Ukuchuma Ngokomoya Ebumpungeni
“Labo abatshalwé endlini kaJehova . . . basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni.”—IHUBO 92:13, 14.
1, 2. (a) Ukuguga kuvame ukuchazwa kanjani? (b) ImiBhalo ithembisani ngokuphathelene nemiphumela yesono sika-Adamu?
UKUGUGA—yini efika engqondweni yakho uma uzwa leli gama? Imibimbi? Ukungasezwa kahle ezindlebeni? Amadolo abuthaka? Noma kufika esinye sezici ‘zezinsuku eziyinhlekelele’ ezichazwe ngokucacile kumShumayeli 12:1-7? Uma kunjalo, kubalulekile ukukhumbula ukuthi incazelo ekumShumayeli isahluko 12 ichaza ukuguga okuwumphumela wesono sika-Adamu emzimbeni womuntu, hhayi lokho uMdali, uJehova uNkulunkulu, ayekuhlosile ekuqaleni.—Roma 5:12.
2 Ukuguga ngokwako akusona isiqalekiso, ngoba ukuze siqhubeke siphila kumelwe iminyaka ihambe. Empeleni, ukukhula nokuvuthwa kuyizici ezifiselekayo kuzo zonke izinto eziphilayo. Umonakalo weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wesono nokungapheleli esiwubona yonke indawo uzophela maduze, futhi bonke abantu abalalelayo bazojabulela ukuphila ngendlela okwakuhloswe ukuba kube ngayo, bungasekho ubuhlungu bokuguga nokufa. (Genesise 1:28; IsAmbulo 21:4, 5) Ngaleso sikhathi, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Asebekhulile bayobuyela ezinsukwini “zobungqabavu bobusha” babo, futhi inyama yabo ‘iyoba ntsha kunasebusheni.’ (Jobe 33:25) Nokho, okwamanje sonke kumelwe sishikashikane nefa esalishiyelwa u-Adamu. Noma kunjalo, izinceku zikaJehova zibusiswa ngezindlela ezikhethekile njengoba ziqhubeka zikhula.
3. AmaKristu ‘angaqhubeka echuma nasebumpungeni’ ngaziphi izindlela?
3 IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ukuthi “labo abatshalwé endlini kaJehova . . . basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni.” (IHubo 92:13, 14) Esebenzisa ulimi olungokomfanekiso, umhubi wachaza iqiniso eliyisisekelo lokuthi izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zingaqhubeka zithuthuka, ziqhakaza futhi zichuma ngokomoya, ngisho noma imizimba yazo isiwohloka. Izibonelo eziningi eziseBhayibhelini nezanamuhla ziyakufakazela lokhu.
“Wayengakaze Aphuthe”
4. Umprofethikazi owayesekhulile u-Ana wakubonisa kanjani ukuzinikela kwakhe kuNkulunkulu, futhi wavuzwa kanjani?
4 Cabanga ngomprofethikazi wekhulu lokuqala, u-Ana. Nakuba ayeseneminyaka engu-84, “wayengakaze aphuthe ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila ukudla nangokunxusa.” Njengoba uyise ayengeyena umLevi, ‘engowesizwe sakwa-Asheri,’ u-Ana wayengeke akwazi ukuhlala ethempelini. Cabanga nje ukuthi kwakudingeka azikhandle kangakanani ukuze abe sethempelini nsuku zonke kusukela ngenkonzo yasekuseni kuze kube ngenkonzo yakusihlwa! Nokho, u-Ana wavuzwa ngokucebile ngenxa yokuzinikela kwakhe. Waba nelungelo lokuba sethempelini ngesikhathi uJosefa noMariya beletha usana olunguJesu ukuze lwethulwe kuJehova ngokuvumelana noMthetho. Lapho ebona uJesu, u-Ana “wabonga kuNkulunkulu futhi wakhuluma ngomntwana kubo bonke ababelindele ukukhululwa kweJerusalema.”—Luka 2:22-24, 36-38; Numeri 18:6, 7.
5, 6. Abaningi asebekhulile namuhla bawubonisa ngaziphi izindlela umoya onjengoka-Ana?
