Obani ‘Abayokhululwa’?
“Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—IZENZO 2:21.
1. Kungani iPhentekoste lika-33 C.E. laliwusuku olubalulekile emlandweni womhlaba?
IPHENTEKOSTE lika-33 C.E. laliwusuku olubalulekile emlandweni womhlaba. Ngani? Ngoba ngalolo suku kwazalwa isizwe esisha. Ekuqaleni, sasingesona isizwe esikhulu kangako—kwakungabafundi bakaJesu abangu-120 nje kuphela ababebuthene ekamelweni eliphezulu eJerusalema. Kodwa namuhla, nakuba izizwe eziningi ezazikhona ngaleso sikhathi sezilitshelwe, isizwe esazalwa kulelo kamelo eliphezulu sisekhona. Leli qiniso libaluleke kakhulu kithi sonke, ngoba lesi isizwe esamiswa uNkulunkulu ukuba sibe ofakazi bakhe esintwini.
2. Yiziphi izenzakalo eziyisimangaliso ezaphawula ukuzalwa kwesizwe esisha?
2 Lapho lesi sizwe esisha siqala ukuvela, kwenzeka izenzakalo ezibalulekile ezagcwalisa amazwi kaJoweli angokwesiprofetho. Sifunda ngalezi zenzakalo kuzEnzo 2:2-4: “Kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguzane esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo. Futhi kwabonakala kubo okunjengamalangabi futhi kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo, futhi bonke bagcwala umoya ongcwele baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.” Ngale ndlela, lawo madoda nabesifazane abathembekile abangu-120 baba isizwe esingokomoya, amalungu okuqala alokho umphostoli uPawulu kamuva akubiza ngokuthi ‘u-Israyeli kaNkulunkulu.’—Galathiya 6:16.
3. Yisiphi isiprofetho sikaJoweli esagcwaliseka ngePhentekoste lika-33 C.E.?
3 Izixuku zabuthana zizohlola ‘isivunguzane esinamandla,’ futhi umphostoli uPetru wazichazela ukuthi kwakugcwaliseka esinye seziprofetho zikaJoweli. Siphi isiprofetho? Lalela lokho akusho: “‘Ezinsukwini zokugcina,’ kusho uNkulunkulu, ‘ngiyothululela omunye womoya wami phezu kwayo yonke inhlobo yenyama, futhi amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, amaxhegu enu aphuphe amaphupho; futhi ngalezozinsuku ngiyothululela omunye womoya wami ngisho naphezu kwezigqila zami naphezu kwezigqilakazi zami, futhi ziyoprofetha. Futhi ngiyonika imihlola ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi nomlilo nenkungu yomusi; ilanga liyophendulwa libe ubumnyama nenyanga ibe igazi ngaphambi kokuba usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lufike. Futhi wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’” (IzEnzo 2:17-21) Amazwi acashunwa uPetru atholakala kuJoweli 2:28-32, futhi ukugcwaliseka kwawo kwakusho ukuthi isizwe samaJuda sase siphelelwa isikhathi. Lwase lusondele “usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile,” isikhathi sokulandisa kuka-Israyeli ongathembekile. Kodwa obani ababeyosindiswa, noma bakhululwe? Futhi kwakufanekiselani lokhu?
Ukugcwaliseka Okubili Kwesiprofetho
4, 5. Ngenxa yezenzakalo ezaziseza, yisiphi iseluleko uPetru asinikeza, futhi kungani leso seluleko sisebenza nangemva kosuku lwakhe?
