UJesu—Umbusi “Okuvela Kwakhe Kusukela Endulo”
INJABULO iya yanda njengoba ulindele ukufika kwesihlobo osekukudala wasigcina. Ekugcineni, niyabonana futhi usibingelela ngokufudumele. Uyalalelisisa njengoba sikutshela ukuthi kungani uyise esithume ukuzokuvakashela. Isikhathi sokuba sibuyele ekhaya sifika ngokushesha. Usivalelisa ngenhliziyo ebuhlungu. Ukulahlekelwa okuzwa lapho sihamba kuyancipha lapho kufika umyalezo wokuthi siye safika siphephile ekhaya.
Kamuva, lapho ucinga emaphepheni athile akudala, uqaphela izincwadi ezisho kafushane lokho isihlobo sakho esakwenza kudala ngaphambi kokuba sithathe uhambo lokuzokubona. Lokho lezo zincwadi ezikutshela khona kukwenza ube nombono othakazelisayo ngesizinda saso futhi ziqinisa ukwazisa kwakho ngokuvakasha kwaso nomsebenzi waso manje.
“Kusukela Endulo”
Phakathi kwamaphepha akudala amaJuda ekhulu lokuqala ayenawo kwakunemibhalo yomprofethi kaNkulunkulu uMika, eyalotshwa eminyakeni engaba amakhulu angu-7 adlule. Le mibhalo iyikhomba ngokuthe ngqó indawo uMesiya ayeyozalelwa kuyo. “Wena-Betlehema-Efratha, omncane ukuba ube-phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba-ngumbusi kwaIsrayeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.” (Mika 5:2) La mazwi agcwaliseka lapho uJesu ezalelwa emzaneni wamaJuda waseBetlehema ngonyaka manje obizwa ngokuthi u-2 B.C.E. Kodwa kungenzeka kanjani ukuthi waba khona ‘kusukela endulo’?
UJesu wayekhona ngaphambi kokuba abe umuntu. Encwadini yakhe kumaKristu aseKolose, umphostoli uPawulu wachaza uJesu ngokuthi “umfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali, izibulo layo yonke indalo.”—Kolose 1:15.
UJehova, uMthombo wokuhlakanipha, wadala iNdodana yakhe yokuqala ‘njengomsebenzi wakhe wamandulo,’ uma sisebenzisa amazwi aphefumulelwe alotshwe iNkosi uSolomoni encwadini yezAga. Ngemva kokuhlala kukaJesu isikhashana emhlabeni nokubuyela kwakhe ezulwini, wafakazela ukuthi ngempela ‘wayeyisiqalo sendalo kaNkulunkulu.’ Njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu, uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu wathi: “Ekulungiseni [kukaJehova] izulu ngangikhona.”—IzAga 8:22, 23, 27; IsAmbulo 3:14.
Kusukela ekuqaleni, iNdodana kaNkulunkulu yathola isabelo esiyingqayizivele, sokuba “ingcweti yomsebenzi” kanye noYise. Yeka ukuthi lokhu kwakumjabulisa kanjani uJehova! IzAga 8:30 zithi: “Ngiyintokozo yakhe [uJehova] imihla ngemihla,” zenezele, “ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke.”
Kamuva uJehova wamema iNdodana yakhe eyizibulo ukuba ihlanganyele naye ekudaleni uhlanga lwesintu. Wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze.” (Genesise 1:26) Ngenxa yalokho, kwakheka olunye uthando. UJesu ngaphambi kokuba abe umuntu wachaza: “Intokozo yami ikanye namadodana abantu.” (IzAga 8:31) Ekuqaleni kweVangeli lakhe, umphostoli uJohane wavuma indima kaJesu ekudaleni ngaphambi kokuba abe umuntu: “Zonke izinto zaba khona ngaye, futhi ngaphandle kwakhe ayikho ngisho neyodwa into eyaba khona.”—Johane 1:3.
