Ukunqoba Kokukhulekela Kweqiniso Kuyasondela
“UJehova uyakuba-yiNkosi emhlabeni wonke.”—ZAKARIYA 14:9.
1. AmaKristu agcotshiwe abhekana nani phakathi neMpi Yezwe I, futhi lokhu kwabikezelwa kanjani?
PHAKATHI nempi yezwe yokuqala, amaKristu agcotshiwe abhekana nobunzima nokuboshwa kaningi ezandleni zezitha ezilwayo. Imihlatshelo yawo yokudumisa uJehova yayilinganiselwe kakhulu, futhi aba sesimweni sokuthunjwa ngokomoya. Konke lokhu kwakubikezelwe kuZakariya 14:2, ochaza ukuhlaselwa kweJerusalema yizizwe zonke. Umuzi kulesi siprofetho ‘yiJerusalema lasezulwini,’ uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini nalapho kukhona khona “isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.” (Heberu 12:22, 28; 13:14; IsAmbulo 22:3) Abagcotshiwe bakaNkulunkulu emhlabeni babemelela lowo muzi. Abathembekile phakathi kwabo basinda kulokho kuhlaselwa, abavumanga ukuba bathunjwe “emzini.”a
2, 3. (a) Ukukhulekelwa kukaJehova kuye kwanqoba kanjani kusukela ngo-1919? (b) Kusukela ngo-1935, yini eye yenzeka?
2 Ngo-1919 abagcotshiwe abathembekile bakhululwa esimweni sabo sokuthunjwa, futhi ngokushesha bayisebenzisa ngokugcwele inkathi yokuthula eyalandela impi. Njengamanxusa eJerusalema lasezulwini, basebenzisa ithuba elihle kakhulu lokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokusiza ekuqoqeni amalungu okugcina abangu-144 000. (Mathewu 24:14; 2 Korinte 5:20) Ngo-1931 bamukela igama elifanelekayo elingokomBhalo elithi oFakazi BakaJehova.—Isaya 43:10, 12.
3 Kusukela ngaleso sikhathi, oFakazi abagcotshiwe bakaNkulunkulu abazange babheke emuva. Ngisho noHitler nebutho lakhe lamaNazi akakwazanga ukubathulisa. Naphezu kokushushiswa emhlabeni wonke, umsebenzi wabo uye waveza izithelo emhlabeni wonke. Ikakhulukazi kusukela ngonyaka ka-1935, baye bajoyinwa “isixuku esikhulu” sezizwe zonke, esabikezelwa encwadini yesAmbulo. Naso singamaKristu azinikezele abhapathizwa, futhi siye ‘sageza izivatho zaso sazenza zaba mhlophe egazini leWundlu,’ uJesu Kristu. (IsAmbulo 7:9, 14) Nokho, asibona abagcotshiwe, abanethemba lokuphila kwasezulwini. Ithemba laso liwukudla ifa lalokho u-Adamu no-Eva abakulahla, okungukuthi, ukuphila kobuntu okuphelele emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:29; Mathewu 25:34) Namuhla, isixuku esikhulu siyimiphefumulo engaphezu kwezigidi ezinhlanu. Ukukhulekelwa kweqiniso kukaJehova kuyanqoba, kodwa ukunqoba kwakho kokugcina kuseza.
Abezizwe Ethempelini LikaNkulunkulu Elingokomoya
4, 5. (a) Isixuku esikhulu simkhulekela kuphi uJehova? (b) Yimaphi amalungelo esiwajabulelayo, ekugcwalisekeni kwasiphi isiprofetho?
4 Njengoba kwabikezelwa, isixuku esikhulu ‘sikhulekela [uNkulunkulu] imini nobusuku ethempelini lakhe.’ (IsAmbulo 7:15, umbhalo waphansi we-NW) Njengoba singewona ama-Israyeli angokomoya, angabapristi, cishe uJohane wasibona simi ethempelini egcekeni labeZizwe elingaphandle. (1 Petru 2:5) Yeka indlela ithempeli likaJehova elingokomoya eliye lakhazimula ngayo, njengoba amagceke alo egcwele lesi sixuku esikhulu, esimdumisa kanye nensali ka-Israyeli ongokomoya!
