“Isiliva Ngelami, Negolide Ngelami”
EKHULWINI lesithupha B.C.E., inkosi yasePheresiya, uKoresi, yakhulula abantu bakaNkulunkulu ababethunjelwe eBhabhiloni. Izinkulungwane zabo zabuyela eJerusalema ziyokwakha kabusha ithempeli likaJehova elaliyincithakalo. Isimo sezomnotho salaba bantu sasingaqinisekile futhi omakhelwane abanonya bewuphikisa umsebenzi wabo wokwakha kabusha. Yingakho abanye abakhi babezibuza ukuthi babeyoke bawuqede yini lo msebenzi obaluleke kangaka.
Esebenzisa umprofethi wakhe uHagayi, uJehova waqinisekisa abakhi ukuthi wayenabo. Wathi: “Ngizozamazamisa zonke izizwe, futhi izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe zizongena; ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo.” Ngokuqondene nokukhathazeka kwabakhi ngesimo sezomnotho, uHagayi wadlulisela lo myalezo: “‘Isiliva ngelami, negolide ngelami,’ kusho uJehova wamabutho.” (Hagayi 2:7-9) Umsebenzi waphothulwa phakathi neminyaka emihlanu ngemva kokuba uHagayi esho lawo mazwi akhuthazayo.—Ezra 6:13-15.
Amazwi kaHagayi aye akhuthaza nezinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zamuva phakathi nemisebenzi emikhulu ehlobene nokukhulekela uJehova. Ngo-1879 lapho isigaba senceku ethembekileyo neqondayo siqala ukunyathelisa lo magazini, ngaleso sikhathi owawubizwa ngokuthi i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence, wawunala mazwi: “‘IZion’s Watch Tower’ isekelwa UJEHOVA, futhi njengoba lokhu kunjalo ayisoze incenge futhi inxuse abantu ukuba bayisekele. Uma Lowo othi: ‘Lonke igolide nesiliva lezintaba lingelami,’ ehluleka ukulungiselela imali edingekile, siyoqonda ukuthi kuyobe sekuyisikhathi sokuyeka ukuyinyathelisa.”
Akukayekwa ukunyatheliswa kwalo magazini. Ngomagazini wokuqala kwanyatheliswa amakhophi angu-6 000, ngesiNgisi kuphela. Namuhla, isilinganiso esinyatheliswayo sikamagazini ngamunye singu-28 578 000 ngezilimi ezingu-161.a I-Phaphama! engumngane we-Nqabayokulinda inyatheliswa ngesilinganiso samakhophi angu-34 267 000 ngezilimi ezingu-81.
OFakazi BakaJehova benza imisebenzi eminingi enomgomo ofana nowe-Nqabayokulinda—ukudumisa uJehova njengeNkosi EnguMbusi wendawo yonke nokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. (Mathewu 24:14; IsAmbulo 4:11) Ukuqiniseka koFakazi namuhla kufana nalokho okwashiwo yilo magazini ngo-1879. Bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usekela umsebenzi wabo nokuthi iyoba khona imali yokwenza imisebenzi ayibusisayo. Nokho, ngempela isekelwa kanjani ngokwezimali imisebenzi eyenziwa oFakazi BakaJehova? Imiphi imisebenzi abayenzayo ukuze bashumayele izindaba ezinhle emhlabeni wonke?
Umsebenzi Usekelwa Kanjani Ngokwezimali?
Lapho besemsebenzini wabo wokushumayela, oFakazi BakaJehova bavamile ukubuzwa, “Niyakhokhelwa yini ngalo msebenzi?” Impendulo ingucha. Banikela ngesikhathi sabo mahhala. Laba bashumayeli bevangeli bachitha amahora amaningi bekhuluma nabanye ngoJehova nangesithembiso seBhayibheli sekusasa elingcono ngoba bashukunyiswa ukwazisa abanakho. Bayakwazisa lokho uNkulunkulu abenzele khona nendlela isigijimi sezindaba ezinhle esiye sakuthuthukisa ngayo ukuphila kwabo nendlela ababheka ngayo izinto. Ngakho, bafuna ukuxoxela nabanye lezi zindaba ezimnandi. Ngokwenza kanjalo, balandela isimiso esashiwo uJesu: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Yebo, isifiso sabo sokuba ofakazi bakaJehova noJesu sibashukumisela ukuba basebenzise imali yabo ukuze batshele abanye ngezinkolelo zabo, ngisho nalabo abahlala kude kakhulu.—Isaya 43:10; IzEnzo 1:8.
