Ukuqinisa Ukwethembela Kwethu Ekulungeni KukaNkulunkulu
“Ukuba ithemba lakho libe-kuJehova, ngikwazisile khona.”—IZAGA 22:19.
1, 2. (a) Kungani oFakazi BakaJehova bebonisa ukwethembela kuJehova? (IzAga 22:19) (b) Yini ebonisa ukuthi abantu abathile badinga ukuqinisa ukwethembela kwabo kuJehova?
AMAKRISTU eqiniso abusiswe ngolwazi olunembile ngoJehova nezinjongo zakhe. Ngothando, “isigqila esikholekile nesiqondayo” siwanikeza “ukudla [okungokomoya] ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45) Ulwazi aluzuzayo luwanika isisekelo esiqinile sokuthembela kuNkulunkulu. Ngakho njengeqembu, oFakazi BakaJehova babonisa ukwethembela kuJehova nasekulungeni kwakhe ngokuphawulekayo.
2 Nokho, kubonakala sengathi njengabantu ngabanye, abanye oFakazi kungenzeka badinga ukuqinisa lelo themba. Ngezinye izikhathi iNhlangano ithola izincwadi eziveza ukungaqiniseki ngezincazelo ezinikezwe ezincwadini zayo. Lokhu kungabaza kungase kuvele ngemva kokulungiswa kwendlela esiqonda ngayo okuthile, noma kungenzeka kuphathelene nezinto ezithinta obuzayo, ikakhulu ngokomzwelo.—Qhathanisa noJohane 6:60, 61.
3. Yini engenzeka ngisho nasezincekwini zikaJehova ezithembekile, futhi ngani?
3 Ngisho nezinceku zikaJehova zeqiniso ziyabhekana nokufezeka komShumayeli 9:11: “Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” Lokhu kungaba kanjani yiqiniso ngomqondo obanzi, noma ongokomoya? Kungenzeka kunamaKristu esiwaziyo ayeshesha ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli, enamandla ekuvikeleni iqiniso, ehlakaniphile ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli, futhi eshiseka ekuphishekeleni ulwazi olunembile. Nokho, ngenxa ‘yesikhathi nethuba,’ amanye kungenzeka manje azibona elinganiselwe ngenxa yengozi noma ukukhula ngeminyaka. Angase azibuze ukuthi kazi ayongena yini ezweni elisha likaNkulunkulu engakaze afe.
4, 5. Kungani amaKristu engenasizathu sokungabe esathembela ekulungeni kukaJehova?
4 Lapho umKristu elahlekelwa umngane wakhe womshado, ubuhlungu nomuzwa wokulahlekelwa kuba kukhulu. Kungenzeka ukuthi baye bakhonza uJehova iminyaka eminingi noma ngisho amashumi eminyaka bendawonye njengombhangqwana. Lowo osaphila uyazi ukuthi ukufa kuyasinqamula isibopho somshado.a (1 Korinte 7:39) Manje, ukuze ithemba lakhe lingaphelelwa amandla, kumelwe alawule imizwelo yakhe.—Qhathanisa noMarku 16:8.
5 Yeka indlela okuwukuhlakanipha ngayo ukubheka ukufa komngane womshado, umzali, ingane, noma umngane oseduze ongumKristu njengethuba lokubonisa ukwethembela ekulungeni kukaJehova! Ngisho nalapho silahlekelwe izinto zethu, singaqiniseka ukuthi uJehova akayena ongalungile. Singaqiniseka ukuthi wonke umuntu oyozuza ukuphila okumi phakade—kungaba ngokungafi noma ngovuko—uyojabula. Umhubi uthi ngoNkulunkulu: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo. UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke. UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.”—IHubo 145:16-19.
Imizwa Yokuthi Uye Wahlupheka Ngokungadingekile
6, 7. (a) Kungani oFakazi abathile abahlupheka esikhathini esidlule bengase manje baqonde izinto ngokuhlukile? (b) Kungani kungafanele sibheke uJehova njengongalungile ngokuvumela ukuhlupheka okunjalo esikhathini esidlule?
