‘Bayokwazi Ukuthi NginguJehova’
“Ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova.”—HEZEKELI 39:7.
1, 2. Sazi kanjani ukuthi uJehova ngeke akubekezelele phakade ukungcoliswa kwegama lakhe elingcwele?
IGAMA likaJehova elingcwele langcoliswa amaIsrayeli asendulo. Lokhu incwadi kaHezekeli ikwenza kucace. Kodwa abantu beLobukholwa nabo bayalingcolisa igama likaNkulunkulu abazisholo ukuthi bayamkhulekela.
2 Ingabe uMbusi Wendawo Yonke uyokubekezelela phakade ukungcoliswa kwegama lakhe? Cha, ngoba uye wamemezela: “Ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova.” (Hezekeli 39:7; bheka futhi noHezekeli 38:23.) Lokho kuyosho ukuthini? Futhi yiziphi izifundo ezingafundwa ezahlukweni ezilandelayo encwadini kaHezekeli?
Iziprofetho Ezimelene Nabanye
3. (a) Ezinye izizwe zasabela kanjani ekuhluphekeni kukaJuda? (b) “Inkosi” yaseTire yagudluzwa ngenxa yamuphi umoya, futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani?
3 Ngemva kokubhujiswa kweJerusalema, uAmoni walahlwa ngenxa yokwenama ngokuhlupheka kukaJuda, noMowabi ngenxa yesimo sokuklolodela uJuda. UEdomi wabekwa icala lenzondo, futhi umoya wamaFilisti wokuziphindisela wawuyowalethela ‘izijeziso ezivuthayo’ zikaNkulunkulu. (Hezekeli 25:1-17; IzAga 24:17, 18) Ngenxa yokwenama ngenhlekelele yeJerusalema, umuzi waseTire wawuyowela kuNebukadinesari, noma uNebukadiresari (ukuphumisela okusondele kakhudlwana olimini lwaseBabiloni). (Hezekeli 26:1-21) Wawunjengomkhumbi owawuzocwila nakanjani. (Hezekeli 27:1-36) “Inkosi” yaseTire (ngokusobala uhlu lwababusi halo) yagudluzwa ngenxa yokuba nomoya wokuzikhukhumeza onjengokaSathane. (Hezekeli 28:1-26) Khona-ke, ngokuqinisekile kufanele sigweme ukuzidla okuyisono okungasibangela singcolise igama likaJehova.—IHubo 138:6; IzAga 21:4.
4. Yini eyayibekelwe uFaro neGibithe?
4 UHezekeli wabikezela incithakalo yeminyaka engama-40 yeGibithe. Ingcebo yalo yayiyokhokhela uNebukadiresari ngenkonzo yezempi ayinikeza lapho ekhipha isahlulelo sikaJehova phezu kweTire. (Hezekeli 29:1-21) Lapho uNkulunkulu eqikelela ukuba abaseGibithe bahlakazwe, ‘babeyokwazi ukuthi unguJehova.’ (Hezekeli 30:1-26) Emelela iGibithe, uFaro ozidlayo wafaniswa nomuthi ophakeme womsedari owawuyonqunywa. (Hezekeli 31:1-18) Ekugcineni, uHezekeli wazwakalisa izililo ngoFaro nokwehlela kweGibithe eSheoli.—Hezekeli 32:1-32.
Umsebenzi Womlindi
5. (a) Kungaphansi kwaziphi izimo kuphela lapho uNkulunkulu ethokoza ngomlindi ongokomoya? (b) Kusho ukuthini ‘ukuhamba ngezimiso zokuphila’?
5 UHezekeli wakhunjuzwa ngomsebenzi wakhe njengomlindi. (Hezekeli 33:1-7) Yiqiniso, uNkulunkulu uthokoza ngomlindi ongokomoya kuphela uma enza umsebenzi wakhe futhi exwayisa abantu ababi. (Funda uHezekeli 33:8, 9.) Khona-ke, njengoHezekeli, isigaba ‘somlindi’ ogcotshiwe simemezela izixwayiso zaphezulu ngesibindi. Njengoba uNkulunkulu engathokozi ngokufa kwabantu ababi, ngeke ababambele amacala abo abawenza esikhathini esidlule uma belalela izixwayiso futhi ‘bahambe ngezimiso zokuphila.’ Osukwini lukaHezekeli, ukuhamba ngalezozimiso kwakusho ukugcina uMthetho, kodwa manje kusho ukwamukela isihlengo sikaKristu nokuba umlandeli wakhe. (1 Petru 2:21) Akukho lutho olungafanele ngendlela uNkulunkulu ajezisa ngayo noma avuza ngayo abantu, futhi ukulondolozwa phakathi ‘nosizi olukhulu’ kuxhomeke ekuvumelaneni nezimiso zakhe.—Hezekeli 33:10-20; Mathewu 24:21.
