Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe amanye amaKristu agcotshiwe ayosinda ‘osizini olukhulu’ ukuze aphile emhlabeni ezweni elisha ngaphambi kokuba aye ezulwini?
Ngokuqondile, iBhayibheli alisho.
Sekuyisikhathi eside amaKristu enesithakazelo emalungelweni uNkulunkulu angase awanikeze wona. (IzEnzo 1:6) Lokho kuye kwaba njalo ikakhulukazi esikhathini sethu kusukela uMbuso wamiswa. (Mathewu 24:3, 24, 34) Njengoba isiphelo salesimiso esibi sizofika esaphila, amaKristu aye azibuza ukuthi abanye abagcotshwe ngomoya bangaphila yini kuze kudlule “ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu” futhi bakhonze emhlabeni isikhashana ngaphambi kokwamukela umvuzo wabo wasezulwini. (IsAmbulo 16:14) IBhayibheli alisho ukuthi lokhu kuyokwenzeka, kodwa ezinye izibonelo neziprofetho ziye zathathwa njengezibonisa ukuthi kungase kwenzeke. Kunokuba sibambelele emibonweni engenasisekelo, singabheka ukuze sibone ukuthi uJehova uyozisingatha kanjani izinto.
Ezinye izenzakalo zeBhayibheli ziba nokuthile okufana nazo kamuva kubantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi uJona wayesenhlanzini enkulu izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Abanye abantu bangabheka lokho njengokumane nje kuyisibonelo sokukhululwa kwaphezulu, kodwa uJesu wathi kwakuyisibonelo esingokwesiprofetho sendlela ayeyoba sethuneni ngayo isikhathi esilingana naso ngaphambi kokuvuswa kwakhe. (Jona 1:17; Mathewu 12:40) Yebo, okuhlangenwe nakho kukaJona kwakuyisibonelo esingokwesiprofetho. Ngokuqondakalayo, izinceku zikaNkulunkulu ziye zabheka eziprofethweni, nasezindabeni ezithile zeBhayibheli ukuze zibone ukuthi zingase ziyibonise yini indlela uJehova asazosebenzelana ngayo nazo.
Njengesibonelo esihilela isiprofetho seBhayibheli, iWatch Tower kaDecember 15, 1928 yaxoxa ngoMika 5:2-15. Incwadi kaMika yayiphathelene nokuchithwa kweSamariya ‘yiAsiriya,’ kanye nokubuya kwamaJuda ekuthunjweni eBabiloni. (Mika 1:1, 5-7; 4:10) Kodwa futhi yabhekisela ezehlakalweni zamuva, njengokuzalwa kukaMesiya eBetlehema. (Mika 5:2) UMika waprofetha ukuthi ngemva kokukhululwa kwayo ‘eAsiriya,’ “insali yakwaJakobe” yayiyoba “njengamazolo avela kuJehova,” ‘nanjengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu.’ (Mika 5:6-8) LeWatch Tower yaphawula: “Lokhu kungathathwa njengesibonakaliso sokuthi abanye bensali bayobe besemhlabeni ngisho nangemva kokuba iArmagedoni isilwiwe, futhi-ke bayoba nomsebenzi owengeziwe abayowenza egameni leNkosi, kube inkazimulo nodumo kuyo.” Phawula ulimi lokuthobeka, olunengqondo olusetshenzisiwe ukuveza ukuthi kungenzeka: “Lokhu kungathathwa njengesibonakaliso.”
Kuthiwani ngokulandisa kweBhayibheli okungase kufane nokusinda okunjalo emhlabeni? Isibonelo esisodwa esinikeziwe siphathelene noNowa nomkhaya wakhe. UNowa uye wabhekwa njengofanekisela uJesu kulesikhathi sokuphela. (Genesise 6:8-10; Mathewu 24:37) Njengoba uNowa ahola umkakhe namadodana abo amathathu nomalokazana bakhe ukuba badlule esiphelweni salesosimiso sasendulo, uKristu uyohola insali yesigaba somlobokazi wakhe nalabo ababa abantwana ‘bakaYise ongunaphakade,’ uJesu. UmkaNowa wasinda kuZamcolo, wahlanganyela ekuvuselelweni kokukhulekela kweqiniso emhlabeni ohlanziwe. Okufana nakho kungase kube ukusindela ezweni elisha kwensali yesigaba somlobokazi.—Isaya 9:6, 7; 2 Korinte 11:2; IsAmbulo 21:2, 9.a
Okunye ukulandisa kweBhayibheli nakho kuye kwabhekwa njengokusikisela ukuthi abanye babagcotshiwe bangase badlulele ezweni elisha. Ngokwesibonelo, uJeremiya wasinda ekubhujisweni kweJerusalema; “indoda” enophondo lukayinki yasala ukuze ibone umsebenzi wokubulala ngaphambi kokuba iphindele emuva ukuyonikeza umbiko.—Hezekeli 9:4, 8, 11.
