Ingabe Isibusiso SikaJehova Siyokufica?
“Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma [“uqhubeka,” NW] ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.”—DUTERONOMI 28:2.
1. Yini eyayiyonquma ukuthi ama-Israyeli athola izibusiso noma iziqalekiso?
NGASEKUPHELENI kohambo lwawo lweminyaka engu-40 ehlane, ama-Israyeli ayekanise emaThafeni akwaMowabi. IZwe Lesithembiso laliphambi kwawo. UMose wabe esebhala incwadi kaDuteronomi, enochungechunge lwezibusiso neziqalekiso. Uma abantu bakwa-Israyeli ‘babeqhubeka belalela izwi likaJehova’ ngokwenza akushoyo, ‘babeyoficwa’ yizibusiso. UJehova wayebathanda ‘njengempahla yakhe ekhethekile’ futhi wayefuna ukubonisa amandla akhe ekubazuziseni. Kodwa uma babengaqhubeka bengamlaleli, neziqalekiso zaziyobafica nakanjani.—Duteronomi 8:10-14; 26:18; 28:2, 15; qhathanisa ne-NW.
2. Zinayiphi incazelo izenzo zesiHeberu ezihunyushwe ngokuthi ‘qhubeka ulalela’ nangokuthi ‘fica’ kuDuteronomi 28:2?
2 Isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi ‘qhubeka ulalela’ kuDuteronomi 28:2 sibonisa isenzo esiqhubekayo. Abantu bakaJehova akumelwe bamlalele ngezikhathi ezithile kuphela; kumelwe ukulalela kube yindlela yabo yokuphila. Kungaleyo ndlela kuphela abayoficwa ngayo yizibusiso zaphezulu. Kuye kwatholakala ukuthi isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi ‘fica’ siyigama lokuzingela, ngokuvamile elisho “ukufinyelela.”
3. Singaba kanjani njengoJoshuwa, futhi kungani lokhu kubaluleke kakhulu?
3 Umholi wama-Israyeli, uJoshuwa, wakhetha ukulalela uJehova futhi ngenxa yalokho wathola izibusiso. UJoshuwa wathi: “Khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza . . . Kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.” Lapho bezwa lokho, abantu baphendula: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu.” (Joshuwa 24:15, 16) Ngenxa yesimo sengqondo esihle kakhulu sikaJoshuwa, waba phakathi kwabambalwa esizukulwaneni sakhe ababa nelungelo lokungena eZweni Lesithembiso. Namuhla, simi emnyango weZwe Lesithembiso elingcono kakhulu—umhlaba oyipharadesi lapho izibusiso ezicebe kakhulu kunezangesikhathi sikaJoshuwa zilindele khona bonke abamukelwa nguNkulunkulu. Ingabe lezo zibusiso ziyokufica? Ziyokufica uma uqhubeka ulalela uJehova. Ukuze uqinise ukuzimisela kwakho ukwenza kanjalo, ake uhlole umlando ka-Israyeli wasendulo nezibonelo ezifundisayo zabantu abathile.—Roma 15:4.
Isibusiso Noma Isiqalekiso?
4. Lapho ephendula umthandazo kaSolomoni, uNkulunkulu wamnikani, futhi kufanele sizizwe kanjani ngezibusiso ezinjalo?
4 Phakathi nengxenye enkulu yokubusa kweNkosi uSolomoni, ama-Israyeli athola izibusiso ezinkulu ngokungavamile kuJehova. Ayelondekile futhi enenala yezinto ezinhle. (1 AmaKhosi 4:25) Umnotho kaSolomoni waduma, nakuba ayengacelanga ingcebo yezinto ezibonakalayo kuNkulunkulu. Kunalokho, esemncane futhi engenalwazi olutheni, wayethandezele ukuba nenhliziyo elalelayo—okuyisicelo uJehova asiphendula ngokumbusisa ngokuhlakanipha nokuqonda. Lokhu kwenza uSolomoni wakwazi ukwahlulela abantu kahle, wahlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Nakuba uNkulunkulu amnika nomnotho nenkazimulo, njengensizwa esentsha, uSolomoni wayekwazisa ukubaluleka okwedlulele kwengcebo engokomoya. (1 AmaKhosi 3:9-13) Kungakhathaliseki ukuthi sinezinto eziningi ezibonakalayo noma cha, yeka ukuthi singabonga kangakanani uma sinesibusiso sikaJehova futhi sicebile ngokomoya!