Ubukhulu bomsebenzi wokushumayela nezinto ezisetshenziswayo ukuze ufezwe—izakhiwo zokunyathelisa, amahhovisi, amaHholo OMhlangano, amakhaya ezithunywa zevangeli nokunye—kudinga imali eshisiwe. Iphumaphi leyo mali? Imali yazo zonke lezi zindleko ivela eminikelweni yokuzithandela. Amalungu ebandla angoFakazi BakaJehova awabekelwa mfuneko yokukhipha imali ethile ukuze kusekelwe imisebenzi yenhlangano, futhi awazidayisi izincwadi azinikeza abantu. Uma noma ubani efisa ukunikela ukuze kusekelwe umsebenzi wabo wokufundisa, oFakazi bayawujabulela lowo mnikelo. Ake sicabange ngalokho okuhilelekile esicini esisodwa nje somsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke—ukuhumusha.
Izincwadi Ezitholakala Ngezilimi Ezingu-437
Sekungamashumi amaningi eminyaka izincwadi zoFakazi BakaJehova ziphakathi kwezincwadi ezihunyushwa kakhulu emhlabeni. Sekuye kwahunyushwa amapheshana, izincwajana, omagazini nezincwadi ngezilimi ezingu-437. Yiqiniso, ukuhumusha kuyizindleko ezinkulu, njengoba kunjalo nangeminye imisebenzi ehilelekile ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle. Umsebenzi wokuhumusha uhilelani ngempela?
Lapho abahleli bezincwadi zoFakazi BakaJehova beqeda ukusebenza ngencwadi yesiNgisi, lowo msebenzi uthunyelwa nge-computer emaqenjini abahumushi abaqeqeshiwe emhlabeni wonke. Iqembu ngalinye labahumushi lihumushela izincwadi zethu kolunye lwezilimi esizinyathelisayo. Kuye ngokuthi zingaki izinto okudingeka zihunyushwe kanye nobunzima bolimi abahumushela kulo, la maqembu angase abe nabahumushi abasukela kwabahlanu kuye kwabangu-25.
Umsebenzi osuhunyushiwe uqhathaniswa nesiNgisi futhi ufundwe. Umgomo uwukudlulisela umqondo osolimini okuhunyushwa kususelwa kulo ngendlela enembile necace ngangokunokwenzeka. Lokhu kunezinselele ezihlukahlukene. Lapho besebenza ngesihloko esidinga amagama akhethekile, abahumushi nabafunda umsebenzi osuhunyushiwe kungase kudingeke ukuba bacwaningisise kokubili ulimi abahumusha besusela kulo (isiNgisi noma ezinye izilimi esezihunyushiwe, njengesiFulentshi, isiRashiya noma iSpanishi amanye amaqembu asusela kuzo) bacwaninge nolimi abahumushela kulo ukuze baqinisekise ukuthi abakushoyo kunembile. Ngokwesibonelo, lapho isihloko se-Phaphama! siphathelene nezobuchwepheshe noma nomlando, kudingeka ukucwaninga okuthé xaxa.
Abahumushi abaningi basebenza isikhathi esigcwele emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova kanti abanye beza ngezinsuku ezithile. Abanye bahumusha behlala endaweni ulimi olukhulunywa kuyo. Abahumushi abakhokhelwa ngomsebenzi wabo. Abahumushi abasebenza isikhathi esigcwele banikezwa indawo yokuhlala nembuyiselo encane yokunakekela izidingo zomuntu siqu. Emhlabeni wonke, kunoFakazi abangaba ngu-2 800 abakhonza njengabahumushi. Njengamanje, kunamahhovisi amagatsha oFakazi BakaJehova angu-98 anamaqembu abahumushi noma aqondisa amaqembu akwezinye izindawo. Nasi isibonelo esisodwa. Igatsha laseRussia liqondisa abahumushi abangaphezu kuka-230 abasebenza isikhathi esigcwele noma abasebenza ngezinsuku ezithile abahumushela ezilimini ezingaphezu kuka-30, kuhlanganise nezingaziwa kangako ngaphandle kwalelo zwe, njengesiChuvash, isi-Ossetian nesi-Uighur.
