Inqola KaJehova Yasezulwini Iyaqhubeka
“Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.”—HEZEKELI 10:13.
1. Luhlobo luni lwesithuthi uJehova analo?
KULEZINSUKU zezindiza ezinhle, abaholi bezwe bangase babe nomuzwa wokuthi bajabulela iqophelo lokugcina lokuhamba kalula. Nokho, eminyakeni engu-2 600 edlule, uJehova uNkulunkulu wembula ukuthi yena unesithuthi esisezingeni eliphakeme kakhulu, okungekho-njiniyela owake wabona esifana naso. Siyinqola enkulu, esabekayo! Ingabe kubonakala kuxaka ukuthi uMdali wendawo yonke ugibela isithuthi esinjengenqola? Cha, ngoba isithuthi sikaJehova sasezulwini sihluke kakhulu kunoma isiphi esicatshangwa abantu.
2. UHezekeli isahluko 1 uyifanekisa kanjani inqola kaJehova yasezulwini, futhi lomprofethi udonsela ukunakekela kwethu kobani kuqala?
2 Esahlukweni 1 sesiprofetho sikaHezekeli, uJehova uvezwa egibele inqola enkulukazi yasezulwini. Lenqola esabekayo enamasondo amane iyazihambela futhi ingenza izinto ezimangalisayo. UHezekeli wabona lenqola yasezulwini embonweni ngo-613 B.C.E., lapho eseduze nomunye wemifula yaseBabiloni lasendulo. Lomprofethi uqala ngokudonsela ukunakekela kwethu kulabo abakhonza inqola kaJehova yasezulwini. Njengoba sifunda, masizame ukukubona ngeso lengqondo lokho uHezekeli akubona.
Izidalwa Ezine Eziphilayo
3. Yini eboniswa ubuso obune bekherubi ngalinye kwamane?
3 UHezekeli uyabika: “Nga-bona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo . . . Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine.” (Hezekeli 1:4, 5) Ngasinye salezidalwa ezine, noma amakherubi, sasinamaphiko amane nobuso obune. Zazinobuso bengonyama, obubonisa ukwahlulela ngokulunga kukaJehova; ubuso benkomo, obumelela amandla kaNkulunkulu; nobuso bokhozi obubonisa ukuhlakanipha kwaKhe. Futhi zazinobuso bomuntu, okumelela uthando lukaJehova.—Duteronomi 32:4; Jobe 12:13; Isaya 40:26; Hezekeli 1:10; 1 Johane 4:8.
4. Kungani amakherubi ayenobuso obune, futhi lamakherubi ayenjani ngejubane?
4 Ngalinye ikherubi lalinobuso obubheke kolulodwa lwezinhlangothi ezine. Ngakho, lamakherubi ayengashintsha indlela ngokushesha futhi alandele ubuso obubheke ohlangothini oluthile. Kodwa lawomakherubi ayenjani ngejubane? Phela, ayengagijima ngejubane lombani! (Hezekeli 1:14) Asikho isithuthi esenziwe umuntu esike safinyelela lelojubane.
5. UHezekeli wawachaza kanjani amasondo enqola namarim ayo?
5 Ngokushesha, amasondo alenqola ayabonakala. Yeka indlela angajwayelekile ngayo! Amavesi 16 no-18 athi: “Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo. Amafelange [amarim] awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke.” Ukuba kwesondo seceleni kwekherubi ngalinye kwakuyophumela emasondweni amane ezindaweni ezine ezihlukene. Lamasondo ayekhanya njengekrisolithe, eliyitshe eliphuzi noma eliluhlaza okotshani elikhanya ngalé. Lokhu kunezela ukukhanya nobuhle kulombono okhazimulayo. Njengoba amarim amasondo “ayegcwele amehlo nxazonke,” ayengayi nje kunoma iluphi uhlangothi ngokuphumputheka. Futhi lawomasondo ayephakeme kakhulu, ngaleyondlela ekwazi ukuhlanganisa ibanga elide ngokuphenduka kanye nje. Nawo, njengamakherubi amane, ayehamba ngokushesha njengombani.
Amasondo Ngaphakathi Kwamasondo
6. (a) Kukanjani lenqola yayinamasondo ngaphakathi kwamasondo? (b) Amasondo ayeluvumelanisa nani uhlangothi ayeya kulo?
