Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye?
UCHRISTINE washiywa umyeni wakhe kungazelelwe—sekuphele iminyaka engu-20 beshadile. UChristine wazithola ewakhulisa yedwa amadodana abo angu-7 nendodakazi eyodwa. Omncane wayeneminyaka engu-7 ubudala, omdala enengu-18. Uthi: “Kwase kudingeka ngenze zonke izinqumo ezibalulekile ngingedwa. Ngazizwa ngicindezelwe yilo mthwalo wemfanelo futhi ngilangazelela ukusekelwa nesiqondiso.” Walutholaphi usizo ayeludinga?
UChristine uthi: “Imihlangano yobuKristu yaba usizo kakhulu kimi nasemkhayeni wami. Emihlanganweni, abangane bethu babesisekela futhi sithola isiqondiso eZwini likaNkulunkulu. Ukuba khona njalo emihlanganweni kwasisiza kuzo zonke izici ezibalulekile zokuphila komkhaya wethu.”
Phakathi nalezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” sonke kumelwe sibhekane nokulingwa okunhlobonhlobo. (2 Thimothewu 3:1) NjengoChristine, imihlangano yoFakazi BakaJehova kungenzeka uyibheka njengewusizo ngokomoya, ingxenye ebalulekile yokukhulekela kwakho uJehova. Cishe imihlangano yebandla emihlanu ehlelelwe isonto ngalinye ishukumisa uthando lwakho ngoNkulunkulu, iqinise ithemba lakho ngekusasa futhi ikunikeze isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini sendlela yokubhekana nokulingwa.
Nokho, kunabantu abakuthola kunzima ukuba khona njalo emihlanganweni. Basuke bekhathele kakhulu ekupheleni kosuku, futhi ukucabanga ngokugqoka izingubo ezifanelekayo bese beya emhlanganweni kungase kubonakale kuwumqansa. Abanye bathola ukuthi njalo umsebenzi wabo ungqubuzana nezikhathi zemihlangano. Uma befuna ukuba khona kuyo yonke imihlangano, kungadingeka bahole imali encane noma bazibeke engozini yokuphelelwa umsebenzi. Abambalwa bangase baphuthe emihlanganweni ngoba becabanga ukuthi uhlobo oluthile lokuzijabulisa luyobaqabula ngaphezu kokuba sebandleni.
Yiziphi-ke izizathu okufanele zikushukumisele ukuba ube khona emihlanganweni yobuKristu? Ungazenza kanjani lezo zikhathi ukuba zikuqabule? Ukuze sithole izimpendulo zale mibuzo, ake sihlole isimemo sikaJesu esifudumele esilotshwe kuMathewu 11:28-30. Wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”
“Wozani Kimi”
UJesu wathi: “Wozani kimi.” Enye indlela yokusabela kuleso simemo iwukuba khona njalo emihlanganweni. Sinesizathu esihle sokuba khona, ngoba ngesinye isikhathi uJesu wathi: “Lapho kukhona khona ababili noma abathathu bebuthene ndawonye ngegama lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”—Mathewu 18:20.
Ngekhulu lokuqala, uJesu ngokwakhe wamema abantu abahlukahlukene ukuba bamlandele. Ngokwenza kanjalo, wabanika ithuba lokuba nobudlelwane obuseduze naye. Abanye balamukela ngokushesha. (Mathewu 4:18-22) Abanye bavumela izinto ezinjengokuthanda izinto ezibonakalayo ukuba zibavimbe bangasamukeli leso simemo. (Marku 10:21, 22; Luka 9:57-62) Kulabo abamlandela, uJesu washo la mazwi aqinisekisayo: “Akunina eningikhethile, kodwa yimi enganikhetha.”—Johane 15:16.
Ngemva kokufa nokuvuka kwakhe, uKristu wayengasekho ngokoqobo phakathi kwabafundi bakhe. Kodwa wayesenabo ngomqondo wokuthi wayeqondisa umsebenzi wabo futhi eqaphela indlela abasabela ngayo eselulekweni sakhe. Ngokwesibonelo, eminyakeni engaba ngu-70 ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wanikeza amabandla ayisikhombisa ase-Asia Minor iseluleko nesikhuthazo. Amazwi akhe abonisa ukuthi wayezazi kahle izimfanelo ezinhle nobuthakathaka babantu ngabanye bakulawo mabandla.—IsAmbulo 2:1–3:22.
