Isahluko 18
Zibekele Umgomo Wokukhonza UNkulunkulu Kuze Kube Phakade
1, 2. Yini enye edingekayo ngaphandle kokuba nolwazi ngoNkulunkulu?
AKE uzicabange umi phambi komnyango ohluthulelwe ongenela egunjini elinamagugu amakhulu. Ake sithi umuntu onegunya ukunikeza isihluthulelo abe esekutshela ukuthi uzithathele lezi zinto eziyigugu. Leso sihluthulelo ngeke sikusize ngalutho uma ungasisebenzisi. Ngokufanayo, kumelwe ulusebenzise ulwazi ukuze lukuzuzise.
2 Lokhu kusebenza ikakhulukazi olwazini oluphathelene noNkulunkulu. Ngempela, ulwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu lusho ukuphila okumi phakade. (Johane 17:3) Nokho, lelo themba ngeke ligcwaliswe ukuba nje nolwazi. Njengoba ubuyosebenzisa isihluthulelo esibalulekile, kudingeka usebenzise ulwazi ngoNkulunkulu ekuphileni kwakho. UJesu wathi labo abenza intando kaNkulunkulu ‘babeyongena embusweni.’ Abantu abanjalo babeyoba nelungelo lokukhonza uNkulunkulu kuze kube phakade!—Mathewu 7:21; 1 Johane 2:17.
3. Iyini intando kaNkulunkulu ngathi?
3 Ngemva kokufunda ukuthi intando kaNkulunkulu iyini, kubalulekile ukuyenza. Ucabanga ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngawe? Ingabekwa kahle ngamafuphi ngalamazwi: Lingisa uJesu. Eyoku-1 Petru 2:21 iyasitshela: “Nabizelwa kulenkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” Khona-ke, ukuze wenze intando kaNkulunkulu kudingeka ulandele isibonelo sikaJesu eduze ngangokunokwenzeka. Yileyondlela olusebenzisa ngayo ulwazi ngoyNkulunkulu.
INDLELA UJESU ALUSEBENZISA NGAYO ULWAZI NGONKULUNKULU
4. Kungani uJesu azi okuningi kangaka ngoJehova, futhi uye walusebenzisa kanjani lolu lwazi?
4 UJesu Kristu umazi ngokuseduze kakhulu uNkulunkulu kunabanye. Waphila futhi wasebenza noJehova uNkulunkulu ezulwini iminyaka eminingi ngaphambi kokuba eze emhlabeni. (Kolose 1:15, 16) Futhi uJesu wenzani ngalo lonke lolo lwazi? Wayenganelisiwe ukumane nje abe nalo. UJesu waphila ngalo. Kungakho ayenomusa kangaka, ebekezela, futhi enothando lapho esebenzelana nabantu ayenabo. Ngaleyondlela uJesu wayelingisa uYise wasezulwini futhi enza ngokuvumelana nolwazi lwakhe oluphathelene nezindlela nobuntu bukaJehova.—Johane 8:23, 28, 29, 38; 1 Johane 4:8.
5. Kungani uJesu abhapathizwa, futhi waphila kanjani ngokuvumelana nokwakushiwo ubhapathizo lwakhe?
5 Futhi ulwazi uJesu ayenalo lwamshukumisela ukuba athathe isinyathelo esibalulekile. Wasuka eGalile waya eMfuleni iJordani, lapho uJohane ambhapathiza khona. (Mathewu 3:13-15) Ukubhapathizwa kukaJesu kwafanekiselani? NjengomJuda, wazalelwa esizweni esasizinikezele kuNkulunkulu. Ngakho, uJesu wayezinikezele kwasekuzalweni. (Eksodusi 19:5, 6) Ngokuvuma ukuba abhapathizwe, wayeziletha kuJehova ukuze enze okwakuyintando yaphezulu ngaye ngaleso sikhathi. (Heberu 10:5, 7) Futhi uJesu wakufeza okwakushiwo ukubhapathizwa kwakhe. Wazikhandla enkonzweni kaJehova, ehlanganyela nabantu ulwazi ngoNkulunkulu ngawo wonke amathuba. UJesu wayekujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu, waze wathi kwakunjengokudla kuye.—Johane 4:34.
6. UJesu wazidela ngayiphi indlela?
6 UJesu wayekuqaphela ngokugcwele ukuthi ukwenza intando kaJehova kwakuyosho ukulahlekelwa okukhulu—ukuthi kwakuyomlahlekisela ngisho nokuphila kwakhe. Nokho, uJesu wazidela, enza izidingo zakhe zomuntu siqu zize kamuva. Ukwenza intando kaNkulunkulu kwakuza kuqala njalo. Kulokhu, singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu esiphelele?