5. Kwenzekani lapho abantu bakwa-Israyeli noJuda bengaqhubeki belalela uJehova?
5 Ama-Israyeli awakubonisanga ukwazisa isibusiso sikaJehova. Ngenxa yokuthi awazange aqhubeke emlalela, aficwa yiziqalekiso ezazibikezelwe. Lokhu kwabangela ukuba anqotshwe yizitha, izakhamuzi zakwa-Israyeli noJuda zadingiswa. (Duteronomi 28:36; 2 AmaKhosi 17:22, 23; 2 IziKronike 36:17-20) Ingabe lokho kuhlupheka kwabafundisa abantu bakaNkulunkulu ukuthi izibusiso zaphezulu zifica kuphela labo abaqhubeka belalela uJehova? Insali yamaJuda eyabuyela ezweni lakubo ngo-537 B.C.E. yaba nethuba lokubonisa ukuthi yayiyizuzile yini “inhliziyo enokuhlakanipha,” isisibona isidingo sokuqhubeka ilalela uNkulunkulu.—IHubo 90:12.
6. (a) Kungani uJehova athumela uHagayi noZakariya ukuba baprofethe kubantu bakhe? (b) Isigijimi uNkulunkulu asidlulisela ngoHagayi sabonisa siphi isimiso?
6 AmaJuda abuyiselwe ezweni lakubo akha i-altare, aqala ukulungisa ithempeli eJerusalema. Kodwa lapho ebhekana nokuphikiswa okunamandla, intshiseko yawo yaqala ukudamba, umsebenzi wokwakha wama. (Ezra 3:1-3, 10; 4:1-4, 23, 24) Aqala nokunaka ukunethezeka kwawo kuqala. Ngakho, uNkulunkulu wathumela umprofethi uHagayi noZakariya ukuba bayovuselela intshiseko yabantu bakhe ekukhulekeleni kweqiniso. Esebenzisa uHagayi, uJehova wathi: “Yisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu [yokukhulekela] iseyize, na? . . . Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu. Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; . . . ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.” (Hagayi 1:4-6) Ukudebeselela izithakazelo ezingokomoya ngenxa yokuphishekela izinzuzo zezinto ezibonakalayo akusilethi isibusiso sikaJehova.—Luka 12:15-21.
7. Kungani uJehova athi kumaJuda: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu”?
7 Exakeke ngeminako yansuku zonke, amaJuda ayekhohliwe ukuthi izibusiso zaphezulu zemvula nezinkathi zonyaka ezithelayo zaziyowafica kuphela uma ekhuthazela enkambweni yokulalela uNkulunkulu, ngisho nalapho ebhekene nokuphikiswa. (Hagayi 1:9-11) Yeka ukuthi kwakufaneleka kangakanani-ke lokhu kunxusa: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu”! (Hagayi 1:7) Kunjengokungathi uJehova wayethi kuwo: ‘Cabangani! Niyabona yini ukuthi ukufukuza kwenu mahhala emasimini kuhlobene nokuba yincithakalo kwendlu yami yokukhulekela?’ Amazwi abaprofethi bakaJehova aphefumulelwe agcina ezifinyelele izinhliziyo zezilaleli zabo, ngoba abantu baphinda baqala ukulungisa ithempeli, baliqeda ngo-515 B.C.E.
8. UJehova wanxusa amaJuda ukuba enzeni ngesikhathi sikaMalaki, futhi ngani?
8 Kamuva, ngesikhathi somprofethi uMalaki, amaJuda aphinde ayishaya phambili ayishaya emuva ngokomoya, aze anikela nemihlatshelo engamukeleki kuNkulunkulu. (Malaki 1:6-8) Ngakho, uJehova wawanxusa ukuba alethe okweshumi komkhiqizo wawo enqolobaneni yakhe ukuze amvivinye, abone ukuthi wayengeke yini awavulele amasango ezulu ambombothele kuwo isibusiso aze angabe esaswela lutho. (Malaki 3:10) Yeka ukuthi kwakuwubuwula kanjani ngamaJuda ukufukuzela zona kanye izinto uNkulunkulu ayeyowapha zona ngobuningi uma nje ayeqhubeka elalela izwi lakhe!—2 IziKronike 31:10.
9. Yibaphi abantu abathathu abaseBhayibhelini esizohlola ukuphila kwabo?
9 Ngaphezu kokunikeza umlando wesizwe sakwa-Israyeli, iBhayibheli lilandisa ngokuphila kwabantu abaningi abathola izibusiso zaphezulu noma iziqalekiso, kuye ngokuthi babemlalela yini uJehova noma cha. Ake sibone ukuthi singafundani kwabathathu babo—uBowazi, uNabali noHana. Mayelana nalokhu, ungase uthande ukufunda incwadi kaRuthe, eyoku-1 Samuweli 1:1–2:21 neyoku-1 Samuweli 25:2-42.