6 Esikhathini esidlule, oFakazi abathile baye bahlupheka ngenxa yokwenqaba ukuhlanganyela emsebenzini okungenzeka unembeza wabo manje uyawuvumela. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi bazikhethela kanjalo eminyakeni ethile edlule ngokuqondene nezinhlobo ezithile zenkonzo yomphakathi. Umzalwane angase manje abe nomuzwa wokuthi angazenza ngonembeza okhululekile lezi zinkonzo ngaphandle kokwephula ukungathathi-hlangothi kwakhe njengomKristu ngokuphathelene nesimiso sezinto samanje.
7 Ingabe kwakuwukungalungi ngoJehova ukuba amvumele ahlupheke ngenxa yokwenqaba into angase ayenze manje kungabi namiphumela emibi? Iningi lalabo abaye behlakalelwa yilokhu alicabangi kanjalo. Kunalokho, liyajabula ngokuthi laba nethuba lokubonisa obala nangokucacile ukuthi lalizimisele ukuma lingaxegi empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke. (Qhathanisa noJobe 27:5.) Yisiphi nje isizathu esingabangela umuntu ukuba azisole ngokulandela unembeza wakhe ekumeleleni uJehova ngokuqinile? Ngokusekela izimiso zobuKristu ngokwethembeka ngendlela ababeziqonda ngayo noma ngokusabela ekubeleseleni kukanembeza, baye bazibonakalisa bekufanelekele ukuba abangane bakaJehova. Ngokuqinisekile, kuwukuhlakanipha ngomuntu ukugwema inkambo eyohlupha unembeza wakhe noma okungenzeka ibangele abanye ukuba bakhubeke. Mayelana nalokhu singacabanga ngesibonelo esihle esabekwa umphostoli uPawulu.—1 Korinte 8:12, 13; 10:31-33.
8. Kungani amaKristu angamaJuda, ngaphambili ayebambelele eMthethweni, ayengenasizathu sokungabaza ukulunga kukaJehova?
8 Ukuze ajabulise uJehova, amaJuda kwakufuneka alalele iMiyalo Eyishumi kanye neminye imithetho ehlukahlukene engaba ngu-600. Kamuva, ngaphansi kwelungiselelo lobuKristu, ukulalela le mithetho ngokwayo kwakungaseyona imfuneko yokukhonza uJehova, ngisho nakumaJuda enyama. Imithetho eyayingasasebenzi yayihlanganisa ephathelene nokusoka, ukugcina iSabatha, ukunikela imihlatshelo eyizilwane, nokulalela imithetho ethile yokudla. (1 Korinte 7:19; 10:25; Kolose 2:16, 17; Heberu 10:1, 11-14) AmaJuda—kuhlanganise nabaphostoli—ayesebe ngamaKristu, ayekhululekile esibophweni sokugcina imithetho okwakufuneka ayilalele lapho esengaphansi kwesivumelwano soMthetho. Ingabe akhononda ngokuthi ilungiselelo likaNkulunkulu lalinokungalungi ngoba ngaphambili lalifune kuwo izinto manje ezazingasadingeki? Cha, akujabulela ukuqonda okwengeziwe kwezinjongo zikaJehova.—IzEnzo 16:4, 5.
