Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Izingelosi ziyimimoya, azinayo imizimba yenyama, pho kungani nizibonisa emifanekisweni njengezinezimpiko? Ingabe lokhu kumane nje kuyisiko elingokwenkolo?
Ngokuvamile sifanekisa izingelosi zinezimpiko ngenxa yezincazelo ezingokomfanekiso ezitholakala eBhayibhelini.
Uqinisile uma uthi izidalwa zomoya azinayo imizimba yenyama nezimpiko ezingokoqobo—noma ubuso, izandla, izinyawo, noma ezinye izingxenye zomzimba. Nokho, ngezinye izikhathi lapho izingelosi zibonakala ezincekwini zikaNkulunkulu, kumelwe ukuba zazibukeka njengabantu abavamile, ngoba kwakucatshangwa ukuthi zaziyibo.—Genesise 18:2, 22; 19:1; AbAhluleli 6:11-22.
Nokho, ngezinye izikhathi abantu babeyithola imibono yezingelosi futhi bayichaze. Umprofethi uHezekeli wabona ‘izidalwa ezine,’ futhi embonweni wakamuva, lezi wazichaza njengezingelosi zesigaba esaziwa ngokuthi amakherubi. (Hezekeli 1:5; 9:3; 10:3) Ngayinye yalezingelosi yayinamaphiko amane, okwakubonisa ikhono lazo lokuya ngokushesha kunoma yiluphi uhlangothi ngokuyala kukaNkulunkulu. “Aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso . . . Zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.”—Hezekeli 1:6, 9, 12.
Kodwa izingelosi ezazibonakala embonweni zazingafani ngaso sonke isikhathi. Izidalwa eziyizingelosi ezibizwa ngokuthi amaserafi ezabonwa uIsaya zazinezimpiko eziyisithupha. (Isaya 6:1, 2) Kwakukhona ngisho nokungefani phakathi kwemibono kaHezekeli. Kowokuqala, izingelosi zazinezinyawo, izandla ngaphansi kwephiko ngalunye kwezine, nobuso obune (obunjengobuso bomuntu, obengonyama, obenkomo, nobokhozi). Embonweni wakhe olandelayo, obunye ubuso babunjengobekherubi kunokuba bube njengobenkomo, mhlawumbe ukuze kubonise amandla amakhulu amakherubi. Komunye futhi umbono wakamuva wemihlobiso yethempeli elingokomfanekiso, uHezekeli wabona amakherubi ayenobuso obubili kuphela, obunye obomuntu obunye obengonyama. (Hezekeli 1:5-11; 10:7-17; 41:18, 19) ENgcwelengcwele yetabernakele, kanye nasethempelini elakhiwa uSolomoni eJerusalema, kwakunamakherubi ayenamaphiko amabili. Lawa ayesesivalweni segolide sebhokisi elalibizwa ngokuthi umphongolo wesivumelwano. Lamakherubi amabili egolide ayebhekene, futhi womabili ayenamaphiko amabili ayengame uMphongolo. (Eksodusi 25:10-22; 37:6-9) Ngaphezu koMphongolo (nesivalo sawo) ethempelini likaSolomoni kwakumi amakherubi amabili amakhudlwana ambozwe ngegolide, ngalinye linamaphiko amabili aluliwe.—1 AmaKhosi 8:6-8; 1 IziKronike 28:18; 2 IziKronike 5:7, 8.
UJosephus wabhala: “Nga[lawo]makherubi ngokwawo, akekho ongasho noma acabangele ukuthi ayebukeka kanjani.” Ngaleyondlela, izazi ezithile nezingcweti zemifanekiso zisekela ukufanekisa kwazo izingelosi (ikakhulu amakherubi) kulokho okuthiwa izibonelo zaseMpumalanga Eseduze yasendulo zonkulunkulu abasesimweni sezilwane ezinamaphiko. Kodwa isiqondiso esithembeke kakhudlwana esamazwi kaHezekeli athi lezo azibona “zafana nabantu.” (Hezekeli 1:5) Ngakho lapho izingelosi zifanekiswa ezincwadini zethu, ngokuvamile sizibonisa ngokuyisisekelo zisesimweni sabantu. Sizibonisa zinamaphiko ngenxa yezincazelo eziningi ezingokweBhayibheli zezingelosi ezihlukahlukene njengezinamaphiko nangenxa yamazwi aphathelene ‘nokundiza’ kwezingelosi.—IsAmbulo 14:6; IHubo 18:10.
Okokugcina, ikhasi 288 lencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ibonisa isidalwa sasezulwini esinamaphiko, esinomqhele ekhanda laso nesihluthulelo esandleni saso. Lokhu kuwukufanekiswa ngomdwebo kwesAmbulo 20:1: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.” Lengelosi enesihluthulelo siyiqonda njengoJesu Kristu okhazinyulisiwe. Umfanekiso umbonisa enamaphiko ukuze kuvumelane neqiniso lokuthi izingelosi ezibonakala emibonweni ngokuvamile zazinamaphiko.