6. Namuhla, kukanjani abaningi benjengezithunjwa ezingamaJuda zesikhathi sikaHezekeli?
6 Ngasekupheleni kuka-607 B.C.E., isithunjwa esithile sabika ukubhujiswa kweJerusalema, noHezekeli waqala futhi ukumemezela isigijimi sikaJehova. (Hezekeli 33:21-29) Zasabela kanjani izithunjwa? (Funda uHezekeli 33:30-33.) Namuhla, abaningi banjengezithunjwa ezingamaJuda okukuzona uHezekeli wayengumhlabeleli ‘wengoma emnandi yothando.’ Lapho abagcotshiweyo nabangane babo behambela indlu ngendlu, lababantu bayawujabulela umsindo wesigijimi soMbuso kodwa abasemukeli. Kubona, sinjengengoma emnandi yothando, kodwa abakwenzi ukuzinikezela kuJehova, futhi ngeke basinde “osizini olukhulu.”
“Umalusi” KaJehova
7. Yiziphi izenzo ezenziwa uJehova esikhathini sethu eziqhathaniseka nokusebenzelana kwakhe nezimvu zakhe osukwini lukaHezekeli?
7 Esigijimini esiya kuHezekeli ngemva kokuwa kweJerusalema, uJehova walahla abangcolisi begama laKhe elingcwele, ‘abelusi bakwaIsrayeli’ abangababusi. Yeka ukuthi lawomazwi abafanela kanjani ababusi beLobukholwa! (Funda uHezekeli 34:1-6.) Ngokungafani noMalusi Omuhle, uJesu Kristu, ababusi beLobukholwa bezombangazwe bazikhuluphalisa ngezinto ezibonakalayo ‘zezimvu.’ (Johane 10:9-15) Kodwa njengoba uNkulunkulu akhulula izimvu zakhe ngokubaphuca ubukhosi abelusi abanobugovu lapho uJuda enziwa incithakalo, ngokunjalo uyokhulula izimvu zakhe ngokuphuca ababusi beLobukholwa igunya labo phakathi ‘nosizi olukhulu.’ (IsAmbulo 16:14-16; 19:11-21) UJehova wabonisa uthando ngabantu bakhe abanjengezimvu lapho ebakhulula eBabiloni ngo-537 B.C.E., ngisho nanjengoba ayibonisa leyomfanelo lapho esebenzisa uKoresi Omkhulu, uJesu Kristu, ukuze akhulule insali kaIsrayeli ongokomoya ebugqilini beBabiloni Elikhulu ngo-1919 C.E.—Hezekeli 34:7-14.
8. Yini uJehova ayoyenza uma ‘imvu ekhulupheleyo’ icindezela umhlambi, futhi abelusi abangamaKristu abangaphansi kufanele baziphathe kanjani izimvu?
8 UNkulunkulu uzinakelela ngothando izimvu zakhe. (Funda uHezekeli 34:15, 16.) Uma ‘imvu ekhulupheleyo’ icindezela umhlambi kaNkulunkulu namuhla, uJehova ‘uyoyondla’ ngokuyisusa ekuhlanganyeleni manje nokuyibhubhisa “osizini olukhulu.” Ngo-1914 uJehova wabeka “umalusi,” uJesu Kristu phezu kwensali egcotshiwe. Kusukela ngo-1935 uye waqondisa ukubuthwa ‘kwesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ lezo manje ezikhonza ‘nezimvu’ ezigcotshiwe ‘zedlelo likaJehova.’ NjengoNkulunkulu noKristu, abelusi abangamaKristu abangaphansi kumelwe baziphathe ngothando zonke lezizimvu.—Hezekeli 34:17-31; IsAmbulo 7:9; Johane 10:16; IHubo 23:1-4; IzEnzo 20:28-30.
“Insimu Yase-Edene”!