5 Isixuku esikhulu asikhonzi uNkulunkulu esimweni esasifanekiselwa igceke labapristi elingaphakathi. Akuthiwa silungile ngenjongo yokuba amadodana kaNkulunkulu okutholwa, angokomoya. (Roma 8:1, 15) Noma kunjalo, ngokubonisa ukholo esihlengweni sikaJesu, sinokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova. Kuthiwa silungile ngenjongo yokuba abangane bakhe. (Qhathanisa noJakobe 2:21, 23.) Naso sinelungelo lokuletha imihlatshelo eyamukelekayo e-altare likaNkulunkulu elingokomoya. Ngakho, isiprofetho sika-Isaya 56:6, 7 sigcwaliseka ngokukhazimulayo kulesi sixuku esikhulu: “Abezizwe abazihlanganisa noJehova ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova . . . ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka ealtare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”
6. (a) Hlobo luni lwemihlatshelo abezizwe abayinikelayo? (b) Isitsha samanzi egcekeni labapristi sibakhumbuzani?
6 Phakathi kweminikelo laba bezizwe abayilethayo ‘kunesithelo sezindebe [esinjengeminikelo yempuphu elungiswe kahle] ezivuma obala igama [likaNkulunkulu]’ kanye ‘nokwenza okuhle nokuhlanganyela izinto nabanye.’ (Heberu 13:15, 16) Futhi isitsha esikhulu samanzi abapristi ababegezela kuso siyisikhumbuzo esibalulekile nakulaba bezizwe. Nabo kumelwe bazithobe ekuhlanzweni ngokomoya nangokokuziphatha njengoba becaciselwa iZwi likaNkulunkulu ngokuqhubekayo.
INdawo Engcwele Nezinto Ezazikuyo
7. (a) Isixuku esikhulu siwabheka kanjani amalungelo obupristi obungcwele? (b) Yimaphi amalungelo engeziwe abanye babezizwe abaye bawathola?
7 Ingabe kukhona okushiwo iNdawo Engcwele nezinto ezazikuyo kulesi sixuku esikhulu sabezizwe? Ngeke nanini sibe sesimweni esifanekiselwa iNdawo Engcwele. Asizalwa kabusha njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya ayoba yizakhamuzi zasezulwini. Ingabe lokhu kusenza sibe nomona nomhobholo? Cha. Kunalokho, siyalithokozela ilungelo laso lokusekela insali yabangu-144 000, futhi sibonisa ukwazisa okujulile ngenjongo kaNkulunkulu yokubamukela njengamadodana okutholwa angokomoya, ayohlanganyela noKristu ekuthuthukiseleni isintu ekupheleleni. Futhi, isixuku esikhulu sabezizwe sazisa umusa omkhulu kaNkulunkulu ongasifanele ngokusinika ithemba lasemhlabeni lokuphila okumi phakade ePharadesi. Abanye balaba bezizwe, njengamaNethini asendulo, baye banikezwa amalungelo okuba ababonisi besiza ubupristi obungcwele.b (Isaya 61:5) Kulaba, uJesu umisa “izikhulu emhlabeni wonke.”—IHubo 45:16.
8, 9. Iyiphi inzuzo etholwa isixuku esikhulu ngokucabangela izinto ezaziseNdaweni Engcwele?
8 Nakuba singasoze sangena eNdaweni Engcwele engokomfanekiso, isixuku esikhulu sabezizwe sifunda izifundo ezibalulekile ezintweni ezazikuyo. Njengoba nje uthi lwesibani lwaludinga ukuthelwa amafutha njalo, nabezizwe badinga umoya ongcwele ukuze ubasize baqonde amaqiniso aqhubekayo avela eZwini likaNkulunkulu, eza ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Ngaphezu kwalokho, umoya kaNkulunkulu ubasiza ukuba basabele kulesi simemo: “Umoya nomlobokazi [insali egcotshiwe] bayaqhubeka bethi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 22:17) Ngakho, uthi lwesibani lukhumbuza isixuku esikhulu ngesibopho saso sokukhanya njengamaKristu nokugwema noma yisiphi isimo sengqondo, umcabango, amazwi, noma isenzo esingadabukisa umoya ongcwele kaNkulunkulu.—Efesu 4:30.
