kuphela uma singasaleli emuva.
14, 15. Yimuphi umkhondo odingekile ukuze sihambisane nejubane elibekwa inhlangano kaNkulunkulu?
14 Ukuze sikufeze lokho, sidinga umkhondo omuhle womthandazo womuntu siqu, isifundo sangasese, nokuhlanganyela enkonzweni engcwele yezindaba ezinhle. (Roma 15:16) Khumbula isibonelo sikaHezekeli lapho edla umqulu oqukethe isigijimi sikaNkulunkulu. UHezekeli wawudla wonke umqulu, hhayi ingxenye yawo. Akazange akhethakhethe izingxenye okungenzeka ukuba wayezithanda. Ngokufanayo, isifundo sethu somuntu siqu seBhayibheli nezincwadi zobuKristu kumelwe senziwe ngendlela yokuba sihambisane nokugeleza kokudla okungokomoya, futhi kumelwe sidle konke okubekwa etafuleni elingokomoya, kuhlanganise namaqiniso ajule kakhudlwana.
15 Ingabe siyawenza umzamo ohambisana nomthandazo wokuthola umqondo wokudla okuqinile? Ukulondoloza ijubane ukuba ulwazi lwethu nokuqonda kuthuthukele ngalé kokuyisisekelo, ngoba siyafunda: “Lowo odla ubisi akakaqondi-lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” (Heberu 5:13, 14) Yebo, ukwenza intuthuko engokomoya kuyingxenye ebalulekile yokuhambisana nejubane elibekwa inhlangano kaNkulunkulu.
Ukungadunyazwa Ukuzithela Ngabandayo
16, 17. UHezekeli wabhekana kanjani nokuzithela ngabandayo, ukuhlekwa usulu, nokungasabeli?
16 UHezekeli wabeka futhi isibonelo esihle ngokuba olalelayo nangokungazivumeli ukuba adunyazwe ukuzithela ngabandayo noma ukuhlekwa usulu. Ngokufanayo, ngokuhambisana nokuthuthuka kolimi oluhlanzekile, silethwa ekuvumelaneni nohlangothi oluthathwa uMgibeli weNqola wasebukhosini. Ngaleyondlela sihlonyiselwa ukuba sisabele emiyalweni yakhe, siqiniselwa ukuba singadunyazwa ukuzithela ngabandayo noma ukuhleka usulu kwalabo esikhuluma kubo isigijimi sesahlulelo sikaJehova. NjengoHezekeli, uNkulunkulu uye wasixwayisa kusengaphambili ngokuthi abanye abantu babeyophikisa ngentshiseko, benebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala. Abanye babengeke bezwe ngoba bengafuni ukulalela uJehova. (Hezekeli 3:7-9) Futhi abanye babeyoba abazenzisi, njengoba uHezekeli 33:31, 32 esho: “Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo. Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.”
17 Wawuyoba yini umphumela? Ivesi 33 liyanezela: “Lapho lokhu kufika—bheka, kuyeza!—bayakwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.” Lawomazwi embula ukuthi uHezekeli akazange ayeke ngenxa yokungasabeli. Ukuzithela ngabandayo kwabanye akuzange kumenze azithele ngabandayo. Kungakhathaliseki ukuthi abantu babelalela noma cha, walalela uNkulunkulu futhi wafeza ukuthunywa kwakhe.
18. Yimiphi imibuzo ongase uzibuze yona?
18 Inhlangano kaJehova ebonakalayo manje ikhulisa isimemezelo sokuthi bonke kumelwe besabe uNkulunkulu futhi bamnike inkazimulo. Ingabe uyaphikelela lapho ugxekwa ngokuthatha ukuma kwesibindi ekunikezeni ubufakazi boMbuso, ngokuziphatha kahle endleleni yakho yokuphila? Ingabe uyama uqinile lapho uyisisulu sokucindezelwa ngenxa yokungamukeli igazi, ukungakhulekeli izifanekiselo zesizwe, ukungagubhi amaholide ezwe?—Mathewu 5:11, 12; 1 Petru 4:4, 5.
19. Ngokuqondene nokuqondiswa, yini esiyoyenza uma sihambisana nenqola kaJehova yasezulwini?
19 Lenkambo ayilula, kodwa labo abakhuthazelayo kuze kube sekupheleni bayosindiswa. (Mathewu 24:13) Ngosizo lukaJehova, ngeke sivumele abantu bezwe basenze sifane nabo futhi ngaleyondlela basikhiphe ekuhambisaneni nenqola kaJehova yasezulwini. (Hezekeli 2:8; Roma 12:21) Uma sihambisana nenhlangano yezingelosi enjengenqola, siyovumelana ngokushesha nesiqondiso neziyalezo ezitholakala ngenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo. UJehova ulungiselela lokho esikudingayo ukuze sikwazi ukuhlangabezana nokuhlaselwa kokholo lwethu, ukuze sihlale sibambelele eZwini lokuphila, futhi sigcine amehlo ethu egxile ezintweni ezingokoqobo ezingokomoya ezigxile kuMgibeli oyiNkosi wenqola yasezulwini.