Izinkulumo eziphathelene nokuthi kungenzeka yini ukuba abanye babagcotshiwe basindele ezweni elisha zenziwa ngezinhloso ezinhle, nangokukhanyiselwa izenzakalo ezidlule eziseBhayibhelini, ngenjongo yokuzama ukuqonda iziprofetho noma izibonelo ezingase zisho okufanayo kamuva. Uma kutholakala ukuthi abekho abagcotshiwe abasalayo emhlabeni, ngeke kube bikho sizathu sokungeneliseki. Kakade sesiye sakwamukela ukuthi izindaba zeBhayibheli ziqondakala kangcono njengoba isikhathi sidlula. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda kaJanuary 1, 1982, yaphinda yaxoxa ngoMika 5:6-9 futhi yachaza ukuthi “insali kaIsrayeli ongokomoya akudingekanga ukuba ilinde kuze kube ngemva . . . kweHarmagedoni ukuze ibe ‘njengamazolo’ aqabulayo kubantu.” Lengxoxo yaphinde yaveza ukuthi kungenzeka ukuba insali isinde empini enkulu kaNkulunkulu, bese kuthi isikhashana “iqhubeke iba ‘njengamazolo’ aqabulayo ‘esixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’” Nokho, singabona ukuthi ukuhamba kwesikhathi kanye nokwanda kokukhanya okungokomoya kungandisa futhi kushintshe ukuqonda kwethu iziprofetho namadrama eBhayibheli.—IzAga 4:18.
Siyazi ukuthi iBhayibheli lihlanganisa ‘ukuza kweNdodana yomuntu,’ ‘nokuqoqwa kwabakhethiweyo emimoyeni yomine.’ (Mathewu 24:29-31) Futhi, ngesikhathi ‘sokufika kweNkosi’ emandleni oMbuso, abagcotshiwe abalele ekufeni bavuselwa ekuphileni ezulwini. (1 Thesalonika 4:15, 16) Laba ababekwe uphawu, balapho ukuze babe ingxenye yomkaWundlu. Kwenzeka nini lokho?
Encwadini yesAmbulo, ngokushesha ngemva kokuba uJohane ekhulume ngokubulala kukaNkulunkulu isifebe esingokwenkolo, iBabiloni Elikhulu, uchaza “umshado weWundlu.” “Owesifazane” ongcolile noziphethe kabi uyasuswa enkundleni, futhi sibona “umlobokazi, umkaWundlu” ‘evunule ngelineni elikhazimulayo nelihlanzekileyo nelicolekileyo eliyizenzo ezilungileyo zabangcwele.’ (IsAmbulo 18:10; 19:2, 7, 8; 21:9) Ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuyingxenye yosizi olukhulu. (Mathewu 24:21; IsAmbulo 7:14) Ngakho-ke kungacatshangwa ukuthi abanye besigaba salomlobokazi bayosinda osizini olukhulu njengobufakazi bokuvunyelwa uJehova nokuvikelwa nguye. (Zefaniya 2:3; qhathanisa noMathewu 24:22.) Uma belondolozwa kanjalo emhlabeni, bebengahlala lapha kuze kube yilapho uNkulunkulu ekhetha ukubayisa ezulwini.
Nokho, umbono okusAmbulo awuhlelekile ngendlela izinto eziyolandelana ngayo ngempela. Futhi akukhona ukuthi insali encane yabagcotshiwe iyodingeka ukuze iqalise izwe elisha, ngoba kakade iye yaqeqesha izigidi zamaKristu athembekile ayophila phakade emhlabeni. Ngakho-ke, uNkulunkulu angabayisa abagcotshiwe ezulwini ngokushesha ngemva kokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, elungiselela “umshado weWundlu” ukuba uqale. Bonke abangcwele bangahlanganyela kanjalo noKristu ‘ekubuseni izizwe ngentonga yensimbi’ engxenyeni esele yosizi olukhulu. (IsAmbulo 2:26, 27; 19:11-21) Uma kuyileyo indlela uNkulunkulu asingatha ngayo izinto bonke abangu-144 000 bayoba kanye noJesu ukuze ‘babuse njengamakhosi kanye noKristu yonke iminyaka eyinkulungwane.’—IsAmbulo 20:4.
Ngokuqinisekile, kuhle ukuthi abantu bakaNkulunkulu banesithakazelo esijulile ekuboneni indlela ayoqondisa futhi avuze ngayo izinceku zakhe. (Qhathanisa no-1 Petru 1:12.) Lokhu kubonisa ukuqiniseka kwabo ukuthi intando yakhe iyokwenziwa. Nakuba singeke futhi kungamelwe sibe nemibono engenasisekelo ngezinto, singabheka phambili ngokulangazela kulokho okuzokwenzeka.
[Umbhalo waphansi]
a Qhathanisa iYou May Survive Armageddon Into God’s New World, amakhasi 61, 292, 351; “Your Will Be Done on Earth,” ikhasi 347; The Watchtower kaMay 1, 1942, ikhasi 133. (Zonke zikhishwe iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)