-
INgxenye 5—IJavani—Umbuso Wezwe Omkhulu WesihlanuINqabayokulinda—1988 | Ephreli 15
-
-
Embonweni wesibili ongokwesiprofetho, kwabonakala impongo ‘ivela ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba,’ igijima ngesivinini esikhulu kangangokuthi “yayingawuthinti umhlaba.” Yaya enqameni enezimpondo ezimbili ingelosi eyathi ngayo “ingamakhosi aseMediya nasePheresiya.” Impongo “yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili.” UDaniyeli watshelwa: “Impongo iyinkosi yaseJavani.”—Daniyeli 8:5-8, 20, 21.
-
-
INgxenye 5—IJavani—Umbuso Wezwe Omkhulu WesihlanuINqabayokulinda—1988 | Ephreli 15
-
-
Iziprofetho Ziyagcwaliseka
Entwasahlobo yonyaka ka-334 B.C.E., uAlexander wangena eAsiya eDardanelles (iHellespont yasendulo) enamasosha ayizi-30 000 ahamba ngezinyawo nayizi-5 000 agibele amahhashi. Ngesivinini sengwe enamaphiko amane engokomfanekiso noma sembuzi okwakubonakala ingawuthinti umhlaba, wakhukhula wonke amazwe ombuso wamaPheresiya—odlula ubukhulu bombuso wakhe ngokuphindwe kamashumi amahlanu! Ingabe ‘wayeyobusa ngokubusa okukhulu, enze njengentando yakhe’? Umlando uyaphendula.
EMfuleni iGranicus echosheni elisenyakatho-ntshonalanga yeAsia Minor (iTurkey yanamuhla) uAlexander wanqoba empini yakhe yokuqala elwa namaPheresiya. Ngalobobusika wanqoba intshonalanga Asia Minor. Ekwindla elandelayo eIssus echosheni eliseningizimu-mpumalanga yeAsia Minor, wanqoba ngokuphelele ibutho lamaPheresiya elalilinganiselwa emadodeni ayingxenye yesigidi, futhi inkosi enkulu, uDariyu III wasePheresiya, wabaleka, eshiya umkhaya wakhe ezandleni zika-Alexander.
Kunokuba axoshe amaPheresiya abalekayo, uAlexander waphikelela eningizimu ngasogwini lwaseMedithera, enqoba izizinda zezikhali zempi ezazisetshenziswa imikhumbi yempi enamandla yasePheresiya. Umuzi oyisiqhingi waseTire wazabalaza izinyanga eziyisikhombisa. Ekugcineni, esebenzisa imvuthu yomuzi oyinhloko omdala owawubhujiswe uNebukadinesari, uAlexander wakha indlela emanzini eya kulowomuzi oyisiqhingi. Insalela yaleyondlela iyabonakala namuhla, okuqinisekisa ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaHezekeli sokuthi isihlabathi saseTire sasiyolahlelwa emanzini.—Hezekeli 26:4, 12.
Eshiya iJerusalema, elazinikela kuye, uAlexander waqhubekela eningizimu, enqoba iGaza futhi andisa ‘ukubusa kwakhe okukhulu’ futhi enza ‘njengentando yakhe’ eGibithe, lapho abingelelwa khona njengomkhululi. EMemphis wenzela inkunzi uApis umhlatshelo, ngaleyondlela ethokozisa abapristi baseGibithe. Futhi wasungula umuzi waseAleksandriya, lowo kamuva owawuncintisana neAthene njengesikhungo sokufunda futhi osenegama lakhe namanje.
Zonke izinhloso zecebo likaPhilip zahlangatshezwa futhi kwadlulelwa ngalé kwazo, kodwa uAlexander wayengakaqedi neze. Njengempongo egijima ngesivinini, waphendukela emuva enyakatho-mpumalanga, edlula ePalestina futhi waqhubekela phezulu eMfuleni iTigris. Lapho, ngonyaka ka-331 B.C.E., waholela abasePheresiya empini eGaugamela, engekude nencithakalo yalokho okwakuyinhloko-dolobha yaseAsiriya, iNineve. Amadoda ka-Alexander ayizi-47 000 ahlula ibutho lamaPheresiya elalihlelwe kabusha elalinabayi-1 000 000. UDariyu III wabaleka futhi kamuva wabulawa ngabantu bakhe siqu.
Ejatshuliswa ukunqoba, uAlexander waphendukela eningizimu wathatha inhloko-dolobha ebandayo yasePheresiya. Walawula izinhloko-dolobha iShushani nePersepolis, ethatha ingcebo eningi yamaPheresiya futhi eshisa isigodlo esikhulu saseXerxes. Ekugcineni, inhloko-dolobha iAkimetha yawela kuye. Lomnqobi osheshayo wabe esenqoba wonke amanye amazwe amaPheresiya, waze wafika nasendaweni ekude empumalanga eMfuleni i-Indus ePakistan lanamuhla. Ngokungangabazeki, iJavani yase iwumbuso wezwe omkhulu wesihlanu emlandweni weBhayibheli.
-