UMholi Wethu Okhuthele Namuhla
“Waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.”—ISAM. 6:2.
1, 2. (a) IBhayibheli liwuchaza kanjani umsebenzi kaKristu njengenkosi kusukela ngo-1914? (b) Iziphi izinto uKristu aye wazenza kusukela abekwa esihlalweni sobukhosi?
UKRISTU wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi kaJehova eMbusweni kaMesiya ngo-1914. Simbona enzani manje ngeso lethu lengqondo? Ingabe simbona eyinkosi ehleli esihlalweni sayo sobukhosi, ejulile ngomqondo, edamane ibheka emhlabeni ukuze ibone okwenzekayo ebandleni layo? Uma kunjalo, kufanele siwulungise umbono wethu. Incwadi yamaHubo nesAmbulo zimveza njengenkosi ekhuthele egibele ihhashi, ephuma ‘inqoba futhi iyophelelisa ukunqoba kwayo’ iqhubekela “empumelelweni” yamanqamu.—IsAm. 6:2; IHu. 2:6-9; 45:1-4.
2 Isinyathelo sokuqala uKristu asithatha ngemva kokubekwa esihlalweni sobukhosi kwaba ukunqoba ‘udrako nezingelosi zakhe.’ NjengoMikayeli ingelosi enkulu ohola izingelosi zakhe, wakhipha uSathane namademoni akhe emazulwini angcwele wabaphonsa emhlabeni. (IsAm. 12:7-9) Lapho esefeza indima yakhe yokuba ‘isithunywa sesivumelwano sikaJehova,’ uJesu weza noYise bezohlola ithempeli elingokomoya. (Mal. 3:1) Wahlulela eLobukholwa, eliyingxenye esoleka kakhulu ‘yeBhabhiloni Elikhulu,’ walithola linecala legazi nelokuphinga ngokomoya nezombusazwe zaleli zwe.—IsAm. 18:2, 3, 24.
Uhlanza Inceku Yakhe Yasemhlabeni
3, 4. (a) Yini uKristu aye wayifeza ‘njengesithunywa’ sikaJehova? (b) Ukuhlola ithempeli kwembulani, futhi njengeNhloko yebandla, uJesu uye wamisa obani?
3 Ukuhlola kukaJehova ‘nesithunywa’ sakhe kwembula nokuthi egcekeni lasemhlabeni lalelo thempeli elingokomoya kwakuneqembu lamaKristu eqiniso, elalingeyona ingxenye yamasonto eLobukholwa. Nokho, ngisho nawo la maKristu agcotshiwe, noma “amadodana kaLevi,” kwakudingeka ahlanzwe. Kunjengoba nje umprofethi uMalaki abikezela: ‘UJehova uyohlala njengomcwengi nanjengomhlanzi wesiliva ahlanze amadodana kaLevi; uyowacwenga njengegolide nanjengesiliva, futhi kuJehova ayoba ngabantu abaletha umnikelo wesipho ngokulunga.’ (Mal. 3:3) UJehova wasebenzisa ‘isithunywa sakhe sesivumelwano,’ uKristu uJesu, ukuba ahlanze la ma-Israyeli angokomoya.
4 Noma kunjalo, uKristu wathola la maKristu agcotshiwe enza konke angakwenza ukuze alungiselele abendlu yokholo ukudla okungokomoya ngesikhathi sako. Kusukela ngo-1879 kuqhubeke, aqhubeka enyathelisa amaqiniso eBhayibheli aphathelene noMbuso kaNkulunkulu esebenzisa lo magazini ngisho nasezikhathini ezinzima. UJesu wayeprofethile ukuthi lapho ‘efika’ ezohlola abendlu yakhe phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto,’ wayeyothola inceku ibanika ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ Wayeyothi leyo nceku iyajabula futhi ‘ayimise phezu kwakho konke okungokwakhe’ emhlabeni. (Math. 24:3, 45-47) NjengeNhloko yebandla lobuKristu, uKristu uye wasebenzisa le “nceku ethembekileyo neqondayo” ukuba anakekele izithakazelo zoMbuso wakhe lapha emhlabeni. Uye wasebenzisa iNdikimba Ebusayo ukuze aqondise “abendlu,” abagcotshiwe nabangane babo ‘bezinye izimvu.’—Joh. 10:16.