IZINYATHELO EZIHOLELA EKUPHILENI OKUNGUNAPHAKADE
7. Yiziphi izinyathelo umuntu okumelwe azithathe ukuze afanelekele ubhapathizo?
7 Ngokungafani noJesu, thina asiphelele futhi singafinyelela isinyathelo esibalulekile sokubhapathizwa ngemva kokuthatha ezinye izinyathelo ezibalulekile. Lokhu kuqala ngokungenisa ulwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu ezinhliziyweni zethu. Ukwenza lokhu kusenza sibonise ukholo futhi sibe nothando olukhulu ngoNkulunkulu. (Mathewu 22:37-40; Roma 10:17; Heberu 11:6) Ukwenza ngokuvumelana nemithetho, izimiso, nezindinganiso zikaNkulunkulu kufanele kusishukumisele ukuba siphenduke, sibonisa ukudabuka okuhambisana nokuhlonipha uNkulunkulu ngenxa yezono zethu zesikhathi esidlule. Lokhu kuholela ekuguqukeni, okusho ukushintsha nokushiya noma iyiphi inkambo engalungile esasiyilandela ngesikhathi singakamazi uNkulunkulu. (IzEnzo 3:19) Ngokulindelekile, uma sisasenza umkhuba ngasese isono esikhundleni sokwenza okulungile, sisuke singakashintshi ngempela, futhi singamkhohlisile uNkulunkulu. UJehova uyakubona konke ukuzenzisa.—Luka 12:2, 3.
8. Yisiphi isinyathelo okufanele usithathe uma ufisa ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso?
8 Njengoba ubulokhu ungenisa ulwazi ngoNkulunkulu, akufanelekile yini ucabangele ukuthi izindaba ezingokomoya zisebenza kanjani kuwe siqu? Cishe uyakulangazelela ukutshela izihlobo zakho, abangane, nabanye ngalokho okufundayo. Eqinisweni, kungenzeka uyakwenza kakade lokhu, njengoba nje uJesu ahlanganyela izindaba ezinhle nabanye ezimweni ezingahleliwe. (Luka 10:38, 39; Johane 4:6-15) Manje kungenzeka ufuna ukwenza okuthé xaxa. Abadala abangamaKristu bayokujabulela ukuxoxa nawe ukuze babone ukuthi uyakufanelekela yini nokuthi ungakwazi yini ukuhlanganyela emsebenzini woFakazi BakaJehova wasikhathi sonke wokushumayela ngoMbuso. Uma ufaneleka, abadala bayokwenza amalungiselelo okuba uhambe noFakazi othile enkonzweni. Abafundi bakaJesu balalela iziyalezo zakhe ukuze bafeze inkonzo yabo ngendlela ehlelekile. (Marku 6:7, 30; Luka 10:1) Uyozuza osizweni olufanayo njengoba uhlanganyela ekusakazeni isigijimi soMbuso endlini ngendlu nangezinye izindlela.—IzEnzo 20:20, 21.
9. Umuntu uzinikezela kanjani kuNkulunkulu, futhi ukuzinikezela kukuthinta kanjani ukuphila komuntu?
9 Ukushumayela izindaba ezinhle kuzo zonke izinhlobo zabantu ensimini yebandla kuyindlela yokuthola labo abathambekele ekulungeni futhi kuphakathi kwemisebenzi emihle efakazela ukuthi unokholo. (IzEnzo 10:34, 35; Jakobe 2:17, 18, 26) Ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela nakho kuyizindlela zokubonisa ukuthi uphendukile futhi waguquka nokuthi manje uzimisele ukuphila ngokuvumelana nolwazi ngoNkulunkulu. Yisiphi isinyathelo esilandelayo esinengqondo? Ukuzinikezela kuJehova uNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi emthandazweni osuka enhliziyweni, utshela uNkulunkulu ukuthi unikela ukuphila kwakho kuye ngokuzithandela nangenhliziyo epheleleyo ukuze wenze intando yakhe. Yilena indlela yokuzinikezela kwakho kuJehova nokwamukela ijoka lomusa likaJesu Kristu.—Mathewu 11:29, 30.
