-
Incwadi YeBhayibheli Yama-38—UZakariya“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
12. Yisiphi isikhuthazo nesiqinisekiso esinikezwayo ngokuphathelene nokwakhiwa kwethempeli?
12 Umbono wesihlanu: Uthi lwezibani neminqumo (4:1-14). Ingelosi ivusa uZakariya ukuba abone uthi lwezibani lwegolide olunezibani eziyisikhombisa, luphahlwe yiminqumo emibili. Uzwa lelizwi likaJehova kuZerubabele: ‘Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya kaNkulunkulu.’ ‘Intaba enkulu’ iyokwenziwa ithafa phambi kukaZerubabele, futhi itshe eliyinhloko lethempeli liyokhishwa ngokumemeza: “Umusa, umusa mawube-kulo!” UZerubabele usezibekile izisekelo zethempeli, futhi uZerubabele uzowuqeda umsebenzi. Izibani eziyisikhombisa zingamehlo kaJehova “aqalaza emhlabeni wonke.” (4:6, 7, 10) Iminqumo emibili ingabagcotshiweyo ababili bakaJehova.
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-38—UZakariya“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
Lapho ukuphikisa okunjengentaba kusongela ukuqedwa kokwakhiwa kwethempeli, uZakariya wathi: “Lokhu kuyizwi likaJehova [ku]Zerubabele lokuthi: Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti. Ungubani wena-ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba-yithafa.” Ithempeli laqedwa ngosizo lomoya kaJehova. Ngokufanayo namuhla, izithiyo ziyoncibilika uma kubhekwana nazo ngokholo kuJehova. Kunjengoba nje uJesu atshela abafundi bakhe: “Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kulentaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.”—Zak. 4:6, 7; Math. 17:20.
-