Umkhulumeli KaJehova
Amazwi kaJohane asenza siqaphele elinye ilungelo iNdodana kaNkulunkulu eyayilijabulela, okuwukuthi, ukuba umkhulumeli. Kusukela ekuqaleni, yakhonza njengoLizwi. Ngakho, lapho uJehova ekhuluma no-Adamu, futhi kamuva lapho ekhuluma no-Adamu no-Eva, cishe wenza kanjalo esebenzisa uLizwi. Futhi ubani owayengayidlulisela kangcono imiyalo kaNkulunkulu yenhlalakahle yesintu kunalowo onothando ngabo?—Johane 1:1, 2.
Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu kanjani uLizwi ukubona u-Eva no-Adamu kamuva bengamlaleli uMdali wabo! Futhi yeka ukuthi kumelwe ukuba wakulangazelela kanjani ukulungisa ububi ukungalaleli kwabo okwabubangela enzalweni yabo! (Genesise 2:15-17; 3:6, 8; Roma 5:12) Ekhuluma noSathane, owayekhuthaze u-Eva ukuba ahlubuke, uJehova wathi: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe.” (Genesise 3:15) Njengoba ayekubonile okwakwenzeke e-Edene, uLizwi waqaphela ukuthi njengengxenye eyinhloko ‘yenzalo’ yowesifazane, wayeyoba isisulu senzondo enonya. Wayazi ukuthi uSathane ungumbulali wabantu.—Johane 8:44.
Kamuva lapho uSathane ebekela ubuqotho bukaJobe othembekile inselele, kumelwe ukuba kwamthukuthelisa uLizwi ukumangalelwa kukaYise ngendlela enyundelayo. (Jobe 1:6-10; 2:1-4) Yebo, ngenxa yendima yakhe njengengelosi enkulu, uLizwi waziwa ngokuthi uMikayeli, okuyigama elisho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?” nelibonisa indlela alwela ngayo uJehova ngokumelene nabo bonke abahlose ukuthatha ngenkani ubukhosi bukaNkulunkulu.—Daniyeli 12:1; IsAmbulo 12:7-10.
Njengoba umlando ka-Israyeli usombuluka, uLizwi wayeyibhekile imizamo kaSathane yokususa abantu ekukhulekeleni okuhlanzekile. Ngemva kokuFuduka eGibithe, uNkulunkulu watshela u-Israyeli ngoMose: “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo. Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.” (Eksodusi 23:20, 21) Yayingubani le ngelosi? Cishe, uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu.
Ukuzithoba Ngokwethembeka
UMose wafa ngo-1473 B.C.E., futhi isidumbu sakhe sangcwatshwa “esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti-Peyori.” (Duteronomi 34:5, 6) Ngokusobala, uSathane wayefuna ukusisebenzisa, cishe ukuze akhuthaze ukukhulekela izithombe. UMikayeli wamelana nalokhu kodwa wazithoba egunyeni likaYise, uJehova. ‘Engalokothi alethe isahlulelo ngokumelene naye ngamazwi achaphayo,’ uMikayeli waxwayisa uSathane: “Kwangathi uJehova angakukhuza.”—Jude 9.
Ngemva kwalokho u-Israyeli waqala ukunqoba iZwe Lesithembiso laseKhanani. Eduze nomuzi waseJeriko, uJoshuwa wathola isiqinisekiso sokuqhubeka kukaLizwi enakekela isizwe. Lapho, wahlangana nendoda eyayihoshe inkemba. UJoshuwa waya kulesi sihambi, wasibuza: “Uvuna thina noma izitha zethu na?” Cabanga indlela uJoshuwa amangala ngayo lapho lesi sihambi sembula ukuthi singubani, sithi: “Qha, ngifikile njengesikhulu [sebutho] likaJehova.” Akumangalisi ukuthi uJoshuwa wawa ngobuso phambi kwalo mmeleli ophakeme kaJehova, ngokungangabazeki okwakunguJesu ngaphambi kokuba abe umuntu, kamuva owayeyoba “[uMesiya], umbusi.”—Joshuwa 5:13-15, qhathanisa ne-NW; Daniyeli 9:25.
Okunye ukubhekana ngeziqu zamehlo noSathane kwenzeka ngezinsuku zomprofethi kaNkulunkulu uDaniyeli. Kulesi senzakalo uMikayeli wasekela ingelosi ekanye naye lapho idemoni eliyisikhulu sasePheresiya ‘limelana’ nayo amasonto amathathu. Le ngelosi yachaza: “Bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.”—Daniyeli 10:13, 21.
