Ingabe Uyakhumbula?
Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Iziphi izindlela ezine imiBhalo YamaKristu YesiGreki esebenzisa ngazo igama elithi “ibandla”?
Ngokuyinhloko, isebenzisa leli gama lapho ibhekisela eqenjini lamaKristu agcotshiwe (kwamanye amavesi kuhlanganiswa noKristu). Ngezinye izikhathi, inkulumo ethi “ibandla likaNkulunkulu” isetshenziswa kuwo wonke amaKristu aphila ngesikhathi esithile. Okwesithathu igama elithi “ibandla” libhekisela kuwo wonke amaKristu ahlala endaweni ethile. Okokugcina, leli gama lingasetshenziswa nakulabo abakha ibandla lendawo.—4/15, amakhasi 21-3.
• Kuphela nini ukukhethwa kwamaKristu anethemba lasezulwini?
IBhayibheli aliyinikezi impendulo eqondile. Lokho kukhethwa kwaqala ngo-33 C.E. futhi kwaqhubeka kwaze kwaba sezikhathini zanamuhla. Ngemva kuka-1935 umsebenzi wokwenza abafundi wagxila ekubuthweni kwesixuku esikhulu. Abathile ababhapathizwa ngemva kuka-1935 baye bafakazelwa umoya ongcwele ukuthi banethemba lasezulwini, ngakho asikwazi ukumisa usuku oluqondile lokuphela kokukhethwa. Akukhona ukuthi abagcotshwe ngeqiniso banomoya kaNkulunkulu kakhulu, futhi abalindele ukuphathwa ngendlela ekhethekile. Kungakhathaliseki ukuthi analiphi ithemba, amaKristu kudingeka athembeke futhi aqhubeke enza intando kaNkulunkulu.—5/1, amakhasi 30-1.
• Lapho uJefta enza isithembiso, ingabe wayezimisele ukunikela kuNkulunkulu ngendodakazi yakhe ibe umnikelo wokushiswa?
Cha. UJefta wayesho ukuthi lowo ayezohlangana naye wayeyomnikela enkonzweni kaNkulunkulu ekhethekile, eyayiyilungiselelo loMthetho KaMose. (1 Samuweli 2:22) Ukuze ifeze isithembiso sikayise, indodakazi kaJefta yaqhubeka ikhonza etabernakele, okwakuwukuzidela okukhulu ngoba yayingeke ishade.—5/15, amakhasi 9-10.
• I-codex yaba nayiphi indima kumaKristu okuqala?
Kubonakala sengathi amaKristu asebenzisa umqulu ngokuyinhloko, cishe kwaze kwaba sekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. Ngekhulu leminyaka elilandelayo, kwakukhona ababethanda i-codex nababethanda umqulu. Izazi zikholelwa ukuthi ukusebenzisa kwamaKristu i-codex kwaba negalelo elikhulu ekuthandweni kwayo abantu abaningi.—6/1, amakhasi 14-15.
• Liyini iKhalenda LaseGezeri?
Liyisibhebhe esincane segwadle (limestone) esatholakala ngo-1908 endaweni eyayinomuzi waseGezeri. Abaningi bacabanga ukuthi lesi sibhebhe sasiwumsebenzi osankondlo womfana wesikole. Lesi sibhebhe sineshadi lonyaka, noma umjikelezo, wezolimo eliqala ngokubutha ngenyanga eqondana no-September/October futhi likhuluma ngezilimo ezihlukahlukene nemisebenzi yezolimo.—6/15, ikhasi 8.
• Kusho ukuthini ukona umoya ongcwele?
Kungenzeka ukuba umuntu one umoya ongcwele kaJehova, okuyisono esingenakuthethelelwa. (Mathewu 12:31) NguNkulunkulu onqumayo ukuthi senze isono esingenakuthethelelwa yini noma cha, futhi angawususa umoya wakhe kithi. (IHubo 51:11) Uma sidabuka kakhulu ngenxa yesono esisenzile, kungenzeka kakhulu ukuthi siphenduke ngempela futhi ngaleyo ndlela asonanga umoya ongcwele.—7/15, amakhasi 16-17.
• Njengoba iNkosi uSawule yayike yasebenzelana noDavide, kungani yambuza ukuthi wayeyindodana kabani? (1 Samuweli 16:22; 17:58)
USawule wayengenasithakazelo nje sokwazi igama likayise kaDavide. Ngemva kokubona ukholo nesibindi sikaDavide, njengoba ayesanda kunqoba uGoliyati, uSawule wafuna ukwazi ukuthi wayezalwa indoda enjani. Kungenzeka ukuthi uSawule wayecabanga ukufaka uJese noma amanye amalungu omkhaya wakubo ebuthweni.—8/1, ikhasi 31.