Ukuthuthukisa Izinga Lomsebenzi Wokuhumusha
Njengoba wonke umuntu oke wazama ukufunda olunye ulimi azi, akuyona into elula ukuhumusha imiqondo eyinkimbinkimbi ngendlela enembile. Umgomo uwukudlulisela ngokunembile amaqiniso nemiqondo esolimini okuhunyushwa kususelwa kulo kodwa ngesikhathi esifanayo okuhunyushiwe kufanele kuzwakale kungokwemvelo, ngokungathi kwakuvele kubhalwe ngalo lolu limi okuhunyushelwe kulo. Kudinga ubuciko ukufeza lokhu. Kuthatha iminyaka ukuba abahumushi abasha babe nobuciko bokuhumusha, futhi oFakazi BakaJehova babaqeqesha ngokuqhubekayo. Ngezinye izikhathi abaqeqeshi bahambela amaqembu bawasize ekuthuthukiseni amakhono okuhumusha nawokusebenzisa izinhlelo ze-computer.
Lesi simiso sokuqeqesha siveza imiphumela emihle. Ngokwesibonelo igatsha loFakazi BakaJehova laseNicaragua lithi: “Ngokokuqala ngqa abahumushi bethu besiMiskito baqeqeshwa umqeqeshi ovela egatsheni laseMexico ngezinqubo nobuciko bokuhumusha. Lokhu kuye kwayithuthukisa kakhulu indlela abahumushi bethu abafeza ngayo izabelo zabo. Izinga lomsebenzi wabo wokuhumusha liye lathuthuka kakhulu.”
Amazwi Athinta Inhliziyo
Imizamo yokukhiqiza iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi zabantu zomdabu yenziwa ngenjongo yokufinyelela izinhliziyo zabo, futhi yilokho kanye okwenzekayo. Ngo-2006, oFakazi BakaJehova eBulgaria bajabula kakhulu lapho kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiBulgaria. Igatsha laseBulgaria libika ukuthi lithole izincwadi eziningi ezidlulisela ukwazisa. Amalungu amabandla athi “manje iBhayibheli lithinta izinhliziyo zawo ngempela, hhayi izingqondo zawo kuphela.” Elinye ikhehla laseSofia lathi: “Ngifunde iBhayibheli iminyaka eminingi, kodwa angikaze ngifunde inguqulo okulula kangaka ukuyiqonda nefinyelela khona kanye enhliziyweni.” Ngokufanayo, e-Albania, ngemva kokuthola ikhophi yakhe ye-Nguqulo Yezwe Elisha ephelele ngesi-Albania, omunye uFakazi wendawo wathi: “Yeka ukuthi iZwi likaNkulunkulu lizwakala kamnandi kanjani ngesi-Albania! Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuzwa uJehova ekhuluma nathi ngolimi lwethu!”
Kungase kuthathe iminyaka eminingana ukuba iqembu labahumushi lihumushe iBhayibheli lonke. Kodwa lapho umsebenzi wabo usiza izigidi zabantu ukuba zikwazi ukuliqonda ngempela iZwi likaNkulunkulu ngokokuqala ngqa, awuvumi yini ukuthi kuwufanele wonke lowo mzamo?