UBHAPATHIZO—LOKHO OLUKUSHOYO NGAWE
10. Kungani kufanele ubhapathizwe ngemva kokuba usuzinikezele kuJehova?
10 NgokukaJesu, bonke ababa abafundi bakhe kumelwe babhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20) Kungani lokhu kudingeka ngemva kokuba usuzinikezele kuNkulunkulu? Njengoba usuzinikezele kuJehova, uyazi ukuthi uyamthanda. Kodwa ngokungangabazeki uyofuna ukuthatha esinye isinyathelo ukuze wenze abanye bazi ngothando lwakho ngoNkulunkulu. Yebo, ubhapathizo lukunikeza ithuba lokuba wenze ukuzinikezela kwakho kuJehova uNkulunkulu kwaziwe iningi.—Roma 10:9, 10.
11. Lusho ukuthini ubhapathizo?
11 Ubhapathizo lunezincazelo eziningi ezingokomfanekiso. Njengoba ucwiliswa, noma “ungcwatshwa,” ngaphansi kwamanzi, kuba sengathi ufile enkambweni yakho yokuphila yangaphambili. Lapho uphuma emanzini, kuba sengathi uphumela ekuphileni okusha, okubuswa intando kaNkulunkulu hhayi eyakho. Yiqiniso, lokho akusho ukuthi ngeke usawenza amaphutha, ngoba sonke asiphelele futhi ngenxa yalokho sona nsuku zonke. Nokho, njengenceku kaJehova ezinikezele, yabhapathizwa, uyobe ungene ebuhlotsheni obukhethekile naye. Ngenxa yokuphenduka nokuvuma kwakho ngokuzithoba ukuba ubhapathizwe, uJehova uzimisele ukuthethelela izono zakho ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. Kanjalo ubhapathizo luholela ekubeni nonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu.—1 Petru 3:21.
12. Kusho ukuthini ukubhapathizwa (a) “egameni likaYise”? (b) ‘egameni leNdodana’? (c) ‘egameni lomoya ongcwele’?
12 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba babhapathize abafundi abasha “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Mathewu 28:19) Wayesho ukuthini uJesu? Ubhapathizo olwenziwa “egameni likaYise” lubonisa ukuthi umuntu obhapathizwayo wamukela uJehova uNkulunkulu ngenhliziyo ephelele njengoMdali noMbusi ofanele wendawo yonke. (IHubo 36:9; 83:18; UmShumayeli 12:1) Ukubhapathizwa ‘egameni leNdodana’ kusho ukuthi umuntu wamukela uJesu Kristu—futhi ngokuyinhloko umhlatshelo waKhe wesihlengo—njengokuwukuphela kwendlela yokusindiswa elungiselelwe uNkulunkulu. (IzEnzo 4:12) Ubhapathizo olwenziwa ‘egameni lomoya ongcwele’ lubonisa ukuthi umuntu obhapathizwayo uqaphela umoya ongcwele kaJehova, noma amandla asebenzayo, njengethuluzi likaNkulunkulu lokufeza izinjongo zaKhe nelokuqinisa izinceku zaKhe ukuba zenze intando yaKhe elungile ehlobene nenhlangano yaKhe eqondiswa umoya.—Genesise 1:2; IHubo 104:30; Johane 14:26; 2 Petru 1:21.
INGABE ULULUNGELE UBHAPATHIZO?
13, 14. Kungani kungafanele sesabe ukukhetha ukukhonza uJehova uNkulunkulu?
13 Njengoba ubhapathizo lusho okukhulu kangaka futhi luyisinyathelo esibaluleke kakhulu ekuphileni komuntu, ingabe luyisinyathelo okufanele usesabe? Lutho neze! Nakuba isinqumo sobhapathizo kungamelwe sithathwe kancane, ngokungangabazeki siyisinqumo esiwukuhlakanipha kakhulu ongasenza.
14 Ubhapathizo luwubufakazi bokukhetha kwakho ukukhonza uJehova uNkulunkulu. Cabanga ngabantu obajwayele. Akukhona yini ukuthi ngandlela-thile ngamunye wabo ukhonza inkosi ethile? Abanye bayizigqila zengcebo. (Mathewu 6:24) Abanye baphishekela imisebenzi yabo ngenkuthalo noma bazikhonze bona ngokwenza ukwanelisa izifiso zabo siqu kuze kuqala ekuphileni. Kanti abanye bakhonza onkulunkulu bamanga. Kodwa wena ukhethe ukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Akekho omunye ongabonisa umusa, isihawu, nothando olungako. UNkulunkulu unika abantu udumo ngokubanika umsebenzi onenjongo oqondisa abantu ensindisweni. Uvuza izinceku zakhe ngokuphila okumi phakade. Ngokuqinisekile, ukulandela isibonelo sikaJesu nokunikela ngokuphila kwakho kuJehova akuyona inkambo yokwesatshwa. Eqinisweni, iyona kuphela ejabulisa uNkulunkulu nenengqondo ngokuphelele.—1 AmaKhosi 18:21.
