ISAHLUKO SESIHLANU
‘Funa UJehova’ Ngokukhulekela Akwamukelayo
1. Yiziphi izibusiso ozitholayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu?
YEKA ilungelo onalo lokwazi uNkulunkulu ogcwalisa iziprofetho! Usethubeni lokujabulela isimo umprofethi uHoseya abhala ngaso: “Ngiyokwenza ube ngowami ngokwethembeka; ngokuqinisekile uyomazi uJehova.” UHoseya wayechaza isimo esilondekile esinjengepharadesi abantu bakaNkulunkulu ababeyoba kuso lapho bebuya ekuthunjweni eBhabhiloni. Ngokufanayo, abantu bakaNkulunkulu namuhla bayachuma futhi balondekile ngokomoya; isimo sabo sinjengepharadesi. (Hoseya 2:18-20) Manje usubizwa ngegama likaNkulunkulu njengomunye wezinceku zakhe ezizinikezele—omunye woFakazi BakaJehova—futhi ufuna ukuqhubeka kanjalo.—Isaya 43:10, 12; IzEnzo 15:14.
2, 3. (a) Kungani uJehova ayizonda indlela yokukhulekela yabantu bakhe basendulo? (b) Kungani kufanele sizicabangele izigijimi ezamenyezelwa abaprofethi?
2 U-Israyeli wasendulo wawuyisizwe esizinikezele kuJehova, esinike uhlu lwemithetho ezazingenayo ezinye izizwe. (Duteronomi 4:33-35) Kodwa kwathi sekuyophela ikhulu lesishiyagalolunye B.C.E., isimo sama-Israyeli sase sishintshe kakhulu kangangokuba uNkulunkulu wathuma umprofethi u-Amose ukuba awatshele: “Ngiye ngayizonda, ngiye ngayala imikhosi yenu . . . Uma ninikela kimi iminikelo yokushiswa ephelele, neminikelo yenu yesipho ngeke ngiyijabulele.” (Amose 5:21, 22) Nakuba uNkulunkulu engasho kanjalo ngebandla lakhe lomhlaba wonke namuhla, ucabanga ukuthi wawuyozizwa kanjani uma kukhulunywa kanje ngokukhulekela kwakho? Sikhona yini isifundo ngamunye wethu angasifunda kulokhu?
3 Emuva ngalezo zinsuku, abantu bakaNkulunkulu babethi bakhulekela uJehova ngendlela ayamukelayo. Nokho, abaningi babo babekhonza onkulunkulu bamaqaba, njengoBhali waseKhanani nezithombe zamathole, noma benza iminikelo ezindaweni eziphakeme. Babekhothamela ibutho lasemazulwini bebe befunga kuJehova. Ngakho, uNkulunkulu weqiniso wathumela abaprofethi ukuba banxuse abantu ukuba babuyele kuye ngokukhulekela okumsulwa. (2 AmaKhosi 17:7-17; 21:3; Amose 5:26) Kusobala-ke ukuthi ngisho nezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele zingase zibe nezinto okudingeka zizinakisise—izenzo noma izimo zengqondo okufanele zizibhekisise ukuze ziqiniseke ukuthi zibonisa ukuthi zikhulekela uJehova ngendlela ayamukelayo.
‘ULWAZI NGONKULUNKULU’
4. Zazinjani izimo ngesikhathi kubusa iNkosi uJerobowamu II?
4 Cabanga ngenkathi abokuqala babaprofethi abangu-12 bekhulumela uNkulunkulu. Babebikezela ukuthi usuku lukaJehova luzofikela umbuso wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli. Nokho, kwakubonakala sengathi kusihambela kahle isizwe. Njengoba nje uJona ayeprofethile, iNkosi uJerobowamu II yabuyisela umngcele wakwa-Israyeli owawusuka enyakatho ngaseDamaseku uze uyofika oLwandle Olufile. (2 AmaKhosi 14:24-27) Nakuba uJerobowamu ayenze okubi, uJehova wabekezela, engafuni ukuqothula u-Israyeli ngaphansi kwamazulu. UNkulunkulu wanika ama-Israyeli isikhathi sokuphenduka ‘afune uJehova, aqhubeke ephila.’—Amose 5:6.
