Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Uhambo Oluyimfihlo Oluya EJerusalema
IKWINDLA lika-32 C.E., futhi uMkhosi wamaDokodo useduze. UJesu uye wagxilisa umsebenzi wakhe ikakhulukazi eGalile kusukela ngePhasika lika-31 C.E. lapho amaJuda ezama ukumbulala. Kungenzeka, okuwukuphela kwesikhathi uJesu avakashela ngaso eJerusalema kusukela lapho kwakuyilapho eyohlanganyela imikhosi emithathu yamaJuda eba khona kanye ngonyaka.
Abafowabo kaJesu manje bayamkhuthaza: “Muka lapha, uye eJudiya.” IJerusalema umuzi waseJudiya oyinhloko nesikhungo senkolo salo lonke izwe. Abafowabo bayachaza: “Akukho-muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe-sobala.”
Nakuba uJakobe, uSimoni, uJosefa, noJuda, bengakholelwa ukuthi umfowabo omdala, uJesu, ngempela unguMesiya, bafuna ukuba abonise amandla akhe amangalisayo kubo bonke ababuthene emkhosini. Nokho, uJesu, uyayibona ingozi. Uthi: “Izwe lingenizonde nina,” “kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.” Ngakho-ke uJesu utshela abafowabo: “Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulomkhosi.”
UMkhosi wamaDokodo ugujwa izinsuku eziyisikhombisa, ulethwa esiphethweni ngemisebenzi engcwele ngosuku lwesishiyagalombili. Umkhosi uphawula ukuphela konyaka wokulima futhi uyisikhathi sokujabula okukhulu nokubonga. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa abafowabo bakaJesu behambile beyohlanganyela nengqikithi yendikimba yezihambi, uJesu nabafundi bakhe bahamba ngasese, bebalekela amehlo abantu. Bathatha indlela edlula eSamariya, kunaleyo ethathwa abantu abaningi eseduze koMfula iJordani.
Njengoba uJesu nalabo ahamba nabo bezodinga izindawo zokulala emzini waseSamariya, uthuma izithunywa phambi kwakhe ukuba ziyokwenza amalungiselelo. Nokho, abantu bayenqaba ukwenzela uJesu noma yini ngemva kokubona ukuthi ulibangise eJerusalema. Bethukuthele, uJakobe noJohane bayabuza: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwuqede, na?” UJesu uyabakhuza ngokusikisela into enjalo, futhi baya komunye umuzi.
Njengoba behamba endleleni, umbhali uthi kuJesu: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
“Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke,” uJesu uyaphendula, “kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” UJesu ubonisa ukuthi umbhali uyohlangabezana nobunzima uma eba umlandeli waKhe. Futhi ukusikisela kubonakala kuwukuthi umbhali uzazisa kakhulu ukuba angemukela lendlela yokuphila.
Kwenye indoda uJesu uthi: “Ngilandele.”
Indoda iyaphendula: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”
“Yeka abafileyo bembele abafileyo babo,” uJesu uyaphendula, “kodwa hamba wena, ushumayele uMbuso kaNkulunkulu.” Ngokusobala ubaba walendoda wayengakafi, ngoba uma ngabe wayefile, bekungenakwenzeka ngendodana yakhe ukuba ibe lapha izolalela uJesu. Ngokusobala indodana icela isikhathi sokulinda ukufa kukababa wayo. Ayizimisele ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwayo.
Njengoba bedlula endleleni beya eJerusalema, enye indoda itshela uJesu: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.”
Eyiphendula uJesu uthi: “Akakho othi esebeké isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.” Laba abazoba abafundi bakaJesu kumelwe bagxilise amehlo abo enkonzweni yoMbuso. Njengoba nje nomsele ungenakuqonda uma umlimi engabheki phambili ngokuthe ngqó, ngakho-ke noma ubani obheka emuva kulesimiso esidala sezinto angase akhubeke endleleni eholela ekuphileni. Johane 7:2-10; Luka 9:51-62; Mathewu 8:19-22.
◆ Bangobani abafowabo bakaJesu, futhi bazizwa kanjani ngaye?
◆ Kungani amaSamariya emabi kangaka, futhi yini uJakobe noJohane abafuna ukuyenza?
◆ Yiziphi izingxoxo ezintathu uJesu aba nazo endleleni, futhi ugcizelela kanjani isidingo sokuzinikela ngokwakho enkonzweni?