6 Kukhona okunye futhi okwakungajwayelekile. Isondo ngalinye lalinesondo ngaphakathi kulo—isondo elikhulu ngokulinganayo elifakwe lavundla kuleli elinye isondo. Kungalendlela kuphela kungathiwa amasondo “aya ezinhlangothini zozine.” (Ivesi 17) Ngokushesha, amasondo ayengashintsha aye kolunye uhlangothi ngoba kwakunohlangothi lwesondo olubheke ngasohlangothini ngalunye. Amasondo ayevumelanisa uhlangothi aqonda kulo nolwamakherubi amane. Uphezu kwamasondo amane, umzimba wenqola kaNkulunkulu wawungahamba ngokusekelwa okungabonakali okufana nokwesikebhe esinamandla esibanjwa umoya njengoba sintaza phezu kwamanzi.
7. Amasondo ayewatholaphi amandla?
7 Lamasondo ayewatholaphi lamandla okuzivumelanisa nakho konke ukunyakaza kwamakherubi amane? Emoyeni ongcwele kaNkulunkulu uMninimandla onke. Ivesi 20 lithi: ‘Lapho umoya wawuthanda ukuya khona, aya khona. Umoya wezidalwa wawusemasondweni.’ Wona kanye lawomandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku angabonakali ayephakathi kwamakherubi ayekulawomasondo.
8. Amasondo anikezwa liphi igama, futhi ngani?
8 Lamasondo kubhekiselwa kuwo ngokuthi “ayingilizayo.” (Hezekeli 10:13) Ngokusobala leligama lakhiwa yilokho isondo ngalinye elikwenzayo. Liyajikeleza noma liyaphenduka. Ukubizwa kwalengxenye yenqola yasezulwini ngalelogama kudonsela ukunakekela ejubaneni inqola yasezulwini egijima ngalo. Nakuba amasondo ayo ayephenduka ngokushesha kangako, ngaso sonke isikhathi ayeyibona indlela yawo ngoba ayegcwele amehlo.
9. UHezekeli wakuchaza kanjani lokho okwakuphezu kwamasondo amane enqola egijima ngokushesha?
9 Kodwa manje ake sibheke futhi sibone okuphezu kwalawomasondo amane aphakeme ngokwesabekayo, nagijima kakhulu. Ivesi 22 likaHezekeli isahluko 1 lithi: “Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu elimangalisayo, owenekwé phezu kwamakhanda azo phezulu.” Umkhathi, nakuba uqinile, wawukhanya, “njengekristalu elimangalisayo.” Lalicwebezela njengezinkulungwane zamadayimane njengoba ilanga liwakhanyisa. Kuyesabeka ngempela!
UMgibeli Wenqola Okhazimulayo
10. (a) Sichazwa kanjani isihlalo sobukhosi naLowo ohlezi phezu kwaso? (b) Yini eboniswa iqiniso lokuthi uMgibeli wenqola ugubuzelwe inkazimulo?
10 Ngokusobala, inqola iyama ukuze uMgibeli wayo akhulume noHezekeli. Ngaphezu komkhathi, kwakukhona umfanekiso wesihlalo sobukhosi, okubonakala kwaso kwakunjengesafire, noma kuluhlaza okwesibhakabhaka. Esihlalweni sobukhosi, kunoThile okubonakala kwakhe kunjengomuntu wasemhlabeni. Isimo somuntu sasiyomsiza kakhulu uHezekeli ukuba aqonde lombono waphezulu. Kodwa lesosimo somuntu sigubuzelwe inkazimulo, ngaleyondlela sibenyezela njengengxube ekhazimulayo yesiliva negolide. Yeka ubuhle obuvusa uhlevane! Kusukela okhalweni lwalesisimo esinjengomuntu, lenkazimulo enhle ikhona kokubili ngenhla nangezansi. Ngaleyondlela sonke isimo simbozwe inkazimulo. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova ukhazimula ngokungachazeki. Ngaphezu kwalokho, uMgibeli wenqola uphelezelwa uthingo oluhle. Yeka ukuzola nokuthula kwangemva kwesiphepho okuchazwa uthingo! Enalesosimo sokuzola, uJehova ugcina izimfanelo zakhe zokuhlakanipha, ukwahlulela ngokulunga, amandla, nothando zilinganiselwe ngokuphelele.
