-
Incwadi YeBhayibheli Yama-37—UHagayi“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
Ubaqinisa ngesithembiso sokuthi uyozamazamisa bonke abezizwe futhi enze ukuba okunxanelekayo kwabo kufike nokuthi uyogcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo. Inkazimulo yalendlu yokugcina iyoba nkulu kuneyokuqala, futhi kulendawo uyonikeza ukuthula.
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-37—UHagayi“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
16. Isiprofetho sikaHagayi sihlobene kanjani nethemba loMbuso, futhi kumelwe sisishukumisele kuyiphi inkonzo namuhla?
16 Kuthiwani ngesiprofetho sokuthi uJehova ‘uyozamazamisa izulu nomhlaba’? Umphostoli uPawulu ubonisa ukusebenza kukaHagayi 2:6 ngalamazwi: “Kepha manje [uNkulunkulu] uthembisile wathi: Kusezakuba-kanye ngizamazamise kungabi-ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi. Lokho kokuthi: Kusezakuba-kanye kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime. Ngakho-ke, lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela, ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.” (Heb. 12:26-29) UHagayi ubonisa ukuthi ukuzamazamisa kwenziwa ngenjongo ‘yokugumbuqela isihlalo sobukhosi semibuso, nokuchitha amandla emibuso yabezizwe.’ (Hag. 2:21, 22) Ekucaphuneni lesiprofetho, ngokuphambene uPawulu ukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu “ongenakunyakaziswa.” Khona-ke, lapho sizindla ngalelithemba loMbuso, ‘masiqine sisebenze,’ sinikeze uNkulunkulu inkonzo engcwele. Futhi, masikhumbule ukuthi ngaphambi kokuba uJehova agumbuqele izizwe zomhlaba, kukhona okuthile okuyigugu okumelwe kunyakaziswe futhi kumelwe kuphume kuzo, ukuze kusinde: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo, usho uJehova-Sebawoti.”—2:4, 7.
-