-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1990 | Agasti 15
-
-
UMika waprofetha ukuthi ngemva kokukhululwa kwayo ‘eAsiriya,’ “insali yakwaJakobe” yayiyoba “njengamazolo avela kuJehova,” ‘nanjengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu.’ (Mika 5:6-8) LeWatch Tower yaphawula: “Lokhu kungathathwa njengesibonakaliso sokuthi abanye bensali bayobe besemhlabeni ngisho nangemva kokuba iArmagedoni isilwiwe, futhi-ke bayoba nomsebenzi owengeziwe abayowenza egameni leNkosi, kube inkazimulo nodumo kuyo.” Phawula ulimi lokuthobeka, olunengqondo olusetshenzisiwe ukuveza ukuthi kungenzeka: “Lokhu kungathathwa njengesibonakaliso.”
-
-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1990 | Agasti 15
-
-
Kakade sesiye sakwamukela ukuthi izindaba zeBhayibheli ziqondakala kangcono njengoba isikhathi sidlula. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda kaJanuary 1, 1982, yaphinda yaxoxa ngoMika 5:6-9 futhi yachaza ukuthi “insali kaIsrayeli ongokomoya akudingekanga ukuba ilinde kuze kube ngemva . . . kweHarmagedoni ukuze ibe ‘njengamazolo’ aqabulayo kubantu.” Lengxoxo yaphinde yaveza ukuthi kungenzeka ukuba insali isinde empini enkulu kaNkulunkulu, bese kuthi isikhashana “iqhubeke iba ‘njengamazolo’ aqabulayo ‘esixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’”
-