ISAHLUKO SESHUMI
Yiba Neqhaza Ekuphileni Komkhaya Okuthokozisa UNkulunkulu
1. Kungani oFakazi BakaJehova ngokuvamile benokuphila komkhaya okujabulisayo?
OFAKAZI BAKAJEHOVA baziwa kakhulu ngokuba nokuphila komkhaya okujabulisayo. UProfesa Bryan Wilson wase-Oxford University wabhala: “OFakazi banezeluleko eziningi ezisebenzayo . . . mayelana nobuhlobo bomshado, izindaba zokuziphatha, ukukhulisa abantwana, nezinye izici zokuphila. Kuningi abangasiza ngakho uma kuziwa ezelulekweni eziqinile ezisekelwe emiBhalweni Engcwele abazenze zaba indlela yokuphila.” Ngokungangabazeki, ufunde okuningi eZwini likaNkulunkulu ngendlela yokuba nokuphila komkhaya okujabulisayo.
2. (a) Yini oyiphawulile ngemikhaya ezweni namuhla? (b) Sizobheka kuziphi izincwadi zeBhayibheli ukuze sithole isiqondiso ngokuphila komkhaya?
2 Njengoba usuku lukaJehova lusondela, uSathane unemikhaya shaqa. Ngenxa yalokho, abantu abaningi abasawethembi amalungu omkhaya wabo. Kwakunjalo ngezinsuku zikaMika. Wabhala: “Ungabi nokholo kumngane. . . . Qapha ukuvuleka komlomo wakho kuye olala esifubeni sakho. Ngoba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala; izitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.” (Mika 7:5, 6) Uphila ezweni lapho ilungiselelo lomkhaya seliwohloke khona, kodwa uye walwa kanzima ukuba lokho kungakuthonyi. Ngenxa yalokho ukuphila komkhaya wakho kuyajabulisa, futhi kuthokozisa noNkulunkulu. Cishe uye wasebenzisa imibhalo enjengoDuteronomi 6:5-9; Efesu 5:22–6:4; neyabaseKolose 3:18-21. Nokho, wake wazibheka izincwadi zabaprofethi abangu-12 njengomthombo wezeluleko zokuba nokuphila komkhaya okujabulisayo? Kulesi sahluko, sizofunda ngezibonelo ezimbalwa zezeluleko ezinjalo kulezi zincwadi. Kodwa ungagcini nje ngokufunda ngalezo zeluleko. Zama ukuthola kulezi zibonelo indlela eyisisekelo ongayisebenzisa ekutholeni ezinye izifundo kulezi zincwadi. Ekugcineni kwalesi sahluko, kunemibhalo ekhonjiwe ezokunikeza ithuba lokukupraktiza lokhu, uthole izifundo kulezi zincwadi ezingu-12.
“UYAKUZONDA UKUHLUKANISA UMSHADO”
3, 4. (a) Abantu abaningi namuhla bazama ukuzixazulula kanjani izinkinga zabo zomshado? (b) Yisiphi isimo esidabukisayo ngomshado esasikhona osukwini lukaMalaki?
3 Esifisa ukukucabangela kuqala yisibopho esiphakathi kwendoda nomfazi. Kuze kube muva nje, iningi labantu belingasibheki isehlukaniso njengesixazululo esilula sezinkinga zomshado. Ukuthola isehlukaniso bekuba umzukuzuku; eNgilandi ekhulwini le-19, kwakuba iPhalamende elikhipha isehlukaniso. Izimo ezinjalo zazivame ukuvikela imikhaya ukuba ingahlukani. Kodwa namuhla izinto sezihluke kakhulu. I-Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Inani lezehlukaniso selande kakhulu emazweni amaningi kusukela ngeMpi Yezwe II . . . Indlela esibhekwa ngayo isehlukaniso isishintshe kakhulu . . . abaningi sebethambekele ekusamukeleni.” Isehlukaniso sesivame ngisho nasemazweni afana neKorea, lapho isehlukaniso sasixwaywa khona eminyakeni eyishumi edlule. Namuhla, abantu emazweni amaningi banomuzwa wokuthi isehlukaniso siyindlela elula abantu abashadile abangaphuma ngayo emshadweni onezinkinga.