UJesu usenesithakazelo esijulile kulowo nalowo mfundi wakhe. Uyathembisa: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20) Manje siphila esikhathini sokuphela, ngakho kudingeka senze ngokuvumelana nesimemo sikaJesu sokumlandela. Ngokwengxenye, ukwenza kanjalo kudinga ukuba sibe khona njalo emihlanganweni. UJesu ufuna ukuba simlalele futhi ‘sifundiswe ngaye’ ngezifundo nezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezihlale zikhona emihlanganweni. (Efesu 4:20, 21) Ingabe uyasamukela isimemo sikaJesu esithi: “Wozani kimi”?
“Nina Nonke Enikhandlekayo Nenisindwayo”
Esinye sezizathu ezibalulekile zokuba khona emihlanganweni yobuKristu ukuthola isikhuthazo. (Hebheru 10:24, 25) Impela, abaningi kithi ‘bayakhandleka futhi bayasindwa’ ngezindlela ezihlukahlukene. Kungenzeka usindwa izinkathazo zomuntu siqu, ezinjengezinkinga zempilo. Emihlanganweni yobuKristu, ungajabulela ukukhuthazana nabanye. (Roma 1:11, 12) Ngokwesibonelo, uzozwa izimpendulo ezakhayo ngokomoya, ukhunjuzwe ngethemba lakho elisekelwe eBhayibhelini, futhi ubone nokholo lwabanye abakhuthazelela ukulingwa. Konke lokhu kungakusiza ukuba ukhuthazele futhi ubheke izinkinga zakho ngendlela efanele.
Cabanga ngamazwi omunye udade ohlushwa isifo esingamahlala-khona. Uyachaza: “Isifo sami sifuna ukuba ngichithe isikhathi esithile esibhedlela. Kunzima ukuya emihlanganweni yebandla ngemva kokuya esibhedlela, kodwa ngiyazi ukuthi kufanele ngiye. Imfudumalo nothando lwabafowethu nodadewethu kuvuselela injabulo yami, futhi imfundo nesiqondiso esivela kuJehova nakuJesu kwenza ukuphila kwami kube nenjongo.”
“Ijoka Lami Ngelomusa Nomthwalo Wami Ulula”
Phawula ukuthi endimeni esiyihlaziyayo, uJesu wathi: “Nifunde kimi.” Ngokufunda kuJesu, siba abafundi bakhe, futhi sibeka ijoka lakhe phezu kwethu lapho sizinikezela kuNkulunkulu futhi sibhapathizwa. (Mathewu 28:19, 20) Ukuhlanganyela njalo emihlanganweni kubalulekile ukuze sihlale singabafundi bakaJesu. Ngani? Ngoba kusemihlanganweni yobuKristu lapho sifundiswa khona ngoJesu, izimfundiso zakhe nezindlela zakhe.
Uyini umthwalo uKristu afuna siwuthwale? Ngumthwalo ofanayo nalowo yena ngokwakhe awuthwele—ilungelo lokwenza intando kaNkulunkulu. (Johane 4:34; 15:8) Ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kudinga umzamo, kodwa lo mthwalo awusindi kakhulu kangangokuthi asinakuwuthwala. Ungase ubonakale usinda uma sizama ukuzithwalela ngawethu amandla. Nokho, uma sithandazela umoya kaNkulunkulu futhi sizondla ngokudla okungokomoya okutholakala emihlanganweni, siyothola “amandla angaphezu kwavamile” anikezwa uNkulunkulu. (2 Korinte 4:7) Ngokulungiselela imihlangano nangokuhlanganyela kuyo, uthando lwethu ngoJehova luqina ngokwengeziwe. Futhi lapho sishukunyiswa uthando, imiyalo kaNkulunkulu ‘ayibi umthwalo.’—1 Johane 5:3.