5. Yini ama-Israyeli ayeyintula eyawenza enqatshwa uJehova?
5 Leso sikhathi ayesinikeziwe la ma-Israyeli ayechuma ayengasisebenzisela ukubuyela kuJehova ngokumazi kangcono nangokwenza izinto azamukelayo. Esikhundleni salokho, ayezethemba, ecabanga ukuthi ‘inhlekelele ngeke isondele noma ifinyelele kuwo.’ (Amose 9:10) Ungase uthi amkhohlwa uJehova ngomqondo wokuthi ‘aneliseka futhi inhliziyo yawo yaqala ukuphakama.’ (Hoseya 13:6) Akufanele sicabange ukuthi lokhu kumane kuwumlando ongasithinti. Phawula isizathu sokuba uJehova abeke ama-Israyeli icala: “Ngenxa yokuthi wena uye wenqaba lona kanye ulwazi, nami ngizokwenqaba ukuba ungabe usakhonza njengompristi kimi.” Ayezinikezele kuJehova futhi ephila namalungu emikhaya azinikezele. Kodwa umIsrayeli ngamunye wayentula ‘ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu.’—Hoseya 4:1, 6.
6. Kungamuphi umqondo ulwazi lwama-Israyeli ngoNkulunkulu lwalufile?
6 Kwakungekhona ukuthi ayengakaze awezwe amazwi kaNkulunkulu, lawo abazali abangama-Israyeli okwakufanele bawafundise izingane zabo. Kungenzeka ukuthi amaningi ayeke axoxelwa abazali bawo izindaba zeBhayibheli, ezwa kukhulunywa ngazo, noma azizwa emihlanganweni yasezigcawini. (Eksodusi 20:4, 5; Duteronomi 6:6-9; 31:11-13) Ngokwesibonelo, ayezwile ngokwakwenzeke ngesikhathi u-Aroni akha ithole legolide ngenkathi uMose eseNtabeni yaseSinayi eyolanda iMithetho Eyishumi. (Eksodusi 31:18–32:9) Ngakho, kukhona ayekwazi ngoMthetho ama-Israyeli ngezinsuku zabaprofethi futhi ayeke ezwa kuxoxwa ngomlando. Nakuba kunjalo, ulwazi lwawo lwalufile ngomqondo wokuthi awaluvumelanga ukuba luwashukumisele ekukhulekeleni uNkulunkulu ngendlela yena ayeyifuna.
7. (a) Kwenzeka kanjani ngama-Israyeli ukuba kube lula kangaka ukungalaleli? (b) UmKristu angaqala kanjani ‘ukukhohlwa uMenzi wakhe’?
7 Ungase uzibuze, ‘Yini eyenza kwaba lula kangaka ukuba ama-Israyeli ayengekele ekungalalelini?’ UHoseya wachaza indlela okwenzeka ngayo: “U-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe.” (Hoseya 8:14) Isenzo sesiHebheru sokuqala sihunyushwa kahle ngokuthi ‘aqala ukukhohlwa.’ Ama-Israyeli awavelanga nje azunywa isifo sokukhohlwa uJehova. Kunalokho, ngokuhamba kwesikhathi alahlekelwa umbono wokubaluleka kokumkhulekela ngendlela ayamukelayo. Ucabanga ukuthi umKristu angawela kulolo gibe? Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda ezimisele ngempela ukondla umkhaya wayo. (1 Thimothewu 5:8) Ukuze ikwazi ukuwondla, kuyomelwe ibheke umsebenzi wayo wokuziphilisa njengobalulekile, futhi kube kufanele. Mhlawumbe kuphakama isimo esithile emsebenzini bese iba nomuzwa wokuthi kuzomelwe iphuthe kweminye imihlangano yobuKristu ukuze isebenze. Ngokuhamba kwesikhathi, kuba lula ukuphutha emihlanganweni, igcine isiphutha njalo. Kancane kancane isibopho sayo noNkulunkulu siba buthaka—‘isiqalile ukumkhohlwa uMenzi wayo.’ Kungenzeka okufanayo ngomKristu obazali bakhe noma ozihlobo zakhe azikholwa. Nazi izinkinga abhekana nazo: Singakanani isikhathi ayosibekela ukusichitha nabo futhi siyoba nini? (Eksodusi 20:12; Mathewu 10:37) Kuthiwani ngokunquma ukuthi singakanani isikhathi ayosisebenzisela ukuvakasha, ukwenza izinto zokuchitha isizungu, noma ukuzijabulisa?