5 Abaningi asebekhulile abaphakathi kwethu namuhla bafana no-Ana ngoba baba khona njalo emihlanganweni, banxusa ngobuqotho ukuba ukukhulekela kweqiniso kuthuthuke futhi banesifiso esingapheli sokushumayela izindaba ezinhle. Umzalwane othile osevile eminyakeni engu-80 oba khona njalo emihlanganweni yobuKristu nomkakhe wathi: “Siye sakwenza umkhuba ukuya emihlanganweni. Asifuni ukuba kwenye indawo. Sifuna ukuba lapho abantu bakaNkulunkulu bebuthene khona. Yilapho lapho sizizwa sisekhaya khona.” Yeka ukuthi bayisibonelo esikhuthaza kanjani kithi sonke!—Hebheru 10:24, 25.
6 “Uma kuba khona noma yini engokomoya engingase ngikwazi ukuba ingxenye yayo, ngiye ngifune ukuyenza.” Lena inkolelo kaJean, umfelokazi ongumKristu osevile eminyakeni engu-80. Uyaqhubeka: “Yiqiniso, ziyangifikela izikhathi zokudangala, kodwa kungani wonke umuntu kufanele adangale uma mina ngidangele?” Wayichaza ngobuso obuchachambile injabulo ayithola ngokuvakashela kwamanye amazwe lapho kunezenzakalo ezakhayo ngokomoya. Ohambweni lwakhe lwamuva, watshela abangane bakhe, “Angisafuni ukubuka imibukwane yendawo; sengifuna ukuya enkonzweni yasensimini!” Nakuba ayengalwazi ulimi lwendawo, uJean wakwazi ukwenza abantu babe nesithakazelo esigijimini seBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, wahlanganyela iminyaka eminingana nebandla elalidinga usizo, ngisho noma lokhu kwakusho ukufunda ulimi olusha nokuhamba ihora lonke lapho eya emihlanganweni nalapho esebuya.
Gcina Ingqondo Yakho Isebenza
7. Lapho esekhulile, uMose wabonisa kanjani ukuthi wayefisa ukuba ubuhlobo bakhe noNkulunkulu bukhule?
7 Umuntu ufunda okuningi ngokuphila njengoba ekhula. (Jobe 12:12) Noma kunjalo, ukuthuthuka ngokomoya akuzenzakaleli njengoba umuntu ekhula. Ngakho-ke, kunokumane zithembele olwazini eziluqongelele esikhathini esidlule, izinceku zikaNkulunkulu eziqotho zilwela ‘ukuqhubeka zifunda’ njengoba iminyaka ihamba. (IzAga 9:9) UMose wayeneminyaka engu-80 ubudala lapho uJehova emthuma. (Eksodusi 7:7) Osukwini lwakhe, kubonakala sengathi ukuphila uze ube naleyo minyaka kwakubhekwa njengokungajwayelekile, ngoba wabhala: “Ngokwazo, izinsuku zeminyaka yethu ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa; . . . uma kungenxa yamandla akhethekile, ziyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.” (IHubo 90:10) Noma kunjalo, uMose akazange abe nomuzwa wokuthi wayesemdala kakhulu ukuba angafunda. Ngemva kwamashumi eminyaka ekhonza uNkulunkulu, enamalungelo amaningi futhi enemithwalo yemfanelo emikhulu, uMose wancenga uJehova: “Ngicela ungenze ngazi izindlela zakho ukuze ngikwazi.” (Eksodusi 33:13) UMose wayehlale efisa ukuba ubuhlobo bakhe noJehova bukhule.
8. UDaniyeli wayigcina kanjani ingqondo yakhe isebenza nalapho esevile eminyakeni engu-90, futhi kwaba namiphi imiphumela?
