-
“Izandla Zakho Mazingadangali”INqabayokulinda—1996 | Mashi 1
-
-
Okokuqala, kufanele siqaphele ukuba singabi njengamaJuda osuku lukaZefaniya ahlehla ekulandeleni uJehova ngenxa yokuvumela ukungabaza ngokuba seduze kosuku lukaJehova. AmaJuda anjalo awazange akuveze obala ukungabaza kwawo, kodwa izenzo zawo zembula ukuthi ayengakholelwa ngempela ukuthi usuku olukhulu lukaJehova lwaluseduze. Agxila ekuqongeleleni ingcebo kunokuhlala elindele uJehova.—Zefaniya 1:12, 13; 3:8.
14 Lesi akusona isikhathi sokuvumela ukungabaza kwakheke ezinhliziyweni zethu. Akunakuba ukuhlakanipha ukuba ezingqondweni noma ezinhliziyweni zethu sihlehlise ukufika kosuku lukaJehova. (2 Petru 3:1-4, 10) Kufanele sigweme ukuhlehla ekulandeleni uJehova noma ukuba ‘izandla zethu zidangale’ enkonzweni yakhe. Lokhu kuhlanganisa ‘nokungasebenzi ngesandla esinobuvila’ ekushumayeleni kwethu “izindaba ezinhle.”—IzAga 10:4, qhathanisa ne-NW; Marku 13:10.
-
-
“Izandla Zakho Mazingadangali”INqabayokulinda—1996 | Mashi 1
-
-
Ukulwa Nokunganaki
15. Yini engabangela ukuba siyekethise izandla zethu enkonzweni kaJehova, futhi lenkinga yabikezelwa kanjani esiprofethweni sikaZefaniya?
15 Okwesibili, kufanele siqaphele imiphumela ethena amandla yokunganaki. Emazweni amaningi aseNtshonalanga, ukungabi namsebenzi nezinto ezingokomoya kuba imbangela yokudumala phakathi kwabashumayeli abaningi bezindaba ezinhle. Ukunganaki okunjalo kwakukhona nasosukwini lukaZefaniya. Ngomprofethi wakhe uJehova wathi: “Ngihambele abantu . . . abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.” (Zefaniya 1:12) Ebhala ngalendima kuyi-Cambridge Bible for Schools and Colleges, u-A. B. Davidson wathi ibhekisela kubantu abaye “bacwila esimweni sokunganaki futhi bangahlushwa nawunembeza noma ngisho nesokungakholwa ukuthi amandla aphakeme kakhulu ayongenela ezindabeni zesintu.”
-