Inkazimulo Enkulu Yendlu KaJehova
“Ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo, usho uJehova [“wamabutho,” NW].”—HAGAYI 2:7.
1. Umoya ongcwele uhlobene kanjani nokholo nomsebenzi?
LAPHO eshumayela endlini ngendlu, omunye woFakazi BakaJehova wahlangana nowesifazane waseSontweni LikaMoya owathi, ‘Thina sinomoya ongcwele, kodwa yinina enenza umsebenzi.’ Ngokuhlakanipha, lona wesifazane wachazelwa ukuthi umuntu onomoya ongcwele, uyomane ashukumiseleke ukuba enze umsebenzi kaNkulunkulu. UJakobe 2:17 uthi: ‘Ukholo, uma lungenayo imisebenzi, lufile.’ Ngosizo lomoya kaJehova, oFakazi bakhe baye bahlakulela ukholo oluqinile, futhi uye ‘wagcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo’ ngokuhlela ukuba benze imisebenzi elungileyo—ngokuyinhloko ‘ukushumayela lezi zindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’ Lapho lomsebenzi sewenziwe ngendlela eyanelisa uJehova, “khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.
2. (a) Ukugxila kwethu emsebenzini kaJehova kuyoletha ziphi izibusiso? (b) Kungani kufanele sijabule nganoma yikuphi okubonakala ‘kuwukulibala’?
2 Kulamazwi kaJesu, sithola ukuthi umsebenzi wethu namuhla kumelwe ugxile ekushumayeleni kwabanye ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo,’ esiphathiswe zona. (1 Thimothewu 1:11) Lapho ngenjabulo sigxila ngokwengeziwe enkonzweni kaJehova, nokuphela kuyobonakala kusondela ngokushesha. KuHabakuki 2:2, 3, sifunda lamazwi kaJehova: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” Yebo, “umbono” uyofezeka “noma ulibala.” Njengoba sisonyakeni wama-83 wokubusa kukaJesu eMbusweni, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi sisenkathini yokulibala njengamanje. Nokho, akufanele yini sijabule ngokuthi ukuphela akukafiki? Phakathi neshumi leminyaka lawo-1990, ukuvinjelwa kokushumayela izindaba ezinhle kuye kwasuswa ngendlela ebonakala iyisimangaliso, eMpumalanga Yurophu, ezingxenyeni zase-Afrika nakwamanye amazwe. Okubonakala ‘kuwukulibala’ kunikeza isikhathi sokuba kubuthwe “izimvu” ezengeziwe kulamasimu asanda kuvuleka.—Johane 10:16.
3. Kungani ukuqonda kwethu okulungisiwe ‘ngalesi sizukulwane’ kufanele kusishukumisele ukuba sibe semsebenzini kaNkulunkulu ngokuphuthuma?
3 “Awuyikwephuza,” kusho umprofethi. UJesu wathi isizukulwane samanje esibi asiyikudlula zize “zenzeke zonke lezizinto.” (Mathewu 24:34) Ingabe ukuwaqonda kwethu okulungisiwe amazwi akhe kusho ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela awuphuthumi kangako?a Amaqiniso abonisa ukuthi kungokuphambene nalokho! Isizukulwane sesikhathi sethu sicwila esimweni sobubi nokonakala esingakaze sibonwe kuwo wonke umlando wesikhathi esidlule. (Qhathanisa nezEnzo 2:40.) Kufanele sibe semsebenzini wethu ngokuphuthuma. (2 Thimothewu 4:2) Zonke iziprofetho eziphathelene nesikhathi sosizi olukhulu zibonisa ukuthi luyoza ngokuzuma, ngokungazelele, ngokunyenya—njengesela. (1 Thesalonika 5:1-4; IsAmbulo 3:3; 16:15) “Ngenxa yalokhu nani futhi zibonakaliseni nikulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi iyoza ngalo.” (Mathewu 24:44) Njengoba lesi sizukulwane sesintu esingamhloniphi uNkulunkulu sesizulelwa amanqe, ngokuqinisekile akufanele sifune ukulahla ithemba lethu eliyigugu lokuphila okungunaphakade ngokubuye ‘siyozigingqa odakeni’ lweziphazamiso zezwe!—2 Petru 2:22; 3:10; Luka 21:32-36.
