Asikho Isikhali Esakhiwe Ngokumelene Nawe Esiyophumelela
‘Noma isiphi isikhali esakhiwe ngokumelene nawe ngeke siphumelele.’—ISAYA 54:17.
1, 2. Okwenzeka koFakazi BakaJehova e-Albania kububonisa kanjani ukuba iqiniso kuka-Isaya 54:17?
EMASHUMINI eminyaka edlule, ezweni elincane elizintabantaba eningizimu-mpumalanga Yurophu, kwakuneqembu lamaKristu elinesibindi. Uhulumeni wamaKhomanisi ongakholelwa kuNkulunkulu wenza konke owawungakwenza ukuze ulicoboshise. Yize kunjalo, ukuhlukunyezwa, ukuyiswa emakamu okufukuzwa kuwo nokuhlaselwa abezindaba akukwazanga ukuliqothula. Lalingobani? OFakazi BakaJehova e-Albania. Nakuba ukuhlangana ndawonye nokushumayela kwakunzima kakhulu, ukukhuthazela kwabo phakathi namashumi eminyaka kuye kwaphakamisa ubuKristu futhi kwabenza bahlonishwa, kwadumisa negama likaJehova. Ngonyaka odlule ngenkathi kunikezelwa izakhiwo zabo zegatsha ezintsha, uFakazi othembekile ongumakad’ ebona wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi uSathane uzama kangakanani, uhlale ehlulwa kanti uJehova uhlale enqoba!”
2 Konke lokhu kuwubufakazi obuphilayo bokuba iqiniso kwesithembiso sikaNkulunkulu kubantu bakhe njengoba silotshwe ku-Isaya 54:17: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele, nanoma yiluphi ulimi oluyokuvukela ekwahluleleni uyolulahla.” Umlando uyakuqinisekisa ukuthi akukho lutho olungenziwa izwe likaSathane oluyoke lumise ukukhulekelwa kukaJehova uNkulunkulu yizinceku zakhe ezizinikezele.
Imizamo KaSathane Engaphumeleli
3, 4. (a) Izikhali zikaSathane zihlanganisani? (b) Izikhali zikaDeveli ziye zahluleka ngayiphi indlela?
3 Izikhali eziye zasetshenziselwa ukulwa nabakhulekeli beqiniso zihlanganisa ukuvinjelwa, ukuhlaselwa izixuku, ukuboshwa ‘nokubiyela inkathazo ngesinqumo somthetho.’ (IHubo 94:20) Empeleni, kwamanye amazwe, njengoba nje oFakazi BakaJehova befunda lesi sihloko, la maKristu eqiniso ‘ayavivinywa’ ngokuqondene nobuqotho bawo kuNkulunkulu.—IsAmbulo 2:10.
4 Ngokwesibonelo, elinye ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova labika ukuthi phakathi nonyaka owodwa nje, kwaba nezigameko ezingu-32 zokuhlaselwa kwezinceku zikaNkulunkulu ngenkathi zisenkonzweni. Ngaphezu kwalokho, kwaba nezigigaba ezingu-59 zokuboshwa koFakazi—abancane nabadala, abesilisa nabesifazane—ngenkathi beshumayela obala. Abanye bagingqiswa izithupha, bathathwa izithombe, baphonswa ejele kuhle kwezigebengu. Abanye baye basongelwa ngokulinyazwa. Kwelinye izwe, sekubikwe izigameko ezingaphezu kuka-1 100 zokuboshwa, ukuhlawuliswa noma ukushaywa koFakazi BakaJehova. Ezingaphezu kuka-200 kulezi zenzeka ngosuku ababehlangene ngalo bezokhumbula ukufa kukaJesu! Noma kunjalo, umoya kaJehova uye wenza abantu bakhe basinda naphezu kwalezi zimo ezingathembisi, kokubili kula mazwe nakwamanye. (Zakariya 4:6) Ukuvutha kolaka lwesitha ngeke kuyivale imilomo yalabo abadumisa uJehova. Yebo, siyaqiniseka ukuthi asikho isikhali esinganqoba injongo kaNkulunkulu.
