‘Ithempeli’ Kanye ‘Nesikhulu’ Namuhla
“Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.”—HEZEKELI 46:10.
1, 2. Yiliphi iqiniso eliyisihluthulelo elisisiza ukuba siqonde okuningi okushiwo umbono kaHezekeli wethempeli?
ABANYE orabi basendulo babengayithandisisi incwadi kaHezekeli. Ngokusho kweTalmud, abanye babecabanga ngisho nokuyikhipha le ncwadi eqoqweni lemiBhalo Engcwele. Babengawuqondi umbono wethempeli futhi bethi umuntu akanakuwuqonda. Umbono kaHezekeli wethempeli likaJehova uye waxaka nezinye izazi zeBhayibheli. Kuthiwani ngathi?
2 Kusukela kwabuyiselwa ukukhulekela okuhlanzekile, uJehova uye wabusisa abantu bakhe ngokubaneka okuningi kokuqonda okungokomoya, kuhlanganise nokuqonda ukuthi liyini ithempeli likaNkulunkulu elingokomoya—ilungiselelo likaJehova lokukhulekela okuhlanzekile elinjengethempeli.a Leli qiniso eliyisihluthulelo lisisiza ukuba siqonde okuningi okushiwo umbono kaHezekeli wethempeli. Ake sihlolisise izici ezine zalo mbono—ithempeli, abapristi, isikhulu nezwe. Kusho ukuthini lokhu namuhla?
Ithempeli Nawe
3. Sifundani ophahleni oluphakeme lwangaphakathi nasezithombeni ezibaziwe ezisodongeni ezindleleni eziya ethempelini?
3 Ake sithi sithatha uhambo lokubuka leli thempeli elisembonweni. Sisondela ngakulo bese sikhuphuka ngezitebhisi ezingu-7 siye kwelinye lamasango alo amakhulu. Lapho sesingene ngaleli sango, sibuka phezulu simangele. Uphahla lwangaphakathi luphakeme ngamamitha angaphezu kwangu-30! Ngaleyo ndlela sikhunjuzwa ukuthi izindinganiso zokungena elungiselelweni likaJehova lokukhulekela ziphakeme kakhulu. Imisebe yokukhanya engena ngamafasitela ikhanyisa izithombe ezisodongeni ezibazwe ngesihlahla sesundu, imiBhalo esisebenzisela ukufanekisela ubuqotho. (IHubo 92:12; Hezekeli 40:14, 16, 22) Le ndawo engcwele ingeyalabo abaqotho ngokokuziphatha nangokomoya. Ngokuvumelana nalokho, sifuna ukuhlala siqotho ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuJehova.—IHubo 11:7.
4. Obani abenqatshelwayo ukungena ethempelini, futhi lokhu kusifundisani?
4 Ohlangothini ngalunye lwesango, kunamakamelo amathathu abalindi. Ingabe abalindi bazosivumela ukuba singene ethempelini? UJehova utshela uHezekeli ukuthi akekho owezizwe “ongasokile ngenhliziyo” ongangena. (Hezekeli 40:10; 44:9) Kusho ukuthini lokho? Okuwukuphela kwabantu uNkulunkulu abamukela njengabakhulekeli bakhe yilabo abathanda imithetho yakhe futhi baphile ngayo. (Jeremiya 4:4; Roma 2:29) Abanjalo uyabamukela etendeni lakhe elingokomoya, indlu yakhe yokukhulekela. (IHubo 15:1-5) Kusukela ukukhulekela okuhlanzekile kwabuyiselwa ngo-1919, inhlangano kaJehova yasemhlabeni iye yasekela futhi yaqhubeka icacisa imithetho yakhe yokuziphatha. Labo abenqaba ngamabomu ukulalela abasamukeleki ukuba bahlanganyele nabantu bakhe. Namuhla, umkhuba osekelwe eBhayibhelini wokubasusa ekuhlanganyeleni abenzi bokubi abangaphenduki uye wagcina ukukhulekela kwethu kuhlanzekile futhi kumsulwa.—1 Korinte 5:13.
5. (a) Umbono kaHezekeli ufana ngani nombono kaJohane okusAmbulo 7:9-15? (b) Embonweni kaHezekeli, obani abafanekiselwa yizizwana ezingu-12 ezikhulekela egcekeni elingaphandle?