4. Yisiphi isimo esiye senza kwadingeka ukuba kwandiswe ‘ukudla ngesikhathi esifanele,’ futhi kuye kwabhekwana kanjani nalesi sidingo?
4 Ngokuvumelana nesiprofetho sikaJesu, ngo-1914 kwakukhona ‘ukuqala kwemihelo yokucindezeleka’ njengoba isintu sasingena ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ Usizi, izenzakalo eziyinhlekelele, nokungabi namthetho kuye kwanda kwaze kwaba namuhla. (Mathewu 24:3-8, 12) Ngesikhathi esifanayo, uJehova uye wathuma isigaba esigcotshiwe sesigqila esikholekile nesiqondayo ukuba sinikeze abendlu beNkosi yaso, uKristu, ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45-47) Isesihlalweni sayo sobukhosi emazulwini, leNkosi yobuMesiya manje iqondisa isimiso sokondliwa okungokomoya esimangalisayo kuwo wonke umhlaba.
Inala ‘Yokudla’
5. Into eyisisekelo ‘ekudleni’ inakekelwa kanjani?
5 Cabangela ukulungiswa ‘kokudla.’ (Luka 12:42) Into eyisisekelo ohlwini lwamaKristu lokudla yiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ukuze kufundiswe iBhayibheli ngokuphumelelayo, into edingeka ngokuyinhloko inguqulo efundekayo nenembile. Kuyo yonke leminyaka lesi sidingo siye sagcwaliswa ngokuthuthukayo, ikakhulukazi kusukela ngo-1950 lapho kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiNgisi. Ngo-1961 i-New World Translation yalo lonke iBhayibheli yayisitholakala, futhi ngokushesha kwenziwa izinhlelo zayo ngezinye izilimi eziyinhloko. Imiqulu emithathu eyakhululwa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1996 yenza ingqikithi yemiqulu engu-27, engu-14 yayo iyiBhayibheli eliphelele. Ukuze kusingathwe lomsebenzi weBhayibheli, kanye nowezinsiza zeBhayibheli, amaKristu azinikezele angaba ngu-1 174 manje enza umsebenzi wokuhumusha isikhathi esigcwele emazweni angu-77.
6. INhlangano iye yabhekana kanjani nesidingo sezincwadi zeBhayibheli?
6 Ukuze asekele umsebenzi waleli butho labahumushi, amagatsha e-Watch Tower Society anyathelisayo angu-24 abekhiqiza izincwadi ngamanani amakhulu. Ngenxa yalokhu, kuyaqhutshekwa kufakwa imishini yokunyathelisa ye-rotary enesivinini esikhulu emagatsheni ayinhloko. Ukukhiqizwa kukamagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kuye kwanda inyanga ngayinye, sekukonke kwafinyelela ingqikithi yamakhophi angu-943 892 500, ukwanda ngamaphesenti angu-13,4 ngonyaka owodwa. Ingqikithi yokukhiqizwa kwamaBhayibheli nezincwadi ezinoqwembe oluqinile e-United States, eBrazil, eFinland, e-Italy, eJalimane, eJapane, eKorea naseMexico kuphela iye yanda ngamaphesenti angu-40 kusukela ngo-1995 yafinyelela emakhophini angu-76 760 098 ngo-1996. Amanye amagatsha nawo aye aba nengxenye enkulu ekwandeni kwakho konke ukukhiqizwa kwezincwadi.
7. U-Isaya 54:2 uphuthuma kakhulu ngayiphi indlela manje?
7 Ukwanda okukhulu kuye kwadingeka phakathi nawo-1990 ngenxa yokususwa kokuvinjelwa koFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu nase-Afrika. Ukulambela ukudla okungokomoya kukhulu kulezi zindawo. Ngakho-ke lesi simemo siphuthuma kunanini ngaphambili: “Yenza ibe-banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.”—Isaya 54:2.
8. Yikuphi ukusabela kokuphana okusizayo ekusekeleni ngokwezimali?
8 Ngakho, kuye kwadingeka ukuba kwandiswe izakhiwo kwamaningi amagatsha eNhlangano angu-104. Ngenxa yezimo zezomnotho ezinzima emasimini amaningi asanda kuvuleka, ingxenye enkulu yezindleko zalokhu kwandiswa ikhokhwa ngeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke evela emazweni achume kakhudlwana. Ngokujabulisayo, amabandla nabantu ngabanye baye basabela ngenhliziyo yonke, ngomoya ka-Eksodusi 35:21: “Bafika, kwaba-yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube-ngowomsebenzi.” Sithatha leli thuba ukuba sibonge bonke abebehlanganyela kulokhu kupha komusa.—2 Korinte 9:11.
9. EyabaseRoma 10:13, 18 igcwaliseka kanjani namuhla?
9 Phakathi no-1996 izincwadi ze-Watch Tower Society ziye zalikhazimulisa ngempela igama likaJehova nezinjongo zakhe kwaze kwaba semaphethelweni omhlaba. Kunjengoba nje umphostoli uPawulu abikezela. Ecaphuna isiprofetho sikaJoweli neHubo le-19, wabhala: “‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Noma kunjalo ngiyabuza, Abahlulekanga ukuzwa, akunjalo? Phela, eqinisweni, ‘izwi labo laphumela kuwo wonke umhlaba, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba owakhiwe.’” (Roma 10:13, 18) Ngokukhazimulisa igama eliyigugu elithi Jehova ngaleyo ndlela, abantu bakhe baye bafeza ingxenye ebalulekile ekugcwaliseni indlu yakhe yokukhulekela ngenkazimulo. Nokho, lokhu kumemezela kuye kwaphumelela kanjani ikakhulukazi phakathi no-1996? Siza uhlole ishadi elisekhasini 18 kuya ku-21.
Ukuvuna Emhlabeni Wonke
10. Yiziphi izici ezivelele oziphawulayo emsebenzini wabantu bakaJehova, njengoba zifushaniswe eshadini elisekhasini 18 kuya ku-21?
10 Amazwi kaJesu atholakala kuLuka 10:2 awakaze abe nesisindo esingaka: “Ngempela, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” Ingabe uyasabela kuleso simemo? Izigidi kuwo wonke umhlaba ziyasabela. Lokhu kufakazelwa yinani elisha eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-5 413 769 ababika inkonzo yasensimini phakathi no-1996. Ngaphezu kwalokho, abafowethu nodadewethu abasanda kuhlanganyela abangu-366 579 babhapathizwa. Yeka indlela okuyigugu ngayo kithi lokhu “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe,” manje okunengxenye ‘ekugcwaliseni indlu kaJehova yokukhulekela ngenkazimulo’!—Hagayi 2:7.
11. Kungani sonke sinesizathu sokujabula kakhulu?
11 Imibiko yokwanda emasimini asanda kuvuleka iyamangalisa. Ingabe abanye phakathi kwethu banomona ngalabo manje abajabulela ukwanda okunjalo? Ngokuphambene, sijabula kanye nabo. Wonke amazwe aba nesiqalo esincane. Umprofethi wangesikhathi sikaHagayi, uZakariya, wabhala: “Ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane?” (Zakariya 4:10) Sijabula kakhulu ngokuthi emazweni lapho umsebenzi wokufakaza usuthuthuke khona, manje kunezigidi zabamemezeli boMbuso, futhi insimu ihlanganiswa njalo, ngisho nasemadolobheni amaningi amakhulu ihlanganiswa masonto onke. Ingabe sinaso isizathu sokuyekethisa kuyilapho uJehova manje evula ithuba lensindiso ezindaweni ezazivinjelwe ngaphambili? Nakancú! “Insimu yizwe,” kusho uJesu. (Mathewu 13:38) Kumelwe kuqhutshekwe kunikezwa ubufakazi obuphelele, njengoba nje nabafundi bokuqala banikeza ubufakazi obuphelele ngasekupheleni kwesimiso sezinto sobuJuda.—IzEnzo 2:40; 10:42; 20:24; 28:23.
Ukuqhubekela Phambili Njalo
12. Yini esishukumisela ukuba ‘siye phambili’? (Bheka nebhokisi elithi “Ukuvuna ‘Emikhawulweni Yomhlaba.’”)
12 Yebo, kumelwe singasaleli emuva, kodwa ‘siye phambili’ nenqola kaJehova engokwasezulwini yezingelosi. (Hezekeli 1:12, qhathanisa ne-NW.) Sikhumbula amazwi kaPetru: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Masivumele intshiseko eyisibonelo yabafowethu basemazweni ampofu isishukumise. Noma yikuphi okungase kubonakale kuwukulibala ekugqashukeni kwe-Armagedoni kuvumela ukuba amakhulu ezinkulungwane aqoqwe kulamazwe nakwamanye amaningi emasimini asetshenzwa njalo. Ungalenzi iphutha: “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu.” (Zefaniya 1:14) Nathi kufanele sisheshe ekunikezeni ubufakazi bokugcina ngokungashwampuluzi!
13, 14. (a) Yini engase ishiwo ngokusakazwa kwezincwadi phakathi no-1996? (b) Yimaphi amalungiselelo akhethekile angase enziwe amabandla unyaka ngamunye, futhi ukuhlelela kanjani ukuba nengxenye?
13 Nakuba imininingwane ingaveli eshadini lenkonzo, kuye kwaba nokwanda okuphawulekayo ekusakazweni kwamaBhayibheli, izincwadi nomagazini phakathi nonyaka odlule. Ngokwesibonelo, ukuhanjiswa komagazini emhlabeni wonke kubonise ukwanda ngamaphesenti angu-19, okuyingqikithi yomagazini abangu-543 667 923 abahanjisiwe. Omagazini bethu benza kube lula ukushumayela—emigwaqweni, emapaki, ezitobhini zamabhasi, ezindaweni zamabhizinisi. Imibiko ibonisa ukuthi kwamanye amasimu okushunyayelwa kuwo ngoMbuso njalo, izifundiswa ziye zahlatshwa umxhwele izinga lomagazini bethu futhi ziyazamukela izifundo zeBhayibheli.
14 Unyaka ngamunye ngenyanga ka-April, amabandla avame ukuhlela umsebenzi okhethekile kamagazini, owumkhankaso wokushumayela lonke usuku endlini ngendlu nasezindaweni zomphakathi. Ingabe ibandla lakini liyohlanganyela kulomsebenzi ngo-April 1997? Kuye kwalungiselelwa omagazini baka-April be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! abahle futhi ukukhishwa kwabo ngesikhathi esisodwa emhlabeni wonke kufanele kuhlabe umxhwele ngempela! Esiqhingini saseCyprus, amabandla, esebenzisa isiqubulo esithi “finyelela wonke umuntu ongamfinyelela ngesigijimi soMbuso,” aye aqhubeka enza lomsebenzi kamagazini ohleliwe nyanga zonke, afinyelela inani elisha eliphakeme lomagazini abangu-275 359 abahanjiswe onyakeni, okuwukwanda ngamaphesenti angu-54.
Izigijimi ZikaHagayi Zokugcina
15. (a) Kungani uJehova athumela izigijimi ezengeziwe ngoHagayi? (b) Isigijimi sikaHagayi sesithathu kufanele sidlulisele siphi isifundo kithi?
15 Ngemva kwezinsuku ezingu-63 edlulisele isigijimi sakhe sesibili, uJehova wathuma uHagayi nesimemezelo sesithathu sonke okufanele singasithathi kalula namuhla. UHagayi wakhuluma njengokungathi amaJuda ayesabeka isisekelo sethempeli, kodwa empeleni ayesibeke eminyakeni engu-17 ngaphambili. UJehova waphinda wakubona kufanelekile ukuhlanza. Abapristi nabantu babeye badebesela ngakho babengahlanzekile emehlweni kaJehova. Kungenzeka yini ukuthi abanye babantu bakaJehova baye badebesela namuhla, bazihilela ngisho nasezindleleni zezwe zokuyekelela nokuthanda izinto ezibonakalayo? Kuyaphuthuma ukuba sonke sibeke izinhliziyo zethu ekuletheni inkazimulo egameni likaJehova “kusukela kulolusuku nangaphambili,” siqiniseka ngesithembiso sakhe: “Kusukela kulolusuku ngiyakukubusisa.”—Hagayi 2:10-19; Heberu 6:11, 12.
16. Yikuphi ‘ukuzamazamisa’ okuseduze, futhi kuyophumelaphi?
16 Ngalo lolo suku, izwi ‘likaJehova wamabutho’ leza kuHagayi okwesine nokokugcina. Wenza kwaziwa ukuthi yini eyayihilelekile ‘ekuzamazamiseni kwaKhe amazulu nomhlaba,’ ethi: “Ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube-yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.” (Hagayi 2:6, 21, 22) Ngakho lokhu ‘kuzamazamisa’ kuyofinyelela umvuthwandaba wako lapho uJehova ehlanza umhlaba ngokuphelele e-Armagedoni. Ngaleso sikhathi “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe” kuyobe sekungenisiwe, ukuze kwakhe isisekelo somphakathi wesintu wezwe elisha. Yeka izizathu zokujabula nokudumisa uJehova!—Hagayi 2:7; IsAmbulo 19:6, 7; 21:1-4.
17. UJesu uye wamiswa kanjani ‘njengendandatho’?
17 Ephetha isiprofetho sakhe, uHagayi uyabhala: “Ngalolosuku, usho uJehova [“wamabutho,” NW] ngiyakukuthatha, Zerubabele . . . , ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile, usho uJehova [“wamabutho,” NW].” (Hagayi 2:23) UKristu Jesu manje uyiNkosi yobuMesiya nomPristi Omkhulu owafanekiselwa omiswe uJehova, futhi unazo zombili emazulwini izikhundla uMbusi uZerubabele nomPristi Omkhulu uJoshuwa ababenazo ngokwahlukana kwabo eJerusalema lasemhlabeni. Njengendandatho engokomthetho engakwesokudla sikaJehova, uJesu uye waba “nguYebo” njengethuluzi likaJehova ekugcwaliseni “izithembiso zikaNkulunkulu” eziningi. (2 Korinte 1:20; Efesu 3:10, 11; IsAmbulo 19:10) Sonke isigijimi seBhayibheli esingokwesiprofetho sigxile elungiselelweni likaJehova lokuba uKristu abe yiNkosi noMhlengi ongumpristi.—Johane 18:37; 1 Petru 1:18, 19.
18. ‘Amazwi kaJehova wamabutho’ okuphetha ayoba kanjani nokugcwaliseka okuqabulayo?
18 Ngempela kulolu suku lwethu, inkazimulo enkulu kufanele itholakale ethempelini likaJehova elingokomoya elikhazimulayo! Futhi maduze nje, ngemva kokuba uJehova esuse sonke isimiso sikaSathane, uHagayi 2:9 uyoba nokunye ukugcwaliseka okujabulisayo: “Nginike ukuthula kulendawo, usho uJehova [“wamabutho,” NW].” Ukuthula ekugcineni!—ukuthula kwendawo yonke okuhlala njalo, okuqinisekiswe “indandatho” kaJehova, uKristu Jesu, “iNkosi yokuthula,” okulotshwe ngayo ukuthi: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela . . . Ukushisekela kukaJehova [“wamabutho,” NW] kuyakwenza lokhu.” (Isaya 9:6, 7) Inkazimulo yendlu kaJehova yokukhulekela iyobonakala kuyo yonke indawo enokuthula yobukhosi bakhe bendawo yonke kuze kube phakade. Kwangathi singahlala kuleyondlu!—IHubo 27:4; 65:4; 84:10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ukusindiswa ‘Esizukulwaneni Esibi’” nesithi “Isikhathi Sokuba Sihlale Siphapheme” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 1995.
Ungachaza?
◻ Namuhla, indlu kaJehova ‘igcwaliswa kanjani ngenkazimulo’?
◻ Kungani ukushumayela izindaba ezinhle kungakaze kuphuthume kangaka?
◻ Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1996 usishukumisa kanjani ukuba sishumayele ngokuphuthuma?
◻ UKristu ukhonza kanjani ‘njengendandatho’ kaJehova?
[Ibhokisi ekhasini 15]
Ukuvuna “Emikhawulweni Yomhlaba”
KU-ISAYA 43:6, sifunda lomyalo kaJehova: “Ungabagodli; lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba.” Lombhalo ugcwaliseka ngendlela ekhethekile namuhla eMpumalanga Yurophu. Ngokwesibonelo, cabanga ngezwe laseMoldova elalingelobuKhomanisi. Kunamadolobhana lapho ingxenye yenani labantu ingoFakazi. Kudingeka bahambe amabanga amade ukuze bathole insimu abangashumayela kuyo, kodwa bayazama! Abamemezeli abaningi kulamabandla bayizingane zabazali abadingiselwa eSiberia ekuqaleni kwawo-1950. Manje imikhaya yabo iyahola emsebenzini wokuvuna. Kubamemezeli abangu-12 565, abangu-1 917 babhapathizwa ngonyaka odlule. Ibandla ngalinye kwangu-43 linabamemezeli abangaba ngu-150, futhi izifunda ziye zanda zisuka kwezine ziya kweziyisishiyagalombili ngonyaka wenkonzo omusha.
Okunye okuphawulekayo, ukwanda e-Albania. Lapho, idlanzana loFakazi abathembekile lakhuthazelela ubushiqela obunonya olukhulu iminyaka engaba ngu-50. Iningana labo labulawa. Lokhu kusikhumbuza isithembiso sikaJesu: “Ungazesabi izinto osuzohlupheka ngazo. Bheka! UDeveli uzoqhubeka ephonsa abanye benu etilongweni ukuze nifakwe ovivinyweni ngokugcwele . . . Zibonakalise ukholekile kuze kube ngisho nasekufeni, futhi ngiyokunika umqhele wokuphila.” (IsAmbulo 2:10; bheka noJohane 5:28, 29; 11:24, 25.) Manje yini esiyibonayo e-Albania? Ngokuqinisekile sibona ukugcwaliseka okuhlaba umxhwele kwesithembiso sikaJehova esitholakala ku-Isaya 60:22: “Omncane uyakuba-yinkulungwane”! Ngo-1990 ummemezeli oyedwa owabika inkonzo e-Albania. Nokho, “izisebenzi” ezengeziwe ezivela e-Italy nakwamanye amazwe zasabela esimemweni sikaJesu: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu . . . babe abafundi, nibabhapathize.” (Mathewu 28:19; Luka 10:2) Kwathi kuqambe kufika iSikhumbuzo sokufa kukaJesu ngo-1996, kwase kunabamemezeli abangu-773 abashisekayo enkonzweni, futhi laba baletha abangu-6 523 emihlanganweni yabo yeSikhumbuzo, inani elingaphezu kokuphindwa kasishiyagalombili kwenani labamemezeli! Kwabikwa amanani amahle ababa khona ezindaweni ezingazodwa. Nakuba babengekho abamemezeli kulezi zindawo, idolobha laseKukës nelaseDivjakë aba nenani lababa khona abangu-192 nabangu-230 ngokwahlukana kwawo. IKrujë, enommemezeli oyedwa vó, yaba nabangu-212 ababa khona. Abamemezeli abangu-30 eKorçë baqasha isakhiwo esihlalisa abantu abangaphezu kuka-300. Ngemva kokuba lelo nani selingenisiwe ehholo, abanye abangu-200 kwadingeka babuyiselwe emuva ngoba yayingasekho indawo. Ngempela insimu elungele ukuvunwa!
ERomania kuvela lombiko: “Lapho senza umsebenzi wendlu ngendlu, sahlangana nomuntu owathi ungomunye woFakazi BakaJehova futhi ehlala edolobhaneni, ngokwazi kwethu, ababengekho oFakazi kulo. Wasitshela ukuthi ngaphandle kwakhe kwakunabanye abantu abangu-15 okwase kuyiminyaka eminingi beqhuba imihlangano njalo ngoLwesine nangeSonto nokuthi base beqalile ukushumayela endlini ngendlu. Ngosuku olulandelayo saya kulelo dolobhana. Abesilisa, abesifazane nezingane abangu-15 babesilinde emagumbini amabili futhi bamukela izincwadi ezingu-20 nomagazini bamuva abangu-20. Sababonisa indlela yokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Sahlabelela ndawonye futhi saphendula imibuzo yabo eyayidinga ukuphendulwa ngokushesha. Owayehola kuleli qembu wavuma: ‘Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, ngiye ngathandaza ngezinyembezi kuJehova ngicela ukuba asithumelele umalusi, futhi umthandazo wami uphenduliwe.’ Sasijabule kakhulu, futhi lapho sesihamba, njengentandane esithole uyise ekugcineni, wathi: ‘Nisize ningasikhohlwa. Anokuza nizosibona futhi!’ Sakwenza lokho, futhi manje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli eziyisikhombisa kulelo dolobha. Emasimini amaningi angakaze asetshenzwe, umsebenzi uba nesiqalo esihle ngezincwadi zeBhayibheli, ezaziswa kakhulu, futhi lokhu kubonisa ukuthi lomsebenzi ungowaphezulu.”
[Ishadi ekhasini 18-21]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1996 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(See bound volume)
[Izithombe ekhasini 16, 17]
“Okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe” kuyaqoqwa eziQhingini Zolwandle (1), eNingizimu Melika (2), e-Afrika (3), e-Asia (4), eNyakatho Melika (5), naseYurophu (6)