8 Umprofethi uDaniyeli, okungenzeka ukuthi wayesevile eminyakeni engu-90, wayesayitadishisisa imibhalo engcwele. Akuqonda ekutadisheni kwakhe ‘izincwadi’—cishe ezazihlanganisa uLevitikusi, u-Isaya, uJeremiya, uHoseya no-Amose—kwamshukumisela ukuba afune uJehova ngokuthandaza ngobuqotho. (Daniyeli 9:1, 2) Lowo mthandazo waphendulwa ngokuba anikezwe ukwaziswa okuphefumulelwe ngokuza kukaMesiya nangekusasa lokukhulekela okuhlanzekile.—Daniyeli 9:20-27.
9, 10. Abanye baye benzani ukuze bagcine ingqondo yabo isebenza?
9 NjengoMose noDaniyeli, singalwela ukugcina ingqondo yethu isebenza ngokugxila ezintweni ezingokomoya uma nje sisakwazi. Yilokho kanye abaningi abakwenzayo. UWorth, ongumdala ebandleni futhi osevile eminyakeni engu-80, uzama ukufunda njalo izincwadi ezilungiselelwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45) Uthi, “Angive ngilithanda iqiniso, futhi kungijabulisa kakhulu ukubona indlela iqiniso eliqhubeka likhanya ngayo ngokwengeziwe.” (IzAga 4:18) Ngokufanayo, uFred, osechithe iminyaka engaphezu kwengu-60 enkonzweni yesikhathi esigcwele, ukuthola kumqabula ngokomoya ukuqala izingxoxo zeBhayibheli nakholwa nabo. Uthi: “Kumelwe ngiligcine liphila iBhayibheli engqondweni yami. Uma ungase ukwazi ukulenza liphile—lizuzise—futhi uma ungase ukwazi ukubona ukuthi lokho okufundayo kuhlangana kanjani ‘nesibonelo samazwi anempilo,’ akube kusaba ukwaziswa okungahlobene. Uyakwazi ukubona ukuthi ukwaziswa ngakunye kungena kanjani khaxa endaweni yako.”—2 Thimothewu 1:13.
10 Ukuguga akusho ngempela ukuthi umuntu akasenakukwazi ukufunda izinto ezintsha nezilukhuni. Abantu asebevile eminyakeni engu-60, engu-70 ngisho nengu-80 ubudala baye bakwazi ukufunda ukufunda nokubhala noma ukufunda izilimi ezintsha. Abanye oFakazi BakaJehova bakwenzile lokhu ngomgomo wokuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu bezizwe ezihlukahlukene. (Marku 13:10) UHarry nomkakhe base becela eminyakeni engu-70 lapho benquma ukuyosiza ensimini yesiPutukezi. UHarry uthi: “Yiqiniso, noma imuphi umsebenzi ekuphileni uba nzima nakakhulu lapho umuntu esekhulile.” Noma kunjalo ngokuzikhandla nangokuphikelela bakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ngesiPutukezi. Sekuyiminyaka eminingi manje uHarry ebeka nezinkulumo emihlanganweni yesigodi ngalolu limi aselufundile.
11. Kungani sixoxa ngezinto eziye zafezwa asebekhulile abathembekile?
11 Yebo, akuyena wonke umuntu ompilo noma ozimo zakhe zimvumela ukuba amukele izinselele ezinjalo. Kungani-ke sixoxa ngezinto eziye zafezwa abanye asebekhulile? Akukhona neze ukuthi sisikisela ukuthi wonke umuntu kufanele alwele ukufeza izinto ezifanayo. Kunalokho, lokhu kuhlobene nalokho umphostoli uPawulu akubhalela amaKristu angamaHebheru ngokuqondene nabadala bamabandla abathembekile: “Njengoba nicabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo nilingise ukholo lwabo.” (Hebheru 13:7) Ukucabangisisa ngalezi zibonelo zentshiseko kungasikhuthaza ukuba silingise ukholo oluqinile olushukumisa laba bantu asebekhulile enkonzweni yabo kuNkulunkulu. Echaza lokho okumshukumisayo, uHarry oseneminyaka engu-87 ubudala, uthi, “Ngingathanda ukuyisebenzisa ngokuhlakanipha iminyaka yami esele futhi ngibe usizo ngangokunokwenzeka enkonzweni kaJehova.” UFred, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthola ukwaneliseka okukhulu ngokufeza isabelo sakhe saseBethel. Uthi, “Kufanele uthole indlela engcono kakhulu ongamkhonza ngayo uJehova bese unamathela kuyo.”