4 Eminyakeni eyalandela u-33 C.E., u-Israyeli kaNkulunkulu ongokomoya wachuma, kodwa isizwe sika-Israyeli esingokwenyama asizange. Ngo-66 C.E., u-Israyeli ongokwenyama walwa neRoma. Ngo-70 C.E., u-Israyeli wacishe waphela nyá futhi iJerusalema nethempeli lalo lashiswa langqongqa. NgePhentekoste lika-33 C.E., uPetru wanikeza iseluleko esihle ngokuqondene naleyo nhlekelele eyayiza. Ephinda ecaphuna uJoweli, wathi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” UmJuda ngamunye kwakudingeka azenzele isinqumo sokubiza igama likaJehova. Lokhu kwakuhlanganisa nokulalela ezinye iziyalezo zikaPetru: “Phendukani, futhi yilowo nalowo kini abhapathizwe egameni likaJesu Kristu ngenjongo yokuthethelelwa kwezono zenu.” (IzEnzo 2:38) Ababelalele uPetru kwakudingeka bamukele uJesu njengoMesiya, lowo isizwe sakwa-Israyeli esasimenqabile.
5 Lawo mazwi kaJoweli angokwesiprofetho aba nethonya elikhulu kwabamnene ngekhulu lokuqala. Nokho, anethonya elikhulu nakakhulu namuhla ngoba, njengoba kubonisa izenzakalo zekhulu lama-20, kuye kwaba nokugcwaliseka kwesibili kwesiprofetho sikaJoweli. Ake sibone ukuthi kanjani.
6. Kwaqala kanjani ukuba kucace ukuthi ngobani abangu-Israyeli kaNkulunkulu lapho kusondela u-1914?
6 Ngemva kokufa kwabaphostoli, u-Israyeli kaNkulunkulu wasithibezwa ukhula lobuKristu bamanga. Nokho, phakathi nesikhathi sokuphela, esaqala ngo-1914, saphinde sabonakala obala lesi sizwe esingokomoya. Konke lokhu kwakuwukugcwaliseka komfanekiso kaJesu kakolweni nokhula. (Mathewu 13:24-30, 36-43) Njengoba unyaka ka-1914 wawusondela, amaKristu agcotshiwe aqala ukuzihlukanisa neLobukholwa elingathembekile, ezilahla ngesibindi izimfundiso zalo zamanga futhi eshumayela ngesiphelo esizayo ‘sezikhathi ezimisiwe zezizwe.’ (Luka 21:24) Kodwa impi yezwe yokuqala, eyagqashuka ngo-1914, yaphakamisa izimpikiswano ayengazilindele. Ngaphansi kokucindezeleka okunzima, amaningi adebesela, futhi amanye ahlehla. Ngo-1918 umsebenzi wawo wokushumayela wawusufana nonqamukile.
7. (a) Yisiphi isenzakalo esifana nePhentekoste lika-33 C.E. esenzeka ngo-1919? (b) Kusukela ngo-1919, ukuthululwa komoya kaNkulunkulu kwaba namuphi umphumela ezincekwini zikaJehova?
7 Nokho, akubanga isikhathi eside kunjalo. Kusukela ngo-1919, uJehova waqala ukuthululela umoya wakhe kubantu bakhe ngendlela eyabakhumbuza iPhentekoste lika-33 C.E. Yebo, ngo-1919 akukhulunywanga ngezilimi futhi sasingekho isivunguzane esinamandla. Ngokwamazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 13:8 siyaqonda ukuthi isikhathi sezimangaliso sase siphele kudala. Noma kunjalo, umoya kaNkulunkulu wabonakala ngokusobala ngo-1919, emhlanganweni owawuseCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., lapho amaKristu akholekile evuselelwa futhi ephinda eqala umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Ngo-1922 aphindela eCedar Point futhi ashukunyiswa yilokhu kunxusa, “Memezelani, memezelani, memezelani iNkosi nombuso wayo.” Njengoba kwenzeka ekhulwini lokuqala, izwe laphoqeleka ukuba libone imiphumela yokuthululwa komoya kaNkulunkulu. Wonke amaKristu azinikezele—abesilisa nabesifazane, abadala nabancane—baqala “ukuprofetha,” okusho ukumemezela ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’ (IzEnzo 2:11) NjengoPetru, anxusa abamnene: “Sindiswani kulesisizukulwane esigwegwile.” (IzEnzo 2:40) Abasabelayo babengakwenza kanjani lokho? Ngokulalela amazwi kaJoweli akuJoweli 2:32: “Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe.”
