-
Ubani Ongamelana NeSikhulu Sezikhulu?Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
21. Obani ‘abasendaweni engcwele’ umbuso wezwe wesikhombisa ozama ukuyichitha?
21 Namuhla abaseleyo babangu-144 000 bangabameleli basemhlabeni ‘beJerusalema lasezulwini’—uMbuso kaNkulunkulu onjengomuzi—kanye nelungiselelo lawo lethempeli. (Heberu 12:22, 28; 13:14) Ngalo mqondo ‘basendaweni engcwele’ leyo umbuso wezwe wesikhombisa ozama ukuyinyathela nokuyichitha. (Daniyeli 8:13, qhathanisa ne-NW.) Ebiza le ndawo engcwele nangokuthi “indawo yendlu [kaJehova] engcwele,” uDaniyeli uthi: ‘[UJehova] waphucwa umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yakhe engcwele yaphonswa phansi. Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.’ (Daniyeli 8:11, 12) Kwagcwaliseka kanjani lokhu?
22. Phakathi neMpi Yezwe II, umbuso wezwe wesikhombisa wasenza kanjani “isiphambeko” esiphawulekayo?
22 OFakazi BakaJehova babhekana nani phakathi neMpi Yezwe II? Bashushiswa kabuhlungu kakhulu! Kwaqala emazweni obuNazi nawobuFascist. Kodwa ngokushesha ‘iqiniso laphonswa phansi’ kuzo zonke izindawo ezinkulu ‘zophondo oluncane olwase lunamandla amakhulu.’ “Ibandla” labamemezeli boMbuso nomsebenzi walo wokushumayela “izindaba ezinhle” lavinjelwa cishe kuwo wonke amazwe akha uMfelandawonye Wamazwe Ayebuswa AmaNgisi. (Marku 13:10) Ngesikhathi lezi zizwe zibutha amadoda ayezoya empini, zenqaba ukukhulula oFakazi BakaJehova enkonzweni yezempi ngoba beyizikhonzi, zangakuhlonipha ukumiswa kwabo okungokwasezulwini njengezikhonzi zikaNkulunkulu. Izinceku zikaJehova ezithembekile e-United States zabhekana nobudlova bezixhwanguxhwangu nokwedelelwa okuhlukahlukene. Kufana nokuthi umbuso wezwe wesikhombisa wawuzama ukuqeda umhlatshelo wokudumisa—“isithelo sezindebe”—abantu bakaJehova ababesinikela kuYe njalo ‘njengomnikelo oshiswa imihla yonke’ wokukhulekela kwabo. (Heberu 13:15) Ngakho lowo mbuso wezwe wenza ‘isiphambeko’ ngokuhlasela indawo efanele kaNkulunkulu oPhezukonke—‘indawo yendlu yakhe engcwele.’
-
-
Ubani Ongamelana NeSikhulu Sezikhulu?Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
“INDAWO ENGCWELE” IBUYISELWA ESIMWENI ESIFANELE
24. Yisiphi isiqinisekiso esisinikezwa uDaniyeli 8:14?
24 Akekho noyedwa ongamelana neSikhulu sezikhulu—ngisho nenkosi ‘enobuso obulukhuni’ njengoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika! Imizamo yale nkosi yokuchitha indlu engcwele kaNkulunkulu iyabhuntsha. Ngemva ‘kokuhlwa nokusa okuyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu,’ kusho isithunywa esiyingelosi, “indawo engcwele iyobuyiselwa esimweni sayo esifanele,” noma “iyonqoba.”—Daniyeli 8:13, 14; The New English Bible.
25. Yinde kangakanani inkathi engokwesiprofetho yezinsuku ezingu-2 300, futhi kumelwe ihlanganiswe nasiphi isenzakalo?
25 Lezi zinsuku ezingu-2 300 zakha inkathi engokwesiprofetho. Ngakho, kuhileleke unyaka ongokwesiprofetho wezinsuku ezingu-360. (IsAmbulo 11:2, 3; 12:6, 14) Ngakho, lezi zinsuku ezingu-2 300 ziyiminyaka eyisithupha, izinyanga ezine nezinsuku ezingamashumi amabili. Yayinini le nkathi? Eminyakeni yawo-1930, abantu bakaNkulunkulu baqala ukubhekana nokushushiswa okwandayo emazweni ahlukahlukene. Futhi phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova bashushiswa kanzima emazweni ombuso wezwe ombaxambili wamaNgisi NamaMelika. Ngani? Ngenxa yokuphikelela kwabo ‘belalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’ (IzEnzo 5:29) Ngakho-ke, kumelwe ukuba lezi zinsuku ezingu-2 300 zihlangene naleyo mpi.b Kodwa yini engase ishiwo ngokuqala nokuphela kwale nkathi engokwesiprofetho?
