UJehova Uyayazisa Inkonzo Yakho Yomphefumulo Wonke
“Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.”—KOLOSE 3:23.
1, 2. (a) Yiliphi ilungelo elikhulu kunawo wonke esingaba nalo? (b) Kungani ngezinye izikhathi singase singakwazi ukwenza konke esingathanda ukukwenza ekukhonzeni uNkulunkulu?
UKUKHONZA uJehova kuyilungelo elikhulu kunawo wonke esingaba nalo. Ngesizathu esihle, sekuyisikhathi eside lomagazini ukhuthaza amaKristu ukuba abe matasa enkonzweni, akhonze “ngokugcwele ngokwengeziwe” lapho kungenzeka khona. (1 Thesalonika 4:1) Nokho, asikwazi ngaso sonke isikhathi ukwenza lokho izinhliziyo zethu ezilangazelela ukukwenza ekukhonzeni uNkulunkulu. “Izimo zami zenza kudingeke ngisebenze isikhathi esigcwele,” kuchaza udade ongashadile owabhapathizwa cishe eminyakeni engu-40 edlule. “Isizathu sokusebenza kwami akukhona ukuba nezingubo zokugqoka zikanokusho noma amaholide abizayo, kodwa siwukunakekela izidingo, kuhlanganise nezindleko zezokwelapha nezikadokotela wamazinyo. Ngizizwa njengokungathi nginikeza uJehova izinsalela.”
2 Uthando ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba sifune ukwenza konke esingakwenza emsebenzini wokushumayela. Kodwa ngokuvamile izimo zokuphila zenza esingakwenza kulinganiselwe. Ukunakekela eminye imithwalo engokomBhalo, kuhlanganise nezibopho zomkhaya, kungase kudle esiningi sesikhathi sethu namandla. (1 Thimothewu 5:4, 8) ‘Kulezi zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ ukuphila kuyinselele kunanini ngaphambili. (2 Thimothewu 3:1) Lapho sihluleka ukwenza konke esingathanda ukukwenza enkonzweni, singase siphatheke kabana. Singase sizibuze ukuthi kazi uNkulunkulu uyakujabulela yini ukukhulekela kwethu.
Ubuhle Benkonzo Yomphefumulo Wonke
3. Yini uJehova ayilindele kithi sonke?
3 KumaHubo 103:14, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokufudumele ngokuthi uJehova “uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” Uyakuqonda ukulinganiselwa kwethu ngaphezu kwanoma ubani omunye. Akafuni okungaphezu kwalokho esingakunikeza. Ulindeleni? Lokho wonke umuntu angakunikeza, kungakhathaliseki isimo sakhe ekuphileni: “Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.” (Kolose 3:23) Yebo, uJehova ulindele ukuba simkhonze ngomphefumulo wonke—sonke.
4. Kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke?
4 Kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke? Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ngomphefumulo wonke” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “ngokusuka emphefumulweni.” ‘Umphefumulo’ ubhekisela kumuntu ewonke, namakhono akhe wonke omzimba nawengqondo. Ngaleyo ndlela, ukukhonza ngomphefumulo wonke kusho ukuzinikela, ukusebenzisa wonke amakhono namandla ethu ngezinga eligcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni kaNkulunkulu. Kalula nje, kusho ukwenza konke umphefumulo wethu ongakwenza.—Marku 12:29, 30.
5. Isibonelo sabaphostoli sibonisa kanjani ukuthi akukhona ukuthi wonke umuntu kufanele enze okulinganayo enkonzweni?
5 Ingabe ukukhonza ngomphefumulo wonke kusho ukuthi sonke kumelwe senze okulinganayo enkonzweni? Akunakwenzeka nakancane lokho, ngoba izimo namakhono omphefumulo ngamunye kuyashiyana. Cabanga ngabaphostoli bakaJesu abakholekile. Akubona bonke ababekwazi ukwenza okufanayo. Ngokwesibonelo, kuncane kakhulu esikwaziyo ngabanye babaphostoli, njengoSimoni umKhananaya noJakobe indodana ka-Alfewu. Mhlawumbe imisebenzi yabo njengabaphostoli yayingadle ngabukhulu. (Mathewu 10:2-4) Ngokuphambene, uPetru wayekwazi ukwamukela imithwalo eminingi esindayo—ingani uJesu wamnika ngisho ‘nezihluthulelo zombuso’! (Mathewu 16:19) Nokho, uPetru akaphakanyiswanga kunabanye. Lapho uJohane eba nombono weJerusalema Elisha kusAmbulo (cishe ngo-96 C.E.), wabona amatshe ayisisekelo angu-12 aqoshwe “amagama ayishumi nambili abaphostoli . . . abayishumi nambili.”a (IsAmbulo 21:14) UJehova wayeyazisa inkonzo yabo bonke abaphostoli, nakuba abanye ngokusobala bakwazi ukwenza okuningi kunabanye.
6. Emfanekisweni kaJesu womhlwanyeli, kwenzekani embewini ehlwanyelwa “enhlabathini ekahle,” futhi kuphakama miphi imibuzo?