9. Kuye kwenzekani koFakazi abathile bezikhathi ezidlule, kodwa kungani bengenasizathu sokuzisola?
9 Ezikhathini zanamuhla, kuye kwaba noFakazi abathile ababeqinile impela embonweni wabo wokuthi yini abangayenza noma abangenakuyenza. Ngenxa yaleso sizathu bahlupheka ngaphezu kwabanye. Kamuva, ulwazi olwandisiwe lwabasiza ukuba bathuthukise umbono wabo ngezinto. Kodwa abanasizathu sokuzizwa kabi ngokuthi ngaphambili benza ngokuvumelana nonembeza babo, ngisho noma lokhu kungenzeka kwababangela ukuhlupheka ngokwengeziwe. Kuyatuseka ngempela ukuthi babonisa ukuzimisela kwabo ukuhlupheka ngenxa yokwethembeka kuJehova, ukuze ‘benze zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle.’ UJehova uyakubusisa ukuzinikela kokumhlonipha okunjalo. (1 Korinte 9:23; Heberu 6:10) Umphostoli uPetru wabhala ngokuqonda: “Uma, lapho nenza okuhle futhi nihlupheka, nikukhuthazelela, lokhu kuyinto enhle kuNkulunkulu.”—1 Petru 2:20.
Ukufunda KuJona
10, 11. UJona wakubonisa kanjani ukungamethembi uJehova (a) lapho enikwa isabelo sokuya eNineve? (b) lapho uNkulunkulu engababhubhisi abaseNineve?
10 Lapho eqondiswa ukuba aye eNineve, uJona wabonisa ukungakwazisi ukwethenjwa nguJehova. Ngemva kwesenzakalo esithusayo esasibangelwe ukungafuni kwakhe ukulalela, uJona wasanguluka, waqaphela iphutha lakhe, wamukela isabelo sakhe sokuya kwelinye izwe, futhi waxwayisa abaseNineve ngembubhiso eyayiseduze. Kwabe sekwenzeka ayengakulindele: Ngenxa yesimo sengqondo sokuphenduka sabaseNineve, uJehova wanquma ukungabe esababhubhisa.—Jona 1:1–3:10.
11 Wasabela kanjani uJona? Ephatheke kabi, wakhononda kuNkulunkulu emthandazweni. Ngokuyisisekelo isikhalo sakhe sasithi: ‘Ngivele ngabona ukuthi kuzokwenzeka kanjena. Yingakho nje bengingafuni kwasekuqaleni ukuza la eNineve. Manje, ngemva kokuhlupheka kangaka, kuhlanganise novalo nokuphoxeka kokugwinywa inhlanzi enkulu, futhi sengisebenze kanzima ngixwayisa abaseNineve ngembubhiso eseduze, sekwenzeka lokhu! Ngisebenzelé futhi ngahluphekela ize lodwa! Kungcono ngivele ngife nje!’—Jona 4:1-3.
12. Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kuJona?
12 Ingabe uJona wayenesizathu esizwakalayo sokukhononda? Ingabe kwakungalungile ngoJehova ukubonisa isihe kubenzi bokungalungi abase bephendukile? Empeleni, uJona kufanele ngabe wajabula; amashumi ezinkulungwane zabantu ayezosinda ekubulaweni! (Jona 4:11) Kodwa isimo sakhe sengqondo sokungahloniphi nesokukhononda sabonisa ukuthi wayengabonisi ukwethembela ngokujulile ekulungeni kukaJehova. Wayezicabangela ngokweqile, engabacabangeli abanye. Masifunde kuJona ngokuzigcina thina nemizwa yethu kuza kamuva. Masiqiniseke ukuthi ukulalela uJehova, ukulandela isiqondiso esinikezwa ngenhlangano yakhe nokwamukela izinqumo zakhe, yinto okufanele siyenze. Siyaqiniseka ukuthi “kuzakuba-kuhle kwabamesaba uNkulunkulu.”—UmShumayeli 8:12.
Manje Yisikhathi Sokuqinisa Ithemba Lethu!