Ulimi Lwamanga Luyalahlwa
5. Ulimi lwamanga lwazivukela kanjani izinceku zikaJehova ekhulwini lokuqala?
5 U-Isaya waprofetha ukuthi abantu bakaNkulunkulu babeyolahla noma yiluphi ulimi oluyobavukela. Ekhulwini lokuqala, amaKristu ayevame ukukhulunyelwa kabi, kuthiwe angabenzi bobubi. Amazwi asencwadini yezEnzo 16:20, 21 ayisibonelo salezi zinsolo: “Laba bantu baphazamisa umuzi wakithi kakhulu, . . . futhi bamemezela amasiko okungekhona okungokomthetho ukuba siwamukele noma siwenze, njengoba thina singamaRoma.” Kwesinye isehlakalo, abaphikisi benkolo bazama ukuhlohla ababusi bomuzi ukuba baphikise abalandeli bakaKristu, begomela ngokuthi: “La madoda ayaluzisa umhlaba owakhiwe asekhona nalapha, futhi . . . enza ngokuphikisana nezinqumo zikaKhesari.” (IzEnzo 17:6, 7) Umphostoli uPawulu wabizwa ngokuthi ‘ungumuntu owuhlupho’ nomholi wehlelo elibhebhezela ukuvukela umbuso “emhlabeni wonke owakhiwe.”—IzEnzo 24:2-5.
6, 7. Iyiphi enye yezindlela amaKristu eqiniso alahla ngayo ukuhlaselwa ngamazwi?
6 Ngakho-ke, akusimangazi ukuthi amaKristu eqiniso namuhla aye amelelwa kabi, anyundelwa ngenhloso yokuwalimaza, kwenziwa nemikhankaso yokuwabheca ngamanga. Sikulahla kanjani ukuhlaselwa ngamazwi okunjalo?—Isaya 54:17.
7 Izinsolo nezinkulumo-ze ezinjalo zivame ukulahlwa ukuziphatha okuhle koFakazi BakaJehova. (1 Petru 2:12) Lapho amaKristu ezibonakalisa eyizakhamuzi ezigcina umthetho nabantu abanesimilo abayikhathalela ngempela inhlalakahle yabantu abaphila nabo, izinto abhecwa ngazo ziye zibonakale ukuthi zingamanga. Ukuziphatha kwethu okuhle kuyazikhulumela. Njengoba abasibhekile bebona ukukhuthazela kwethu emisebenzini emihle, ngokuvamile bashukumiseleka ukuba bakhazimulise uBaba wethu osezulwini futhi bavume ukuthi izinceku zakhe zinendlela ephakeme kakhulu yokuphila.—Isaya 60:14; Mathewu 5:14-16.
8. (a) Ngezinye izikhathi yini engase idingeke ukuze sivikele ukuma kwethu okusekelwe emiBhalweni? (b) Silingisa uKristu, silulahla kanjani ulimi lwabasiphikisayo?
8 Ngaphezu kokuziphatha kwethu kobuKristu, ngezinye izikhathi kungadingeka sikuvikele ngesibindi ukuma kwethu okusekelwe emiBhalweni. Enye yezindlela zokwenza lokhu ukukhalaza kohulumeni nasezinkantolo ukuze sivikelwe. (Esteri 8:3; IzEnzo 22:25-29; 25:10-12) Ngenkathi uJesu esemhlabeni, ngezinye izikhathi wayephikisana obala nabagxeki bakhe, ebonisa ukuthi kungamanga ababemmangalela ngakho. (Mathewu 12:34-37; 15:1-11) Njengoba silingisa uJesu, nathi siyalazisa ithuba lokunikeza abanye incazelo ecacile ngezinto esizikholelwa ngezinhliziyo zethu zonke. (1 Petru 3:15) Kwangathi singelokothe sivumele ukuhlekwa esikoleni, emsebenzini, izihlobo zethu ezingakholwa kusivimbe ekwenzeni ukuba iqiniso leZwi likaNkulunkulu laziwe.—2 Petru 3:3, 4.
IJerusalema—“Itshe Eliwumthwalo”
9. Yiliphi iJerusalema elifanekiselwa “itshe eliwumthwalo” okukhulunywa ngalo kuZakariya 12:3, futhi limelelwa obani emhlabeni?
9 Isiprofetho sikaZakariya sisikhanyisela isizathu esenza izizwe zimelane namaKristu eqiniso. Phawula okushiwo uZakariya 12:3: “Kuyothi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe eliwumthwalo kuzo zonke izizwe.” Sibhekisela kuliphi iJerusalema lesi siprofetho? Isiprofetho sikaZakariya ngeJerusalema sisebenza ‘eJerusalema lasezulwini,’ uMbuso wasezulwini amaKristu agcotshiwe abizelwe kuwo. (Hebheru 12:22) Insali encane yalezi zindlalifa zoMbuso KaMesiya isasele lapha emhlabeni. Kanye nabangane bayo, “ezinye izimvu,” inxusa abantu ukuba baphendukele eMbusweni kaNkulunkulu kusenesikhathi. (Johane 10:16; IsAmbulo 11:15) Izizwe zisabele kanjani kulesi simemo? Futhi uJehova ubasekela ngayiphi indlela abakhulekeli beqiniso namuhla? Asithole impendulo njengoba siqhubeka sihlola incazelo kaZakariya isahluko 12. Njengoba senza kanjalo, sizothola isiqinisekiso sokuthi ‘asikho isikhali esiyophumelela’ ukumelana nabagcotshiweyo bakaNkulunkulu nabangane babo abazinikezele.