15. Yiziphi izithiyo ezivamile zokubhapathizwa?
15 Kodwa, ubhapathizo alusona isinyathelo esithathwa ngenxa yokucindezelwa abanye. Luyindaba yomuntu siqu phakathi kwakho noJehova. (Galathiya 6:4) Njengoba usuthuthukile ngokomoya, kungenzeka uye wazibuza: “Yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?” (IzEnzo 8:35, 36) Ungase uzibuze, ‘Ingabe ngibanjwe ukuphikiswa ekhaya? Ingabe ngisahileleke esimweni esilahlwa imibhalo noma emkhubeni wesono? Kungaba yini ukuthi ngesaba ukungathandwa emphakathini?’ Lezi ngezinye zezici zokucatshangelwa, kodwa zicatshangelwe ngokubhekana namaqiniso.
16. Uyozuza kanjani ngokukhonza uJehova?
16 Akukhona ukubhekana namaqiniso ukubala izindleko ngaphandle kokucabangela izinzuzo zokukhonza uJehova. Ngokwesibonelo, cabangela indaba yokuphikiswa ekhaya. UJesu wathembisa ukuthi nakuba abafundi bakhe babengalahlekelwa izihlobo ngenxa yokumlandela, babeyozuza umkhaya ongokomoya omkhulu nakakhulu. (Marku 10:29, 30) Laba bantu okholwa nabo bayobonisa uthando lobuzalwane kuwe, bakusize ukuba ukhuthazelele ukushushiswa, futhi bakusekele endleleni eya ekuphileni. (1 Petru 5:9) Abadala bebandla ikakhulukazi bayokusiza ukuba ubhekane nezinkinga futhi uhlangabezane nezinye izinselele ngokuphumelelayo. (Jakobe 5:14-16) Uma kuziwa ekulahlekelweni ukuthandwa yilelizwe, uyobe wenza kahle uma uzibuza, ‘Yini engase ifaniswe nokwamukelwa uMdali wendawo yonke, ngimenze athokoziswe inkambo yami yokuphila engiyikhethile?’—IzAga 27:11.
UKUPHILA NGOKUVUMELANA NOKUZINIKEZELA KWAKHO NOBHAPATHIZO
17. Kungani kufanele ubheke ubhapathizo njengesiqalo kunesiphetho?
17 Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ubhapathizo alusho ukuthi intuthuko yakho engokomoya isifike ekugcineni. Luwukuqala kwenkonzo yokuphila konke eya kuNkulunkulu njengesikhonzi esimisiwe nanjengomunye woFakazi BakaJehova. Nakuba ubhapathizo lubaluleke kakhulu, alusona isiqinisekiso sokusindiswa. UJesu akazange athi: ‘Wonke umuntu obhapathiziwe uyosindiswa.’ Kunalokho, wathi: “Oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Ngakho-ke, kubalulekile ukuba ufune uMbuso kaNkulunkulu kuqala ngokuwenza ube into eza kuqala ekuphileni kwakho.—Mathewu 6:25-34.
18. Ngemva kobhapathizo, yimiphi eminye imigomo yokuphishekelwa?
18 Ukuze ukhuthazele enkonzweni oyenzela uJehova, uyofuna ukuzibekela imigomo engokomoya. Omunye umgomo ofanelekayo uwukwandisa ulwazi lwakho ngoNkulunkulu ngesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke seZwi lakhe. Hlela ukuba ufunde iBhayibheli nsuku zonke. (IHubo 1:1, 2) Yiba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, ngoba ubudlelwane obuthola lapho buyosiza ekukunikezeni amandla angokomoya. Kungani ungazibekeli umgomo wakho siqu wokuphendula emihlanganweni yebandla futhi kanjalo udumise uJehova futhi ufune ukwakha abanye? (Roma 1:11, 12) Omunye umgomo ungaba ukuthuthukisa imithandazo yakho.—Luka 11:2-4.