UBowazi Wamlalela UNkulunkulu
10. UBowazi noNabali babefana ngani?
10 Nakuba uBowazi noNabali bengaphilanga ngesikhathi esisodwa, kunezinto ababefana ngazo. Ngokwesibonelo, bobabili babehlala ezweni lakwaJuda. Babengabanikazi bezwe abacebile, futhi bobabili babenethuba elikhethekile lokubonisa umusa wothando kothile oswele. Kodwa izinto ababefana ngazo ziphelela lapho.
11. UBowazi wabonisa kanjani ukuthi wayeqhubeka elalela uJehova?
11 UBowazi wayephila ngenkathi yabahluleli kwa-Israyeli. Wayebahlonipha abanye, futhi abavuni bakhe babemhlonipha naye. (Ruthe 2:4) Elalela uMthetho, uBowazi wayeqiniseka ukuthi ensimini yakhe abahluphekayo nabampofu babeshiyelwa okuthile kokukhothoza. (Levitikusi 19:9, 10) Wenzani uBowazi lapho ezwa ngoRuthe noNawomi futhi ebona inkuthalo kaRuthe ekondleni umamezala wakhe owayesegugile? UBowazi wamcabangela ngokukhethekile uRuthe, wayala abavuni bakhe ukuba bamvumele akhothoze ensimini yakhe. Ngamazwi nangezenzo zakhe zothando, uBowazi waveza ukuthi wayengumuntu ongokomoya owayelalela uJehova. Ngakho-ke wathola umusa nesibusiso sikaNkulunkulu.—Levitikusi 19:18; Ruthe 2:5-16.
12, 13. (a) UBowazi wakubonisa kanjani ukuwuhlonipha ngokujulile umthetho kaJehova wokuthenga kabusha? (b) Yiziphi izibusiso zaphezulu ezafica uBowazi?
12 Ubufakazi obuvelele kunabo bonke bokuthi uBowazi wayeqhubeka elalela uJehova yindlela engenabugovu enza ngayo ngokuvumelana nomthetho kaNkulunkulu wokuthenga kabusha. UBowazi wenza konke ayengakwenza ukuze aqiniseke ukuthi ifa lesihlobo sakhe—u-Elimeleki, umyeni kaNawomi owayeseshonile—laliyohlala emndenini ka-Elimeleki. Elungiselelweni lokungena umkamfowenu, umfelokazi kwakufanele ashade nesihlobo esiseduze somyeni wakhe oshonile ukuze indodana abayoyithola ikwazi ukulondoloza ifa lomndeni. (Duteronomi 25:5-10; Levitikusi 25:47-49) URuthe waziletha ukuba kuthathwe yena esikhundleni sikaNawomi owayesemdala kakhulu ukuba athole abantwana. Ngemva kokuba isihlobo esiseduze sika-Elimeleki senqabile ukusiza uNawomi, uBowazi wathatha uRuthe waba ngumkakhe. Indodana yabo, u-Obedi, yabhekwa njengomntwana kaNawomi nanjengendlalifa engokomthetho ka-Elimeleki.—Ruthe 2:19, 20; 4:1, 6, 9, 13-16.
13 UBowazi waficwa yizibusiso ezicebile ngenxa yokulalela umthetho kaNkulunkulu ngendlela engenabugovu. Ngendodana yabo, u-Obedi, uBowazi noRuthe babusiswa ngelungelo lokuba okhokho bakaJesu Kristu. (Ruthe 2:12; 4:13, 21, 22; Mathewu 1:1, 5, 6) Izenzo zokungabi nabugovu zikaBowazi zisifundisa ukuthi izibusiso zifica labo ababonisa abanye uthando, benze ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu.
UNabali Akalalelanga
14. Wayengumuntu onjani uNabali?
14 Ngokungafani noBowazi, uNabali akamlalelanga uJehova. Waphula umthetho kaNkulunkulu othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) UNabali wayengeyena umuntu ongokomoya; ‘wayelukhuni, enobubi emisebenzini yakhe.’ Ngisho nezinceku zakhe zazimbheka ‘njengomuntu omubi.’ Ngokufanelekayo, igama lakhe, elithi Nabali, lisho ukuthi “ongenangqondo,” noma “oyisiwula.” (1 Samuweli 25:3, 17, 25) Ngakho wayezokwenze njani uNabali lapho ethola ithuba lokubonisa umusa kumuntu oswele—uDavide, ogcotshiweyo kaJehova?—1 Samuweli 16:13.