9. Njengoba uJehova ayenqume ukuba izwe lakwaJuda nelakwaIsrayeli ligcine isabatha, yini ayenza?
9 Cabangela futhi izwe eliyincithakalo lakwaJuda nelakwaIsrayeli. Njengoba uNkulunkulu ayenqume ukuthi kwakufanele ligcine isabatha ngokuhlala lingakhiwe iminyaka engama-70, wathatha isinyathelo ukuze avimbele uEdomi nezinye izizwe ukuba zingahlali kulelozwe. (2 IziKronike 36:19-21; Daniyeli 9:2) Eqinisweni, njengoba kwakubikezelwe, uEdomi nesifunda sakhe sezintaba zaseSeyiri nakho kwenziwa incithakalo, ngokunqotshwa abaseBabiloni ngo-602-601 B.C.E.—Hezekeli 35:1-36:5; Jeremiya 25:15-26.
10. Ukubuyiselwa kwensali kwaJuda ngo-537 B.C.E. kwakubhekisela kuziphi izenzakalo osukwini lwethu?
10 Ukubuyiselwa kwensali kwaJuda ngo-537 B.C.E. kwabhekisela ezenzakalweni ezivusa amadlingozi osukwini lwethu. Ngo-1919 ‘izintaba zakwaIsrayeli,’ noma izwe elingokomoya loFakazi BakaJehova abagcotshiwe, laqala ukwakhiwa futhi yinsali eyayivuselelwe ngokomoya. (Hezekeli 36:6-15) UNkulunkulu wayihlanza ekungcoleni okungokwenkolo futhi wafaka kuyo “umoya omusha” owayenza yakwazi ukukhiqiza izithelo zomoya wakhe ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Futhi ukuze igama likaJehova lingangcoliswa abantu bezwe ngenxa yokuba ejezise abantu bakhe, uye wayibusisa ngokuchichimayo insali.—Hezekeli 36:16-32.
11. Ngokuvumelana noHezekeli 36:33-36, yini uNkulunkulu ayenza ngezwe elingokomoya lensali egcotshiwe?
11 Ngemva kokuba insali ibuyele kwaJuda, lelozwe elalenziwe incithakalo laguqulwa laba “insimu yase-Edene” ethelayo. (Funda uHezekeli 36:33-36.) Ngokufanayo, kusukela ngo-1919 uJehova uye waguqula izwe elake laba yincithakalo lensali egcotshiwe laba ipharadesi elingokomoya elithelayo, manje elihlanganyelwa ‘nesixuku esikhulu.’ Njengoba lelipharadesi elingokomoya liye lakhiwa abantu abangcwele, sengathi umKristu ngamunye ozinikezele angasebenzela ukuligcina lihlanzekile.—Hezekeli 36:37, 38.
Ubunye Buyabuyiselwa
12. Ukuvuselelwa kwesizwe samaJuda sasendulo kwafanekiselwa kanjani kuHezekeli 37:1-14, futhi yikuphi ukufana kosuku lwanamuhla lokhu okwakunakho?
12 Ekuthunjweni eBabiloni, amaJuda cishe ayefana nesizwe esasifile, njengamathambo nje esigodini. (Hezekeli 37:1-4) Kodwa yini uHezekeli ayibonayo ngokulandelayo? (Funda uHezekeli 37:5-10.) Lawomathambo embathiswa futhi ngemisipha, inyama, nesikhumba, futhi avuselelwa ngomoya wokuphila. (Hezekeli 37:11-14) UNkulunkulu wasivusa isizwe samaJuda lapho abantu bazo zonke izizwe zakwaIsrayeli abayizi-42 360 nabanye abangewona amaIsrayeli abayizi-7 500 bebamba ithuba labo lokwakha futhi kwaJuda, ukuvuselela iJerusalema nethempeli lalo, nokubuyisela ukukhulekela kweqiniso ezweni lenkaba yabo. (Ezra 1:1-4; 2:64, 65) Ngokufanayo, ngo-1918 insali kaIsrayeli ongokomoya eyashushiswa yaba njengalawomathambo omile—yabulawa mayelana nomsebenzi wayo wokushumayela obala. Kodwa ngo-1919 uJehova wayivuselela njengabamemezeli boMbuso. (IsAmbulo 11:7-12) Lokhu kufana kufanele kuqinise ithemba lethu lokuthi laba abagcotshiwe nabangane babo benza inhlangano yasemhlabeni uJehova ayisebenzisayo namuhla.—Bheka iYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1975, amakhasi 87-125.
13. Ukubuyiselwa kobunye obungokwenhlangano phakathi kwabantu bakaJehova basendulo kwafanekiselwa kanjani kuHezekeli 37:15-20, futhi yimuphi umfuziselo okhona kulokhu?
