-
Isibusiso SikaJehova ‘Ezweni’ LethuINqabayokulinda—1999 | Mashi 1
-
-
13. Yikuphi ukwelapha okuye kwenziwa phakathi nesikhathi sethu?
13 Lo mfula wasembonweni ugelezela oLwandle Olufile olungenakho ukuphila futhi uphilisa konke ofinyelela kukho. Lolu lwandle lumelela isimo sokufa ngokomoya. Kodwa “konke okuphilayo okuswebezelayo [kuyaphila] ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili.” (Hezekeli 47:9) Ngokufanayo, ezinsukwini zokugcina, nomaphi lapho amanzi okuphila efinyelele khona, abantu baye baphila ngokomoya. Abokuqala abavuselelwa ngaleyo ndlela kwakuyinsali egcotshiwe, emuva ngo-1919. Yavuka ngokomoya isuka esimweni esinjengokufa, sokungenzi lutho. (Hezekeli 37:1-14; IsAmbulo 11:3, 7-12) Kusukela ngaleso sikhathi, lawo manzi abalulekile aye afinyelela nakwabanye ababefile ngokomoya, futhi laba baye baphila bakha isixuku esikhulu sezinye izimvu esanda njalo, esithanda uJehova futhi esimkhonzayo. Maduze, leli lungiselelo liyodluliselwa nasezixukwini zabavusiwe.
-
-
Isibusiso SikaJehova ‘Ezweni’ LethuINqabayokulinda—1999 | Mashi 1
-
-
Umfula osembonweni waphilisa uLwandle Olufile, uletha ukuphila noma kuphi lapho kugelezela khona amanzi awo. EPharadesi, amadoda nabesifazane bayophila ngomqondo ophelele, bephulukisiwe ekufeni okwazuzwa ku-Adamu uma bebonisa ukholo ezinzuzweni zomhlatshelo abazinikezwayo.
-