8. Osukwini luka-Amose, kwakusho ukuthini “ukuhlanzeka kwamazinyo”?
8 Sesilitadishile iZwi likaNkulunkulu futhi salusebenzisa ulwazi esinalo. Noma kunjalo, ngamunye wethu angacabangela inkulumo esencwadini ka-Amose: “ukuhlanzeka kwamazinyo.” Ngo-Amose, uNkulunkulu waxwayisa abantu bakhe: “Mina, nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo kuyo yonke imizi yenu nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu.” (Amose 4:6) Lokho kuhlanzeka kwakungabangelwa ukuxubha. Kwakubangelwa ukungadli lutho, ukubulawa indlala. Ngaphezu kwalokho, kwakuyisixwayiso “[se]ndlala okungeyona eyesinkwa, nokoma okungekona okokomela amanzi, kodwa okokuzwa amazwi kaJehova.”—Amose 8:11.
9, 10. (a) Kungenzeka kanjani ukuba umKristu agcine esebulawa indlala engokomoya? (b) Kungani kudingeka siqaphele ingozi yokulamba ngokomoya?
9 Ngomqondo ongokomoya, lokho okwachazwa u-Amose kugcwaliseka esimweni seLobukholwa esidabukisayo. Ngakolunye uhlangothi, “amasango ezikhukhula asemazulwini” avulelwe abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke. Babusiswa ngenala yamalungiselelo angokomoya. (Malaki 3:10; Isaya 65:13, 14) UmKristu angazibuza nokho, ‘Ngikudla kangakanani lokho kudla okungokomoya?’ Kuyathakazelisa ukuthi abanye abacwaningi bathola ukuthi izilwane zokucwaninga ezilimele ingxenye yobuchopho elawula ukulamba, zaphelelwa uthando lokudla kangangokuthi zazingase zilambe zize zife, kube kunokudla okuningi! Kungenzeka yini ukuba ingxenye yobuchopho bomKristu elawula ukulamba okungokomoya ilimale kangangokuthi aze aqale ukulamba yize ukudla okungokomoya kukuningi phambi kwakhe?
10 Unesimo sakho siqu engqondweni, cabanga ngalokhu: UJehova wanika ama-Israyeli insada yokudla okungokomoya. AyenoMthetho, owawungaqinisa ubuhlobo bawo naye; enesimiso semfundo sokufundisa izingane zawo ulwazi ngoNkulunkulu; futhi enabaprofethi ababewasiza ukuba aqonde intando kaNkulunkulu. Nakuba kunjalo, aqala ukumkhohlwa uJehova. IBhayibheli lithi ngezinsuku zikaHoseya, ‘aneliseka [ngezinto ezibonakalayo] futhi inhliziyo yawo yaqala ukuphakama.’ (Hoseya 13:6; Duteronomi 8:11; 31:20) Uma singafuni ukuba isimo sethu sezinto ezibonakalayo senze buthaka isibopho sethu noNkulunkulu, kudingeka sihlale siyiqaphele nsuku zonke leyo ngozi.—Zefaniya 2:3.
NAKA IZINTO EZIBALULEKE NGOKWENGEZIWE
11, 12. (a) Ngesikhathi kubusa iNkosi u-Uziya, kungani kwadingeka ukuba abaprofethi bakhuthaze abantu ukuba babuyele kuJehova? (b) Yisiphi isidingo esaqokonyiswa uJoweli?
11 Ngesikhathi uJerobowamu II ebusa kwa-Israyeli, u-Uziya (owayebizwa nangokuthi u-Azariya) wayebusa kwaJuda. Wanweba umngcele wakhe wakhulisa neJerusalema. U-Uziya “wabonisa amandla ngezinga elingaphezu kwelivamile” ngoba “uNkulunkulu weqiniso waqhubeka emsiza.” “Wayelokhu enza okulungile emehlweni kaJehova” futhi “ethambekele ekufuneni uNkulunkulu.” Nokho, abantu abaningi kwaJuda baqhubeka bezishunqisela umusi womhlatshelo ezindaweni eziphakeme.—2 IziKronike 26:4-9.