5 Indlela esuka esangweni iholela egcekeni elingaphandle, lapho abantu bekhulekela futhi badumise khona uJehova. Lokhu kusikhumbuza umbono womphostoli uJohane ‘wesixuku esikhulu’ esikhulekela uJehova “imini nobusuku ethempelini lakhe.” Kuyo yomibili le mibono kunezihlahla zesundu. Embonweni kaHezekeli zihlobisa izindonga eziphahle indlela engena esangweni. Embonweni kaJohane abakhulekeli baphethe amagatsha esundu, okumelela injabulo abanayo yokudumisa uJehova nokwamukela uJesu njengeNkosi yabo. (IsAmbulo 7:9-15) Ngokomongo wombono kaHezekeli, izizwana ezingu-12 zakwa-Israyeli zifanekisela “ezinye izimvu.” (Johane 10:16; qhathanisa noLuka 22:28-30.) Ingabe nawe ungomunye walabo abathola injabulo ekudumiseni uJehova ngokumemezela uMbuso wakhe?
6. Yayiyini injongo yezindlu zokudlela ezisegcekeni elingaphandle, futhi lokhu kungase kubakhumbuze liphi ilungelo abezinye izimvu?
6 Njengoba sihamba egcekeni elingaphandle, sibona amakamelo okudlela angu-30 lapho abantu bedlela khona imihlatshelo yabo yokuzithandela. (Hezekeli 40:17) Namuhla, abezinye izimvu abanikeli ngemihlatshelo yezilwane, kodwa abezi bengaphethe lutho ethempelini elingokomoya. (Qhathanisa no-Eksodusi 23:15.) Umphostoli uPawulu wabhala: “[NgoJesu] masinikeleni ngaso sonke isikhathi kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama lakhe. Ngaphezu kwalokho, ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokuhlanganyela izinto nabanye, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa kakhulu imihlatshelo enjalo.” (Heberu 13:15, 16; Hoseya 14:2) Kuyilungelo elikhulu ukunikela imihlatshelo enjalo kuJehova.—IzAga 3:9, 27.
7. Kusiqinisekisa ngani ukulinganiswa kwethempeli?
7 UHezekeli uyabukela njengoba ingelosi ilinganisa leli thempeli lombono. (Hezekeli 40:3) Ngokufanayo, umphostoli uJohane watshelwa: “Vuka ulinganise indlu engcwele kaNkulunkulu yethempeli ne-altare nalabo abakhulekela kuyo.” (IsAmbulo 11:1) Kusho ukuthini lokhu kulinganisa? Kuzo zombili lezi zimo lokhu ngokusobala kwakuyisiqinisekiso, uphawu lokuthi akukho okungavimba uJehova ekufezeni izinjongo zakhe ngokuphathelene nokukhulekela okuhlanzekile. Ngokufanayo namuhla, singaqiniseka ukuthi akukho lutho—ngisho nokuphikisa okukhulu kohulumeni abanamandla—olungavimbela ukubuyiselwa kokukhulekela okuhlanzekile.
8. Obani abangena emasangweni asegcekeni langaphakathi, futhi asikhumbuzani la masango?
8 Njengoba sinqamula egcekeni elingaphandle, siyabona ukuthi kunamasango amathathu avulekela egcekeni elingaphakathi; amasango angaphakathi aqondene namasango angaphandle futhi ayalingana nawo. (Hezekeli 40:6, 20, 23, 24, 27) Kungena abapristi kuphela egcekeni elingaphakathi. Amasango angaphakathi asikhumbuza ukuthi abagcotshiwe kumelwe bavumelane nezindinganiso nemithetho yaphezulu, kodwa futhi izindinganiso nemithetho efanayo kuqondisa wonke amaKristu eqiniso. Kodwa uyini umsebenzi wabapristi, futhi usho ukuthini namuhla?
Abapristi Abathembekile
9, 10. “Ubupristi bobukhosi” buye bayinikeza kanjani imfundo engokwasezulwini, njengoba bufanekiselwa yisigaba sabapristi embonweni kaHezekeli?