Uvuna Umhlaba
5. Imuphi umsebenzi umphostoli uJohane abona iNkosi iwenza embonweni?
5 Umphostoli uJohane wanikezwa umbono wokunye okwakuyokwenziwa yile Nkosi enguMesiya ‘ngosuku lweNkosi,’ ngemva kokuba ibekwe esihlalweni sobukhosi ngo-1914. Wabhala: “Ngabona futhi, bheka! ifu elimhlophe, phezu kwalo kuhlezi othile onjengendodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda nesikela elibukhali esandleni sakhe.” (IsAm. 1:10; 14:14) UJohane wezwa ingelosi evela kuJehova itshela lo Mvuni ukuba afake isikela lakhe ngoba “isivuno somhlaba sesivuthwe ngokuphelele.”—IsAm. 14:15, 16.
6. Yini uJesu athi yayiyokwenzeka ngokuhamba kwesikhathi?
6 Lesi “sivuno somhlaba” sisikhumbuza umfanekiso kaJesu kakolweni nokhula. UJesu wazifanisa nomuntu owahlwanyela ukolweni ensimini yakhe elindele ukuthola isivuno esikhulu sikakolweni omuhle, omelela “abantwana bombuso,” amaKristu eqiniso agcotshelwe ukubusa naye eMbusweni wakhe. Kodwa ebusuku, kwafika isitha, “uDeveli,” sahlwanyela ukhula, “abantwana bomubi” kuleyo nsimu. Umhlwanyeli wayala izisebenzi zakhe ukuba ziyeke ukolweni nokhula kukhule ndawonye kuze kufike isikhathi sokuvuna, esasiyoba ‘sesiphelweni sesimiso sezinto.’ Ngaleso sikhathi, wayeyothumela izingelosi zakhe zihlukanise ukhula kukolweni.—Math. 13:24-30, 36-41.
7. UKristu uwufeza kanjani umsebenzi ‘wokuvuna umhlaba’?
7 Ekugcwalisekeni kombono owanikezwa uJohane, uJesu ubelokhu ehola umsebenzi wokuvuna emhlabeni wonke. ‘Ukuvunwa komhlaba’ kwaqala ngokubuthwa kwensali ‘yabantwana bombuso’ abangu-144 000 abamelelwa “ukolweni” emfanekisweni kaJesu. Umahluko phakathi kwamaKristu eqiniso nawamanga waqhubeka uba sobala kakhulu ngemva kweMpi Yezwe I kangangokuthi uye waba negalelo engxenyeni yesibili ‘yesivuno somhlaba’—ukubuthwa kwezinye izimvu. Laba akubona “abantwana bombuso,” kodwa kunalokho ‘bayisixuku esikhulu’ sezikhonzi zokuzithandela zalowo Mbuso. Bavunwa kuzo zonke “izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi.” Bazithoba eMbusweni kaMesiya, owakhiwa uKristu Jesu kanye ‘nabangcwele’ abangu-144 000 abayohlanganyela naye kulowo hulumeni wasezulwini.—IsAm. 7:9, 10; Dan. 7:13, 14, 18.
Uhola Amabandla
8, 9. (a) Yini ebonisa ukuthi uKristu akabheki kuphela ukuziphatha kwebandla lonke kodwa ubheka nendlela yokuphila yelungu ngalinye? (b) Njengoba kuboniswe ekhasini 26, iziphi “izinto ezijulile zikaSathane” okufanele sizigweme?
8 Sibonile esihlokweni esandulele indlela uKristu ayebhekisisa ngayo isimo esingokomoya sebandla ngalinye ekhulwini lokuqala C.E. Osukwini lwethu, njengeNkosi ebusayo enikwe “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni,” uKristu uMholi wethu uyinhloko ekhuthele phezu kwamabandla asemhlabeni wonke nababonisi bawo. (Math. 28:18; Kol. 1:18) UJehova uye “wamenza inhloko phezu kwazo zonke izinto ebandleni” labagcotshiwe. (Efe. 1:22) Njengenhloko, ubona zonke izinto ezenzeka emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-100 000.
9 UJesu wathumela lesi sigijimi ebandleni lasendulo laseThiyathira: “Yilezi izinto ezishoyo iNdodana kaNkulunkulu, yona emehlo ayo anjengelangabi lomlilo, . . . ‘Ngiyazazi izenzo zakho.’” (IsAm. 2:18, 19) Wasola amalungu alelo bandla ngokuphila ukuphila kokuziphatha kabi nokuzitika, wathi: “Nginguye ohlola izinso nezinhliziyo, futhi ngizoninika ngabanye ngokwezenzo zenu.” (IsAm. 2:23) Lawo mazwi abonisa ukuthi uKristu akabheki nje ukuziphatha kwebandla lilonke kodwa nokuphila kwelungu ngalinye lalo. UJesu wancoma amaKristu aseThiyathira ‘angazange azazi “izinto ezijulile zikaSathane.”’ (IsAm. 2:24) Nanamuhla, uJesu uyajabula ngabasha nabadala abagwema ukusebenzisa i-Internet ukuze babheke “izinto ezijulile zikaSathane,” noma abagwema imidlalo yama-video enobudlova noma imicabango yabantu eyekelelayo. Yeka indlela ajabula ngayo lapho ebona imizamo nokuzidela kwamaKristu amaningi namuhla enza konke okusemandleni awo ukuze alandele ukuhola kwakhe kuzo zonke izici zokuphila kwawo!