13 Kwafanekiselwa kanjani ukubuyiselwa kobunye obungokwenhlangano phakathi kwabantu bakaJehova basendulo? (Funda uHezekeli 37:15-20.) Kunomfuziselo wosuku lwanamuhla wokuhlanganiswa kwezinduku ezimbili (enye ephawulelwe umbuso wakwaJuda wezizwe ezimbili, nenye umbuso wakwaIsrayeli wezizwe eziyishumi). Phakathi neMpi Yezwe I, abantu abahahayo bazama ukwephula ubunye bezinceku zikaNkulunkulu, kodwa ngo-1919 abagcotshiweyo abathembekile bahlanganiswa ngaphansi kukaKristu, “inkosi” yabo ‘eyodwa’ ‘nomalusi.’ Ngaphezu kwalokho, njengabantu abangewona amaIsrayeli abangaphezu kwezi-7 500 ababuyela kwaJuda labo ‘besixuku esikhulu’ manje bahlanganiswa nensali egcotshiwe. Yeka injabulo okuyiyo ukuba sepharadesi elingokomoya, bekhonza uJehova ngobunye ngaphansi ‘kweNkosi’ yethu ‘eyodwa’!—Hezekeli 37:21-28.
UGogi Uyahlasela!
14. Ungubani uGogi wakwaMagogi, futhi yisiphi isinyathelo ayosithatha? (Hezekeli 38:1-17)
14 Ngokulandelayo, kwabikezelwa isenzakalo esivusa amadlingozi. Enethemba lokungcolisa igama likaNkulunkulu nokubhubhisa abantu baKhe, uGogi wakwaMagogi uyohlasela insali kaIsrayeli ongokomoya, emelela “owesifazane” kaJehova, noma inhlangano yasezulwini. (IsAmbulo 12:1-17) UGogi ‘ungumbusi walelizwe,’ uSathane uDeveli. Wathola igama lokuthi uGogi ngemva kokuxoshwa kwakhe ezulwini, okwalandela ukuzalwa koMbuso ngo-1914. (Johane 12:31) “Izwe likaMagogi” liyindawo uGogi namademoni akhe abavalelwe kuyo ebusweni bomhlaba. Ngemva kokuba amabutho amelene nenkolo echithe eLobukholwa nalo lonke iBabiloni Elikhulu, uJehova uyoletha uGogi ukuba ahlasele insali kaIsrayeli ongokomoya ebonakala ingavikelekile nabangane bayo abazinikezele.—Hezekeli 38:1-17; IsAmbulo 17:12-14.
15. Yini eyokwenzeka lapho uGogi ehlasela oFakazi BakaJehova?
15 Yini eyokwenzeka lapho uGogi ehlasela oFakazi BakaJehova? (Funda uHezekeli 38:18-23.) UJehova uyosindisa abantu bakhe! Izikhali zakhe ziyoba imvula ekhukhulayo, amatshe amakhulu esichotho, umlilo onjengombani, nesifo esiwubhubhane. Ngokukhungatheka, amabutho kaGogi ayophendukelana wodwa ngezinkemba zawo. Kodwa ngaphambi kokuba uNkulunkulu awabhubhise ukuze angabe esaba khona, ‘ayokwazi ukuthi unguJehova.’
16. (a) Yini eyokwenzeka ‘ezweni likaMagogi’? (b) Kufanele kusithinte kanjani ukwazi ngezenzakalo ezibikezelwe ezihilela uGogi?
16 Lapho uSathane namademoni akhe bephonswa kwalasha, “izwe likaMagogi,” indawo yabo ephansi yasemhlabeni, iyobe ingasekho phakade. (IsAmbulo 20:1-3) Ibutho elihlomile lempi kaGogi liyoba likhulu kangangokuba kuyothatha isikhathi ukuliqeda. Izinyoni nezilwane zasendle ziyoshaya esentwala ngezidumbu ezingangcwatshiwe zesixuku sikaGogi. Kufanele kusithinte kanjani ukwazi ngakho konke lokhu? Phela, ukuzwa ukuthi ukuhlasela kukaGogi kuseduze kodwa ukuthi uJehova uyosindisa abantu baKhe kufanele kwandise ukholo lwethu futhi kusenze sijabule ngokuthi izenzakalo ezinjalo ziyophumela ekungcwelisweni kwegama likaNkulunkulu eselinesikhathi eside lingcolisiwe!—Hezekeli 39:1-29.
Bheka Indawo Engcwele KaJehova!