19. Yiziphi izimfanelo umoya ongcwele ongakusiza ukuba uzibonakalise?
19 Ukuze uphile ngokuvumelana nalokho okushiwo ubhapathizo lwakho, kudingeka ukunakisise njalo okwenzayo, uvumele umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuba uveze kuwe izimfanelo ezinjengothando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23; 2 Petru 3:11) Khumbula, uJehova ubanika umoya wakhe ongcwele bonke abawuthandazelayo nabamlalelayo njengezinceku zakhe ezithembekile. (Luka 11:13; IzEnzo 5:32) Ngakho thandaza kuNkulunkulu ucele umoya wakhe nokuba akusize ekuboniseni izimfanelo ezimjabulisayo. Izimfanelo ezinjalo ziyoya zibonakala enkulumweni nasekuziphatheni kwakho njengoba usabela ethonyeni lomoya kaNkulunkulu. Yiqiniso, wonke umuntu ebandleni lobuKristu ulwela ukuba ‘nobuntu obusha’ ukuze aqhubeke eba njengoKristu. (Kolose 3:9-14) Sonke ngabanye sibhekana nezinselele ezihlukene lapho senza lokhu ngoba sisemazingeni ahlukahlukene entuthuko engokomoya. Njengoba ungaphelele, kumelwe ukulwele ukuba nobuntu obunjengobukaKristu. Kodwa ungalilahli nanini ithemba kulokhu, ngoba kungenzeka ngosizo lukaNkulunkulu.
20. Ungamlingisa ngaziphi izindlela uJesu enkonzweni?
20 Phakathi kwemigomo yakho engokomoya kufanele kube nokulingisa isibonelo sikaJesu senjabulo ngokuseduze kakhudlwana. (Heberu 12:1-3) Wayeyithanda inkonzo. Khona-ke, uma unelungelo lokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, ungavumi ukuba ube into nje evamile. Lwela ukuthola ukwaneliseka ekufundiseni abanye ngoMbuso kaNkulunkulu njengoba uJesu enza. Sebenzisa imfundo ibandla eliyinikezayo ukuze ikusize uthuthuke njengomfundisi. Futhi qiniseka ukuthi uJehova angakunikeza amandla okufeza inkonzo yakho.—1 Korinte 9:19-23.
21. (a) Sazi kanjani ukuthi uJehova ubabheka njengamagugu abantu ababhapathiziwe abathembekile? (b) Yini ebonisa ukuthi ubhapathizo lubalulekile ukuze sisinde lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo phezu kwalesi simiso esibi sezinto?
21 Umuntu ozinikezele wabhapathizwa, ozama ngokwethembeka ukulandela uJesu, ukhethekile kuNkulunkulu. UJehova uhlola zonke izinkulungwane zezigidi zezinhliziyo zabantu futhi uyazi ukuthi bayivelakancane kanjani abantu abanjalo. Ubabheka njengamagugu, “okunxanelekayo.” (Hagayi 2:7) Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi uNkulunkulu ubheka abanjalo njengabaphawulelwe ukusinda lapho ekhipha isahlulelo sakhe esizofika ngokushesha phezu kwalesi simiso sezinto esibi. (Hezekeli 9:1-6; Malaki 3:16, 18) Ingabe ‘uthambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’? (IzEnzo 13:48) Ingabe kuyisifiso sakho esiqotho ukuphawulwa njengomuntu okhonza uNkulunkulu? Ukuzinikezela nobhapathizo kuyingxenye yalolo luphawu, futhi kubalulekile ukuze usinde.
22. Yimaphi amathemba “isixuku esikhulu” esingaba nawo?
22 Ngemva kweSikhukhula sembulunga yonke, uNowa nomkhaya wakhe baphuma emkhunjini baphumela emhlabeni ohlanziwe. Ngokufanayo namuhla, “isixuku esikhulu” esisebenzisa ulwazi ngoNkulunkulu ekuphileni kwaso nesizuza ukuvunyelwa uJehova sinethemba lokusinda ekupheleni kwalesi simiso sezinto esibi nokujabulela ukuphila okumi phakade emhlabeni ohlanzwe ngendlela ehlala njalo. (IsAmbulo 7:9, 14) Kuyoba njani lokho kuphila?
HLOLA ULWAZI LWAKHO
UJehova ufuna ulusebenzise kanjani ulwazi onalo ngaye?
Yiziphi ezinye izinyathelo eziholela obhapathizweni?
Kungani ubhapathizo lungesona isiphetho kodwa luyisiqalo?
Singaphila kanjani ngokuvumelana nokuzinikezela nokubhapathizwa kwethu?
[Isithombe ekhasini 172]
Ingabe usuzinikezele kuNkulunkulu ngomthandazo?
[Izithombe ekhasini 174]
Yini ekuvimbela ukuba ubhapathizwe?