Bazinikele Naphezu Kwezimo Ezishintshayo
12, 13. UBharizilayi wakubonisa kanjani ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu nakuba izimo zakhe zase zishintshile?
12 Kungase kube nzima ukwamukela izinguquko ezenzeka emzimbeni. Nokho, singakwazi ukubonisa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu naphezu kwalezo zinguquko. UBharizilayi waseGileyadi uyisibonelo esihle kule ndaba. Eneminyaka engu-80 ubudala, wabonisa uDavide nebutho lakhe umoya ongandile wokwamukela izihambi, ngokubanikeza ukudla nendawo yokulala ngesikhathi sokuvukela kuka-Absalomu. Lapho uDavide ebuyela eJerusalema nodwendwe lwakhe, uBharizilayi wabaphelezela baze bafika eMfuleni iJordani. UDavide wacela uBharizilayi ukuba abe yilungu lasebukhosini. UBharizilayi wathini? “Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala. . . . Isengakunambitha yini inceku yakho lokho engikudlile nengikuphuzile, noma ngisengalilalela yini izwi labahlabeleli besilisa nabesifazane? . . . Nansi inceku yakho uKimihamu. Mayiwele kanye nenkosi yami; wenze kuyo okuhle emehlweni akho.”—2 Samuweli 17:27-29; 19:31-40.
13 Nakuba izimo zakhe zase zishintshile, uBharizilayi wenza konke okwakusemandleni akhe ukuba asekele inkosi eyayimiswe uJehova. Nakuba ayeqaphela ukuthi izinzwa zakhe zokunambitha nokuzwa zazingasenjengasekuqaleni, lokho kwakungamphathi kabi. Kunalokho, ukusikisela kwakhe ngokungenabugovu ukuba kube uKimihamu othola lezo zinzuzo, kwembula uhlobo lomuntu ayeyilo ngaphakathi. NjengoBharizilayi, abaningi asebekhulile namuhla babonisa umoya wokupha nokungabi nabugovu. Benza konke okusemandleni ukusekela ukukhulekela kweqiniso, bazi ukuthi “uNkulunkulu ujatshuliswa imihlatshelo enjalo.” Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani ukuba nabantu abaqotho phakathi kwethu!—Hebheru 13:16.
14. Ukuthi uDavide wayesekhulile ngeminyaka kuwenza kanjani abe nesisindo amazwi alotshwe kumaHubo 37:23-25?
14 Nakuba izimo zikaDavide zashintsha kaningi ngokuhamba kweminyaka, wahlale eqiniseka ukuthi uJehova uyazinakekela njalo izinceku zakhe eziqotho. Lapho esezokufa, uDavide waqamba ingoma eyaziwa namuhla ngokuthi iHubo 37. Ake umcabange nje uDavide ezindla, ebetha ihabhu lakhe njengoba ehlabelela la mazwi: “Izinyathelo zendoda zilungiselelwe nguJehova, futhi uyajabula ngendlela yayo. Nakuba ingase iwe, ngeke iphonswe phansi, ngoba uJehova usekela isandla sayo. Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, nokho angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.” (IHubo 37:23-25) UJehova wabona kufaneleka ukuba kuvele kuleli hubo eliphefumulelwe ukuthi uDavide wayesekhulile. Yeka ukuthi lokho kuwenza abe nesisindo kangakanani lawo mazwi asuka enhliziyweni!
15. Umphostoli uJohane wasibeka kanjani isibonelo esihle sokwethembeka naphezu kokushintsha kwezimo nokukhula?
15 Umphostoli uJohane ungesinye isibonelo esihle sokwethembeka naphezu kokushintsha kwezimo nokukhula. Ngemva kokukhonza uNkulunkulu iminyaka ecela kwengu-70, uJohane wadingiselwa esiqhinganeni sasePhatmose “ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 1:9) Nokho, umsebenzi wakhe wawungakapheli. Empeleni zonke izincwadi zakhe zeBhayibheli wazibhala eminyakeni yokugcina yokuphila kwakhe. Ngesikhathi esePhatmose, wanikezwa umbono owesabekayo wesAmbulo awuloba ngokucophelela. (IsAmbulo 1:1, 2) Kucatshangwa ukuthi wakhululwa ekudingisweni ngesikhathi kubusa uMbusi WamaRoma uNerva. Ngemva kwalokho, cishe ngo-98 C.E., lapho eseneminyaka engaba ngu-90 noma eyikhulu, uJohane wabhala iVangeli nezincwadi ezintathu ezibizwa ngegama lakhe.