9 Ezikhathini zangaphambi kobuKristu, abapristi babesebenza kanzima ethempelini. Ukuhlaba izilwane zomhlatshelo, ukuzinikela e-altare, nokukhonza abapristi abakanye nabo kanye nabantu kwakuwumsebenzi onzima. Kodwa babenomunye umsebenzi obalulekile. UJehova wayala ngokuphathelene nabapristi: “Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.”—Hezekeli 44:23; Malaki 2:7.
10 Ingabe uyawazisa umsebenzi onzima nenkonzo yokuthobeka okwenziwa yindikimba yabagcotshiwe, “ubupristi bobukhosi,” isekela ukukhulekela okuhlanzekile? (1 Petru 2:9) Njengabapristi basendulo abangamaLevi, baye bahola ekunikezeni imfundo engokomoya, besiza abantu ukuba baqonde ukuthi yikuphi okuhlanzekile nokwamukelekayo emehlweni kaNkulunkulu nalokho okungenjalo. (Mathewu 24:45) Imfundo enjalo, esiyithola ngezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nangemihlangano yamaKristu emincane nemikhulu, iye yasiza izigidi ukuba zibuyisane noNkulunkulu.—2 Korinte 5:20.
11. (a) Umbono kaHezekeli wakugcizelela kanjani ukubaluleka kokuhlanzeka kubapristi? (b) Ezinsukwini zokugcina, abagcotshiwe baye bahlanzwa kanjani ngomqondo ongokomoya?
11 Nokho, abapristi kumelwe benze okungaphezu nje kokufundisa abanye ukuba bahlanzeke; kumelwe nabo ngokwabo bahlanzeke. Ngakho, uHezekeli wabona kusengaphambili inqubo yokuhlanzwa kwabapristi bakwa-Israyeli. (Hezekeli 44:10-16) Ngokufanayo, umlando ubonisa ukuthi ngo-1918, uJehova wahlala ethempelini lakhe elingokomoya ‘njengomcwengisisi,’ ehlola isigaba sabapristi abagcotshiwe. (Malaki 3:1-5) Labo abatholakala behlanzekile ngokomoya noma ababephendukile ekukhulekeleni izithombe kwangaphambili bavunyelwa ukuba baqhubeke nelungelo lenkonzo ethempelini lakhe elingokomoya. Noma kunjalo, njengabo bonke abanye abantu, ngamunye ogcotshiwe angaba ongahlanzekile—ngokomoya nangokokuziphatha. (Hezekeli 44:22, 25-27) Kuye kwadingeka ukuba bazikhandle ukuze bahlale ‘bengenabala elivela ezweni.’—Jakobe 1:27; qhathanisa noMarku 7:20-23.
12. Kungani kufanele siwazise umsebenzi wabagcotshiwe?
12 Ngamunye wethu angase abuze, ‘Ingabe ngiyasazisa isibonelo esiye sabekwa abagcotshiwe eminyakeni eminingi yokukhonza kwabo ngokwethembeka? Ingabe ngiyalulingisa ukholo lwabo?’ Kungaba kuhle ngalabo besixuku esikhulu ukuba bakhumbule ukuthi ngeke bahlale benabagcotshiwe ngaso sonke isikhathi lapha emhlabeni. Ekhuluma ngabapristi bombono kaHezekeli, uJehova wathi: “Aniyikubanika imfuyo [yezwe] kwa-Israyeli; mina ngiyimfuyo yabo.” (Hezekeli 44:28) Ngokufanayo, abagcotshiwe abanandawo eyohlala phakade emhlabeni. Banefa lasezulwini, futhi abesixuku esikhulu bakubheka njengelungelo ukubasekela nokubakhuthaza beselapha emhlabeni.—Mathewu 25:34-40; 1 Petru 1:3, 4.
Isikhulu—Singubani?
13, 14. (a) Kungani isikhulu kumelwe ukuba singowezinye izimvu? (b) Sifanekisela obani isikhulu?