8. Izinto ziye zaqhubeka kanjani ku-Israyeli kaNkulunkulu kusukela ngo-1919?
8 Kusukela ngaleyo minyaka yokuqala, izindaba eziphathelene no-Israyeli kaNkulunkulu ziye zaqhubekela phambili. Ukubekwa uphawu kwabagcotshiwe kubonakala sekuqhubeke kakhulu, futhi kusukela ngawo-1930 kuye kwavela isixuku esikhulu sabamnene abanethemba lasemhlabeni. (IsAmbulo 7:3, 9) Sonke sizizwa sinomuzwa wokuphuthuma, ngoba ukugcwaliseka kwesibili kukaJoweli 2:28, 29 kubonisa ukuthi siseduze nosuku lukaJehova olukhulu nolwesabeka nakakhulu, lapho kuyobhujiswa khona isimiso sezinto somhlaba wonke senkolo, sezombangazwe nesezentengiselwano. Sinezizathu eziqinile ‘zokubiza igama likaJehova’ sinokholo olugcwele lokuthi uyosikhulula!
Silibiza Kanjani Igama LikaJehova?
9. Yiziphi ezinye zezinto ezihilelekile ekubizeni igama likaJehova?
9 Yini ehilelekile ekubizeni igama likaJehova? Umongo kaJoweli 2:28, 29 uyasisiza ukuba siphendule lowo mbuzo. Ngokwesibonelo, uJehova akalaleli wonke umuntu ombizayo. Ngomunye umprofethi, u-Isaya, uJehova wathi ku-Israyeli: “Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi; angiyikuzwa.” Kungani uJehova enqaba ukulalela isizwe sakhe imbala? Yena ngokwakhe uyachaza: “Izandla zenu zigcwele igazi.” (Isaya 1:15) UJehova ngeke abalalele noma ibaphi abanecala legazi noma abasenza umkhuba isono. Yingakho uPetru atshela amaJuda ngePhentekoste ukuba aphenduke. Emongweni kaJoweli 2:28, 29, sithola ukuthi noJoweli ugcizelela ukuphenduka. Ngokwesibonelo, kuJoweli 2:12, 13, siyafunda: “Kepha manje, usho uJehova, phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila, niklebhule inhliziyo yenu, hayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.” Kusukela ngo-1919, amaKristu agcotshiwe enza ngokuvumelana nala mazwi. Aphenduka emaphutheni awo futhi azimisela ukuba angaphinde ahlehle noma adebesele. Lokhu kwavulela umoya kaNkulunkulu indlela yokuba uthululwe. Wonke umuntu ofuna ukubiza igama likaJehova futhi azwiwe kumelwe alandele inkambo efanayo.
10. (a) Kuyini ukuphenduka kwangempela? (b) UJehova usabela kanjani ekuphendukeni kwangempela?
10 Khumbula, ukuphenduka kwangempela kungaphezu nje kokuthi, “Ngiyaxolisa.” Ama-Israyeli ayeklebhula izingubo zawo ukuze abonise ukujula kwemizwa yawo. Kodwa uJehova uthi: ‘Klebhulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu.’ Ukuphenduka kwangempela kusuka enhliziyweni, ekujuleni kwethu. Kuhlanganisa nokuyeka ukwenza okubi, njengoba nje sifunda ku-Isaya 55:7: “Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova.” Kuhilela ukuzonda isono, njengoba kwenza uJesu. (Heberu 1:9) Khona-ke, sithembela kuJehova ukuba asithethelele ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo ngoba uJehova “unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu.” Uyokwamukela ukukhulekela kwethu, umnikelo wethu ongokomoya wempuphu nomnikelo wokuphuzwayo. Uyolalela lapho sibiza igama lakhe.—Joweli 2:14.