17. (a) UHezekeli wanikezwa muphi umbono ngo-593 B.C.E.? (b) Ukuba khona kwethempeli elingokombono kuwubufakazi bani?
17 Ngo-593 B.C.E., unyaka we-14 ngemva kokubhujiswa kwethempeli eJerusalema, uHezekeli wanikezwa umbono wendawo entsha yokukhulekela uJehova. Njengoba yayilinganiswa umqondisi womprofethi oyingelosi, yayinezilinganiso ezinkulu. (Hezekeli 40:1–48:35) Lelithempeli lafanekisela ‘itabernakele lempela elamiswa uJehova,’ futhi ‘lalinemifanekiso yokusezulwini.’ UJesu wangena eNgcwelengcwele yalo, “ezulwini uqobo,” ngo-33 C.E. ukuze alethe kuNkulunkulu inani lomhlatshelo wakhe wesihlengo. (Heberu 8:2; 9:23, 24) Ithempeli elingokombono lifakazela ukuthi ukukhulekela okuhlanzekile kuyosinda ekuhlaseleni kukaGogi. Yeka induduzo ngabathandi begama likaJehova!
18. Yiziphi ezinye zezici ezilotshiwe zethempeli elingokombono?
18 Ithempeli lalinezici eziningi. Ngokwesibonelo, kwakunamasango ayisithupha ezingangeni zalo zangaphandle nezangaphakathi. (Hezekeli 40:6-35) Egcekeni elingaphandle kwakunezindlu ezingamashumi amathathu zokudlela (ngokunokwenzeka ukuze abantu badlele khona imihlatshelo yephasika). (40:17) Ialtare lomnikelo wokushiswa lalisegcekeni elingaphakathi. (43:13-17) Ialtare elenziwe ngomuthi, ngokusobala elokushisela impepho, lalisekamelweni lokuqala lethempeli. (41:21, 22) INgcwelengcwele yayiyizingalo ezingama-20 nxa-zonke, nogange oluzungeza ithempeli lwaluyizinhlanga ezingama-500 (amamitha ayi-1 600) ohlangothini ngalunye. Yeka indlu enhle kangaka egcwaliswe inkazimulo kaNkulunkulu!—Hezekeli 41:4; 42:16-20; 43:1-7.
19. Kufanele isithinte kanjani imininingwane yethempeli neqiniso lokuthi labo abakhonza lapho kwakumelwe bahlangabezane nezindinganiso zikaNkulunkulu?
19 Imininingwane eminingi yethempeli, imihlatshelo, iminikelo, nemikhosi kufanele kugcizelele kithina isidingo sokulandela iziyalezo ezivela enhlanganweni kaNkulunkulu ngokucophelela, siqaphela ukuthi kufanele kwenziwe wonke umzamo ukuze siphakamise uJehova nokukhulekelwa kwakhe. (Hezekeli 45:13-25; 46:12-20) Laba abakhonza ethempelini kwakudingeka bahlangabezane nezindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme, futhi kwakudingeka bafundise abantu ‘ukwahlukanisa izinto ezingcwele nezinto eziyichilo.’ (Hezekeli 44:15, 16, 23) Lokho kufanele kusishukumisele ukuba njengabantu bakaJehova silondoloze ubungcwele.—Efesu 1:3, 4.
20. (a) Yini efanekiselwa amanzi ayegeleza evela ethempelini elingokombono? (b) Lamanzi angokomfanekiso ayoba namuphi umphumela?
20 Kwakugeleza umfudlana ovela ethempelini owawuphilisa, noma owawenza amanzi anosawoti oLwandle Olufile abe mtoti, kangangokuba aba nezinhlanzi eziningi. (Hezekeli 47:1-11) Lamanzi afanekisela ilungiselelo likaNkulunkulu lokuphila okuphakade, kuhlanganise nomhlatshelo kaJesu, okulingene abazosinda ekuhlaseleni kukaGogi nabanye, kuhlanganise nalabo abavusiwe. (Johane 5:28, 29; 1 Johane 2:2; IsAmbulo 22:1, 2) ULwandle Olufile lumelela isimo isintu esiye saphila kuso—ukulahlelwa esonweni nasekufeni okuzuziwe kuhlanganise nasekubuseni kukaSathane. Njengezinhlanzi eziningi emanzini enziwe aba mtoti oLwandle Olufile, isintu esihlengiwe siyochuma ngaphansi kwezimo eziphulukisiwe zokubusa kobuMesiya.