12 Ungabona ukuthi nakuba abantu bakwaJuda nakwa-Israyeli babebizwa ngegama likaNkulunkulu, ukukhulekela kwabo kwakuvame ukuba nezinto ayengazithandi. Abaprofethi bazama ukubasiza ukuba bahlukanise ukukhulekela kweqiniso kokwamanga. “Buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu, nangokuzila ukudla nangokukhala nangokubangalasa,” kuncenga uNkulunkulu ngoJoweli. (Joweli 2:12) Phawula: UNkulunkulu wayefuna ukuba abantu bakhe babuyele kuye ‘ngazo zonke izinhliziyo zabo.’ Yebo, inkinga yayisezinhliziyweni zabo. (Duteronomi 6:5) Babeshaya sengathi bakhulekela uJehova kodwa izinhliziyo zabo zingekho kuye ngokugcwele. Wakugcizelela ekugcizelele ngabaprofethi ukubaluleka komusa wothando, ubulungisa nobumnene—konke okuyizimfanelo zenhliziyo.—Mathewu 23:23.
13. Yini okwadingeka inakwe amaJuda abuya ekuthunjweni eBhabhiloni?
13 Manje cabanga ngokwenzeka ngemva kokubuyela kwamaJuda ezweni lawo. Nakuba ukukhulekela kweqiniso okuvumelana noMthetho kwase kubuyiselwe, kukhona okwakungahambi kahle. AmaJuda aqala ukuzila ukudla ngezinsuku zokukhumbula izigigaba zokubhujiswa kweJerusalema. “Ingabe ngempela nanizilela mina ukudla, yebo mina?” kubuza uJehova. Lowo muzi wawubhujiswe ngenxa yobulungisa baphezulu, okwakungeyona into yokulilelwa. Kunokuba abheke emuva azile futhi alile, lawo maJuda kwakufanele ethabe, ajabule ngezikhathi zemikhosi ezaziwumphumela wezibusiso zokukhulekela kweqiniso. (Zakariya 7:3-7; 8:16, 19) Kwakudingeka futhi anake nezinye izinto. Ezinjengani? “Yahlulelani ngobulungisa beqiniso; niqhube umusa wothando nesihe komunye nomunye . . . futhi ningacebelani lutho olubi ezinhliziyweni zenu.” (Zakariya 7:9, 10) Sonke singazuza kulokho laba baprofethi abakufundisa abantu bakaNkulunkulu ngokukhulekela uNkulunkulu ngenhliziyo ephelele.
14. (a) Ukukhulekela kwezithunjwa ezabuya kwakudingeka kuhlanganiseni? (b) Abaprofethi bazigcizelela kanjani izici zokukhulekela ezibaluleke ngokwengeziwe?
14 Kuhlanganisani ukukhulekela ngenhliziyo epheleleyo? Cabanga, yini eyayidingeka kubantu bakaNkulunkulu ngaphambi nangemva kokuthunjwa? Uyazi ukuthi kwakudingeka kugcinwe izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. Kwakunanezinye izinto ezazifunwa uMthetho okwakumelwe bazenze, ezazihlanganisa ukuba babuthanele ukuzwa nokufunda ngentando kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wathuma abaprofethi bakhe ukuba bagcizelele isidingo sokuhlakulela nokubonisa umusa wothando, ubulungisa, ubumnene, isihe nesizotha. Phawula indlela uJehova azigcizelela ngayo lezi zimfanelo: “Ngijabulele umusa wothando, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa ephelele.” “Zihlwanyeleleni imbewu ngokulunga; vunani ngokomusa wothando.” (Hoseya 6:6; 10:12; 12:6) UMika wathi: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?” (Mika 6:6-8) Umprofethi uZefaniya naye wanxusa abantu bakaNkulunkulu: “Funani uJehova, nonke nina abamnene bomhlaba . . . Funani ukulunga, funani ubumnene.” (Zefaniya 2:3) Lezi zimfanelo ziyadingeka nakanjani ekukhulekeleni okwamukelwa uNkulunkulu.