Inkazimulo Yangaphambili Neyalapho Esengumuntu
Ngo-778 B.C.E., unyaka okwashona ngawo inkosi yakwaJuda u-Uziya, umprofethi kaNkulunkulu u-Isaya wabona umbono lapho uJehova ayesesihlalweni sakhe sobukhosi esiphakeme. Wabuza: “Ngiyakuthuma-bani, ngubani oyakusiyela na?” (Omalukeke sizenzele.) U-Isaya wavuma ngokuzithandela ukuya, kodwa uJehova wamxwayisa ukuthi ama-Israyeli akanye naye ayengeke azilalele izimemezelo zakhe. Umphostoli uJohane waqhathanisa amaJuda angakholwa ekhulu lokuqala leminyaka nabantu bosuku luka-Isaya, futhi waphawula: “U-Isaya washo lezizinto ngoba wayibona inkazimulo yakhe.” Inkazimulo kabani? KaJehova nekaJesu ngaphambi kokuba abe umuntu, owayeseceleni kukaNkulunkulu emagcekeni asezulwini.—Isaya 6:1, 8-10; Johane 12:37-41.
Emakhulwini athile eminyaka kamuva, kwafika isabelo sikaJesu esikhulu kunazo zonke kuze kube yileso sikhathi. UJehova wadlulisela amandla okuphila eNdodana yakhe ethandekayo ukusuka ezulwini ukuya esibelethweni sikaMariya. Ngemva kwezinyanga ezingu-9 wazala umntwana womfana, uJesu. (Luka 2:1-7, 21) Umphostoli uPawulu wathi: “Lapho kufika ukuphelela kwalesosikhathi, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyavela kowesifazane.” (Galathiya 4:4) Ngokufanayo, umphostoli uJohane wavuma: “ULizwi waba inyama futhi wahlala phakathi kwethu, futhi sayibona inkazimulo yakhe, inkazimulo enjengeyendodana ezelwe yodwa kuyise; futhi wayegcwele umusa ongafanelwe neqiniso.”—Johane 1:14.
UMesiya Uyavela
Okungenani eneminyaka engu-12 ubudala, uJesu osemusha wayesekuqaphela ukuthi kumelwe abe matasa enze umsebenzi kaYise osezulwini. (Luka 2:48, 49) Eminyakeni engaba ngu-18 kamuva, uJesu weza kuJohane uMbhapathizi eMfuleni iJordani futhi wabhapathizwa. Njengoba uJesu ayethandaza, amazulu avuleka, futhi umoya ongcwele wehlela kuye. Cabanga ngamathantala ezinkumbulo ezafika engqondweni njengoba ekhumbula izinkulungwane ezingenakubalwa zeminyaka ekhonza eceleni kukaYise njengengcweti yomsebenzi, umkhulumeli, isikhulu sebutho likaNkulunkulu nanjengengelosi enkulu, uMikayeli. Kwabe sekulandela isenzakalo esijabulisayo sokuzwa izwi likaYise litshela uJohane uMbhapathizi: “Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.”—Mathewu 3:16, 17; Luka 3:21, 22.
UJohane uMbhapathizi ngokuqinisekile wayengakungabazi ukuthi uJesu wayekhona ngaphambi kokuba abe umuntu. Lapho uJesu eza kuye, uJohane wathi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” Futhi wenezela: “Lona nguye engasho ngaye ukuthi, Emva kwami kuza umuntu oye wadlulela phambi kwami, ngoba waba khona ngaphambi kwami.” (Johane 1:15, 29, 30) Umphostoli uJohane naye wayazi ukuthi uJesu wayekhona ngaphambili. Wabhala: “Lowo ovela phezulu ungaphezu kwabo bonke abanye,” wabuye wathi: “Lowo ovela ezulwini ungaphezu kwabo bonke abanye. Lokho akubonile nakuzwile, ufakaza ngakho lokhu.”—Johane 3:31, 32.