4 Osukwini lukaMalaki ekhulwini lesihlanu B.C.E., isehlukaniso sasiyinsakavukela kumaJuda. UMalaki wawatshela: “UJehova ngokwakhe ufakazile phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho, wena omkhohlisile.” Ngenxa yokuthi amadoda ayekhohlisa, i-altare likaJehova lalimbozwe yizinyembezi zabafazi abashiyiwe, limbozwe ‘ukukhala nokububula.’ Abapristi abonakele babelushalazela lolu lunya!—Malaki 2:13, 14.
5. (a) UJehova usibheka kanjani isehlukaniso? (b) Kungani ukukhohlisa umngane wakho womshado kuyinto engathí sina kangaka?
5 UJehova wayesibheka kanjani isimo sengqondo esibi ngomshado esasikhona ngesikhathi sikaMalaki? UMalaki wabhala: “‘Uyakuzonda ukuhlukanisa umshado,’ kusho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.” Waqinisekisa nokuthi uJehova ‘akakashintshi.’ (Malaki 2:16; 3:6) Uyalithola iphuzu? UNkulunkulu wayeshilo ngaphambili ukuthi akasifuni isehlukaniso. (Genesise 2:18, 24) Wayengasifuni nangosuku lukaMalaki. Akasifuni nanamuhla. Abanye abantu bangase bakhethe ukuwushiya umshado ngenxa nje yokuthi benganelisekile ngomngane wabo womshado. Ngisho noma inhliziyo yabo ingase ikhohlise kanjani, uJehova uyayiphenya. (Jeremiya 17:9, 10) Uyakubona ukukhohlisa noma ubuqili obubangela isehlukaniso, kungakhathaliseki ukuthi umuntu uzama ukubeka zaba zini. Yebo, “zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.”—Hebheru 4:13.
6. (a) Ukuba nombono kaJehova ngesehlukaniso kungakusiza kanjani? (b) Laliyini iphuzu lesiyalo sikaJesu ngesehlukaniso?
6 Kungenzeka ukuthi umshado wakho awukabi sengcupheni yesehlukaniso, kodwa kuhle uwukhumbule umbono kaJehova ngaso. Asiphelele, ngakho singazilindela izinkinga nokungaboni ngaso linye emshadweni. Nokho, ungasicabanga nokusicabanga yini isehlukaniso, usibheke njengesixazululo esilula? Lapho imimoya isaphakeme ngenxa yentukuthelo, ingabe ungayiveza indaba yesehlukaniso? Abaningi baye benza kanjalo, nokho umbono kaNkulunkulu ngesibopho somshado uthi abantu kumelwe bazame kanzima ukwenza imishado yabo iphumelele. Kuyavunywa, uJesu Kristu wathi kunesizathu esisodwa kuphela esizwakalayo sokwehlukanisa—ubufebe, okungukuthi, zonke izinhlobo zokuhlangana ngobulili ngaphandle komshado. Nokho, laliyini iphuzu eliyinhloko lesiyalo sikaJesu? Watshela ababemlalele: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” Ngakho uJesu wayisekela indinganiso kaJehova engaguquki, leyo uMalaki ayekhulume ngayo eminyakeni engaba ngu-450 ngaphambili.—Mathewu 19:3-9.
7. Ngokuvumelana nesiyalo esisencwadini kaMalaki, ungasilondoloza kanjani isibopho somshado esiqinile?
7 Umbhangqwana ongamaKristu ungasilondoloza kanjani-ke isibopho esiqinile? UMalaki wanikeza lesi sihluthulelo: “Kumelwe niziqaphe ngokuqondene nomoya wenu, ningenzi ngokukhohlisa.” (Malaki 2:16) Lokhu kusho ukuqapha ukuthambekela okunamandla esinakho ngaphakathi kithi. Uma ‘siwuqapha umoya wethu,’ siyosixwaya isilingo sokumnaka ngokungafanele umuntu esingashadile naye. (Mathewu 5:28) Ngokwesibonelo, kuthiwani uma kusikitaza ukunakwa ngokungafanele noma ukunconywa umuntu wobulili obuhlukile? Lokho kuyosho ukuthi asisawuqaphile umoya wethu. Ngakho, isifundo esiyinhloko esisithola kubaprofethi abangu-12 esiyosisiza sibe nesibopho somshado esiqinile, ukuba siqaphe ‘umoya wethu.’
