Izwi LikaJehova Alisoze Labuyela Kuye Lingafezanga Lutho
SIZA ufunde u-Isaya 6:6-10 eBhayibhelini lakho. Ngeso lengqondo, buka ngokumangala njengoba iserafi likaJehova lihlanza izindebe zika-Isaya ngelahle elivuthayo elilithathe e-altare lasethempelini. Lalelisisa njengoba uJehova ebuza: “Ngiyakuthuma-bani, ngubani oyakusiyela na?” Kufanele iye kuphi lenceku kaJehova, futhi iyokwenzani? UJehova uyayala: “Hamba usho kulababantu ukuthi: Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi; bonani, bonani, kepha ningazi.”
Ingabe lokhu kusho ukuthi isizwe sasingenathemba? Amazwi okugcina evesi 10—“funa . . . babuye, baphiliswe”—ingabe asho ukuthi ukusebenzelana kukaJehova no-Israyeli akuzange kuphumelele? Lutho neze!
UJesu Kristu uqobo wacaphuna kulokhu kulandisa okuphefumlelwe lapho ekhuluma ngemiphumela yenkonzo yakhe siqu evelele ayenza kumaJuda osuku lwakhe ayeyizimpumputhe ngokomoya. Wayengumfundisi omkhulu kunabo bonke abake baphila kulomhlaba. Umoya kaJehova wawuphezu kwakhe ngezinga elikhulu. Kodwa, okuhlangenwe nakho kweNdodana kaNkulunkulu kwakunjengokuka-Isaya; ngakho uJesu wathi: “Bezwile bangasabela.” (Math. 13:13-15, qhathanisa ne-NW.) Yeka inhlekelele esabekayo! Ingabe inkonzo kaJesu yentshiseko ayizange iphumelele? Kumelwe siphinde sithi, ‘Akubanga njalo ngisho nakancane!’ Khona kanye evesini elilandelayo, kuMathewu 13:16, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Kodwa abusisiwe amehlo enu‚ lokhu ebona‚ nezindlebe zenu‚ lokhu zizwa.” Yebo, enye imbewu yeqiniso yawela emhlabathini omuhle futhi yaveza izithelo ezifiselekayo. Kwamiswa ibandla lamaKristu, u-Israyeli ongokomoya. Futhi manje, osukwini lwethu, yeka ukuthi kujabulisa kangakanani ukubona izigidi zabantu abafiselekayo bomhlaba besabela kahle ezindabeni ezinhle zoMbuso!
U-Isaya wafeza injongo kaJehova kwa-Israyeli. Ngokuqinisekile siyazi ukuthi noJesu wakwenza lokho. Akukho nokukodwa ezwini likaJehova, nakulokho akuhlosile, okuyoshaya phansi. Konke kuyogcwaliseka kube inkazimulo kuye.—Isaya 55:11.
IHubo 46:8 lithi uJehova ‘wenza [izenzakalo ezimangalisayo] emhlabeni.’ Ikakhulukazi kusukela ngo-1919-22, uye wasebenzisa labo ekuqaleni ababeyiqenjana labamemezeli boMbuso ukuba bayise amazwi akhe aphefumlelwe okuphila kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Naphezu kokuphikisa okunobudlova kwalabo uJesu abafanisa ‘nezimpisi eziphangayo’ ‘nenzalo yamabululu,’ izindaba ezinhle ziye zashunyayelwa yinani elanda njalo loFakazi abashisekayo. (Math. 7:15; 23:33) Lelinani liye laba nokwazisa ngokwanele ukuba ‘libuye futhi liphiliswe’ uJehova, uMniki-kuphila Omkhulu, futhi manje lisiza abanye ukuba baphiliswe. Ukuze kwenziwe lomsebenzi emazweni anabangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, nasemazweni abuswa abelusi benkolo yamanga, kuye kwadingeka kunqotshwe ukuphikisa okufana ‘nezintaba ezinkulu.’ Phambi kukaZerubabele Omkhulu, kuye kwaba “ithafa,” njengoba kwabikezelwa kuZakariya 4:7. Ngempela, iNkosi enqobayo, uJesu Kristu, iyaqhubeka ‘ingonqobayo noyakunqoba.’—IsAm. 6:2.
Ngokwesibonelo, yeka ukuthi kuqinisa ukholo kanjani ukufunda ngezinceku zikaJehova zaseMexico kwethi INcwadi Yonyaka Ka-1995! Lapho, eminyakeni eyishumi edlule, abakhulekeli bakaJehova baye banda besuka kwabangaba ngu-150 000 kuya kwabacishe babe ngu-400-000. Cishe akukholeki!