10. (a) Kungani abantu bakaNkulunkulu behlaselwa? (b) Kuye kwenzekani kulabo abazama ukususa “itshe eliwumthwalo” endleleni?
10 UZakariya 12:3 ubonisa ukuthi izizwe zithola “imihuzuko emibi.” Kwenzeka kanjani lokhu? UNkulunkulu uye wanquma ukuthi izindaba ezinhle zoMbuso kumelwe zishunyayelwe. OFakazi BakaJehova basithatha ngokungathí sina isibopho sokushumayela. Nokho, ukumenyezelwa koMbuso njengowukuphela kwethemba lesintu kuye kwafana ‘netshe eliwumthwalo’ ezizweni. Zizama ukuliqukula zilisuse endleleni ngokuhlupha abashumayeli boMbuso. Ngokwenza kanjalo, lezi zizwe ezigxambukelayo zithole “imihuzuko eminingi,” zaklwebheka yonke indawo. Ngisho nedumela lazo liye lonakala njengoba ziye zahluleka ngendlela ezihlazayo. Azikwazi ukuthulisa abakhulekeli beqiniso, abalazisayo ilungelo lokumemezela ‘izindaba ezinhle zaphakade’ zoMbuso kaNkulunkulu osezandleni zikaMesiya ngaphambi kokuphela kwalesi simiso sezinto. (IsAmbulo 14:6) Lapho ebona ubudlova obenziwa ezincekwini zikaJehova, unogada wejele kwelinye izwe lase-Afrika wathi: ‘Nidlala ngamandla enu ngokushushisa laba bantu. Abasoze balulahla ukholo lwabo. Balokhu banda nje.’
11. UNkulunkulu uye wasigcwalisa kanjani isithembiso sakhe esikuZakariya 12:4?
11 Funda uZakariya 12:4. UJehova uthembisa ukuthi, ngokomfanekiso, uzobenza bangaboni futhi ‘badideke’ bonke labo abalwa nezithunywa zakhe zoMbuso ezinesibindi. Usigcinile isithembiso sakhe. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe lapho ukukhulekela kweqiniso kwakuvinjelwe khona, abaphikisi abakwazanga ukuvimbela abantu bakaNkulunkulu ukuba bathole ukudla okungokomoya. Iphephandaba laze lathi oFakazi BakaJehova babengenisa izincwadi zeBhayibheli ngamabhaluni kulelo zwe! Lesi sithembiso sikaNkulunkulu ezincekwini zakhe eziqotho sagcwaliseka: “Ngiyovula amehlo ami, . . . wonke amahhashi ezizwe ngiyowashaya ngokungaboni.” Njengoba sezivaleke amehlo ngenxa yolaka, izitha zoMbuso azazi ukuthi zishonephi. Nokho, thina siyaqiniseka ukuthi uJehova uyobalondoloza abantu bakhe njengeqembu futhi anakekele inhlalakahle yabo.—2 AmaKhosi 6:15-19.
12. (a) UJesu wawokhela ngamuphi umqondo umlilo ngenkathi esemhlabeni? (b) Insali egcotshiwe iye yawuthungela kanjani umlilo ngomqondo ongokomoya, kwaba namiphi imiphumela?
12 Funda uZakariya 12:5, 6. Inkulumo ethi “izikhulu zakwaJuda” ibhekisela kulabo abengamele phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. UJehova ubagcwalisa ngentshiseko evuthayo ngenxa yezithakazelo zoMbuso wakhe lapha emhlabeni. Ngesinye isikhathi uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngizé ukuzokokhela umlilo emhlabeni.” (Luka 12:49) Ngempela, wawuthungela umlilo. Ngokushumayela kwakhe ngentshiseko, uJesu waqhakambisa uMbuso kaNkulunkulu kubantu. Lokhu kwasusa impikiswano evuthayo kuso sonke leso sizwe samaJuda. (Mathewu 4:17, 25; 10:5-7, 17-20) Ngokufanayo, “njengembiza yomlilo phakathi kwemithi nanjengobhaqa oluvuthayo ohlwini lokusanhlamvu okusanda kusikwa,” abalandeli bezinyathelo zikaKristu osukwini lwethu bathungela umlilo ngomqondo ongokomoya. Ngo-1917 incwadi ethi The Finished Mysterya yabudalula ngokungancengi ubuzenzisi beLobukholwa. Abefundisi bathukuthela bathelwa ngamanzi. Ezikhathini zamuva nje, i-Kingdom News No. 37, ethi “Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!,” iye yenza abantu abaningi bamelela noma bamelana noMbuso kaNkulunkulu.
