-
Ubani Oyobusa Izwe?Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
34, 35. Yini ezokwenzeka ophondweni “oluncane” nakweminye imibuso enjengezilo?
34 UDaniyeli uyaqhubeka: “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.
-
-
Ubani Oyobusa Izwe?Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
35 Ngomyalo kaMahluleli Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, uphondo olwahlambalaza uNkulunkulu, lwahlukumeza ‘nabangcwele’ bakhe luyobhekana nalokho uMbuso WaseRoma, owashushisa amaKristu okuqala, owabhekana nakho. Ukubusa kwalo kuyophela. Kuyophela nokubusa ‘kwamakhosi’ aphansi anjengezimpondo avela eMbusweni WaseRoma.
-