15. UNabali wamphatha kanjani uDavide, futhi u-Abigayili wahluka kanjani kumyeni wakhe kulokhu?
15 Lapho bekanise eduze kwemihlambi kaNabali, uDavide nebutho lakhe bavikela imihlambi nabelusi emaviyweni angabaphangi ngaphandle kokucela inkokhelo. Omunye wabelusi bakaNabali wathi: “Babelugange kithi ubusuku nemini.” Kodwa lapho izithunywa zikaDavide zizocela ukudla, uNabali ‘wazithukuthelela’ wazixosha, zahamba zilambatha. (1 Samuweli 25:2-16) Ngokushesha, umkaNabali, u-Abigayili, wathatha ukudla wakuyisa kuDavide. Ethukuthele evutha, uDavide wayesesendleleni eyocoboshisa uNabali nezinceku zakhe. Ngakho, isinyathelo sika-Abigayili sasindisa ukuphila kwabaningi, savimbela noDavide ekubeni necala legazi. Kodwa ubugovu nokhahlo lukaNabali kwakube kukhulu ngokweqile. Ngemva kwezinsuku ezingaba yishumi, “uJehova wamshaya uNabali, wafa.”—1 Samuweli 25:18-38.
16. Singamlingisa kanjani uBowazi, silahle izindlela zikaNabali?
16 Yeka umahluko phakathi kukaBowazi noNabali! Njengoba kufanele sizenqabe izindlela ezinokhahlo nobugovu zikaNabali, masilingise umusa nokungabi nabugovu kukaBowazi. (Heberu 13:16) Lokho singakwenza ngokusebenzisa iseluleko somphostoli uPawulu: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Namuhla, “ezinye izimvu” zikaJesu, amaKristu anethemba lasemhlabeni, zinelungelo lokwenza okuhle kwabagcotshiweyo bakaJehova, insali yabangu-144 000, abayonikwa ukungafi ezulwini. (Johane 10:16; 1 Korinte 15:50-53; IsAmbulo 14:1, 4) Izenzo ezinjalo uJesu uzibheka njengokungathi zenziwa kuye siqu, futhi ukwenza lezi zinto ezinhle kuphumela esibusisweni sikaJehova esicebile.—Mathewu 25:34-40; 1 Johane 3:18.
Ukulingwa Nezibusiso ZikaHana
17. Yikuphi ukulingwa uHana abhekana nako, futhi yisiphi isimo sengqondo asibonisa?
17 Isibusiso sikaJehova safica nowesifazane ohlonipha uNkulunkulu, uHana. Yena nomyeni wakhe ongumLevi, u-Elkana, babehlala ezintabeni zakwa-Efrayimi. Njengoba kwakuvunyelwa futhi kulawulwa nguMthetho, u-Elkana wayenenye futhi inkosikazi—uPhenina. UHana wayeyinyumba, okwakuyisihlamba kowesifazane ongumIsrayeli, kanti uPhenina wayenabantwana abaningana. (1 Samuweli 1:1-3; 1 IziKronike 6:16, 33, 34) Nokho, kunokuba amduduze uHana, uPhenina wayemphatha ngendlela engenaluthando eyayimenza abe lusizi aze akhale futhi angafuni kudla. Okubi nakakhulu, lokhu kwakwenzeka “iminyaka ngeminyaka,” njalo lapho umkhaya uya endlini kaJehova eShilo. (1 Samuweli 1:4-8) Yeka ukuthi kwakuyisihluku kanjani okwakwenziwa nguPhenina, nokuthi kwakuwukulingwa okunjani kuHana! Nokho, uHana akazange nanini asole uJehova; futhi akazange ahlale ekhaya lapho umyeni wakhe eya eShilo. Ngakho-ke, wayezogcina eficwe yisibusiso esicebile nakanjani.