21. UHezekeli 47:12 ubonisa ukuthi isintu esilalelayo siyojabulelani ezweni elisha?
21 Ukuphulukisa futhi kuhlangene nemithi eyayimile emaceleni omfudlana ongokombono. (Funda uHezekeli 47:12.) Ezweni elisha, isintu esilalelayo siyojabulela impilo ephelele engokwenyama nengokomoya. Futhi ngani? Amaqabunga emithi yezithelo eyabonakala embonweni anezici zokuphilisa ezingapheli. Yeka izibusiso kulabo abamaziyo uJehova futhi abamkhonzayo!
Khona Bayokwazi!
22. Yini ebonisa ukuthi ePharadesi uNkulunkulu uyobeka abantu lapho efuna khona?
22 Ngokubambisana nenhlangano kaJehova manje, singathuthukisa izimfanelo ezingasenza sikwazi ukubambisana lapho uNkulunkulu ebeka abantu endaweni ayithandayo ePharadesi lasemhlabeni. Ukuthi kuyoba khona ukubekwa kwabantu ngokwezindawo okunjalo kusikiselwa iqiniso lokuthi izabelo zemindeni ziye zenziwa ngasenyakatho nangaseningizimu yesiqephu esibusayo esabonwa uHezekeli embonweni. Lowomnikelo’ wezwe elinezingxenye ezintathu wawuhlanganisa ingxenye yamaLevi angebona abapristi nengxenye yabapristi enethempeli elingokombono. Maphakathi nengxenye eseningizimu kwakunomuzi onebutho lezisebenzi zemindeni yonke ngaphansi ‘kwesikhulu’ esisodwa, izikhulu ezimelele uMesiya ‘emhlabeni omusha.’—Hezekeli 47:13-48:34; 2 Petru 3:13; IHubo 45:16.
23. Ukuze sibe yingxenye yesintu esihlengiwe esiphila ePharadesi, yini okumelwe siyenze manje?
23 Esesihlalweni sobukhosi endaweni engcwele yakhe yasezulwini, uNkulunkulu uyobusisa umuzi ongokomfanekiso owabonwa uHezekeli. (Funda uHezekeli 48:35.) Lesosihlalo sasemhlabeni sokuqondisa siyobizwa ngokuthi Jehova Shammah, noma “UJEHOVA ULAPHA.” Qhubeka ubonisa uthando olunganqamuki ngoNkulunkulu, futhi ungaba ingxenye yesintu esihlengiwe esiyophila ePharadesi, lapho kungeke kusaba namuntu emhlabeni oyoba sebumnyameni obungokomoya kodwa bonke bayokwazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu oyedwa ophilayo noqinisileyo. (Habakuki 2:14) Gwema ukuphoqelelwa ukuba uvume igama likaNkulunkulu ngenkani lapho abantu ababi bebhujiswa. Bonisa ukholo, ubonisa ukuthi wethemba ukuba phakathi kwabazosinda lapho egcwalisa lamazwi: “lzizwe zazi ukuthi nginguJehova.”—Hezekeli 36:23.
Ubungathini?
◻ Kungaphansi kwaziphi izimo kuphela lapho uJehova ethokoza ngomlindi ongokomoya?
◻ UJehova uziphatha kanjani izimvu zakhe, futhi abelusi abangamaKristu kufanele basebenzelane kanjani nazo?
◻ Ukuvuselelwa kwesizwe sakwaJuda kwafanekiselwa kanjani? (Hezekeli 37:1-14) Uyini umfuziselo wanamuhla walokhu?
◻ Ungubani uGogi wakwaMagogi, futhi yini eyokwenzeka lapho ehlasela oFakazi BakaJehova?
◻ Yini efanekiselwa amanzi ageleza evela ethempelini elingokombono?
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Umnikelo ongcwele nezabelo zemindeni
ULWANDLE OLUKHULU
UKUNGENA NGASEHAMATI
UDANI
UASHERI
UNAPHTALI
UMANASE
UEFRAYIMI
URUBENI
UJUDA
ISIKHULU
Umnikelo Ongwele
IEnegilayimi
UBENJAMINI
USIMEYONI
IEni-Gedi
UISAKARE
UZEBULONI
ITamarI
UGADI
IMeribhati-Kadeshi
ULwandle LukaSawoti
Ufula IJordani
Lwandle LwaseGalile
[Isithombe ekhasini 23]
UJehova uzinakekela ngothando izimvu zakhe, njengoba kwenza abelusi basendulo. Ngakho abelusi abangamaKristu kufanele baphathe umhlambi kaNkulunkulu ngothando