Ngokuvamile abantu babhekana nezinselele ezinjengokusebenza ukuze baphile, izinkinga zempilo nokusingatha izinkinga zomuntu siqu. Nokho, ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nalezi zinselele, asinciki ekuhlakanipheni nje komuntu. Imihlangano yebandla isisiza ukuba ‘siyeke ukukhathazeka,’ ngoba uJehova usinikeza esikudingayo futhi usisiza ukuba sibhekane nezinkinga. (Mathewu 6:25-33) Ngempela, ngemihlangano yobuKristu uNkulunkulu usibonisa ukuthi uyasithanda.
“Nginomoya Omnene Futhi Ngithobekile Ngenhliziyo”
Kwakuwumkhuba kaJesu ukuya esinagogeni, lapho kwakuxoxwa khona ngeZwi likaNkulunkulu. Ngesinye isikhathi elapho, uJesu wathatha umqulu ka-Isaya wafunda: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu, ungithumé ukuba ngishumayele ukukhululwa ezithunjweni nokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe, ukuba ngimukise abachotshoziweyo bekhululiwe, ukuba ngishumayele unyaka owamukelekayo kaJehova.” (Luka 4:16, 18, 19) Yeka ukuthi kwakuyokujabulisa kanjani ukuzwa uJesu ebonisa indlela lawo mazwi asebenza ngayo ngokuthi: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile”!—Luka 4:21.
UJesu, “umalusi omkhulu” omnene, usalokhu eqondisa ukunakekelwa kwabalandeli bakhe ngokomoya. (1 Petru 5:1-4) Iqondiswa nguye, “inceku ethembekileyo neqondayo” iye yamisa amadoda athile njengabelusi emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. (Mathewu 24:45-47; Thithu 1:5-9) La madoda ‘elusa ibandla likaNkulunkulu’ ngomoya omnene futhi abeka isibonelo esihle ngokuba khona njalo emihlanganweni. Ungabonisa ukwazisa ngalezi “zipho ezingabantu” ngokuba khona emihlanganweni, lapho ungakhuthaza khona abanye ngokuba khona nangokuhlanganyela kuyo.—IzEnzo 15:30-33; 20:28; Efesu 4:8, 11, 12.
“Nizotholela Imiphefumulo Yenu Ukuqabuleka”
Lapho usemihlanganweni yobuKristu, ungaqinisekisa kanjani ukuthi lezi zikhathi ziyaqabula ngempela? Enye indlela iwukusebenzisa iseluleko sikaJesu: “Nakani indlela enilalela ngayo.” (Luka 8:18) Abantu ababenesifiso esijulile sokufunda bamlalelisisa uJesu. Bamcela ukuba achaze imifanekiso yakhe futhi ngenxa yalokho bavuzwa ngokuqonda izinto ezijulile.—Mathewu 13:10-16.
Ungabalingisa labo bantu ababelambile ngokomoya ngokulalelisisa izinkulumo emihlanganweni yethu. (Mathewu 5:3, 6) Ukuze ugcine ingqondo yakho ingazuli, zama ukulandela indlela isikhulumi esiveza ngayo amaphuzu. Engqondweni zibuze imibuzo enjengale: ‘Ngingakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ekuphileni kwami? Ngingakusebenzisa kanjani ekusizeni abanye? Ngingalifanekisa kanjani leli phuzu?’ Ngaphezu kwalokho, bheka imiBhalo esetshenziswa isikhulumi ukuze sisekele amaphuzu ayinhloko. Lapho uqaphela indlela olalelisisa ngayo, imihlangano iyokuqabula ngokwengeziwe.
Ngemva komhlangano, xoxa nabanye ngamaphuzu owatholile emhlanganweni. Gxila endabeni nasendleleni engasebenza ngayo. Izingxoxo ezakhayo zenza ukuba imihlangano iqabule kakhulu.
Ngokuqinisekile sinezizathu ezinhle zokuhlangana ndawonye. Ngemva kokubukeza izinzuzo esisanda kuxoxa ngazo, kungani ungazibuzi, ‘Ngisabela kanjani esimemweni sikaJesu esithi: “Wozani kimi”?’
[Izithombe ekhasini 11]
Ingabe eminye imisebenzi iyakuphazamisa ekubeni khona emihlanganweni?