13 Manje kuphakama umbuzo othakazelisayo. Isikhulu sona simelela bani? Njengoba kukhulunywa ngaso njengomuntu oyedwa nanjengeqembu, singase siphethe ngokuthi simelela isigaba samadoda athile. (Hezekeli 44:3; 45:8, 9) Kodwa angobani? Ngokuqinisekile akubona abagcotshiwe. Embonweni, isikhulu sisebenzelana eduze nabapristi, kodwa asiyena omunye wabo. Ngokungafani nesigaba sabapristi, sinikezwa ifa ezweni futhi ngenxa yalokho sinekusasa lapha emhlabeni, hhayi ezulwini. (Hezekeli 48:21) Ngaphezu kwalokho, uHezekeli 46:10 uthi: “Ekungeneni kwabo [izizwe ezingezona ezobupristi egcekeni lethempeli elingaphandle] isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.” Asingeni egcekeni elingaphakathi kodwa sikhulekela egcekeni elingaphandle, singena siphuma ethempelini kanye nabantu. Lezi zici zenza kungangabazeki ukuthi isikhulu siphakathi kwesixuku esikhulu sezinye izimvu.
14 Ngokusobala, lesi sikhulu sinomthwalo wemfanelo othile phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Egcekeni elingaphandle, sihlala emphemeni weSango ElingaseMpumalanga. (Hezekeli 44:2, 3) Lokhu kubonisa isikhundla sokwengamela, esifana nesamadoda amadala akwa-Israyeli ayehlala esangweni lomuzi ahlulele. (Ruthe 4:1-12; IzAga 22:22) Obani phakathi kwezinye izimvu abanezikhundla zokwengamela namuhla? Abadala abanethemba lasemhlabeni abaye bamiswa ngomoya ongcwele. (IzEnzo 20:28) Ngakho isigaba sesikhulu siyalungiswa manje ngethemba lokuba kamuva sinikezwe isikhundla sokuphatha ezweni elisha.
15. (a) Umbono kaHezekeli ubukhanyisa kanjani ubuhlobo phakathi kwabadala abangabezinye izimvu nesigaba sabapristi abagcotshiwe? (b) Yini abadala abagcotshiwe abaye bahola kuyo enhlanganweni kaNkulunkulu yasemhlabeni?
15 Nokho, buyini ubuhlobo namuhla phakathi kwesigaba sabapristi abagcotshiwe namadoda anjalo amadala, akhonza ezikhundleni zokwengamela njengengxenye yesixuku esikhulu? Umbono kaHezekeli usikisela ukuthi abadala abangamalungu esixuku esikhulu banendima yokusekela engaphansi, kuyilapho abagcotshiwe behola ngokomoya. Kanjani? Khumbula ukuthi abapristi embonweni banikezwa umthwalo wemfanelo wokufundisa abantu izinto ezingokomoya. Batshelwa nokuthi babe abahluleli ezindabeni zomthetho. Ngaphezu kwalokho, amaLevi abelwa ukuba abe ‘ababonisi’ emasangweni ethempeli. (Hezekeli 44:11, 23, 24) Ngokusobala, isikhulu kwakufanele sizithobe ezinkonzweni nasekuholeni okungokomoya kwabapristi. Khona-ke, kuyafaneleka ukuthi ezikhathini zanamuhla abagcotshiwe baye bahola ekukhulekeleni okuhlanzekile. Ngokwesibonelo, amalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova aye akhethwa phakathi kwabo. Sekungamashumi eminyaka abadala abanjalo abagcotshiwe abakholekile beqeqesha isigaba sesikhulu esithuthukayo, belungiselela abazoba amalungu alesi sigaba usuku lapho beyonikezwa khona igunya eliphelele ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo.
16. Ngokuka-Isaya 32:1, 2, yini okumelwe bonke abadala bayenze?
16 Baluhlobo luni lwababonisi labo abazoba amalungu alesi sigaba, abazothwala imithwalo yemfanelo eyengeziwe njengesigaba sesikhulu? Isiprofetho esitholakala ku-Isaya 32:1, 2 sithi: “Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela. Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” Lesi siprofetho siyagcwaliseka namuhla njengoba abadala abangamaKristu—abagcotshiwe nabezinye izimvu— besebenzela ukuvikela umhlambi ‘ezivunguvungwini’ ezinjengoshushiso nokudikibala.