11. Wamthinta kanjani uHezekeli umbono wenqola kaJehova nesihlalo sakhe sobukhosi?
11 Inqola nesihlalo sobukhosi sikaJehova kuzungezwe ukukhanya nemibala emihle. Yeka ukuthi kuphambene kanjani noSathane, inkosi yobumnyama nokulumba! UHezekeli kwamthinta kanjani konke lokhu? “Lapho ngiyibona,” esho, “ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.”—Hezekeli 1:28.
Lokho Inqola Eyayikufanekisela
12. Yini efanekiselwa inqola kaJehova yasezulwini?
12 Yini efanekiselwa yilenqola emangalisayo? Inhlangano kaJehova uNkulunkulu yasezulwini. Yakhiwa yizo zonke izidalwa zakhe zomoya ezingcwele kuleyondawo engabonakali—amaserafi, amakherubi, nezingelosi. Njengoba uJehova enguNkulunkulu oPhezukonke, zonke izidalwa zakhe zomoya zingaphansi kwakhe, futhi uzigibela ngomqondo wokuzibusa ngobubele nowokuzisebenzisa ngokwenjongo yakhe.—IHubo 103:20.
13. (a) Kungani kungashiwo ukuthi uJehova ugibele inhlangano yakhe? (b) Umbono wenqola kaJehova enamasondo amane eqhubekayo ukuthinta kanjani?
13 UJehova ugibele lenhlangano njengokungathi usenqoleni, eyibangela ukuba iye nomaphi lapho umoya wakhe uyiqhubela khona. Ayigijimi ngokunhlanhlatha, ngaphandle kokulawulwa noma ukuqondiswa okunengqondo. UNkulunkulu akayivumeli lenhlangano ukuba iye kunoma iluphi uhlangothi engase ithande ukuya kulo. Kunalokho, ilandela iziqondiso zakhe. Yonke iqhubekela phambili ngobunye ekufezweni ngokugcwele kwezinjongo zikaNkulunkulu. Yeka inhlangano emangalisayo yasezulwini eyembulwa yilombono wenqola kaJehova yasezulwini enamasondo amane eqhubekayo! Ngokuvumelana nalokhu, inhlangano kaJehova iboniswa inezinhlangothi ezine ezilinganayo, ilinganiselwe ngokuphelele.
Ukumiswa Njengomlindi
14. Ubani ofanekiselwa umprofethi uHezekeli?
14 Kodwa ubani ofanekiselwa umprofethi uHezekeli? Ngokwamaqiniso omlando, kusobala ukuthi indikimba yoFakazi BakaJehova abagcotshwe ngomoya ibilokhu ihlangene nenqola yasezulwini. Ngaleyondlela, uHezekeli ufanekisela kahle insali egcotshiwe yoFakazi BakaJehova kusukela ngo-1919. Ngokomoya, inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini yaxhumana nensali egcotshiwe ngalowonyaka, ukuba iyivuselele njengoFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba. (Qhathanisa nesAmbulo 11:1-12.) Leyonhlangano enjengenqola yayiqhubeka ngalesosikhathi, njengoba nje iqhubeka namuhla. Eqinisweni, amasondo ayo entuthuko aphenduka ngokushesha kunanini ngaphambili. UJehova uqhubekela phambili ngejubane elikhulu!
15. Lithini izwi loMgibeli wenqola yasezulwini, futhi ikuphi ukuthunywa uHezekeli akutholayo?
15 UHezekeli wafisa ukwazi isizathu sokuba lenqola yasezulwini ize phambi kwakhe bese ima. Wakuthola lokho njengoba izwi leza kuye lisuka kuLowo ohlezi phezu kwenqola. Egajwe yilombukwane owesabekayo, uHezekeli wakhothama. Lalela njengoba izwi loMgibeli wenqola yasezulwini lisho: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.” (Hezekeli 2:1) Khona-ke uJehova uthuma uHezekeli ukuba abe umlindi nokuba axwayise indlu yakwaIsrayeli ehlubukayo. Uthunywa ngisho nokuba akhulume egameni laphezulu. Igama likaHezekeli lisho ukuthi “UNkulunkulu Uyaqinisa.” Ngakho uNkulunkulu uye waqinisa isigaba sikaHezekeli futhi wasithuma, esimisa njengomlindi kweLobukholwa.