10. Ichazwe kanjani indlela uKristu aqondisa ngayo abadala bebandla, kodwa iliphi ilungiselelo okudingeka baliqaphele?
10 UKristu usebenzisa abadala abamisiwe ukuze engamele ngothando amabandla akhe asemhlabeni. (Efe. 4:8, 11, 12) Ekhulwini lokuqala, bonke ababonisi babegcotshwe ngomoya. Encwadini yesAmbulo bachazwa njengezinkanyezi ezisesandleni sikaKristu sokunene. (IsAm. 1:16, 20) Namuhla, abadala abaningi bamabandla bangabezinye izimvu. Bamiswa ngemva komthandazo nangesiqondiso somoya ongcwele, ngakho nabo bangabhekwa njengabaqondiswa uKristu, noma abasesandleni sakhe. (IzE. 20:28) Nokho, bayaqaphela ukuthi uKristu usebenzisa iqembu elincane lamadoda angamaKristu agcotshiwe njengeNdikimba Ebusayo ukuze ahole futhi aqondise abafundi bakhe emhlabeni.—Funda izEnzo 15:6, 28-30.
“Woza, Nkosi Jesu”
11. Kungani silangazelela ukubona uMholi wethu eza masinyane?
11 Esambulweni esanikezwa umphostoli uJohane, uJesu washo izikhathi eziningana ukuthi uyeza masinyane. (IsAm. 2:16; 3:11; 22:7, 20) Akungabazeki ukuthi wayebhekisela ekuzeni kwakhe ezokhipha isahlulelo eBhabhiloni Elikhulu nakuso sonke isimiso sezinto sikaSathane esibi. (2 Thes. 1:7, 8) Elangazelela ukugcwaliseka kwazo zonke lezi zenzakalo ezinhle ezabikezelwa, umphostoli uJohane osekhulile wathi: “Amen! Woza, Nkosi Jesu.” Nathi esiphila kulesi sikhathi sokuphela kwalesi simiso sezinto esibi, silangazelela ukubona uMholi neNkosi yethu eza emandleni oMbuso ezongcwelisa igama likaYise futhi alwele ubukhosi baKhe.
12. Imuphi umsebenzi uKristu ayowuqeda ngaphambi kokuba kudedelwe imimoya yembubhiso?
12 Ngaphambi kokuba uJesu eze ezobhubhisa inhlangano kaSathane ebonakalayo, abokugcina bamalungu angu-144 000 ka-Israyeli ongokomoya bayobekwa uphawu lokugcina. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi imimoya yembubhiso ezoqeda isimiso sikaSathane ngeke idedelwe kuze kuqedwe lokhu kubekwa uphawu kwabangu-144 000.—IsAm. 7:1-4.
13. UKristu uyokwenza kubonakale kanjani ukuba khona kwakhe phakathi nengxenye yokuqala ‘yosizi olukhulu’?
13 ‘Ukuba khona’ kukaKristu kusukela ngo-1914 akuzange kunakwe iningi labantu basemhlabeni. (2 Pet. 3:3, 4) Nokho, maduzane nje, uKristu uzokwenza ukuba khona kwakhe kubonakale ngokukhipha izahlulelo zikaJehova ezingxenyeni ezahlukahlukene zesimiso sezinto sikaSathane. Ukubhujiswa ‘komuntu ongenamthetho’—abefundisi beLobukholwa—kuyoba ‘ukubonakaliswa’ okusobala ‘kokuba khona kwakhe.’ (Funda eyesi-2 Thesalonika 2:3, 8.) Kuyonikeza ubufakazi obuqinile bokuthi uKristu usethathe isinyathelo njengoMahluleli omiswe uJehova. (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:1.) Ukubhujiswa kwengxenye yeBhabhiloni Elikhulu esoleka kakhulu kuyoba isandulela sokubhujiswa ngokuphelele kwalowo mbuso wezwe omubi wenkolo yamanga. UJehova uyokufaka ezinhliziyweni zabaholi bezombusazwe ukuba basibhubhise lesi sifebe esingokomoya. (IsAm. 17:15-18) Lokhu kuyoba ingxenye yokuqala ‘yosizi olukhulu.’—Math. 24:21.