9 Itafula lesinkwa sokubukwa likhumbuza isixuku esikhulu ukuthi ukuze sihlale sinempilo ngokomoya, kumelwe sikudle njalo ukudla okungokomoya okuvela eBhayibhelini nasezincwadini ‘zesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 4:4) I-altare lempepho lisikhumbuza ngokubaluleka kokuthandaza ngobuqotho kuJehova sicele usizo ukuze sigcine ubuqotho baso. (Luka 21:36) Imithandazo yaso kufanele ihlanganise amazwi aqotho okudumisa nokubonga. (IHubo 106:1) I-altare lempepho nalo lisikhumbuza ngesidingo sokudumisa uNkulunkulu ngezinye izindlela, njengokucula kwaso ngenhliziyo yonke izingoma zoMbuso emihlanganweni yobuKristu nangokulungiselela kwaso kahle ukuze ngendlela ephumelelayo ‘sivume obala kube insindiso.’—Roma 10:10.
Ukunqoba Okuphelele Kokukhulekela Kweqiniso
10. (a) Yiliphi ithemba elihle kakhulu esingabheka kulo ngokulangazela? (b) Yini okumelwe yenzeke kuqala?
10 Namuhla “abantu abaningi” abavela kuzo zonke izizwe bagobhozela endlini kaJehova yokukhulekela. (Isaya 2:2, 3) Ifakazela lokhu, incwadi yesAmbulo 15:4 ithi: “Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, futhi akhazimulise igama lakho, ngoba wena wedwa uthembekile? Ngoba zonke izizwe zizokuza futhi zikhulekele phambi kwakho, ngoba izinqumo zakho ezilungileyo ziye zabonakaliswa.” Incwadi kaZakariya isahluko 14 ichaza okuyolandela. Esikhathini esizayo esiseduze, isimo sengqondo esibi sabantu abaningi emhlabeni siyofinyelela umvuthwandaba njengoba behlangana okokugcina ukuze balwe neJerusalema—abameleli basemhlabeni beJerusalema lasezulwini. Khona-ke uJehova uyothatha isinyathelo. NjengoNkulunkulu Oyiqhawe, “uyakuphuma, alwe nalabobezizwe” abayozama lokhu kuhlasela.—Zakariya 14:2, 3.
11, 12. (a) UJehova uyosabela kanjani ekuhlaselweni okuzayo kwembulunga yonke kwabakhulekeli abasethempelini lakhe? (b) Uyoba yini umphumela wempi kaNkulunkulu?
11 “Yikho okuyakuba-ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwé neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo. Kuyakuthi ngalolosuku kube-phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube-yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.”—Zakariya 14:12, 13.
12 Ukuthi lesi sishayo siyoba ngokoqobo noma ngokomfanekiso, sizolinda sibone. Nokho, kunokukodwa okuqinisekile. Lapho izitha zikaNkulunkulu zithatha isinyathelo sokuhlasela kwazo izinceku zikaJehova embulungeni yonke, ziyovinjwa ukubonakaliswa okwesabekayo kwamandla amakhulu kaNkulunkulu. Imilomo yazo iyovalwa. Kuyoba njengokungathi ulimi lwazo lwendelelo lubolile. Umgomo wazo wobunye uyofiphala ezingqondweni zazo, njengokungathi amehlo azo abolile. Amandla azo angokomzimba, ayobe ezinike isibindi sokuhlasela, ayophela. Ngenxa yokudideka, ziyobhokoxana zodwa. Ngalokho zonke izitha zasemhlabeni zokukhulekelwa kukaNkulunkulu ziyobe ziqothuliwe. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobe ziphoqelelwe ukuba ziqaphele ubukhosi bukaJehova bendawo yonke. Kuyogcwaliseka isiprofetho esithi: “UJehova uyakuba-yiNkosi emhlabeni wonke.” (Zakariya 14:9) Ngemva kwalokho, uSathane namademoni akhe bayoboshwa njengoba ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuqala ngezibusiso ezinkulu ezigcinelwe isintu.—IsAmbulo 20:1, 2; 21:3, 4.