8, 9. Kungani indaba kaHoseya noGomere yafakwa eBhayibhelini?
8 Ngokuqinisekile uzimisele ukuwulondoloza umshado wakho. Noma kunjalo, awugomekile ezinkingeni zomshado. Ungabhekana kanjani ngempumelelo nezinkinga eziphakamayo, ikakhulukazi uma unomuzwa wokuthi ngumngane wakho womshado osephutheni? Khumbula lokho okwashiwo ngoHoseya kule ncwadi, eZahlukweni 2 no-4. Umkakhe, uGomere, waba “umfazi ofebayo” futhi ‘wagijima walandela izithandwa zakhe ezimkhanukelayo.’ Kamuva walaxazwa, wahlupheka futhi wagqilazwa. UHoseya wambuyisa ngisho noma lokho kwakusho ukulahlekelwa, wanxuswa ukuba amthande. Ngayiphi injongo? Ukuze kufanekiswe okwakwenzeka phakathi kukaJehova nama-Israyeli. UJehova ‘wayengumnikazi wawo ongumyeni,’ futhi abantu bakhe babengumkakhe.—Hoseya 1:2-9; 2:5-7; 3:1-5; Jeremiya 3:14; Isaya 62:4, 5.
9 Kusukela ekuqaleni, ama-Israyeli amzwisa ubuhlungu uJehova ngokulandela abanye onkulunkulu. (Eksodusi 32:7-10; AbaHluleli 8:33; 10:6; IHubo 78:40, 41; Isaya 63:10) Umbuso wasenyakatho wezizwe eziyishumi wawunecala ngokukhethekile ngenxa yokukhulekela ithole. (1 AmaKhosi 12:28-30) Ngaphezu kwalokho, ama-Israyeli awazange athembele kuMnikazi wawo onguMyeni, uJehova, kunalokho athembela emashendeni awo ezombangazwe. Ngesinye isikhathi alandela i-Asiriya, kuhle kwedube elinenkani elikhanukela ukukhwelwa. (Hoseya 8:9) Ungazizwa kanjani uma umngane wakho womshado enza ngale ndlela?
10, 11. Ungamlingisa kanjani uJehova uma unenkinga yomshado lapho kubonakala sengathi umngane wakho womshado osephutheni?
10 Osukwini lukaHoseya, kwase kudlule iminyaka engaphezu kuka-700 ama-Israyeli engene esivumelwaneni noJehova. Noma kunjalo, uNkulunkulu wayezimisele ukuwaxolela, inqobo nje uma ebuyela kuye. Kucatshangelwa ukuthi uHoseya waqala ukuprofetha ngaphambi kuka-803 B.C.E., ngakho uJehova waqhubeka ebekezelela ama-Israyeli iminyaka engu-60 ngemva kwalokho, amaJuda wawabekezelela iminyaka ecishe ibe ngu-200! Esebenzisa isimo somkhaya kaHoseya njengomfanekiso, uJehova wayesamema abantu bakhe besivumelwano ukuba baphenduke. Wayenezizathu ezizwakalayo zokuwuqeda umshado wakhe no-Israyeli, kodwa waqhubeka ethumela abaprofethi ukuba basize umkakhe ongokomfanekiso ukuba abuye, ngisho noma lokho kwakusho ukulahlekelwa kuye.—Hoseya 14:1, 2; Amose 2:11.
11 Uma unenkinga yomshado lapho kubonakala sengathi ngumngane wakho womshado osephutheni, ingabe uyosabela njengoJehova? Ingabe uyothatha isinyathelo kuqala uzame ukubuyisela umshado wakho esimweni sawo? (Kolose 3:12, 13) Ukwenza kanjalo kudinga ukuthobeka. Yeka isibonelo esihle uJehova asibeka ekusebenzelaneni kwakhe nama-Israyeli! (IHubo 18:35; 113:5-8) UNkulunkulu ‘wakhuluma nenhliziyo yama-Israyeli,’ waze wawancenga. Njengabantu abangaphelele, asinaso yini isizathu esikhulu nakakhulu sokukhuluma nezinhliziyo zesishade nabo, sizame ukulungisa izinkinga futhi singawanaki amaphutha abo? Kuyaphawuleka ukuthi imizamo kaJehova yaba nemiphumela. Insali yesizwe yasabela ngenkathi isehlane eyayidingiselwe kulo eBhabhiloni, kamuva yabuyela ezweni layo, ibiza uJehova ngokuthi “myeni wami.”—Hoseya 2:14-16.a
12. Ukuzindla ngendlela uJehova asebenzelana ngayo nomkakhe ongokomfanekiso, kungawuzuzisa kanjani umshado wakho?
12 Uma kwenzeka kuba nenkinga engathí sina, imizamo yakho eqotho yokulungisa ubuhlobo bakho nomngane wakho womshado ingase ibe nemiphumela emihle. UNkulunkulu wayezimisele ukuxolela umkakhe ongokomfanekiso isono esingathí sina sokufeba ngokomoya. Izinkinga eziningi phakathi kwamaKristu eqiniso ashadile azikafinyeleli esimweni esibi kangako. Izinkinga eziningi ziqala ngamazwi anokhahlo noma alimazayo. Ngakho uma amazwi omngane wakho womshado ekuphathe kabi, cabanga ngalokho uHoseya, ngisho noJehova uqobo, abhekana nakho. (IzAga 12:18) Ngeke yini lokho kukusize ukuba umxolele?
13. Sithola siphi isifundo eqinisweni lokuthi uJehova wayefuna abantu bakhe abahlubukayo baphenduke?
13 Kunesinye isici kule ndaba engokomlando. Ingabe uNkulunkulu wayezimisele ukubuyisela ubuhlobo bakhe nabantu bakhe uma besaqhubeka nokufeba? UNkulunkulu wamtshela lokhu uHoseya ngesizwe esiphingayo: ‘Kufanele sisuse ubufebe baso phambi kwaso nezenzo zaso zokuphinga phakathi kwamabele aso.’ (Hoseya 2:2) Abantu kwakudingeka baphenduke futhi ‘bathele izithelo ezifanela ukuphenduka.’ (Mathewu 3:8) Kuleli phuzu, gxila kwawakho amaphutha kunasemaphutheni omngane wakho womshado. Uma umonile, kungani ungazami ukulungisa ubuhlobo benu ngokuxolisa ngobuqotho nangokushintsha inkambo yakho? Ungase uthethelelwe.
“AMAGODA OTHANDO”—ISISEKELO SOKUKHIPHA ISIYALO
14, 15. (a) NgokukaMalaki 4:1, kungani kufanele ukubheke njengokungathí sina ukufundisa izingane zakho? (b) Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zazi uJehova?
14 Mayelana nokuphila komkhaya, singafunda okwengeziwe endleleni uJehova asebenzelana ngayo nama-Israyeli njengoba kulandisa abaprofethi abangu-12. Lezi zincwadi zibonisa izindlela ongasiza ngazo izingane zakho. Kuyinto eyaziwayo ukuthi akulula ukukhulisa izingane namuhla. Abazali kumelwe bawubheke njengongathí sina umthwalo wabo wemfanelo. Siyafunda: “‘Lolu suku oluzayo ngokuqinisekile luyobashwabadela [abantu],’ kusho uJehova wamabutho, ‘kangangokuthi ngeke lubashiyele mpande nagatsha.’” (Malaki 4:1) Ngalolo suku lokulandisa, izingane ezincane (amagatsha) ziyokwahlulelwa ngokulunga kuye ngendlela uJehova abheka ngayo abazali bazo (izimpande), okuyibona abaphathiswe izingane ezincane. (Isaya 37:31) Indlela abazali abaphila ngayo ingase inqume ikusasa lezingane zabo, ukuthi lizoba lihle noma lizoba libi. (Hoseya 13:16) Uma nina (zimpande) ningenakho ukuma okuhle noJehova, yini engase yenzeke ezinganeni zenu (amagatsha) ngosuku lwakhe lwentukuthelo? (Zefaniya 1:14-18; Efesu 6:4; Filipi 2:12) Ngakolunye uhlangothi, imizamo yenu eqotho yokwamukelwa uNkulunkulu ingazizuzisa izingane zenu.—1 Korinte 7:14.
15 Ngemva kokucaphuna isiprofetho sikaJoweli ngesidingo sokubiza igama likaJehova, umphostoli uPawulu wabhala: “Bayombiza kanjani lowo abangabanga nokholo kuye? Bayoba kanjani nokholo kulowo abangezwanga ngaye?” (Roma 10:14-17; Joweli 2:32) UPawulu wayekhuluma ngenkonzo yethu yasensimini, kodwa ungasisebenzisa lesi simiso ekufundiseni izingane zakho. Zingaba kanjani nokholo kuJehova zingezwanga ngaye? Ingabe uyasichitha isikhathi esanele usuku nosuku, ufundisa izingane zakho ngendlela uJehova amuhle ngayo, ukhulisa kuzo uthando olujulile ngaye nangesiqondiso sakhe? Cishe izingane ziyokhula ngokomoya uma zihlale zizwa ngoJehova ekhaya.—Duteronomi 6:7-9.
16. Ngokuvumelana noMika 6:3-5, ungamlingisa kanjani uJehova lapho uyala izingane zakho?
16 Uma izingane zisezincane kakhulu, kungase kube lula ukuziyisa emihlanganweni yobuKristu. Kodwa njengoba zikhula, ziqala ukudonsa zibheke lé. Yini ongayenza uma izingane zakho ziveza umoya wobuhlongandlebe ngezikhathi ezithile? Ungafunda kubaprofethi abangu-12, uphawule indlela uJehova asebenzelana ngayo no-Israyeli noJuda. (Zakariya 7:11, 12) Ngokwesibonelo, njengoba ufunda uMika 6:3-5, phawula umuzwa ovezwayo. Ama-Israyeli ayesephutheni; noma kunjalo uNkulunkulu wawabiza ngokuthi “bantu bami.” Wancenga: “O bantu bami, ngicela nikhumbule.” Esikhundleni sokuwasola ngokuwakhaca, wazama ukufinyelela izinhliziyo zawo. Ungamlingisa yini uJehova ngisho nalapho uyala izingane zakho? Noma ngabe zone kangakanani, ziphathe njengengxenye ebalulekile yomkhaya, ungaziphoxi. Esikhundleni sokuzidela, zincenge ngomusa. Zibuze imibuzo ezozenza ziveze ezikucabangayo. Zama ukufinyelela izinhliziyo zazo ukuze ziveze imizwa yazo.—IzAga 20:5.
17, 18. (a) Yini okufanele ikushukumisele ukuba uyale izingane zakho? (b) Ungawalondoloza kanjani “amagoda othando” nezingane zakho?
17 Usuke uziyalelani izingane zakho? Abanye abazali baziyala ngoba bengafuni igama lomkhaya lihuduleke phansi. UJehova waveza isisusa sesiyalo sakhe lapho ethi: “Ngafundisa u-Efrayimi ukuhamba, ngimthwala ngezingalo zami. . . . Ngaqhubeka ngimdonsa ngezindophi zomuntu wasemhlabeni, ngamagoda othando.” (Hoseya 11:3, 4) Lapha, uHoseya ufanisa ubuhlobo bukaJehova no-Israyeli nobuhlobo obuphakathi kukababa nendodana. Uyambona ngeso lengqondo umzali onothando, ehola umntanakhe ngentambo enamagoda, ezama ukusiza usana olucathulayo ukuba luhambe? Le ntambo enamagoda isekela umntwana uma ewa, imqondise uma eya eceleni.—Jeremiya 31:1-3.
18 Ingabe uyolulingisa uthando lukaNkulunkulu ngama-Israyeli? Amshiya ngokuphindiwe, kodwa akazange asheshe awadedele lawo magoda othando. Izingane zingase zinhlanhlathe ngezinye izikhathi noma zikhutshwe ubala, kodwa zama ukulondoloza izibopho zothando phakathi kwakho nazo. Khumbula ukuthi uJehova akazange abuzibe ububi babantu bakhe ngenxa yokuluthwa uthando. Wabhekana nesimo ngokuqondile, wabayala ngothando, wazinikeza nesikhathi sokubanika usizo ababeludinga. Uma ubona ukuthi indodana yakho noma indodakazi iyakhukhuleka endleleni yeqiniso, musa ukukuziba lokho. Zama ukuyibuyisa sengathi ngamagoda okuqondisa, uyisize ngothando phakathi nale nkathi enzima. Chitha isikhathi nezingane zakho ezihluphayo. Kubaluleke kakhulu lokho—chitha isikhathi nazo!
19. Kungani kungafanele uzidikile izingane zakho?
19 UHoseya wabona kusengaphambili ukuthi insali yama-Israyeli yayiyosamukela isiyalo: “Abantwana bakwa-Israyeli bayobuya futhi ngokuqinisekile bamfune uJehova uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo; ngokuqinisekile bayoza bethuthumela kuJehova nasebuhleni bakhe engxenyeni yokugcina yezinsuku.” (Hoseya 3:5) Yebo, isiyalo sikaNkulunkulu sasebenza ensalini yabantu bakhe. Yiba nethemba lokuthi kuzoba njalo nasezinganeni zakho. Zama ukubona okuhle kuzo. Yiba nomusa lapho ukhuluma nazo kodwa ubambelele ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Ngisho noma ingane eyihlongandlebe ingasabeli kahle manje, kwazi bani ukuthi iyosuka nini inkungu?
QAPHELA ABANGANE ABABI!
20. Abasebasha bangathola impendulo yamuphi umbuzo ngabangane ezincwadini zabaprofethi abangu-12?
20 Nina basha ningafundani kubaprofethi abangu-12? Omunye wemibhalo ecashunwa kakhulu lapho nixoxa nabazali benu kungenzeka ukuthi eyoku-1 Korinte 15:33, ekhuluma ngokugwema ukuzihlanganisa nababi. Abanye benu bangase babuze, ‘Ingabe kubi kangako ngempela ukuba umngane wabantu abangamkhulekeli uJehova?’ Impendulo yalowo mbuzo ungayithola kulezi zincwadi ezingu-12.
21-23. (a) Abasebasha bangafundani enkambweni eyathathwa abakwa-Edomi? (b) Obani ngempela abangane bakho?
21 Nakuba izincwadi zabaprofethi abangu-12 zaziqondiswe ngokukhethekile kubantu bakaNkulunkulu, incwadi ka-Obadiya yayikhuluma nabakwa-Edomi, okwakuthiwa bangabafowabo bama-Israyeli.b (Duteronomi 2:4) Ngokungafani nezinye izincwadi eziningi zabaprofethi abangu-12, eka-Obadiya isebenzisa isabizwana esithi wena uma ikhuluma ngabakwa-Edomi. Ake ucabange ngabakwa-Edomi. Unyaka ngu-607 B.C.E. futhi iJerusalema livinjezelwe. Nakuba abakwa-Edomi beyizihlobo zegazi zikaJakobe, bachema nabaseBhabhiloni! Bayakloloda: “Liphundleni! Liphundleni!” (IHubo 137:7; Obadiya 10, 12) Baceba ukuthatha izwe lakwaJuda. Baze badle nabaseBhabhiloni, okuyinto eMpumalanga engabonisa ukuthi abantu ababili basesivumelwaneni.