15. Ngokuvumelana nalokho okwashiwo abaprofethi, yini okudingeka amaKristu ayenze ekukhulekeleni kwawo?
15 Iyiphi indima efezwa yilezi zimfanelo ekukhulekeleni kwethu? Uyazi ukuthi kusemqoka ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14; IzEnzo 1:8) Kodwa ungase uzibuze: ‘Ingabe nginokuthambekela kokubheka ukushumayela endaweni yangakithi njengokuyisicefe, okuwumthwalo? Noma ingabe ngikubheka njengethuba lokusiza abantu okudingeka bezwe isigijimi seBhayibheli esisindisa ukuphila? Ngiyababonisa yini isihe?’ Yebo, isihe nomusa wothando kufanele sisishukumisele ukuba sixwayise abanye ngosuku lukaJehova. Ubulungisa nokulunga nako kuyadingeka njengoba sizama ukufinyelela zonke izinhlobo zabantu ngaleso sigijimi.—1 Thimothewu 2:4.
16, 17. Kungani ubumnene nesizotha kusemqoka ekukhulekeleni kwakho?
16 Nasi esinye isibonelo. Cabanga ngesibopho sethu sokuya emihlanganweni yobuKristu, leyo owaziyo ukuthi ibalulekile. (Hebheru 10:24, 25) Uke ucabange ukuthi ukuya kuyo kubuhilela kanjani ubumnene nesizotha? Abantu abamnene bathobeke ngokwanele ukuba bamukele ukufundiswa bese bekusebenzisa, kanjalo benze ngokwesahlulelo sikaJehova. Umuntu onesizotha, okuqaphelayo ukulinganiselwa kwakhe, uyobona ukuthi uyasidinga isikhuthazo nolwazi olutholakala emihlanganweni.
17 Kulezi zibonelo ungabona ukuthi singazuza kanjani kulokho okwafundiswa abaprofethi. Kodwa-ke kuthiwani uma ubona isidingo sokulungisa esicini esisodwa noma ngaphezulu kwezishiwo ngenhla? Noma kuthiwani uma uye wenza amaphutha angathí sina, othi uma uwakhumbula, akukhathaze? Abaprofethi abangu-12 bangakududuza futhi bakusize.
BUYELA KUJEHOVA
18. (a) Obani abaduduzwa ngokukhethekile izigijimi zabaprofethi abangu-12? (b) Uzizwa kanjani ngoJehova njengoba encenga abantu ukuba babuyele kuye?
18 Njengoba sesibonile, abaprofethi esifunda ngabo benza okungaphezu kokugxeka nokusola. Baveza uJehova njengonxusa abantu ukuba babuyele kuye. Cabanga ngomuzwa kaHoseya lapho enxusa: “Wozani, masibuyele kuJehova, ngoba yena udwengulile kodwa uzosiphulukisa. Waqhubeka eshaya, kodwa uzosibopha amanxeba. . . . Futhi sizokwazi, sizokuphishekela ukumazi uJehova.” (Hoseya 6:1-3) Kuyavunywa, ngenxa yobulungisa bakhe, uJehova uNkulunkulu wahlulela u-Israyeli kwase kuba uJuda. Nakuba kunjalo, abantu bakhe kwakufanele babheke lezi zahlulelo njengemizamo yokubabuyisela empilweni enhle engokomoya. (Hebheru 12:7-13) Ukube abantu bakaJehova abahlubukayo babengabuya, ‘wayeyobaphulukisa’ ‘ababophe amanxeba.’ Bheka ngeso lengqondo umuntu eguqa ukuze abophe amanxeba omngane wakhe. Manje cabanga kunguJehova owenza lokho. Waze waba uNkulunkulu onesihe uJehova, ubopha amanxeba alabo abazimisele ukubuyela kuye! Ingabe lokhu akusenzi sifune ukubuyela kuye uma simona?—Joweli 2:13.
19. Kuhilelani ukwazi uJehova?
19 Kuhilelani ukubuyela kuNkulunkulu? UHoseya usikhumbuza ngesidingo sokungagcini nje ‘ngokwazi’ uNkulunkulu kodwa ‘siphishekele ukumazi uJehova.’ Enye incwadi yamuva ithi ngoHoseya 6:3: “Kunomahluko omkhulu phakathi kokwazi ngoNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu. Kufana nomehluko ophakathi kokufunda ngothando nokuthanda othile.” Sidinga okungaphezu kolwazi olukha phezulu ngoJehova. Kumelwe abe ngokoqobo kithina, abe uMngane wethu esimethembayo esingaya kuye noma nini. (Jeremiya 3:4) Uma usunobuhlobo obunjalo naye, ungayiqonda indlela azizwa ngayo ngezenzo zakho futhi lokhu kulusizo olukhulu ekuzameni ukumkhulekela ngendlela ayithandayo.