Uvuko Lwasemhlabeni
13. Bangobani “abaseleyo ezizweni zonke”?
13 Isiprofetho sikaZakariya siyaqhubeka esahlukweni 14, ivesi 16: “Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova-Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.” NgokweBhayibheli, bonke abantu abaphila namuhla abayoqhubeka bephila kuze kube sekupheleni kwalesi simiso esibi futhi abayokwahlulelwa njengezitha zokukhulekela kweqiniso bayothola “isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okumi phakade.” (2 Thesalonika 1:7-9; bheka noMathewu 25:31-33, 46.) Ngeke bavuswe. Cishe-ke, “abaseleyo” bahlanganisa amalungu ezizwe afa ngaphambi kwempi kaNkulunkulu yokugcina futhi okunethemba elisekelwe eBhayibhelini lokuthi bayovuswa. “Ihora liyeza,” kuthembisa uJesu, ‘lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo futhi baphume, labo abenze izinto ezinhle baphumele ovukweni lokuphila, labo abezenze umkhuba izinto ezimbi ovukweni lokwahlulelwa.’—Johane 5:28, 29.
14. (a) Yini abavusiwe okumelwe bayenze ukuze bazuze ukuphila okumi phakade? (b) Yini eyokwenzeka kunoma yibaphi abenqaba ukuzinikezela kuJehova futhi baqhube ukukhulekela kweqiniso?
14 Bonke laba abavusiwe kumelwe benze okuthile ukuze uvuko lwabo lube olokuphila hhayi olokwahlulelwa okungekuhle. Kumelwe beze emagcekeni asemhlabeni ethempeli likaJehova futhi bakhothame ngokuzinikezela kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. Noma yibaphi abavusiwe abenqaba ukwenza lokhu bayothola isishayo esifana naleso esitholwa izizwe zanamuhla. (Zakariya 14:18) Ubani owaziyo ukuthi bangaki abavusiwe abayohlanganyela ngenjabulo nesixuku esikhulu ekugubheni uMkhosi Wamadokodo ongokomfanekiso? Ngokungangabazeki, bayoba baningi, futhi ithempeli likaJehova elikhulu elingokomoya liyokhazimula nakakhulu ngenxa yalokho!
UMkhosi Wamadokodo Ongokomfanekiso
15. (a) Yiziphi ezinye zezici ezivelele zoMkhosi Wamadokodo wama-Israyeli asendulo? (b) Kungani kwakunikelwa ngezinkunzi ezingu-70 phakathi nomkhosi?
15 Unyaka ngamunye, u-Israyeli wasendulo kwakudingeka agubhe uMkhosi Wamadokodo. Wawuthatha isonto elilodwa futhi wawuba sekupheleni kokuvuna kwakhe. Kwakuyisikhathi esijabulisayo sokubonga. Isonto lonke, kwakudingeka ahlale ezindlwaneni zesikhashana ezifulelwe ngamaqabunga ezihlahla, ikakhulukazi amagatsha esundu. Lomkhosi wawukhumbuza ama-Israyeli ngendlela uNkulunkulu ayesindise ngayo okhokho bawo lapho bephuma eGibithe nangendlela abanakekela ngayo lapho behlala emadokodweni ngenkathi behamba iminyaka engu-40 ehlane baze bafika eZweni Lesithembiso. (Levitikusi 23:39-43) Phakathi nalomkhosi, kwakunikelwa ngezinkunzi ezingu-70 e-altare lethempeli. Ngokusobala, lesi sici somkhosi sasiyisiprofetho somsebenzi osindisa ukuphila ophelele owenziwa uJesu Kristu. Izinzuzo zomhlatshelo wakhe wesihlengo ekugcineni ziyogobhozela enzalweni engenakubalwa yemindeni yesintu engu-70 eyavela kuNowa.—Genesise 10:1-29; Numeri 29:12-34; Mathewu 20:28.
16, 17. (a) Waqala nini uMkhosi Wamadokodo ongokomfanekiso, futhi waqhubeka kanjani? (b) Isixuku esikhulu sihlanganyela kanjani kulomkhosi?