14. (a) Kungani ingxenye yokuqala yosizi olukhulu iyofinyezwa? (b) Siyosho ukuthini “isibonakaliso seNdodana yomuntu” kubantu bakaJehova?
14 UJesu wathi izinsuku zalolo sizi ziyofinyezwa “ngenxa yabakhethiweyo,” insali yamaKristu agcotshiwe asesemhlabeni. (Math. 24:22) UJehova ngeke avume ukuba lokho kubhujiswa kwenkolo yamanga kuqothule amaKristu agcotshiwe nabangane bawo bezinye izimvu. UJesu wanezela ukuthi “ngemva kosizi lwangalezo zinsuku” kuyoba nezibonakaliso elangeni, enyangeni nasezinkanyezini, “khona-ke isibonakaliso seNdodana yomuntu siyobonakala ezulwini.” Siyokwenza ukuba izizwe zomhlaba ‘zizishaye zilila.’ Akunjalo ngabagcotshiwe abanethemba lasezulwini nabangane babo abanethemba lasemhlabeni. Bona ‘bayoma baqonde futhi baphakamise amakhanda abo, ngoba ukukhululwa kwabo kuyobe kusondela.’—Math. 24:29, 30; Luka 21:25-28.
15. Imuphi umsebenzi oyokwenziwa uKristu lapho eza?
15 Ngaphambi kokuba iphelelise ukunqoba kwayo, iNdodana yomuntu iza nangenye indlela. Yaprofetha: “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo. Zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini. Iyobeka izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesobunxele sayo.” (Math. 25:31-33) Lokhu kubhekisela ekuzeni kukaKristu njengoMahluleli ezokwahlukanisa abantu ‘bazo zonke izizwe’ babe amaqembu amabili: “izimvu,” labo abayobe besekele abafowabo abangokomoya (amaKristu agcotshiwe asemhlabeni) ‘nezimbuzi,’ labo “abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thes. 1:7, 8) Izimvu, ezichazwa ngokuthi “abalungileyo” ziyothola ‘ukuphila okuphakade’ emhlabeni, kodwa izimbuzi ‘ziyomuka ziye ekunqunyweni kwaphakade.’—Math. 25:34, 40, 41, 45, 46.
UJesu Uphelelisa Ukunqoba Kwakhe
16. UKristu uMholi wethu uyokuphelelisa kanjani ukunqoba kwakhe?
16 Lapho lonke inani lalabo abayobusa futhi babe abapristi kanye naye selibekwe uphawu nezinye izimvu sezihlukanisiwe futhi zabekwa esandleni sakhe sokunene sensindiso, uKristu uyobe esekulungele ‘ukuphelelisa ukunqoba kwakhe.’ (IsAm. 5:9, 10; 6:2) Ehola ibutho lezingelosi ezinamandla futhi ngokungangabazeki nabafowabo abavusiwe, uyobhubhisa sonke isimiso sikaSathane sezombusazwe, sezempi nesezentengiselwano. (IsAm. 2:26, 27; 19:11-21) Ukunqoba kukaKristu kuyopheleliswa lapho ebhubhisa isimiso sezinto sikaSathane esibi. Ngemva kwalokho, uyophonsa uSathane namademoni akhe kwalasha iminyaka eyinkulungwane.—IsAm. 20:1-3.
17. UKristu uyoziholela kuphi ezinye izimvu phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?
17 Ekhuluma ‘ngesixuku esikhulu’ sezinye izimvu, esiyosinda osizini olukhulu, umphostoli uJohane waprofetha ukuthi “iWundlu, eliphakathi kwesihlalo sobukhosi, liyobelusa, futhi liyobaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila.” (IsAm. 7:9, 17) Yebo, phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uKristu uyoqhubeka ehola ezinye izimvu, ezililalela ngempela izwi lakhe, aziholele ekuphileni okuphakade. (Funda uJohane 10:16, 26-28.) Kwangathi singamlandela ngokwethembeka uMholi wethu oyinkosi—manje kuze kube yilapho singena ezweni elisha uJehova alithembisile!
Ake Sibukeze
• Isiphi isinyathelo uKristu asithatha ngemva kokubekwa kwakhe esihlalweni sobukhosi?
• Obani uKristu abasebenzisayo ukuze ahole amabandla?
• Iziphi izindlela uKristu uMholi wethu asazoza ngazo?
• UKristu uyoqhubeka esihola kanjani ezweni elisha?
[Isithombe ekhasini 29]
Ukubhujiswa kwesimiso sikaSathane esibi kuyobonakalisa ukuba khona kukaKristu