16, 17. (a) Umbono wenqola yasezulwini wamzuzisa kanjani uHezekeli? (b) Osukwini lwethu, ukuqonda umbono wenqola yasezulwini kuye kwasithinta kanjani isigaba sikaHezekeli nesixuku esikhulu?
16 Umbono wenqola yasezulwini wawuqabula futhi ushaqisa kuHezekeli, kodwa futhi wamlungiselela ukuthunywa kwakhe njengomlindi kokuba amemezele isixwayiso sokubhujiswa kweJerusalema okwakuza. Kuye kwaba ngokufanayo ngesigaba somlindi namuhla. Ukuqonda kwaso umbono wenqola kaJehova yasezulwini eqhubekayo kuye kwaba nethonya elikhulu ensalini egcotshiwe. Ngo-1931 yathola ulwazi olwengeziwe ngombono kaHezekeli, njengoba wembulwe eMqulwini Wokuqala wencwadi ethi Vindication. Khona-ke yagcwala ukwazisa okuqabula kangangokuthi kusukela kumagazini iWatchtower kaOctober 15, 1931, kuya koka-August 1, 1950, isembozo sangaphandle echosheni eliphezulu kwesokudla sasinomfanekiso odwetshiwe wombono kaHezekeli wenqola yasezulwini. Kanjalo, isigaba sikaHezekeli siye senza njengokuthunywa esakunikezwa, futhi besilokhu sikhonza njengomlindi, simemezela isixwayiso saphezulu. Isikhathi sokubhujiswa kweLobukholwa okunjengomlilo okuvela kuJehova osesihlalweni sobukhosi enqoleni yakhe yasezulwini sasingakaze sibe seduze kangaka!
17 Namuhla, “isixuku esikhulu” sabantu abanjengezimvu sihlanganyela nensali egcotshiwe. (IsAmbulo 7:9) Ndawonye, bamemezela isixwayiso sokubhujiswa okuzayo kweLobukholwa naso sonke lesimiso esibi sezinto. Lowomsebenzi wokuxwayisa uqhubeka ngamandla, futhi njengoba kuboniswa kusAmbulo 14:6, 7, izingelosi ziyawusekela.
Ukuhambisana Nenqola Yasezulwini
18. Yini okumelwe yenziwe ukuze kutholakale ukusekela okuqhubekayo kwezingelosi, futhi kumelwe sisheshe ukwenzani?
18 Izingelosi ezizithobayo ziqhubeka ngokuvumelana njengengxenye yenhlangano kaNkulunkulu yasezulwini kuyilapho zisiza izinceku zikaJehova zasemhlabeni ekufezeni ukuthunywa kwazo kokumemezela izixwayiso zesahlulelo saphezulu. Uma sisifuna isivikelo esiqhubekayo nesiqondiso salezinceku eziyizingelosi zikaNkulunkulu ezinamandla, nathi kumelwe siqhubeke ngokuvumelana futhi sihambisane namasondo angokomfanekiso. Ngaphezu kwalokho, njengengxenye yenhlangano kaJehova ebonakalayo ehambisana nenqola yakhe yasezulwini, kumelwe sisheshe ukusabela ekuholeni komoya kaNkulunkulu. (Qhathanisa neyabaseFilipi 2:13.) Uma singoFakazi BakaJehova, kumelwe siye ngasohlangothini inqola yasezulwini eya kulo. Ngokuqinisekile akumelwe siphambane nayo. Lapho sinikezwa isiqondiso ngendlela okumelwe sihambe ngayo, kumelwe sisilandele. Ngaleyondlela, ibandla alihlukani.—1 Korinte 1:10.
19. (a) Njengoba nje amasondo enqola yasezulwini enamehlo nhlangothi zonke, yini abantu bakaJehova okufanele bayiqaphele? (b) Iyiphi inkambo okumelwe siyithathe kulezikhathi zesiyaluyalu?