11. Iyiphi indawo ukukhulekela kweqiniso okufanele kube nayo ekuphileni kwethu?
11 ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wasitshela okunye okufanele sikukhumbule, lapho ethi: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.” (Mathewu 6:33) Ukukhulekela kwethu akufanele sikuthathe kalula, kube into esiyenza ngendlela yokugcina icala ukuze sihlanze onembeza bethu. Ukukhonza uNkulunkulu kufanelwe indawo yokuqala ekuphileni kwethu. Ngakho, ngoJoweli, uJehova uqhubeka athi: “Bethani icilongo eSiyoni . . . Buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe.” (Joweli 2:15, 16) Kungokwemvelo ngabasanda kushada ukuba baphazamiseke, banakane bodwa kuphela. Kodwa ngisho nakubo, ukukhonza uJehova kumelwe kuze kuqala. Ayikho into okufanele idlule ukubuthana kwethu kuNkulunkulu wethu, sibize igama lakhe.
12. Yikuphi ukwanda okusengaba khona okuboniswa umbiko weSikhumbuzo wonyaka odlule?
12 Sinalokhu engqondweni, ake sicabangele izibalo ezembulwa uMbiko WoFakazi BakaJehova Wonyaka Wenkonzo Ka-1997. Ngonyaka odlule kwaba nenani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-5 599 931—isixuku esikhulu ngempela sabadumisi! ESikhumbuzweni kwakunabangu-14 322 226—abangaphezu kwenani labamemezeli ngezigidi ezingaba isishiyagalombili nengxenye. Lelo nani libonisa ukuthi kusengaba nokwanda okumangalisayo. Abaningi kulezo zigidi eziyisishiyagalombili nengxenye kakade base befunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova njengabantu abathakazelayo noma izingane zabazali ababhapathiziwe. Inani elikhulu laliqala ngqá ukuza emhlanganweni. Ukuba khona kwabo kwanikeza oFakazi BakaJehova ithuba elihle lokubazi futhi bacele ukubasiza ukuze baqhubeke bethuthuka. Bese kuba nalabo abeza eSikhumbuzweni unyaka ngamunye futhi mhlawumbe babe khona nakweminye imihlangano embalwa, kodwa abangaqhubeki bethuthuka. Yebo, abanjalo bamukelekile impela ukuba beze emihlanganweni. Kodwa sibanxusa ukuba bazindle ngokucophelela ngamazwi kaJoweli angokwesiprofetho futhi bacabangele ezinye izinyathelo okumelwe bazithathe ukuze baqiniseke ukuthi uJehova uyobezwa lapho bebiza igama lakhe.
13. Uma sesilibiza kakade igama likaJehova, yimuphi umthwalo wemfanelo esinawo kwabanye?
13 Umphostoli uPawulu wagcizelela esinye isici sokubiza igama likaNkulunkulu. Encwadini ayeyibhalela abaseRoma, wacaphuna amazwi kaJoweli angokwesiprofetho: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” Wabe esethi: “Bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?” (Roma 10:13, 14) Yebo, abanye abaningi abangakamazi uJehova kuze kube manje kudingeka babize igama lakhe. Labo asebemazi uJehova banomthwalo wemfanelo, hhayi wokushumayela kuphela, kodwa nokubafinyelela ukuze babanikeze lolo sizo.
Ipharadesi Elingokomoya
14, 15. Yiziphi izibusiso zepharadesi abantu bakaJehova abazijabulela ngenxa yokuthi balibiza ngendlela emjabulisayo igama lakhe?
14 Yileyo indlela abagcotshiwe nezinye izimvu ababheka ngayo izinto, futhi ngenxa yalokho, uJehova uyababusisa. “UJehova wayesehawukela izwe lakhe, wabahawukela abantu bakhe.” (Joweli 2:18) Ngo-1919, uJehova wabonisa intshiseko nesihawu ngabantu bakhe lapho ebavuselela futhi ebaletha endaweni yakhe yomsebenzi ongokomoya. Leli ipharadesi elingokomoya ngempela, elichazwe kahle uJoweli ngala mazwi: “Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu. Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho. Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni. Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.”—Joweli 2:21-24.