“Siyizisebenzi Ezikanye NoNkulunkulu”
Yiqiniso, ukuhumusha kumane nje kungomunye wemisebenzi edingekayo ekushumayeleni izindaba ezinhle ngokuphumelelayo. Ukubhala, ukunyathelisa nokuthumela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini neminye imisebenzi ehlobene nakho yamagatsha, izifunda namabandla oFakazi BakaJehova kuwumsebenzi omkhulu futhi kuyizindleko ezinkulu. Noma kunjalo, abantu bakaNkulunkulu ‘bazinikela ngokuzithandela’ ukuba bafeze lo msebenzi. (IHubo 110:3) Bakubheka njengelungelo ukukwazi ukwenza umnikelo nanjengodumo ukuthi uma benza kanjalo uJehova ubabheka ‘njengezisebenzi ezikanye naye.’—1 Korinte 3:5-9.
Kuyiqiniso ukuthi lowo othi “isiliva ngelami, negolide elami” akathembele osizweni lwethu olungokwezimali ukuze afeze umsebenzi wakhe. Noma kunjalo, uJehova uye wahlonipha izinceku zakhe ngokuzinika ilungelo lokuhlanganyela ekungcweliseni igama lakhe ngokunikelela umsebenzi wokushumayela amaqiniso asindisa ukuphila “ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Awushukunyiselwa yini ukuba wenze konke ongakwenza ukuze usekele lo msebenzi ongasoze waphindwa?
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze ubone uhlu lwalezo zilimi, bheka ikhasi 2 lalo magazini.
[Ibhokisi ekhasini 18]
“BASENZA SICABANGISISE”
Intombazane eneminyaka engu-14 yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseCameroon: “Ngemva kokuthenga izincwadi zami zonyaka zesikole, ngakwazi ukudayisa izincwadi ezimbili kwezanyakenye ngo-R37. Nginikela ngale mali kanye nenye engu-R13,50 ebengizibekelele yona. Ngifisa ukunikhuthaza ukuba niqhubeke nomsebenzi omuhle eniwenzayo. Siyabonga kakhulu ngomagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Basenza sicabangisise.”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 18]
UMNIKELO OYINGQAYIZIVELE
Igatsha laseMexico loFakazi BakaJehova lathola le ncwadi elandelayo evela kuManuel, umfanyana oneminyaka eyisithupha onokwazisa ohlala eChiapas State. Njengoba engakakwazi ukuzibhalela, wacela umngane wakhe ukuba ambhalele. UManuel uthi: “Ugogo wangipha ingulube yensikazi. Lapho iba nabantwana, ngakhetha omuhle kakhulu ngamkhulisa ngisizwa abazalwane. Nginithumelela ngothando imali engiyithole lapho ngithengisa le ngulube njengomnikelo. Ibingamakhilogremu ayikhulu futhi ngiyidayise ngo-R830. Ngicela niyisebenzisele uJehova le mali.”
[Ibhokisi ekhasini 19]
‘LE MALI YISEBENZISELENI UKUHUMUSHA IBHAYIBHELI’
Emihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova ka-2005 e-Ukraine, kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesi-Ukraine. Ngakusasa kwatholakala lo myalezo ebhokisini lomnikelo womhlangano: “Ngineminyaka engu-9. Ngiyabonga kakhulu nge-miBhalo YesiGreki. Umama wasinika le mali mina nomfowethu omncane ukuba sigibele ngayo ibhasi lapho siya esikoleni. Kodwa lapho izulu lingani, sasihamba ngezinyawo, futhi kusenze sakwazi ukonga le mali engu-R73. Mina nomfowethu sithanda ukuba le mali niyisebenzisele ukuhumusha lonke iBhayibheli ngesi-Ukraine.”
[Ibhokisi ekhasini 20, 21]
IZINDLELA ABANYE ABAKHETHA UKUNIKELA NGAZO
IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE
Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”
Inyanga ngayinye, amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa, Attention: Accounting Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini. Amasheke athunyelwa kuleli kheli elingenhla kufanele abhalelwe i-“Watch Tower.” Sicela uthintane neHhovisi Legatsha uma ufisa ukunikela ngamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echazayo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.
UKUPHA OKUHLELIWE
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe umsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshuwalense: I-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengesipho esiqondile.
Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi, noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.
Accounting Office
Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa
Private Bag X2067
Krugersdorp
1740
South Africa
Ucingo: (011) 761-1000
[Izithombe ekhasini 19]
Abahumushi besiMiskito, ehhovisi legatsha laseNicaragua