-
Lalela—Umlindi KaJehova Uyakhuluma!INqabayokulinda—1988 | Septhemba 15
-
-
Iziprofetho Ezalingiswa
9. (a) UHezekeli wasibekela kanjani isibonelo? (b) Yini uHezekeli ayenza ukuze afanekise ukuvinjezelwa kweJerusalema abaseBabiloni, futhi yini eyayimelelwa izinsuku ezingama-390 nezinsuku ezingama-40?
9 Ngokulandelayo uHezekeli walingisa izimo ezingokwesiprofetho ngentobeko nangesibindi, ebeka isibonelo okufanele sisishukumisele ukuba sifeze izabelo zethu esizinikwe uNkulunkulu ngentobeko nangesibindi. Ukuze afanekisele ukuvimbezela kwabaseBabiloni, kwadingeka alale phansi ebheke isitini ayeqophe kuso umfanekiso weJerusalema. UHezekeli wayezolala ngohlangothi lwakhe lwesobunxele izinsuku ezingama-390 ukuze athwale isiphambeko sombuso wakwaIsrayeli wezizwe eziyishumi, abese elala ngohlangothi lwakhe lwesokudla izinsuku ezingama-40 ukuze athwale isono sezizwe ezimbili zakwaJuda. Usuku ngalunye lwalumelela unyaka. Ngakho iminyaka engama-390 yasukela ekumisweni kukaIsrayeli ngo-997 B.C.E. kuya ekubhujisweni kweJerusalema ngo-607 B.C.E.
-