17. Abelusi abangamaKristu kumelwe bazibheke kanjani, futhi umhlambi kufanele ubabheke kanjani?
17 Amagama, elithi “inkosana” nelithi “isikhulu,” njengoba ethi awasho okufanayo ngesiHeberu, awasetshenzisiwe njengesiqu esidumisa abantu. Kunalokho, achaza umthwalo wemfanelo la madoda awuthwele njengoba enakekela izimvu zikaNkulunkulu. UJehova uxwayisa ngamazwi anamandla: “Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga.” (Hezekeli 45:9) Kungaba kuhle ngabo bonke abadala namuhla ukulalela leso seluleko. (1 Petru 5:2, 3) Umhlambi nawo uyaqaphela ukuthi uJesu ulungiselele laba belusi ukuba babe ‘yizipho ezingabantu.’ (Efesu 4:8) Izici ezenza bafaneleke zilotshwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9) Ngakho-ke, amaKristu alandela ukuhola kwabadala.—Heberu 13:7.
18. Yimiphi eminye yemithwalo yemfanelo yabayoba abesigaba sabapristi manje, futhi uyoba yini umthwalo wemfanelo wabo esikhathini esizayo?
18 Ezikhathini zeBhayibheli ezinye izikhulu zazinegunya eliphakeme, ezinye zinelingaphansi. Namuhla, abadala besixuku esikhulu banemithwalo yemfanelo ehlukahlukene. Abanye bakhonza ebandleni elilodwa; abanye bakhonza amabandla amaningi njengababonisi abajikelezayo; abanye bakhonza izwe lonke njengamalungu eKomiti Yegatsha; abanye basiza ngokuqondile amakomiti ahlukahlukene eNdikimba Ebusayo. Ezweni elisha, uJesu uyomisa ‘izikhulu emhlabeni wonke’ ukuba zihole phakathi kwabakhulekeli bakaJehova emhlabeni. (IHubo 45:16) Akungabazeki ukuthi uyokhetha eziningi zazo phakathi kwabadala abakholekile banamuhla. Ngenxa yokuthi la madoda azibonakalisa manje ukuthi ayafaneleka, uyokhetha ukuphathisa amaningi amalungelo athé xaxa esikhathini esizayo lapho ambula indima yesigaba sesikhulu ezweni elisha.
Izwe Labantu BakaNkulunkulu Namuhla
19. Limelelani izwe lombono kaHezekeli?
19 Umbono kaHezekeli ubonisa nezwe lakwa-Israyeli elibuyiselwe. Simelelani lesi sici sombono? Ezinye iziprofetho zokubuyiselwa zabikezela ukuthi izwe, u-Israyeli, wayeyoba yipharadesi elinjenge-Edene. (Hezekeli 36:34, 35) Namuhla, sijabulela “izwe” elibuyiselwe, futhi nalo linjenge-Edene, ngomqondo othile. Ngokufanayo, sivame ukukhuluma ngepharadesi lethu elingokomoya. INqabayokulinda iye yachaza “izwe” lethu ngokuthi “yindawo yomsebenzi” yabantu bakaNkulunkulu abakhethiwe.b Kungakhathaliseki ukuthi inceku kaJehova ikuyiphi indawo, ikulelo lizwe elibuyiselwe uma nje izama ukusekela ukukhulekela kweqiniso ngokuhamba ezinyathelweni zikaKristu Jesu.—1 Petru 2:21.
20. Yisiphi isimiso esingase sisifunde ‘emnikelweni wokungcwele’ wombono kaHezekeli, futhi singasisebenzisa kanjani lesi simiso?
20 Kuthiwani ngengxenye yezwe okuthiwa ‘umnikelo wokungcwele’? Lona kwakuwumnikelo wabantu wokusekela abapristi nomuzi. Ngokufanayo, “bonke abantu bezwe” kwakumelwe banikelele isikhulu ingxenye yezwe. Kusho ukuthini lokhu namuhla? Yiqiniso, akusho ukuthi abantu bakaNkulunkulu kufanele bathweswe umthwalo onzima wesigaba sabefundisi abakhokhelwayo. (2 Thesalonika 3:8) Kunalokho, ukusekela abadala abakutholayo namuhla ngokuyinhloko kungokomoya. Kuhlanganisa ukusiza emsebenzini owenziwayo manje nokubonisa umoya wokubambisana nokuzithoba. Nokho, njengasosukwini lukaHezekeli, lo mnikelo unikelwa “kuJehova,” hhayi kumuntu.—Hezekeli 45:1, 7, 16.