18. Yisiphi isibonelo esabekwa nguHana?
18 UHana wababekela isibonelo esihle abantu bakaJehova namuhla, ikakhulu labo okungenzeka baye balinyazwa yizinkulumo zabanye ezingenazwela. Ezimweni ezinjalo, ukuzihlukanisa nabanye akulona ikhambi. (IzAga 18:1) UHana akakuvumelanga ukulingwa kwakhe ukuba kunciphise isifiso sakhe sokuya lapho kufundiswa khona iZwi likaNkulunkulu nalapho abantu bakhe babebuthanele khona ukuzokhulekela. Ngakho-ke, waqhubeka eqinile ngokomoya. Ukujula kwengokomoya lakhe kubonakala emthandazweni wakhe oqotho okweyoku-1 Samuweli 2:1-10.a
19. Singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu izinto ezingokomoya?
19 Njengezinceku zikaJehova zanamuhla, asikhulekeli etabernakele. Nokho, singakubonisa ukwazisa kwethu izinto ezingokomoya, njengoba kwenza uHana. Ngokwesibonelo, singabonisa ukuyazisa ngokujulile ingcebo engokomoya ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Masisebenzise lezi zikhathi ukuze sikhuthazane ekukhulekeleni kweqiniso kukaJehova, osinike “ilungelo lokunikela kuye inkonzo engcwele ngokungesabi ngokwethembeka nokulunga.”—Luka 1:74, 75; Heberu 10:24, 25.
20, 21. UHana wavuzwa kanjani ngenxa yokuzinikela kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu?
20 UJehova wakuphawula ukuzinikela kukaHana kokuhlonipha uNkulunkulu futhi wamvuza ngokucebile. Kolunye uhambo lomkhaya lwaminyaka yonke oluya eShilo, uHana owayehlengezela izinyembezi wathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu, wafunga: “Jehova Sebawoti, [ake] ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.” (1 Samuweli 1:9-11) UNkulunkulu wakuzwa ukunxusa kukaHana, wambusisa ngendodana, ayiqamba ngokuthi uSamuweli. Lapho ilunyulwa, wayiyisa eShilo ukuze iyokhonza etabernakele.—1 Samuweli 1:20, 24-28.
21 UHana wabonisa uthando ngoNkulunkulu, wafeza isifungo ayesenze kuYe mayelana noSamuweli. Cabanga nangesibusiso esicebile uHana no-Elkana abasithola lapho indodana yabo ethandekayo ikhonza etabernakele likaJehova! Abazali abaningi abangamaKristu banenjabulo nezibusiso ezifanayo ngoba amadodana namadodakazi abo akhonza njengamaphayona esikhathi esigcwele, amalungu emikhaya yaseBethel, noma ngezinye izindlela ezidumisa uJehova.
Qhubeka Ulalela UJehova!
22, 23. (a) Yini esingaqiniseka ngayo uma siqhubeka silalela izwi likaJehova? (b) Yini ezohlolwa esihlokweni esilandelayo?
22 Yini esingaqiniseka ngayo uma siqhubeka silalela uJehova? Siyoceba ngokomoya uma sibonisa uthando lomphefumulo wonke ngoNkulunkulu futhi sifeza ukuzinikezela kwethu kuye. Ngisho nalapho ukuphishekela leyo nkambo kusho ukukhuthazelela ukulingwa okunzima, nakanjani isibusiso sikaJehova siyosifica—ngezindlela ezinkulu kunalokho esingakucabanga.—IHubo 37:4; Heberu 6:10.
23 Abantu bakaNkulunkulu bayothola izibusiso eziningi esikhathini esizayo. Ngenxa yokulalela uJehova ngokuthobeka, “isixuku esikhulu” siyosindiswa sidlule “osizini olukhulu,” sithole injabulo yokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9-14; 2 Petru 3:13) Lapho, uJehova uyozanelisa ngokugcwele izifiso ezilungileyo zabo bonke abantu bakhe. (IHubo 145:16) Nokho, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa, ngisho namanje labo abalalela izwi likaJehova babusiswa ‘ngezipho ezinhle neziphelele ezivela phezulu.’—Jakobe 1:17.
[Umbhalo waphansi]
a Amazwi kaHana athi awafane nawentombi enguMariya, eyawasho ngemva nje kokuba izwe ukuthi izoba ngunina kaMesiya.—Luka 1:46-55.
Uyakhumbula?
• Umlando ka-Israyeli ungasifundisani ngezibusiso zaphezulu?
• UBowazi wayehluke kanjani kuNabali?
• Singamlingisa kanjani uHana?
• Kungani kufanele siqhubeke silalela izwi likaJehova?
[Isithombe ekhasini 10]
INkosi uSolomoni yathandazela inhliziyo elalelayo, uJehova wayibusisa ngokuhlakanipha
[Isithombe ekhasini 12]
UBowazi wayephatha abanye ngenhlonipho nangomusa
[Isithombe ekhasini 15]
UHana wabusiswa ngokucebile ngenxa yokwethembela kuJehova