Umlando Wokukhuthazela Oyohlale Ukhumbuleka
16. Labo abangasakwazi ukukhuluma kahle bangakubonisa kanjani ukuzinikela kwabo kuJehova?
16 Ziningi izinto ezingasithiya ngezindlela nangamazinga ahlukahlukene. Ngokwesibonelo, abanye abasakwazi ukukhuluma kahle. Nokho, kusabajabulisa ukukhumbula izenzo zikaNkulunkulu zothando nomusa wakhe ongafanelwe. Nakuba bengasakwazi ukukhuluma kahle, ezinhliziyweni zabo bathi kuJehova: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.” (IHubo 119:97) UJehova uyabazi labo “abacabanga ngegama lakhe,” futhi uyayiqaphela indlela abahluke ngayo oquqabeni lwesintu olungenandaba nezindlela zakhe. (Malaki 3:16; IHubo 10:4) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyakuthokozela ukuzindla kwezinhliziyo zethu!—1 IziKronike 28:9; IHubo 19:14.
17. Izinceku zikaJehova esezimkhonze isikhathi eside ziye zafezani eyingqayizivele ngempela?
17 Okunye okungamelwe sikukhohlwe ukuthi labo abebelokhu bekhonza uJehova ngokwethembeka amashumi eminyaka baye bafeza into eyingqayizivele ngempela engenakutholakala ngenye indlela—baye baqopha umlando wokukhuthazela oyohlale ukhumbuleka. UJesu wathi: “Ngokukhuthazela kwenu niyozuza imiphefumulo yenu.” (Luka 21:19) Kubalulekile ukukhuthazela ukuze sizuze ukuphila okuphakade. Labo kini abaye ‘benza intando kaNkulunkulu’ futhi abaye babonisa ubuqotho babo ngenkambo yabo yokuphila bangabheka phambili ‘ekugcwalisekeni kwesithembiso.’—Hebheru 10:36.
18. (a) Yini uJehova ayithokozelayo ngasebekhulile? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
18 UJehova uyayazisa inkonzo eniyenza ngomphefumulo wonke kungakhathaliseki ukuthi kukhulu noma kuncane kangakanani enikwazi ukukwenza. Naphezu kwalokho okungenzeka ukuthi kuyenzeka ‘kumuntu esinguye ngaphandle’ njengoba sikhula, “umuntu esinguye ngaphakathi” angenziwa musha usuku nosuku. (2 Korinte 4:16) Akungabazeki ukuthi uJehova uyakwazisa lokho eniye nakufeza esikhathini esidlule, kodwa kusobala kakhulu ukuthi wazisa nalokho enikwenzela igama lakhe kwamanje. (Hebheru 6:10) Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngemiphumela ehamba ibanga elide yokwethembeka okunjalo.
Ungaphendula Kanjani?
• Isiphi isibonelo esihle u-Ana asibekela amaKristu asekhulile namuhla?
• Kungani ukuguga kungesona ngempela isithiyo kulokho umuntu angakufeza?
• Asebekhulile bangaqhubeka kanjani bebonisa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu?
• UJehova uyibheka kanjani inkonzo yasebekhulile?
[Isithombe ekhasini 23]
UDaniyeli osekhulile waqonda “ngezincwadi” ukuthi ukudingiswa kukaJuda kwakuyothatha isikhathi esingakanani
[Izithombe ekhasini 25]
Abaningi asebekhulile bayisibonelo esihle ngokuba khona njalo emihlanganweni, ngokushumayela ngentshiseko nangokulangazelela ukufunda izinto ezintsha