Benza Intando KaJehova
Ukuvakasha Okwavuzwa Ngokucebile
UHAMBO lokusuka eSheba uya eJerusalema kumelwe ukuba lwalungolukhathazayo endlovukazini. Yayijwayele ukuhlala ngokunethezeka. Manje, yayisohambweni lwamakhilomitha angu-2 400 ngekamela, ingxenye enkulu yalolo hambo isogwadule olushisayo. Ngokokulinganisa okuthile, uhambo lwayo kungenzeka lwathatha izinsuku ezingaba ngu-75, ukuya nje kuphela!a
Kungani le ndlovukazi ecebile yashiya umuzi wayo onethezekile eSheba, yathatha uhambo olunzima kangaka?
Umbiko Othakazelisayo
Indlovukazi yaseSheba yeza eJerusalema ngemva ‘kokuzwa udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova.’ (1 AmaKhosi 10:1) Akushiwo ukuthi le ndlovukazi yezwani ngempela. Nokho, siyazi ukuthi uJehova wayebusise uSolomoni ngokuhlakanipha okungavamile, ingcebo nodumo. (2 IziKronike 1:11, 12) Le ndlovukazi yezwa kanjani ngalokhu? Njengoba iSheba yayiyisikhungo sezohwebo, kungenzeka ukuthi yezwa ngodumo lukaSolomoni ngabahwebi ababehambela izwe layo. Abanye balaba kungenzeka babeke baya e-Ofiri, izwe uSolomoni ayesebenzelana nalo kakhulu ngokwezebhizinisi.—1 AmaKhosi 9:26-28.
Kungakhathaliseki ukuthi yezwa kanjani, le ndlovukazi yafika eJerusalema “inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu.” (1 AmaKhosi 10:2a) Abanye bathi ‘ihele elikhulu kakhulu’ lalihlanganisa onogada ababehlomile. Lokhu kungaba okuqondakalayo, uma kucatshangelwa ukuthi le ndlovukazi yayisesikhundleni esihlonishwa kakhulu futhi iphethe izinto eziyigugu ezibiza amashumi ezigidi zamaRandi.b
Nokho, phawula ukuthi le ndlovukazi yezwa ngodumo lukaSolomoni ngokuqondene ‘negama likaJehova.’ Ngakho lolu kwakungelona uhambo nje lwezebhizinisi. Kusobala ukuthi ngokuyinhloko le ndlovukazi yayizele ukuzokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni—mhlawumbe ngisho nokuzofunda okuthile ngoNkulunkulu wakhe, uJehova. Njengoba cishe yayiyinzalo kaShemu noma kaHamu, ababengabakhulekeli bakaJehova, kungenzeka ukuthi yayifisa ukwazi ngenkolo yokhokho bayo.
Izimfumbe Nezimpendulo Ezigculisayo
Lapho ihlangana noSolomoni, le ndlovukazi yaqala ukumvivinya “ngezimfumbe.” (1 AmaKhosi 10:1) Igama lesiHeberu elisetshenziswe lapha lingahunyushwa ngokuthi “iziphico.” Kodwa lokhu akusho ukuthi le ndlovukazi yadlala imidlalo engasho lutho noSolomoni. Ngokuthakazelisayo, kumaHubo 49:4 kusetshenziswe igama lesiHeberu elifanayo ukuchaza imibuzo ebalulekile ephathelene nesono, ukufa nesihlengo. Khona-ke, cishe indlovukazi yaseSheba yayixoxa ngezindaba ezijulile ezazivivinya ukujula kokuhlakanipha kukaSolomoni. IBhayibheli lithi “yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.” USolomoni “wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.”—1 AmaKhosi 10:2b, 3.
Ukuhlakanipha kukaSolomoni nokuchuma kombuso wakhe kwahlaba indlovukazi yaseSheba umxhwele kangangokuthi “akwabe kusabakho moya kuyo.” (1 AmaKhosi 10:4, 5) Lawa mazwi abanye bawabheka njengasho ukuthi indlovukazi “yabamba umoya.” Esinye isazi size sisikisele ukuthi yaquleka! Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, lokho indlovukazi eyakubona neyakuzwa kwayimangaza. Yathi izinceku zikaSolomoni zazijabula ngokukwazi ukuzwa lokhu kuhlakanipha kwenkosi, futhi yabonga uJehova ngokubeka uSolomoni esihlalweni sobukhosi. Yabe isipha inkosi izipho ezibizayo, igolide lilodwa nje lalingamaRandi angu-247 600 000 ngokwenani lanamuhla. USolomoni naye waletha izipho, wanika le ndlovukazi “konke ekufunayo nekucelayo.”c—1 AmaKhosi 10:6-13.
Esikufundayo
UJesu wasebenzisa indlovukazi yaseSheba ukuze afundise ababhali nabaFarisi isifundo. Wabatshela: “Indlovukazi yaseningizimu iyovuswa kanye nalesisizukulwane ekwahlulelweni futhi isilahle; ngoba yeza ivela emaphethelweni omhlaba ukuze izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, kodwa, bhekani! lapha kukhona okuthile okungaphezu kukaSolomoni.” (Mathewu 12:42) Yebo, indlovukazi yaseSheba yabonisa ukwazisa okukhulu ngokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu. Uma yahamba amakhilomitha angu-2 400 izolalela uSolomoni, ngokuqinisekile ababhali nabaFarisi kwakufanele bamlalele ngokucophelela uJesu owayephambi kwabo.
Thina namuhla singabonisa ukumazisa ngokujulile uSolomoni Omkhulu, uJesu Kristu. Kanjani? Enye indlela iwukulandela isiqondiso sakhe ‘sokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19) Enye iwukucabangisisa ngesibonelo sikaJesu nesimo sakhe sengqondo bese sikulingisa.—Filipi 2:5; Heberu 12:2, 3.
Yiqiniso, kuyodingeka senze umzamo ukuze silandele isibonelo sikaSolomoni Omkhulu. Nokho, siyovuzwa ngokucebile. Ngempela, uJehova uthembisa abantu bakhe ukuthi uma bebonisa umoya wokuzidela, ‘uyobavulela amafasitele asezulwini, abathululele isibusiso kunokwaneleyo.’—Malaki 3:10.
[Imibhalo yaphansi]
a Izazi eziningi zikholelwa ukuthi iSheba yayiseningizimu-ntshonalanga ye-Arabia, namuhla okuyiRepublic of Yemen.
b Ngokwesazi sokuma komhlaba sasendulo esingumGreki uStrabo, abantu baseSheba babecebe kakhulu. Sithi babelisebenzisa kakhulu igolide empahleni yabo yasendlini, ezitsheni ngisho nasezindongeni, eminyango nasophahleni lwezindlu zabo.
c Abanye babheka lawa mazwi njengasho ukuthi le ndlovukazi yaba nobuhlobo bobulili noSolomoni. Izinganekwane zithi baze baba nendodana. Nokho, abukho ubufakazi obusekela noma ikuphi kwalokhu.