Cishe ngonyaka ka-61 C.E., umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu angamaHeberu ukuba akuqaphele ngokugcwele ukubaluleka kokuza kukaMesiya emhlabeni nomsebenzi wakhe njengomPristi Ophakeme. Esiqaphelisa indima kaJesu njengoMkhulumeli, uPawulu wabhala: “UNkulunkulu . . . ukhulumé nathi ekupheleni kwalezizinsuku esebenzisa iNdodana . . . enza ngayo izimiso zezinto.” Kungakhathaliseki ukuthi lokhu kubhekisela endimeni kaJesu ‘njengengcweti yomsebenzi’ ekudaleni noma ekubeni kwakhe nengxenye emalungiselelweni kaNkulunkulu aqhubekayo okubuyisana nesintu, uPawulu lapha wenezela ubufakazi bakhe bokuthi uJesu wayekhona ngaphambi kokuba abe umuntu.—Heberu 1:1-6; 2:9.
Ukuthembeka Kusukela “Endulo”
UPawulu wanikeza amaKristu ekhulu lokuqala aseFilipi lesi sikhuthazo: “Gcinani kini lesisimo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu, owathi nakuba ayekhona ngesimo sikaNkulunkulu, wangakucabangela ukuqhwaga, okuwukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu. Cha, kodwa wazigeqa wathatha isimo sesigqila futhi wafana nabantu. Ngaphezu kwalokho, lapho ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.” (Filipi 2:5-8) UJehova wasabela ngothando enkambweni yokwethembeka kaJesu ngokumvusa abese emamukela ukuba abuyele ekhaya ezulwini. Yeka isibonelo esivelele sokugcina ubuqotho isikhathi eside uJesu aye wasishiyela sona!—1 Petru 2:21.
Yeka ukuthi sijabula kanjani ngemibono esiyinikezwa iBhayibheli yokuba khona kukaJesu ngaphambi kokuba abe umuntu! Ngokuqinisekile isenza sizimisele ngokwengeziwe ukulingisa isibonelo sakhe senkonzo yokwethembeka, ikakhulukazi manje njengoba ebusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya. Masidumise “iNkosi yokuthula,” uKristu Jesu, uMbusi wethu “okuvela kwakhe kusukela endulo”!—Isaya 9:6; Mika 5:2.
[Ibhokisi ekhasini 24]
Ubufakazi Bokuba Khona Ngaphambi Kokuba Umuntu
Amazwi kaJesu ngokwakhe, njengoba ephawulwe ngezansi, anikeza intilibathwa yobufakazi bokuba khona kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu:
◻ “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, iNdodana yomuntu.”—Johane 3:13.
◻ “UMose akaninikanga isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba uninika isinkwa seqiniso esivela ezulwini. Ngoba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla ezulwini futhi anike izwe ukuphila. . . . Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumile.”—Johane 6:32, 33, 38.
◻ “Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze noma ubani asidle futhi angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma noma ubani esidla lesisinkwa uyophila kuze kube phakade.”—Johane 6:50, 51.
◻ “Ngakho-ke, kuyothiwani uma ningabona iNdodana yomuntu inyukela lapho yayikhona ngaphambili?”—Johane 6:62.
◻ “Ubufakazi bami buyiqiniso, ngoba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. . . . Nina nivela ezindaweni ezingaphansi; mina ngivela ezindaweni ezingaphezulu. Nina nivela kulelizwe; mina angiveli kulelizwe.”—Johane 8:14, 23.
◻ “Ukuba uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyongithanda mina, ngoba ngaphuma kuNkulunkulu futhi ngilapha ngivela kuye. Futhi angizifikelanga neze ngokusuka kimi siqu, kodwa Lowo wangithuma.”—Johane 8:42.
◻ “Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona, bengikhona mina.”—Johane 8:58.
◻ “Baba, ngikhazimulise eceleni kwakho ngenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona. Baba, ngokuqondene nalokho onginike khona, ngifisa sengathi, lapho ngikhona, nabo babe lapho kanye nami, ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngoba wangithanda ngaphambi kokusungulwa kwezwe.”—Johane 17:5, 24.
[Isithombe ekhasini 23]
Lapho uJoshuwa ehlangana nesikhulu sebutho likaJehova