13. Singakuqinisa kanjani sonke ukwethembela kwethu kuJehova?
13 Ukuqinisa ukwethembela kwethu kuJehova kuyinkambo yokuhlakanipha. (IzAga 3:5-8) Yebo, kumelwe senze okungaphezu kokumane sithandazele ukuba uJehova asisize siqiniseke ngokwengeziwe. Ukuqiniseka kuyanda lapho kusekelwe olwazini olunembile, ngakho kumelwe senze isifundo seBhayibheli somuntu siqu, ukufunda kokubili iBhayibheli nezincwadi ezichaza iBhayibheli, kube ingxenye yenqubo yethu yansuku zonke. Ukuba khona njalo emihlanganweni yamaKristu kubalulekile, njengoba kunjalo nangokulungiselela kahle nokuhlanganyela kuyo ngezinga okungenzeka ngalo. Ukukwenza umkhuba ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye, sinqoba ukuphikiswa ngokuhlakanipha, nakho kujulisa ukumethemba kwethu uJehova neZwi lakhe. Kanjalo sihileleka ngokwengeziwe ezintweni eziphathelene naye nsuku zonke.
14. Kungani maduze nje abantu bakaNkulunkulu kuzodingeka babonise ukwethembela kwabo kuJehova kunanini ngaphambili?
14 Maduze nje, isikhathi sosizi olukhulu kunalo lonke olwake lwagadla ohlangeni lwesintu sizoqala kungazelelwe. (Mathewu 24:21) Lapho siqala, izinceku zikaNkulunkulu kuyodingeka zikubonise kunanini ngaphambili ukwethembela ekulungeni kukaJehova nasesiqondisweni asinikeza ngenhlangano yakhe. Ngendlela engokomfanekiso, ngaleso sikhathi ziyowulalela ngokuqiniseka umyalo kaNkulunkulu othi: “Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso kuze kudlule ulaka.” (Isaya 26:20) Kakade ziye zangena esimweni esiyisivikelo samabandla angaphezu kuka-85 000 emazweni angu-232. Kungakhathaliseki ukuthi yini enye ehlanganisiwe emyalweni othi “ningene emakamelweni enu,” singaqiniseka ukuthi uJehova uyosisiza sikwazi ukwenza okushoyo.
15. Iye yagcizelelwa kanjani indaba yethemba phakathi no-1998, futhi kungani kufanelekile lokho?
15 Kubalulekile ukuba siqinise ithemba lethu manje. Ngaphandle kokwethemba abafowethu abangamaKristu, inhlangano kaJehova, futhi ngaphezu kwakho konke, uJehova ngokwakhe, ngeke kwenzeke ukuba sisinde. Ngakho yeka indlela okufaneleka ngayo ukuthi phakathi no-1998, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baye bakhunjuzwa ngokuphindaphindiwe ngamazwi etekisi lonyaka ukuthi “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa”! (Roma 10:13) Kumelwe siqhubeke siqiniseka ngalokho. Uma sizwa ngisho nokungabaza okuncane nje kulokhu, kufanele sisebenzele ekukulungiseni manje, yebo, namuhla.
Isahlulelo SikaJehova Siyoba Esilungile
16. Kungenzekani ethembeni uma lingahlakulelwa, futhi singakuvimbela kanjani lokhu ukuba kwenzeke?
16 KumaHeberu 3:14, amaKristu agcotshiwe ayaxwayiswa: “Eqinisweni siba abahlanganyeli bakaKristu kuphela uma siqinisa ukubambelela kwethu ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni.” Isimiso salawa mazwi siyasebenza nakumaKristu anethemba lasemhlabeni. Ukuqiniseka esasinakho ekuqaleni kungaya ngokuya kuncipha uma kungathuthukiswa. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba siqhubeke siphishekela ulwazi olunembile, kanjalo siqinise isisekelo ithemba lethu elizinze kuso!
17. Kungani singaqiniseka ukuthi endabeni yokusinda, uJesu uyokwahlulela ngokufanele?
17 Maduze nje zonke izizwe zizohlolwa uKristu ukuze akwazi ‘ukuhlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini.’ (Mathewu 25:31-33) Singaqiniseka ukuthi uKristu uyoba nokulunga lapho ahlulela ukuthi ubani ofanelwe ukusinda. UJehova uye wamnika ukuhlakanipha, ukuqonda, nezinye izimfanelo ezidingekayo ‘ekwahluleleni ngokulunga umhlaba owakhiwe.’ (IzEnzo 17:30, 31) Masiqiniseke njengo-Abrahama, owathi: “Makube-kude nawe [Jehova] ukwenza ngalendlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe-njengomubi; lokhu makube-kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”—Genesise 18:25.