Ukwanda kumangalisa ngendlela efanayo eBalkans naseBaltic States, kanye naseHungary, eRussia, e-Ukraine, nakwamanye amazwe ayengaphansi kweSoviet Union. I-Italy idlulile ku-200 000, futhi iJapane iyasondela kulelonani. Naphezu kwezinxushunxushu e-Afrika, kunentuthuko enhle eMozambique, eNigeria, eNingizimu Afrika, eZambia, naseZaire. Futhi yeka ukuthi kwaba kuhle kanjani ukuzwa ukuthi oFakazi BakaJehova e-Equatorial Guinea, eRepublic of Guinea, eBurundi, eNepal, eLithuania, naseMoldova baye baqashelwa ngokomthetho nokuthi sebeyenza ngokukhululeka inkonzo yabo esindisa ukuphila!
EMpumalanga, iHong Kong iye yaba nesibusiso esingavamile sokuba kuqhutshelwe khona emibili yeMihlangano Yezizwe ‘Yokufundisa Kwaphezulu.’ Leyomihlangano yaba isenzakalo esingavamile emlandweni wezinceku zikaJehova eHong Kong. Ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe, sifisa sengathi uJehova angaqhubeka eqondisa ukunakekela kwakhe kuloloquqaba lwesintu, abantu baseHong Kong abakha ingxenye encane nje yalo.
Emhlabeni wonke abathandi bakaJehova abacishe babe izigidi ezingu-8 babakhona emihlanganweni yesigodi phakathi nonyaka wenkonzo ka-1994. Ensimini engaphansi kwegatsha lase-United States, kwaqhutshwa imihlangano engu-168 ezindaweni ezingu-65, kwaba nengqikithi yabangu-1 481 258. Kwaba nabangu-45 598 ngaphezu kwababelindelwe! Ingqikithi yababhapathizwa yaba ngu-13 742. Bonke lababashumayeli bevangeli abasha ngokuqinisekile bazosiza ekuqhubekeni besakaza izindaba ezinhle zoMbuso phakathi kwezizwe.
Kulo lonke elaseRussia, e-Ukraine, nakulo lonke elaseMpumalanga Yurophu, kwaqhutshwa iMihlangano Yesigodi ‘Yokwesaba UNkulunkulu’ engu-62, kwaba khona abangu-394 303 futhi kwabhapathizwa abangu-18 117. Naphezu kokulwa nezinxushunxushu eBalkans, umbiko ovela kuleyongxenye yensimu wawushukumisa futhi unikeza ithemba. Abazalwane abalapho bajabulela amathemba okwanda okwengeziwe. Yeka ukuthi lemibiko emihle iletha injabulo engakanani kithi sonke!
Asikho isizathu sokukhathazeka ngokugcwaliseka kwezinjongo zikaJehova. Azisoze zashaya phansi. Akawudalelanga ize umhlaba; wawudalela ukuba kuhlalwe kuwo. (Isaya 45:18) Ku-Isaya 66:22, 23, uJehova uyasiqinisekisa: “Njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami, usho uJehova, kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho. Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye [noma, zinyanga zonke, masonto onke] YONKE INYAMA iyakufika ukukhuleka phambi kwami, usho uJehova.” Izwi likaJehova akunakwenzeka libuyele kuye lingafezanga lutho.
Kwangathi zonke izigidi manje ezihlanganyela nezinceku zikaJehova ezikhuthele zingashukunyiselwa ukuba zamukele inkonzo yakhe engcwele. Zikanye nezigidi esezikhonza uJehova kakade, kwangathi nazo zingahlanganyela ekudumiseni igama lakhe nasekwabelaneni nabanye abantu isigijimi soMbuso. YONKE INYAMA—bonke abaqhubekayo bephila—kumelwe ize futhi imkhothamele. Ingabe ukhonza uJehova? Uma kungenjalo, manje ithuba lakho lokuba wamukele ukukhulekela kweqiniso. Isikhathi siyancipha. Ungalokothi usindwe izinyawo. Yiba umngane kaJehova futhi usindele ezweni lakhe elisha.
Kwangathi amehlo akho angabusiswa ukuze ubone nezindlebe zakho zibusiswe ukuze uzwe, futhi kwangathi ungashukunyiselwa ukuba wenze ngokuvumelana nolwazi oluzuzayo. Vumela iqiniso elinikeza ukuphila lingene lijule engqondweni nasenhliziyweni yakho, bese ulihlanganyela nabanye. Ngalendlela wenze ukuphila kwakho kube nenjongo njengoba ukusebenzisela ukukhazimulisa uJehova, ukuze kusindiswe abanye, futhi nawe ujabule kuze kube phakade.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova