Khumbula Izimiso ZobuKristu
LAPHO umntwana eqala ukuya esikoleni, phakathi kwezinto zokuqala azifundayo ukufunda nokubhala. Lezifundo ezibalulekile zimenza ukuba alungele ukwaziswa okuthuthuke ngokwengeziwe, njengezifundo zezezwe nomlando, isayensi, nezilimi. Uma umntwana ehluleka ukukuqonda kahle ukufunda nokubhala, imfundo yakhe yonke yesikhathi esizayo iyothinteka kabi.
Ukufunda indlela yokukhulekela uNkulunkulu kuyefana ngandlela-thile. Lapho sifunda iBhayibheli, sithola ukuthi kunamaqiniso amaningi ayisisekelo, noma izimiso, okudinga ukwaziwa kahle. Uma nje sesikubambile, siyokwazi ukudlulela ezintweni ezijulile. Nokho, uma singaziqondi kahle futhi singazikholelwa lezimiso zokuqala, ukukhulekela kwethu kuyoba buthakathaka. Ngeke sikwazi ukwenza izinqumo ezinengqondo, futhi ukholo lwethu luyozanyazanyiswa kalula.
Akunzima ukuqonda izimiso eziyisisekelo zeBhayibheli. (Bheka ishadi.) Nokho, azizona izinkulumo eziyize noma izinto ezilungiselwe ukufundwa nje. Zingamaqiniso aphilayo, abalulekile, futhi amaKristu ahlakaniphile afunda ukuzithanda. UJehova uthi: “Lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.”—IzAga 4:20-22; Hezekeli 18:19, 20, 23.
Nokho, naphezu kokubaluleka kwalezimiso, uJesu waxwayisa ngokuthi bambalwa kuphela ababeyoziqonda futhi baphile ngazo. Wathi: “Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.” (Mathewu 7:14) Lokhu akwenziwa ukuthi izimiso zifihliwe ngandlelathile. UJehova ufuna ukuba amadoda nabesifazane baphile ngazo futhi kanjalo bazuze ifa lokuphila. (2 Petru 3:9) Wenze ukuba ukuhlakanipha, ulwazi, nokuqonda kulotshwe eBhayibhelini, elitholakala kabanzi kubo bonke. Futhi oFakazi bakhe bakhuthaza omakhelwane babo ukuba bafune lokhu kwaziswa okunikeza ukuphila. Ngalendlela “ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni” ngendlela engokoqobo. (IzAga 1:20; 2:1-9) Kodwa kunamanye amandla asebenzayo.
USathane uphuphuthekise amehlo abantu abaningi ukuze bangaziboni lezimiso zeqiniso. (2 Korinte 4:4) Ukwenezela kulokhu, umoya womuntu wokuzibusa umenza akhethe ukuhamba ngendlela yakhe siqu kunokubheka ukuqondisa kwaMandla Aphakeme. Ezinsukwini zomphostoli uPawulu, ngisho nabanye ababefunde izimiso eziyisisekelo balahlekelwa umbono wazo. Ngakho-ke, wabhala: “Nisadinga futhi ukuba kube-khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu.”—Heberu 5:12.
Ngaphezu kwalokho, uJesu waxwayisa: “Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.” (Mathewu 7:22, 23) Kungani abantu abacabanga ukuthi bakhonza uJesu belahlwa? Kungoba ‘imisebenzi yabo yamandla’ ayisekelwe ezimisweni zeBhayibheli. Kufana nokuthi bazama ukufunda izifundo zomlando noma isayensi bengakafundi ukufunda kuqala. Imisebenzi yabo ibuthakathaka, ayisekelwe eqinisweni. Ngakho-ke, ‘bangabenzi bokubi.’
Ingabe Ukukhulekela Kwakho Kuyamukeleka?
Ingabe singaqiniseka ukuthi uJesu ngeke ngolunye usuku athi kithi, ‘Suka kimi wena-menzi wokubi’? Yebo, uma ukukhulekela kwethu kusekelwe ngokuphelele ezimisweni zeBhayibheli. Kungenzeka, uma sihlolisisa iBhayibheli, ikakhulukazi amazwi kaJesu. UJesu wahamba endleleni encane neyingcingo eyisa ekuphileni—eqinisweni, ‘wayeyindlela, neqiniso, nokuphila.’ (Johane 14:6) Uma sisebenzisa amazwi akhe futhi silandela eduze ezinyathelweni zakhe, siyoba sendleleni efanayo.—Johane 6:68; 1 Petru 2:21.
Abalandeli bakaJesu abaseduze nabo bahamba kuleyondlela encane, eyingcingo eyisa ekuphileni. Ngakho-ke, lapho uJesu efa washiya ezandleni zabo umsebenzi wokufundisa abanye ukukhulekela uNkulunkulu. Waxwayisa ngokuthi wayezobuya futhi alindele ukulandisa okuvela kubo kokuthi babeziphathe kanjani phakathi nesikhathi sokungabikho kwakhe.—Mathewu 24:46; 25:14-23; 28:19, 20.
Ekugcineni, inani lalabo ababezisholo ukuthi balandela uKristu lakhula laba amakhulu ezigidi. Kodwa ezimweni eziningi, ukukhulekela kwalezixuku ezinkulu kwakungasekelwe ezimisweni zeBhayibheli. Kanjalo, lapho uJesu emiswa njengeNkosi yasezulwini ngo-1914 futhi ‘efika’ ukuzolungisa izindaba nalabo ababezisholo ukuthi bangabalandeli bakhe, watholani? Izigidi zamaKristu okuzisholo zazihileleke empini esabeka kakhulu kunazo zonke emlandweni wesintu kuze kube yilesosikhathi.
Yebo, iningi ‘lamaKristu’ lalenza okuphambene ngokuphelele nezimiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Nokho, kwakuneqembu lamaKristu eqiniso elalizama ngamandla ukulandela izimiso zokwesaba uNkulunkulu futhi lizifundisa noma ubani owayeyolalela emhlabeni owawusanganiswe yimpi. Laba bahlanganiswa ndawonye, futhi ngesikhathi esifanele bahlangana nesixuku esikhulu sabantu abanomqondo ofanayo. (Mathewu 24:31; IsAmbulo 7:4, 9, 10) Basazilandela izimiso ezinikeza ukuphila, betshela abanye ngezinjongo ezinkulu zikaNkulunkulu, behlangana ndawonye njengomhlambi owodwa, futhi bezama ngamandla ukuvumelana ‘nentando kaNkulunkulu ephelele.’—Roma 12:2.
Isimiso Esibalulekile EsingokomBhalo
Lokhu akuzange kube lula. Okokuqala, kuye kwadingeka ukuba lamaKristu eqiniso alwe nesimo sawo sokuba nesono, nokungapheleli. Futhi, kumelwe aphile ezweni eliphikisana ngokuphelele nemithetho kanye nezimiso azama ukuphila ngazo. Eqinisweni, umphostoli uJohane wathi: “Izwe lonke limi ebubini.” (1 Johane 5:19) Kungalesosizathu abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso namuhla kumelwe basikhumbule njalo isimiso esibaluleke kakhulu esachazwa uJesu: ‘[AmaKristu] awasiwo awezwe.’—Johane 17:16.
UJehova akabaphoqeleli abantu ukuba bamkhonze, kodwa labo abakhetha ukwenza kanjalo badinga ukwenza izinqumo ezingathi sina. Ngokwesibonelo, badinga ukuvumelana neqiniso lokuthi ngeke besathandwa yilelizwe. (Mathewu 24:9) Umfundi uJakobe waxwayisa: “Lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Futhi umphostoli wathi: “Kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na?” futhi “Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?” Khona-ke wacaphuna amazwi kaJehova uqobo athi: “Phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, . . . ningathinti okungcolileyo.”—2 Korinte 6:14-17; Efesu 5:11.
‘Singazehlukanisa kanjani nabo’? Yiqiniso, hhayi ngokuzisusa ngokoqobo ezweni. Kodwa singakugwema ‘ukuboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo.’ Singagwema ‘ukujwayelana nababi, okonakalisa ukuziphatha okuhle.’ (1 Korinte 15:33) Futhi singazehlukanisa nomoya wezwe, umoya wokuzifunela okwethu, wokungathembeki, wokuthanda izinto ezibonakalayo, nokufuna injabulo kobuhlanya. (2 Thimothewu 3:1-5) Labo abazehlukanisa ngaleyondlela nezifiso zalelizwe banikezwa isiqinisekiso esijabulisayo: “Owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:15-17.
Labo Abalandela Izimiso Eziyisisekelo
Ingabe kungenzeka namuhla ukuba ulandele izimiso zeBhayibheli futhi uhambe ngendlela eyingcingo eholela ekuphileni? Yebo, ngisho nezingane zingakwenza. Ngokwesibonelo, abantwanyana ababili eBrazil babeziphatha kahle kakhulu esikoleni kangangokuthi uthisha wabo wacela umama wabo ukuba azochaza ukuthi kungani. Umama wachaza ukuthi kwakungoba babelandela izimiso zeBhayibheli eziphathelene nokuhlonipha abazali nabanye abanegunya. (Efesu 6:1-3) Ekuvalweni kwezikole, banikezwa ithuba lokuchazela lonke ikilasi izinzuzo ezivela enkambweni enjalo yokwesaba uNkulunkulu.
UJesu washo lesimiso: “Ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” (Luka 12:15) Udokotela ophumelelayo waseJapane wasifunda lesimiso futhi, okwamangaza ayesebenza nabo ukuthi wasisebenzisa. Wayeka isikhundla sakhe esasimholela imali enhle waya edolobheni elincane lapho ayezokwazi khona ukuba usizo olungokomoya kubantu basedolobheni. Lokhu kudela izinzuzo zezinto ezibonakalayo akuzange kumephuce injabulo yakhe. Kunalokho, bobabili yena nomkakhe manje bathola injabulo enkulu ekunikezeni abanye iZwi lokuphila.
IBhayibheli lithi: “Inseli noyisiminzi bayakuba-mpofu.” (IzAga 23:21) Lesi yisixwayiso esikhanyayo ngokumelene nokuba umhuqa wotshwala. Nathi futhi siyaxwayiswa ngokusetshenziswa kabi kwemilaliso: “Imisebenzi yenyama . . . nokukhonza izithombe, nokuthakatha [phar·ma·kiʹa, “ukusetshenziswa kwemilaliso” ngesiGreki sakuqala].” (Galathiya 5:19, 20) Ukwenezela kulokhu, umphostoli uPawulu uyanxusa: “Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.”—2 Korinte 7:1.
Ukubhema ugwayi nokusebenzisa eminye imilaliso eluthayo ngokusobala kuyangqubuzana nalezimiso zeBhayibheli futhi ngaleyondlela ‘kuwukwenza okubi.’ (Mathewu 7:23) Noma yiziphi izinceku zikaNkulunkulu ezizingcolisa ngezinto ezinjalo ziyothola ukuthi ukukhulekela kwazo akwamukeleki kuNkulunkulu. Ngakho-ke, amakhulu ezinkulungwane amaningi aye athatha isinyathelo sokuyeka ukusebenzisa imilaliso, futhi ngokomphumela, athole kokubili izinzuzo ezingokomoya nezingokwenyama. Yebo, akulula ngaso sonke isikhathi ukuyeka lemikhuba engcolile.
Insizwa ethile eMichigan, eU.S.A., yafunda ngoNkulunkulu nangezimiso zakhe kwezinye izikhonzi ezafika emnyango wayo. Yakuthanda eyayikuzwa kodwa yaqaphela ukuthi umkhuba wayo wokubhema insangu nogwayi wawungahambelani nokukhulekelwa kukaJehova. Ithi: “Angibanga nayo nencane inkinga ekuyekeni imilaliso, engangiyijabulela. Kodwa kwangithatha okungenani izinyanga eziyisithupha ukuyeka ukubhema ugwayi.” Yasizwa amaKristu akanye nayo nawumthandazo. Manje, iphila ukuphila okuhlanzekile ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli, ijabulela ukuba nonembeza ohlanzekile, ubuhlobo noNkulunkulu, nobungane bobuKristu. Eqinisweni, ithi ayizange yazi ukuthi uyini umngane kwaze kwaba yilapho iba umKristu.
Ukulandela izimiso zokulunga kuyinkambo yokuhlakanipha ngempela. Futhi ukuhlakanipha kuyinzuzo ngisho nangokwengeziwe kunegolide elihle. Zithathele lenkambo, futhi iyoletha udumo kuJehova futhi iyokulethela isibusiso esiyohlala phakade.-IHubo 19:7, 10; IzAga 16:16.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Izimiso zingamaqiniso ayisisekelo noma imithetho eyisisekelo okuvela kukho amanye amaqiniso noma imithetho. Okulandelayo kungezinye izibonelo:
▫ “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”—Mathewu 22:37.
▫ “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.”—Mathewu 7:12.
▫ “Ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu.”—Jakobe 4:4.
▫ “Noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.
▫ “Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla, singazithokozisi thina.”—Roma 15:1.
▫ “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.”—Heberu 13:15.
▫ “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu.”—Heberu 10:24, 25.
▫ “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”—Mathewu 4:4.