19 Amehlo anhlangothi zonke zamasondo enqola abonisa ukuqapha. Njengoba nje inhlangano yasezulwini iqaphile, kanjalo nathi kumelwe siqaphe ekusekeleni inhlangano kaJehova yasemhlabeni. Emabandleni, singabonisa lokho kusekela ngokubambisana nabadala bebandla. (Heberu 13:17) Futhi kulezikhathi zesiyaluyalu, amaKristu kudingeka anamathele eduze kakhulu nenhlangano kaJehova. Asifuni ukuchaza izenzakalo ngendlela yethu, ngoba ngokwenza kanjalo siyobe asihambisani nenqola kaJehova yasezulwini. Ngaso sonke isikhathi masizibuze, ‘Iya ngaphi inqola yasezulwini?’ Uma siqhubekela phambili nenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo, siyobe futhi sihambisana nenhlangano engabonakali.
20. Isiphi iseluleko esihle umphostoli uPawulu asinikezayo kwabaseFilipi 3:13-16?
20 Ngalokhu, uPawulu wabhala: “Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe-nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowomkhondo.”—Filipi 3:13-16.
21. Intukutho engokomoya enhlanganweni kaNkulunkulu ingenziwa ngokulandela muphi umkhondo?
21 Lapha igama elithi ‘umkhondo’ alisho isisele esingenakukwazi ukuzikhipha kuso. Izinceku zikaJehova zinomkhondo omuhle ezenza ngawo intuthuko engokomoya. Uwumkhondo wokuba nesifundo seBhayibheli somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni yebandla, ukushumayela njalo izindaba ezinhle zoMbuso, nokubonisa izimfanelo zenhlangano kaNkulunkulu yasezulwini. Umkhondo onjalo uzenza zikwazi ukulandela ukuhola kwenhlangano kaJehova yasezulwini enjengenqola. Ngokuphikelela ngalendlela, siyofinyelela umgomo wethu, kungakhathaliseki ukuthi uwumklomelo wokuphila okungenakufa emazulwini noma ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.
22. (a) Ukuze insali egcotshiwe nesixuku esikhulu sezinye izimvu bahleleke ngobunye, yini okumelwe yenziwe? (b) Yini uJehova angeke angayiboni?
22 Njengoba uJohane 10:16 ebonisa, “ezinye izimvu” nesigaba sikaHezekeli babeyohleleka ngobunye. Ngaleyondlela, kubalulekile ukuba bonke abasenhlanganweni kaNkulunkulu baqonde incazelo egcwele nokubaluleka kombono olotshwe kuHezekeli isahluko 1 uma befuna ukuqhubeka ngokuvumelana nenqola kaNkulunkulu yasezulwini. Umbono wayo usisiza ukuba siqaphele ukuthi kumelwe siqhubeke ngokuvumelana nenhlangano kaNkulunkulu, ebonakalayo nengabonakali. Futhi, khumbula ukuthi amehlo kaJehova “aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Akukho nokukodwa angakuboni uJehova, ikakhulukazi noma yini ephathelene nenjongo yakhe yokuzilwela njengoMbusi Wendawo Yonke.
23. Njengoba inqola kaJehova yasezulwini iqhubeka, yini okumelwe siyenze?
23 Namuhla ngokuqinisekile inqola kaJehova yasezulwini iyaqhubeka. Ngokushesha konke kuzolethwa enkazimulweni ngokuvumelana naLowo okhazimulayo ogibele leyonqola—konke kube ukulwelwa kwakhe njengeNkosi enguMbusi wendawo yonke. Amaserafi akhe, amakherubi, nezingelosi ayasisekela namuhla emsebenzini wethu omkhulu wokushumayela emhlabeni wonke. Khona-ke, masiqhubekele phambili nenhlangano kaJehova yasezulwini. Kodwa singahambisana kanjani naleyonqola yasezulwini egijima ngejubane?
Ubungaphendula Uthini?
◻ Iziphi izimfanelo ezimelelwa izidalwa ezine ezabonwa uHezekeli?
◻ Yini efanekiselwa inqola kaJehova yasezulwini?
◻ Ubani ofanekiselwa umprofethi kaNkulunkulu uHezekeli?
◻ Ukuqonda inqola kaJehova yasezulwini kuye kwasithinta kanjani isigaba sikaHezekeli nesixuku esikhulu?