20, 21. INkosi uJosiya yalwenza kanjani ulwazi ngoNkulunkulu lwaba olwayo?
20 INkosi uJosiya yayiyisibonelo esihle somuntu owaphishekela ukukhulekela kweqiniso. Ake siyibheke futhi indaba yakhe. Ngenkathi uJosiya eba inkosi, isizwe sase sonakaliswe ukukhonza izithombe, ubudlova nokukhohlisa okwakuqale ukuba mandla lapho kubusa uManase no-Amoni. (2 AmaKhosi 21:1-6, 19-21) Isiyalo sikaZefaniya ‘sokufuna uJehova’ kumelwe ukuba samsiza uJosiya, ngoba “wafuna uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakhe.” UJosiya waphuma umkhankaso wokuqeda ukukhulekela izithombe kwaJuda, waze wayofika endaweni eyayike yaba eyombuso wasenyakatho.—Zefaniya 1:1, 14-18; 2:1-3; 3:1-4; 2 IziKronike 34:3-7.
21 Ngemva kwalo mkhankaso, uJosiya waqhubeka efuna uJehova. Wayala ukuba kulungiswe ithempeli. Kwathi besephezu kwalowo msebenzi, kwatholakala “incwadi yomthetho kaJehova owanikezwa ngesandla sikaMose,” cishe eyayiwumbhalo wesandla wokuqala woMthetho. UJosiya wasabela kanjani lapho kufundwa le ncwadi? “Kwathi nje lapho inkosi izwa amazwi omthetho, masinyane yaklebhula izingubo zayo.” Wabuye ‘waklebhula inhliziyo yakhe’ futhi wakusebenzisa ngaso leso sikhathi ayekufunda. Akazamanga ukubeka izaba, athi mkhulu umsebenzi ayesewenzile kakade. Usawukhumbula umphumela wezinguquko azenza? “Zonke izinsuku zakhe [abantwana bakwa-Israyeli] abazange baphambuke ekulandeleni uJehova uNkulunkulu wokhokho babo.”—2 IziKronike 34:8, 14, 19, 21, 30-33; Joweli 2:13.
22. Singazuza kanjani esibonelweni sikaJosiya?
22 Ungase uzibuze: ‘Kazi ngangiyosabela kanjani?’ Ingabe nawe, njengoJosiya, wawuyowalalela amazwi abaprofethi futhi wenze izinguquko ezidingekayo kokwenzayo nokucabangayo? Nakuba singaphili ezinsukwini zikaZefaniya noJosiya, singasibona isidingo sokwamukela isigijimi sikaNkulunkulu nesiyalo sakhe namuhla. Ngakho uma umKristu ezwa enhliziyweni yakhe ukuthi kudingeka alungise ukuphila kwakhe noma ukukhulekela kwakhe, ukuhlola izincwadi zabaprofethi abangu-12 kungamphaphamisa.—Hebheru 2:1.
23. Uma unomuzwa wokuthi kunezici okudingeka uzithuthukise, yini ongayenza?
23 Ngezinye izikhathi, ungase uzizwe njengoJona ngenkathi esesiswini senhlanzi enkulu: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho! Ngingabuye ngiligqolozele kanjani ithempeli lakho elingcwele?” (Jona 2:4) Kodwa yeka indlela amazwi kaJehova angasiqinisekisa ngayo thina bantu abangaphelele abathambekele ekwenzeni amaphutha! “Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini.” (Malaki 3:7) Uma ubona isidingo sokuqinisa ubuhlobo bakho noJehova, abadala ebandleni lakini bayokujabulela ukukusiza. Njengalapho umuntu esusa imoto, iqale ihambe kancane bese ijubane lenyuka. Nawe, uma usuqalile, kuyoba lula ukuqhubekela phambili. Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokwamukela futhi akusize, ngoba “unomusa nesihe, wephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando.” (Joweli 2:12-14) Ngokuqinisekile, izigijimi zabaprofethi ziyabakhuthaza bonke abaphishekela ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo.