-
Incwadi YeBhayibheli Yama-35—UHabakuki“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
Isiprofetho ngokwaso sinikeza umkhondo ngokubikezela isenzo abantu bakwaJuda abangeke basikholelwe ngisho nalapho kulandiswa ngaso. Siyini? Siwukuvusa kukaNkulunkulu amaKaledi (abaseBabiloni) ukuba ajezise uJuda ongenalukholo. (1:5, 6) Lokhu kuhambisana nengxenye engasekuqaleni kokubusa kweNkosi uJehoyakimi eyayikhonza izithombe, isikhathi okwakudlange ngaso ukungakholwa nokwahlulela ngokungalungi kwaJuda. UJehoyakimi wayebekwe esihlalweni sobukhosi uFaro-Nekho, futhi isizwe sasingaphansi kwethonya leGibithe. Ngaphansi kwezimo ezinjalo abantu babeyoba nomuzwa wokuthi banesizathu sokukungabaza ukuthi kungenzeka iBabiloni lihlasele. Kodwa uNebukadinesari wanqoba uFaro-Nekho empini yaseKharikemishi ngo-625 B.C.E., ngaleyondlela wawuchitha umbuso waseGibithe.
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-35—UHabakuki“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
6. Siyini isimo kwaJuda, futhi ngalokho yisiphi isenzo esimangalisayo uJehova azosenza?
6 Umprofethi ukhala kuJehova (1:1–2:1). Ukungabi nalukholo kukaJuda kuye kwavusa imibuzo engqondweni kaHabakuki. “Ngiyakukuncenga kuze kube-nini, Jehova, ungezwa?” ebuza. “Kungani ukuchitha nendluzula kuphambi kwami?” (1:2, 3, qhathanisa neNW.) Umthetho uba-buthakathaka, omubi uhaqa olungileyo, futhi ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe. Ngenxa yalokhu, uJehova uzokwenza isenzo esizobangela ukumangala, okuthile ‘abantu abangayikukholwa yikho lapho kulandwa.’ Eqinisweni ‘uvusa amaKaledi’! Uyethusa ngempela umbono uJehova awunikezayo walesizwe esinonya njengoba siza ngejubane. Sizokwenza indluzula, futhi sibutha abathunjwa “njengesihlabathi.” (1:5, 6, 9)
-