18. Kungani kungafanele sikhathazeke ngokweqile ngalokho okungenzeka asikwazi njengamanje?
18 Njengoba sethembele ngokugcwele ekulungeni kukaJehova, akudingeki sikhathazeke ngokuthola izimpendulo zemibuzo enjengokuthi: ‘Bayokwahlulelwa kanjani abantwana nezingane ezincane? Kungenzeka yini ukuthi inani elikhulu labantu liyobe lingakafinyelelwa ngezindaba ezinhle lapho kufika i-Armagedoni? Kuthiwani ngabagula ngengqondo? Kuthiwani . . . ?’ Kuyavunywa, singase singazi njengamanje ukuthi uJehova uyozixazulula kanjani lezi zindaba. Nokho, uyozixazulula ngendlela elungileyo nenesihe. Masingalokothi sikungabaze lokho. Eqinisweni, kungase kusimangaze futhi kusijabulise ukumbona ezixazulula ngendlela esingakaze siyicabange nakuyicabanga.—Qhathanisa noJobe 42:3; IHubo 78:11-16; 136:4-9; Mathewu 15:31; Luka 2:47.
19, 20. (a) Kungani kungekhona okungalungile ukubuza imibuzo enengqondo? (b) UJehova uyozinikeza nini izimpendulo ezidingekayo?
19 Inhlangano kaJehova ayisho ukuthi imibuzo eqotho, ebuzwa ngesikhathi esifanele, ayifaneleki, njengoba kusho abanye abaphikisi ngephutha. (1 Petru 1:10-12) Nokho, iBhayibheli liseluleka ukuba sigweme imibuzo yobuwula yokuqagela. (Thithu 3:9) Ukubuza imibuzo enengqondo nokufuna eZwini likaNkulunkulu nasezincwadini zamaKristu ukuze uthole izimpendulo ezingokomBhalo kungandisa ulwazi lwethu olunembile futhi kanjalo kuqinise ukwethembela kwethu kuJehova. Inhlangano ilandela isibonelo sikaJesu. Akazange aphendule imibuzo esasingakafiki isikhathi esifanele sokuba iphendulwe. Wachaza: “Nginezinto eziningi okusamelwe ngizisho kini, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.” (Johane 16:12) Wavuma nokuthi ezinye izinto naye uqobo wayengazazi ngaleso sikhathi.—Mathewu 24:36.
20 UJehova usenokuningi asazokwambula. Yeka indlela okuwukuhlakanipha ngayo ukulindela yena, siqiniseka ukuthi ukwambula kwakhe injongo yakhe ngesikhathi esifanele kuyofanelana kahle nezidingo zangaleso sikhathi. Singaqiniseka ukuthi lapho isikhathi sikaJehova esifanele sesifikile, siyojabulela ukuqonda izindlela zakhe ngokwengeziwe. Yebo, siyovuzwa, uma nje sithembela ngokugcwele kuJehova nasenhlanganweni ayisebenzisayo. IzAga 14:26 ziyasiqinisekisa: “Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba-nesiphephelo.”
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-October 15, 1967, ikhasi 638; neka-June 1, 1987, ikhasi 30.
Ucabangani?
◻ Kungani kuwukungahlakaniphi ukuvumela imizwelo ukuba isenze singamethembi uJehova?
◻ Yini esingayifunda endabeni kaJona?
◻ Kungani isifundo seBhayibheli nokuba khona emihlanganweni kubaluleke kakhulu?
[Isithombe ekhasini 16]
Ngisho nalapho silahlekelwa okuthile, singaqiniseka ukuthi uJehova ulungile
[Izithombe ekhasini 18]
Ingabe uyaqiniseka ukuthi uthembele kuJehova?