Ukushukunyiselwa Ukulondoloza Ijubane
20. Yiziphi ezinye izinto ezabhalwa uHezekeli okumelwe zisishukumisele ukuba silondoloze ijubane?
20 Imibono kaHezekeli kumelwe isishukumisele ukuba silondoloze ijubane. Akazange nje kuphela amemezele izahlulelo zikaNkulunkulu kuIsrayeli kodwa futhi wabhala iziprofetho zokubuyiselwa. UHezekeli wakhomba kuLowo owayeyokuba nelungelo elingokomthetho lokubusa esihlalweni sobukhosi sikaJehova ngesikhathi esimisiwe. (Hezekeli 21:27, qhathanisa neNW.) LeyoNceku eyiNkosi, “uDavide,” yayiyobutha abantu bakaNkulunkulu futhi ibeluse. (Hezekeli 34:23, 24) Nakuba babeyohlaselwa uGogi wakwaMagogi, uNkulunkulu wayeyobakhulula, futhi izitha zaKhe zaziyophoqelelwa ukuba ‘zimazi uJehova’ ngisho nalapho ziya ekubhujisweni. (Hezekeli 38:8-12; 39:4, 7) Khona-ke izinceku zikaNkulunkulu zaziyojabulela ukuphila okungapheli esimisweni sokukhulekela okuhlanzekile okuhilela ithempeli elingokomoya. Amanzi okuphila agobhoza evela kulelithempeli ayeyokuba umthombo wokondliwa nokuphulukiswa, futhi ifa lezwe laliyohlukaniselwa isibusiso sazo.—Hezekeli 40:2; 47:9, 12, 21.
21. Kungani indima yoFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla inkulu kunekaHezekeli?
21 Yeka ukuthi kumelwe ukuba uHezekeli wazizwa ejabula kanjani ngokubhala lezoziprofetho! Nokho, indima yoFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla inkulu kunaleyo. Siphila lapho ezinye zalezoziprofetho zigcwaliseka khona. Eqinisweni, sihlanganyela ngentshiseko kokunye ukugcwaliseka kwazo. Ngendlela esiphila ngayo, ingabe ngabanye sibonisa ukuqiniseka kwethu ukuthi uJesu manje uyabusa njengaLowo onelungelo elingokomthetho? Ingabe ngabanye siyaqiniseka ukuthi ngokushesha uJehova uzozingcwelisa futhi akhulule labo abahambisana nenhlangano yakhe bangene ezweni elisha? (2 Petru 3:13) Ukuqiniseka okunjalo, okuhambisana nemisebenzi yokholo, kubonisa ukuthi ngempela sihambisana nenqola kaJehova yasezulwini.
Qhubeka Ulondoloza Ijubane
22. Yini engenziwa ukuze kugwenywe iziphazamiso ngenjongo yokulondoloza umbono ocacile ongokomoya?
22 Njengoba sesiye ‘sabeka izandla zethu egejeni,’ akumelwe sibheke emuva ngokulangaza kunoma yini enikezwa yizwe. (Luka 9:62; 17:32; Thithu 2:11-13) Ngakho masilawule noma yikuphi ukuthambekela kokubekelela ingcebo emhlabeni, futhi masigcine iso lethu lilihle, ligxile eMbusweni. (Mathewu 6:19-22, 33) Ukwenza ukuphila kwethu kube lula, ukulahla izinto zezwe ezisindayo uma kunokwenzeka, kuyosisiza ukuba sihambisane nenhlangano kaJehova. (Heberu 12:1-3) Iziphazamiso zingasithibeza umbono wethu wenqola yasezulwini noMgibeli wayo. Kodwa ngosizo lwakhe, singalondoloza umbono ocacile ongokomoya, njengoba uHezekeli enza.
23. Yini oFakazi abathembekile okudingeka bayenzele abasanda kuhlanganyela?
23 Ingxenye yomthwalo wethu wemfanelo njengoFakazi BakaJehova ihlanganisa ukusiza abaningi abasanda kuhlanganyela ukuba bahambisane nenqola kaNkulunkulu yasezulwini. Ngo-1990 cishe abangu-10 000 000 baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu Kristu. Nakuba abaningi balabantu kungenzeka baba khona emihlanganweni embalwa yobuKristu, kudingeka babone ukubaluleka kokuthuthuka nenhlangano kaJehova ebonakalayo. NjengoFakazi abathembekile, singabasiza ngomoya esiwubonisayo nangesikhuthazo esisinikezayo.
24. Yini okumelwe siyenze kulezikhathi eziwumvuthwandaba?
24 Lezi izikhathi eziwumvuthwandaba. Ngamehlo okholo, siye sabona inqola yasezulwini ima phambi kwethu. UMgibeli weNqola wasebukhosini uye wanikeza inhlangano yakhe ebonakalayo ukuthunywa kokushumayela ezizweni, ukuze ekugcineni, zazi ukuthi uJehova ungubani. (Hezekeli 39:7) Lisebenzise ngokugcwele lelithuba elihle lokuhlanganyela ekulwelweni kobukhosi bukaNkulunkulu nasekungcwelisweni kwegama lakhe elingcwele ngokuhambisana nenqola kaJehova yasezulwini.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yisiphi isibonelo uHezekeli asibeka ngokuqondene nokuthunywa kwakhe?
◻ Kusho ukuthini ukuhambisana nenhlangano kaNkulunkulu?
◻ UHezekeli wawabheka kanjani amazwi kaJehova?
◻ Singasilandela kanjani isibonelo sikaHezekeli ekubhekaneni nokuzithela ngabandayo?
◻ Yini okumelwe ishukumise izinceku zikaJehova ukuba zihambisane nenqola yakhe yasezulwini?
[Izithombe ekhasini 15]
Yini edingekile ukuze sihambisane nenqola kaJehova yasezulwini?
[Isithombe ekhasini 16]
UHezekeli wayewazisa amalungelo akhe ayewanikwe uNkulunkulu. Ingabe wena uyawazisa?