21. Yini esingase siyifunde ekwabiweni kwezwe embonweni kaHezekeli?
21 Akusona isikhulu nabapristi kuphela abanezindawo abazabelwe kuleli lizwe elibuyiselwe. Ukuhlukaniswa kwezwe kubonisa ukuthi isizwana ngasinye kwezingu-12 sinefa eliqinisekile. (Hezekeli 47:13, 22, 23) Ngakho labo besixuku esikhulu abagcini ngokuba nendawo epharadesi elingokomoya namuhla, kodwa futhi bayothola isabelo sezwe lapho bezuza ifa lendawo emhlabeni eMbusweni kaNkulunkulu.
22. (a) Umelelani umuzi osembonweni kaHezekeli? (b) Yini esingase siyifunde ekutheni lo muzi unamasango nxazonke?
22 Okokugcina, umuzi osembonweni umelelani? Awuwona umuzi wasezulwini, ngoba usezweni ‘elingengcwele.’ (Hezekeli 48:15-17) Ngakho kumelwe ube ngowasemhlabeni. Kodwa-ke, uyini umuzi? Ingabe awunikezi umqondo wabantu abahlangana njengeqembu bakhe okuthile okuhlelekile? Yebo. Ngakho, umuzi kubonakala ufanekisela ukuqondisa kwasemhlabeni okuzuzisa bonke abayokwakha umphakathi olungile wasemhlabeni. Uyosebenza ngokugcwele ‘emhlabeni omusha’ ozayo. (2 Petru 3:13) Amasango omuzi akuzo zonke izinhlangothi, ngalinye lingelesizwana ngasinye, akufanekisela kahle ukungafihli lutho. Namuhla, abantu bakaNkulunkulu abaphethwe yisigaba esithile somshoshaphansi. Abazalwane abanomthwalo wemfanelo kumelwe babe abangenekayo; izimiso ezibaqondisayo zaziwa yiwo wonke umuntu. Iqiniso lokuthi abantu bazo zonke izizwana balima izwe elondla umuzi lisikhumbuza ukuthi ezinye izimvu zisekela amalungiselelo okuqondisa abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke, ngisho nangezinto ezibonakalayo.—Hezekeli 48:19, 30-34.
23. Yini esizoyihlola esihlokweni esilandelayo?
23 Nokho, kuthiwani ngomfula ogeleza usuka endlini engcwele yethempeli? Ukuthi lokho kumelelani namuhla nasesikhathini esizayo kuzodingidwa esihlokweni sesithathu nesingesokugcina kulolu chungechunge.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, ikhasi 64, isigaba 22, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Amaphuzu Okubukeza
◻ Lifanekiselani ithempeli embonweni kaHezekeli?
◻ Abapristi abakhonza ethempelini bafanekisela obani?
◻ Siyini isigaba sesikhulu, futhi yimiphi eminye yemithwalo yemfanelo yaso?
◻ Liyini izwe embonweni kaHezekeli, futhi labelwa izizwana ezingu-12 ngamuphi umqondo?
◻ Ufanekiselani umuzi?
[Umdwebo/Ibalazwe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ukwabiwa kwezwe njengoba kuboniswe embonweni kaHezekeli
IZIZWANA EZIYISHUMI NAMBILI
ULwandle Olukhulu
ULwandle LwaseGalile
UMfula IJordani
ULwandle Lukasawoti
UDANI
U-ASHERI
UNAFETALI
UMANASE
U-EFRAYIMI
URUBENI
UJUDA
ISIKHULU
UBENJAMINI
USIMEYONI
U-ISAKARE
UZEBULONI
UGADI
[Umdwebo]
UKUKHULISWA KOMNIKELO WOKUNGCWELE
A. “UJehova Uqobo Ukhona” (Jehovah Shammah); B. amasimu omuzi
Ingxenye YamaLevi
Indawo Engcwele KaJehova
Ingxenye Yabapristi
B A B