15 Yeka incazelo ejabulisayo! Izinhlobo ezintathu zokudla okuyisisekelo ekuphileni kwakwa-Israyeli—amabele, amafutha omnqumo newayini—kwakuyoba insada kanye nemihlambi eminingi yezilwane. Osukwini lwethu, lawo mazwi angokwesiprofetho agcwaliseka ngempela ngomqondo ongokomoya. UJehova usinikeza konke ukudla okungokomoya esikudingayo. Asijabuli yini ngensada engaka evela kuNkulunkulu? Ngempela, njengoba uMalaki abikezela, uNkulunkulu wethu ‘uvule amafasitela asezulwini, wasithululela isibusiso kunokwaneleyo.’—Malaki 3:10.
Ukuphela Kwesimiso Sezinto
16. (a) Ukuthululwa komoya kaJehova kubonisani mayelana nesikhathi sethu? (b) Liphetheni ikusasa?
16 Kungemva kokubikezela ngezimo zepharadesi kubantu bakaNkulunkulu lapho uJoweli eprofetha khona ngokuthululwa komoya kaJehova. Lapho uPetru ecaphuna lesi siprofetho ngePhentekoste, wathi sasigcwaliseke “ezinsukwini zokugcina.” (IzEnzo 2:17) Ukuthululwa komoya kaNkulunkulu ngaleso sikhathi kwakusho ukuthi izinsuku zokugcina zesimiso sezinto sobuJuda zase ziqalile. Ukuthululwa komoya kaNkulunkulu ku-Israyeli kaNkulunkulu ngekhulu lama-20 kusho ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zesimiso sezinto somhlaba wonke. Uma sicabanga ngalokhu, liphetheni ikusasa? Isiprofetho sikaJoweli siyaqhubeka sisitshela: “Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe-yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.”—Joweli 2:30, 31.
17, 18. (a) Yiluphi usuku lukaJehova olwesabekayo olwafikela iJerusalema? (b) Ukuthi usuku lukaJehova olwesabekayo luqinisekile kusishukumisela ukuba senzeni?
17 Ngo-66 C.E., la mazwi angokwesiprofetho aqala ukugcwaliseka eJudiya njengoba izenzakalo zaziphikelela ngokungenakuvinjwa emvuthwandaba wosuku lukaJehova olwesabekayo ngo-70 C.E. Yeka indlela okwakwethusa ngayo ngaleso sikhathi ukuba phakathi kwalabo abangaliphakamisi igama likaJehova! Namuhla, izenzakalo ezethusa ngendlela efanayo ziseza, lapho uJehova eyobhubhisa sonke isimiso sezinto saleli lizwe. Nokho, ukusinda kusengenzeka. Isiprofetho siqhubeka sithi: “Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba-ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube-ngababizwa nguJehova.” (Joweli 2:32) OFakazi BakaJehova babonga ngempela ngokwazi igama likaJehova, futhi banethemba eliphelele lokuthi uyobasindisa uma bembiza.
18 Nokho, yini ezokwenzeka lapho usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lugadla ngalo lonke ulaka lwalo kuleli lizwe? Lokho kuzoxoxwa ngakho esihlokweni sokugcina esifundwayo.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ UJehova wawuthululela nini umoya wakhe kubantu bakhe ngokokuqala?
◻ Yiziphi ezinye zezinto ezihilelekile ekubizeni igama likaJehova?
◻ Usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lwamfikela nini u-Israyeli wenyama?
◻ UJehova ubabusisa kanjani labo ababiza igama lakhe namuhla?
[Isithombe ekhasini 15]
NgePhentekoste lika-33 C.E. kwazalwa isizwe esisha
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Ngasekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, uJehova waphinde wathululela umoya wakhe kubantu bakhe, kwagcwaliseka uJoweli 2:28, 29
[Izithombe ekhasini 18]
Abantu kumelwe basizwe ukuba babize igama likaJehova