“Amatende KaJuda” Ayasindiswa
13. Inkulumo ethi “amatende kaJuda” ibonisani, futhi kungani uJehova esindisa labo abathintekile?
13 Funda uZakariya 12:7, 8. Kwa-Israyeli wasendulo, amatende ayevamile, ngezinye izikhathi esetshenziswa abelusi nezisebenzi zasemasimini. Laba bantu yibo ababeyothinteka kuqala futhi badinge ukuvikelwa uma isizwe esiyisitha sihlasela umuzi waseJerusalema. Inkulumo ethi “amatende kaJuda” ibonisa ukuthi insali egcotshiwe osukwini lwethu, ngokomfanekiso, isesigangeni ayikho emizini ebiyelwe. Lapho, izivikela ngesibindi izithakazelo zoMbuso KaMesiya. UJehova wamabutho “uyoqale asindise amatende kaJuda” ngoba yiwona ayizisulu zokuhlasela kukaSathane.
14. UJehova ubavikela kanjani labo ‘abasematendeni kaJuda’ futhi abenze bangakhubeki?
14 Ngempela, umlando uyakufakazela ukuthi uJehova uyawavikela la manxusa agcotshiwe oMbuso ‘ematendeni’ awo asesigangeni.b Uyawavikela ‘angakhubeki’ ngomqondo wokuthi uwenza abe namandla nesibindi njengoDavide, inkosi eyiqhawe.
15. Kungani uJehova ‘efuna ukubhuqa zonke izizwe,’ futhi uyokwenza nini lokhu?
15 Funda uZakariya 12:9. Kungani uJehova ‘efuna ukubhuqa zonke izizwe’? Ngenxa yokuthi ziphikisana ngenkani noMbuso KaMesiya. Ngenxa yokuhlupha nokushushisa abantu bakaNkulunkulu, ziyalahlwa. Maduzane nje amanxusa kaSathane asemhlabeni azozama ukubahlasela okokugcina abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso, okuyoholela esimweni sezwe esichazwe eBhayibhelini ngokuthi iHar–Magedoni. (IsAmbulo 16:13-16) Esabela kulokho kuhlasela, uMahluleli Ophakeme uyovikela izinceku zakhe futhi angcwelise igama lakhe ezizweni.—Hezekeli 38:14-18, 22, 23.
16, 17. (a) Liyini “ifa lezinceku zikaJehova”? (b) Ukukhuthazelela kwethu ukuhlaselwa uSathane kuwubufakazi bani?
16 USathane akanaso isikhali esingenza buthaka ukholo noma siqede intshiseko yabantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke. Ukuthula kwethu okungokomoya, okuwumphumela wamandla kaJehova okusindisa, ‘kuyifa lezinceku zikaJehova.’ (Isaya 54:17) Akekho ongasiphuca ukuthula nokuchuma kwethu okungokomoya. (IHubo 118:6) USathane uzoqhubeka ebhebhezela amalangabi okuphikiswa futhi ezama nokusibangela usizi. Ukukhuthazela kwethu ngobuqotho naphezu kokuhlanjalazwa kuwubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu uhlezi phezu kwethu. (1 Petru 4:14) Izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova omisiwe zimenyezelwa emhlabeni wonke. Njengezikhali ezijikijelelwa ukudiyazelisa umuntu, ‘kunamatshe endwayimane’ amaningi afanekisela ukuphikiswa aye ajikijelwa kubantu bakaNkulunkulu. Naphezu kwalokho, ngamandla kaJehova izinceku zakhe ziyawavika la matshe, angazenzi lutho. (Zakariya 9:15) Insali egcotshiwe nabangane bayo abaqotho ngeke bayekiswe!
17 Sibheke phambili ekukhululweni ngokuphelele ekuhlaselweni uDeveli. Yeka ukuthi sisiduduza kanjani isiqinisekiso sokuthi ‘noma isiphi isikhali esakhiwa ngokumelene nathi ngeke siphumelele, nanoma yiluphi ulimi oluyosivukela ekwahluleleni siyolulahla’!
[Imibhalo yaphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
b Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 675-6, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Yini ebonisa ukuthi izikhali zikaSathane ziye zehluleka?
• IJerusalema lasezulwini liba kanjani “itshe eliwumthwalo”?
• UJehova uwasindisa kanjani “amatende kaJuda”?
• Njengoba sisondela e-Armagedoni, yini wena oqiniseka ngayo?
[Izithombe ekhasini 21]
Abantu bakaJehova e-Albania báhlala bethembekile naphezu kokuhlaselwa uSathane
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wazilahla izinsolo ezingamanga
[Izithombe ekhasini 24]
Asikho isikhali esakhelwe labo abamemezela izindaba ezinhle esiyophumelela