16 Ngakho uMkhosi Wamadokodo wasendulo wawubhekisela ekubuthweni okujabulisayo kwezoni ezihlengiwe ziyiswa ethempelini likaJehova elikhulu elingokomoya. Umkhosi owawufanekiselwa yilo waqala ngePentekoste lika-33 C.E. lapho kuqala ukubuthelwa kwama-Israyeli angokomoya ngenjabulo ebandleni lobuKristu. (IzEnzo 2:41, 46, 47) Laba abagcotshiwe baqaphela ukuthi ‘babeyizakhamuzi zesikhashana’ ezweni likaSathane ngoba empeleni ‘beyizakhamuzi zasezulwini.’ (1 Petru 2:11; Filipi 3:20) Lomkhosi wenjabulo wafiphazwa okwesikhashana ukuhlubuka okwaholela ekwakhiweni kweLobukholwa. (2 Thesalonika 2:1-3) Nokho, lomkhosi wavuselelwa ngo-1919 ngokubuthwa okujabulisayo kwamalungu okugcina ama-Israyeli angokomoya angu-144 000, okwalandelwa okwesixuku esikhulu sezizwe zonke sesAmbulo 7:9.
17 Isixuku esikhulu sivezwa njengesinamagatsha esundu ezandleni zaso, okubonisa ukuthi naso singabagubhi abajabulayo boMkhosi Wamadokodo ongokomfanekiso. NjengamaKristu azinikezele, sihlanganyela ngenjabulo emsebenzini wokubuthela abakhulekeli abengeziwe ethempelini likaJehova. Ngaphezu kwalokho, njengezoni, siyaqaphela ukuthi asinawo amalungelo okuhlala njalo emhlabeni. Sona, kanye nabayovuswa esikhathini esizayo, kumelwe siqhubeke siba nokholo emhlatshelweni kaKristu wesihlengo kuze kube yilapho sifinyelela ukuphelela kobuntu ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.—IsAmbulo 20:5.
18. (a) Kuyokwenzekani ekupheleni kokuBusa KukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane? (b) Ukukhulekela kweqiniso kukaJehova kuyonqoba kanjani ekugcineni?
18 Ngaleso sikhathi, abakhulekeli bakaNkulunkulu emhlabeni bayoma phambi kwakhe ekupheleleni kobuntu bengabudingi ubupristi basezulwini. Siyobe sesifikile isikhathi sokuba uJesu Kristu ‘anikele umbuso kuNkulunkulu noYise.’ (1 Korinte 15:24) USathane uyokhululwa “isikhashana” ukuze avivinye isintu esiphelelisiwe. Noma yibaphi abangathembekile bayobhujiswa phakade, kanye noSathane namademoni akhe. Labo abayohlala bethembekile bayonikezwa ukuphila okumi phakade. Bayoba izakhamuzi zaphakade ePharadesi lasemhlabeni. Ngalokho uMkhosi Wamadokodo ongokomfanekiso uyobe ufike esiphelweni esikhazimulayo, nesiphumelelayo. Ukukhulekela kweqiniso kuyobe kunqobile kube inkazimulo ehlala njalo kuJehova nenjabulo yaphakade esintwini.—IsAmbulo 20:3, 7-10, 14, 15.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukuhlaziywa kwevesi ngalinye likaZakariya isahluko 14, bheka incwadi ethi Paradise Restored to Mankind—By Theocracy!, eyanyatheliswa ngo-1972 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., izahluko 21 no-22.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngamaNethini anamuhla, bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1992, ikhasi 16.
Imibuzo Yokubukeza
◻ “IJerusalema” lahlaselwa kanjani phakathi nempi yezwe yokuqala?—Zakariya 14:2.
◻ Yini eye yenzeka kubantu bakaNkulunkulu kusukela ngo-1919?
◻ Obani namuhla abahlanganyela ekugubheni uMkhosi Wamadokodo ongokomfanekiso?
◻ Ukukhulekela kweqiniso kuyonqoba kanjani ngokuphelele?
[Isithombe ekhasini 23]
Amagatsha esundu ayesetshenziswa ekugubheni uMkhosi Wamadokodo