Lokho Izinyoni Ezingasifundisa Khona
“QAPHELISISANI izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” (Mathewu 6:26) UJesu Kristu washo la mazwi entshumayelweni edumile yasentabeni eduze koLwandle LwaseGalile. Izilaleli zakhe kwakungebona nje abalandeli bakhe kuphela. Kwakunesixuku esikhulu salabo ababengaba abafundi bevela kuzo zonke izingxenye zezwe. Abaningi babo kwakungabantu abampofu ababelethe abagulayo ukuze uJesu abaphulukise.—Mathewu 4:23–5:2; Luka 6:17-20.
Esebaphulukise bonke abagulayo, uJesu waphendukela ezidingweni ezingokomoya ezibaluleke nakakhulu. Phakathi kwezifundo azifundisa kwakukhona naleso esishiwo ngenhla.
Izinyoni zezulu bezilokhu zikhona isikhathi eside. Ezinye zazo zidla izinambuzane, ezinye izithelo nokusanhlamvu. Uma uNkulunkulu eye wenzela izinyoni amalungiselelo ayinala kangaka, ngokuqinisekile unamandla okusiza izinceku zakhe ezingabantu ukuba zithole isinkwa sazo sansuku zonke. Lokhu angakwenza ngokuzisiza ukuba zithole umsebenzi ukuze zihole imali yokuthenga ukudla. Noma angase abangele ukuba ziphumelele ekulimeni ukudla kwazo. Ngezikhathi zesimo esiphuthumayo, uNkulunkulu angashukumisa izinhliziyo zomakhelwane nabangane abanomusa ukuba bahlanganyele lokho kudla abanakho nalabo abantulayo.
Kunokunye okuningi esingakufunda ngokubheka ngokucophelela ukuphila kwezinyoni. UNkulunkulu wadala izinyoni zaba nemizwelo emangalisayo yokwakha izidleke ezingakhulisela kuzo amaphuphu azo. Phawula izinhlobo ezimbili zezidleke. Isithombe esingakwesobunxele sibonisa isidleke senkonjane yase-Afrika. Sakhiwe edwaleni noma odongeni lwendlu. Uphahla lwezidleke ezinjalo kuba yingxenye yedwala elengayo noma, njengoba kuboniswe kulesi sithombe, umpheme wophahla lwesakhiwo. Iphansi lesidleke lakhiwa ngezingxenye ezincane zodaka ezihlanganiswayo zimise okwenkomishi. Zombili eyeduna neyensikazi zisebenza kanzima zithutha udaka kanti kungathatha isikhathi esingaphezu kwenyanga ukuqeda isidleke sazo. Ngemva kwalokho zindlala utshani noma izimpaphe. Zihlanganyela zombili ekondleni amaphuphu azo. Ngezansi yisidleke sehlokohloko leduna. Le nyoni ekhuthele yase-Afrika yakha isidleke sayo ngemicu yotshani noma yezinye izitshalo. Ingakha iqede isidleke ngosuku olulodwa kanti ingeluka ezingaphezu kwezingu-30 ngenkathi yonyaka yokuzalela!
Isifundo? Uma uNkulunkulu enika izinyoni amakhono anjalo nezinto zokwakha eziningi kangaka ukuze zakhe izidleke, ngokuqinisekile angazisiza izinceku zakhe ezingabantu ukuba zithole izindawo zokuhlala ezidingekayo. Nokho, uJesu wabonisa ukuthi kunokunye okudingekayo uma sifuna ukuba uJehova uNkulunkulu asisize sithole izinto esizidingayo. “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa,” kuthembisa uJesu. (Mathewu 6:33) Ungase uzibuze, ‘Kuhlanganisani ukufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala?’ OFakazi BakaJehova, abasakaza lo magazini, bayokujabulela ukuphendula lowo mbuzo.