26. (a) Kufanele zibalwe kusukela nini izinsuku ezingu-2 300? (b) Yaphela nini inkathi yezinsuku ezingu-2 300?
26 Ukuze “indawo engcwele” yenziwe ibe sesimweni okufanele ibe kuso, noma ‘ibuyiselwe’ kuso, kumelwe ukuba lezi zinsuku ezingu-2 300 zaqala ngesikhathi ‘isesesimweni esifanele’ ngokubheka kukaNkulunkulu. Lokhu kwakungo-June 1, 1938, ngesikhathi INqabayokulinda (yesiNgisi) ikhipha ingxenye 1 yesihloko esithi “Ukuhleleka.” Ingxenye 2 yavela kumagazini ka-June 15, 1938. Uma kubalwa izinsuku ezingu-2 300 (iminyaka eyisithupha, izinyanga ezine nezinsuku ezingamashumi amabili ekhalendeni lesiHeberu) kusukela ngo-June 1 noma 15, 1938, sifika ku-October 8 noma 22, 1944. Ngosuku lokuqala lomhlangano okhethekile owawusePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A., ngo-September 30 nango-October 1, 1944, umongameli we-Watch Tower Society wakhuluma ngesihloko esithi “Ukulungisa Okungokwasezulwini Namuhla.” Emhlanganweni wabaphathi waminyaka yonke owawungo-October 2, kwalungiswa umthetho-sisekelo weNhlangano ukuze ube seduze nohlelo olungokwasezulwini ngangokuvunyelwa umthetho. Njengoba kwanyatheliswa izimfuneko ezicacile ezisekelwe eBhayibhelini, ngokushesha kwaba nokuhleleka okugcwele okungokwasezulwini emabandleni oFakazi BakaJehova.
27. Yibuphi ubufakazi obabukhona bokuthi ‘umnikelo oshiswa mihla yonke’ wawuvinjelwe phakathi neminyaka yeMpi Yezwe II eyayigcwele ushushiso?
27 Phakathi nezinsuku ezingu-2 300 ngesikhathi seMpi Yezwe II, eyaqala ngo-1939, ukunikelwa ‘komnikelo oshiswa imihla yonke’ endlini engcwele kaNkulunkulu kwavinjelwa kakhulu ngenxa yoshushiso. Ngo-1938 i-Watch Tower Society yayinamagatsha angu-39 ayeqondisa umsebenzi woFakazi emhlabeni wonke, kodwa ngo-1943 ayesengu-21 kuphela. Ukwanda kwabamemezeli boMbuso kwakukuncane phakathi naleyo nkathi.
28, 29. (a) Njengoba iMpi Yezwe II yayisondela ekupheleni, iyiphi intuthuko eyaba khona enhlanganweni kaJehova? (b) Yini engase ishiwo ngemizamo yesitha yonya yokuchitha nokubhubhisa “indawo engcwele”?
28 Njengoba sesibonile, phakathi nezinyanga zokugcina zeMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova baqinisa ukuzimisela kwabo ukukhulisa ukubusa kukaNkulunkulu ngokumkhonza njengenhlangano engokwasezulwini. Yilo mgomo owenza ukuba ngo-1944 kuqalwe ukuhlela kabusha umsebenzi wabo kumiswe nesimiso esisha sokuphatha. Empeleni, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-October 15, 1944, yayinesihloko esasithi “Ukuhlelelwa Umsebenzi Wokugcina.” Sona, kanye nezinye zale nkathi ezazigxile enkonzweni, zabonisa ukuthi izinsuku ezingu-2 300 zase ziphelile nokuthi “indawo engcwele” yayisibuyele ‘esimweni sayo esifanele.’
29 Imizamo yesitha yonya yokuchitha nokubhubhisa “indawo engcwele” yayibhuntshe ngokuphelele. Ngempela, “abangcwele” ababesele emhlabeni, kanye nabangane babo ‘besixuku esikhulu,’ babenqobile. (IsAmbulo 7:9) Kanti indlu engcwele, njengoba isisesimweni sayo esingokwasezulwini esifanele, manje iyaqhubeka inikeza uJehova inkonzo engcwele.
-