22 Phawula ukuthi u-Obadiya ubikezelani ngabakwa-Edomi: “Wona kanye amadoda [abaseBhabhiloni] abesesivumelwaneni nawe akukhohlisile wonke. Amadoda anokuthula nawe akunqobile. Labo abadla nawe ukudla bayobeka inetha ngaphansi kwakho njengomuntu ongenalo ikhono lokuhlukanisa.” (Obadiya 7) Kwagcina kwenzekeni ngabakwa-Edomi, abalahla umfowabo uJakobe, bakhetha abaseBhabhiloni njengabangane? Ekugcineni, abaseBhabhiloni, beholwa uNabonidasi, babaqothula abakwa-Edomi. Osukwini lukaMalaki, uNkulunkulu wayesenze izintaba zakwa-Edomi ugwadule oluyincithakalo nefa lika-Edomi laba elezimpungushe.—Malaki 1:3.
23 Manje cabanga ngalabo othi bangabangane bakho abangamkhulekeli uJehova. Awukaze uqaphele yini ukuthi ‘abafana [noma amantombazane] abasesivumelwaneni’ noma abangabangane, ngokuvamile bayakhohlisana futhi ‘babekelana inetha’? Uma sekuvela ukuthi kade bekhohlisa, bathini? Bangase bathi abangane ababakhohlisile bayiziphukuphuku, ngoba abakwazi ukubona ukuthi bayakhohliswa. Yeka indlela lokho okufana ngayo nabaseBhabhiloni nabangane babo, abakwa-Edomi! Ucabanga ukuthi labo “bangane” bayokukhathalela ngempela uma ubhekene nezinkinga? (Obadiya 13-16) Ngakolunye uhlangothi, cabanga ngoJehova uNkulunkulu nabantu bakhe namuhla. UJehova uhlale ekulungele ukukusiza. Uyokusekela ngezikhathi zobunzima. Abantu bakhe nabo baba ‘abangane beqiniso abathanda ngaso sonke isikhathi,’ njengabathembekile ‘abazalelwe isikhathi sosizi.’—IzAga 17:17.
YAZISA ISIBOPHO ESIBALULEKE KUNAZO ZONKE
24, 25. Yini okumelwe ize kuqala ekuphileni kwethu?
24 Yebo, izibopho zomkhaya zibalulekile futhi kufanele ziqiniswe. Singathola izifundo eziningi ngazo kubaprofethi abangu-12. Mhlawumbe ungathanda ukufunda lezi zincwadi usebenzise indlela esiyisebenzisile lapha. Lokhu kuyokusiza uthole izifundo ezengeziwe mayelana nokuthuthukisa ukuphila komkhaya wakho. Kodwa, ingabe ukuba nokuphila komkhaya okujabulisayo iyona nto eza kuqala kubakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla?
25 Ngokuthakazelisayo, ngokuqondene nokuza kosuku lukaJehova, uJoweli waprofetha: “Buthani abantu. Ngcwelisani ibandla. . . . Umkhwenyana makaphume ekamelweni lakhe elingaphakathi, nomakoti egumbini lakhe labasanda kushada.” (Joweli 2:15, 16) Bonke abantu ekhaya kwakumelwe babuthelwe ndawonye ukuze bakhulekele uJehova. Ngisho nabasanda kushada, ngokuvamile abanakana bodwa, kwakumelwe babe khona! Akukho lutho okufanele lubaluleke ngaphezu kokubuthanela kuNkulunkulu. Njengoba usuku lukaJehova lusondela ngokushesha, ukuba nokuma okuhle naye kumelwe kuze kuqala ekuphileni kwethu. Engxenyeni yokugcina yale ncwadi, sizocabangela lokho okufanele sikwenze ngenjabulo namuhla.
a Uma umyeni noma inkosikazi engumKristu inecala lokuphinga, umngane womshado ongenacala uyozinqumela ukuthi uyamxolela yini noma cha.—Mathewu 19:9.
b Enye incwadi eyayingaqondisiwe kuma-Israyeli, ekaNahume, yayibhekiswe kwabaseNineve.