-
Amakhosi Amabili AyashintshaSinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
7, 8. (a) Ubani owavela esikhundleni sika-Awugustu njengenkosi yasenyakatho? (b) Kungani owalandela uKesari Awugustu bamnika “udumo lobukhosi” bengathandi?
7 Iqhubeka nalesi siprofetho, ingelosi yathi: “Esikhundleni sakhe [u-Awugustu] kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.
-
-
Amakhosi Amabili AyashintshaSinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
8 Lona “odelelekileyo” kwakunguTiberiyu Kesari, indodana kaLivia, inkosikazi yesithathu ka-Awugustu. (Bheka isihloko esithi “Omunye Uyadunyiswa, Omunye Uyadelelwa,” ekhasini 248.) U-Awugustu wayeyizonda le ndodana yakhe yokutholwa ngenxa yezimfanelo zayo ezimbi futhi engafuni ukuba ibe uKesari olandelayo. Bayinika “udumo lobukhosi” bengathandi ngemva kokuba bonke abanye ababengase balandele sebefile. U-Awugustu wathatha uTiberiyu njengengane yakhe yokutholwa ngo-4 C.E. futhi wamenza indlalifa yesihlalo sobukhosi. Ngemva kokufa kuka-Awugustu, uTiberiyu oneminyaka engu-54 ubudala—odelelekileyo—‘wavela,’ wathatha izintambo njengombusi waseRoma nenkosi yasenyakatho.
9. UTiberiyu ‘wawuthatha’ kanjani “umbuso ngobushelezi”?
9 I-New Encyclopædia Britannica, ithi: “UTiberiyu wadlala ngeSigele wenqaba ukuba simbeke njengombusi kuze kudlule isikhathi esingangenyanga [ngemva kokufa kuka-Awugustu].” Watshela iSigele ukuthi akekho omunye ngaphandle kuka-Awugustu owayekwazi ukuthwala umthwalo wokubusa uMbuso WaseRoma, futhi wasicela ukuba senze uMbuso uphinde ube yi-republic, ngokuba singaliniki umuntu oyedwa lelo gunya kodwa silinike isigungu samadoda. “Njengoba sasingenakulokotha samukele akushoyo,” kubhala isazi-mlando uWill Durant, “iSigele samncenga waze wagcina evumile ukuthatha izintambo.” UDurant wanezela: “Kwakuyizinkani zababili. UTiberiyu wayefuna ukuphatha umbuso, ukube kwakungenjalo wayeyoyithola indledlana yokukugwema; iSigele sasimesaba futhi simzonda, kodwa sasingeke silokothe siphinde simise i-republic efuze eyakudala, eyayiphethwe izinhlangano zomphakathi ngegama nje.” Ngaleyo ndlela, uTiberiyu ‘wathatha umbuso ngobushelezi.’
-