6 Ngokufanayo, uJehova akafuni ngenkani isilinganiso esifanayo sokushumayela kithi sonke. UJesu wakubonisa lokhu emfanekisweni womhlwanyeli, owafanisa umsebenzi wokushumayela nokuhlwanyela imbewu. Imbewu yawela ezinhlotsheni ezingafani zenhlabathi, okufanekisela izinhlobo ezingafani zezimo zenhliziyo ezibonakaliswa yilabo abezwa isigijimi. “Kepha lowo ohlwanyelwe enhlabathini ekahle,” kuchaza uJesu, “lona yilowo ozwa izwi futhi awuthole umqondo walo, osithelayo ngempela isithelo futhi akhiqize, lona ngokuphindwe ngekhulu, lowo ngamashumi ayisithupha, lowayana ngamashumi amathathu.” (Mathewu 13:3-8, 18-23) Siyini lesi sithelo, futhi kungani sikhiqizwa ngokungalingani?
7. Siyini isithelo sembewu ehlwanyelwayo, futhi kungani sikhiqizwa ngokungalingani?
7 Njengoba imbewu ehlwanyelwayo ‘iyizwi lombuso,’ ukuthela izithelo kubhekisela ekusakazeni lelo lizwi, ukutshela abanye ngalo. (Mathewu 13:19) Izithelo ezikhiqiziwe azilingani—zisukela kweziphindwe ngamashumi amathathu ziye kweziphindwe ngekhulu—ngoba amakhono nezimo ekuphileni akufani. Umuntu onempilo enhle namandla angase akwazi ukuchitha isikhathi esiningi ekushumayeleni kunomuntu owohlozwe ukugula okungelapheki noma ukukhula ngeminyaka. Umuntu osemusha ongashadile ongenamithwalo yomkhaya angase akwazi ukwenza okuningi kunomuntu okudingeka asebenze isikhathi esigcwele ukuze ondle umkhaya.—Qhathanisa nezAga 20:29.
8. UJehova ubabheka kanjani labo abapha ngokungcono kakhulu umphefumulo wabo ongaphana ngakho?
8 Ngokombono kaNkulunkulu, ingabe umuntu okhonza ngomphefumulo wonke okhiqiza ngokuphindwe ngamashumi amathathu akazinikele kakhulu njengalowo okhiqiza ngokuphindwe ngekhulu? Lutho neze! Ubuningi bezithelo bungase bushiyane, kodwa uJehova uyajabula uma nje inkonzo esiyinikelayo ingokungcono kakhulu okunganikezwa yimiphefumulo yethu. Khumbula, izithelo ezingalingani ngobuningi zonke zivela ezinhliziyweni ‘eziyinhlabathi ekahle.’ Igama lesiGreki (elithi ka·losʹ) elihunyushwe ngokuthi “ekahle” lichaza okuthile “okuhle” “okwenamisa inhliziyo, nokujabulisa amehlo.” Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi lapho senza okungcono kakhulu esingakwenza, inhliziyo yethu yinhle emehlweni kaNkulunkulu!
Asiqhathaniswa Nabanye
9, 10. (a) Yiluphi uhlobo lokucabanga okungaqondile inhliziyo yethu engase isiholele kulo? (b) Umfanekiso okweyoku-1 Korinte 12:14-26 ubonisa kanjani ukuthi uJehova akasiqhathanisi nabanye kwesikwenzayo?
9 Nokho, inhliziyo yethu engaphelele ingase ihlaziye izinto ngendlela ehlukile. Ingase iqhathanise inkonzo yethu neyabanye. Ingase icabange, ‘Abanye benza okuningi kakhulu enkonzweni kunami. UJehova angayijabulela kanjani inkonzo yami?’—Qhathanisa neyoku-1 Johane 3:19, 20.
10 Imicabango nezindlela zikaJehova kuphakeme kakhulu kunokwethu. (Isaya 55:9) Kweyoku-1 Korinte 12:14-26, sithola umbono wendlela uJehova ayibheka ngayo imizamo yethu ngabanye, lapho ibandla lifaniswa khona nomzimba onamalungu amaningi—amehlo, izandla, izinyawo, izindlebe, njalonjalo. Ake uthi ukucabanga ngomzimba ongokoqobo. Yeka ukuthi bekungaba okungenangqondo kanjani ukuqhathanisa amehlo akho nezandla zakho noma izinyawo zakho nezindlebe zakho! Isitho ngasinye senza umsebenzi ohlukile, kodwa zonke lezi zitho ziwusizo futhi ziyaziswa. Ngokufanayo, uJehova uyayazisa inkonzo yakho yomphefumulo wonke kungakhathaliseki ukuthi abanye benza okwengeziwe noma benza okungaphansi.—Galathiya 6:4.
11, 12. (a) Kungani abanye bengase babe nomuzwa wokuthi ‘babuthakathaka kakhudlwana’ noma ‘abahloniphekile kangako’? (b) UJehova uyibheka kanjani inkonzo yethu?
11 Ngenxa yokulinganiselwa okubangelwa impilo ebuthaka, ukukhula ngeminyaka, noma ezinye izimo, ngezinye izikhathi abanye bethu bangase babe nomuzwa wokuthi ‘babuthakathaka kakhudlwana’ noma ‘abahloniphekile kangako.’ Kodwa akuyona indlela uJehova abheka ngayo izinto leyo. IBhayibheli liyasitshela: “Lawomalungu omzimba abonakala sengathi abuthakathaka kakhudlwana ayadingeka, nezingxenye . . . esicabanga ukuthi azihloniphekile kangako, yizo esizibiyela ngodumo olukhulu ngokwengeziwe . . . Noma kunjalo, uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika ingxenye eyayintula udumo olukhulu ngokwengeziwe.” (1 Korinte 12:22-24) Ngakho umuntu ngamunye angathandeka kuJehova. Uyayazisa inkonzo esiyenza ngokuvumelana nokulinganiselwa kwethu. Ingabe inhliziyo yakho ayikushukumiseli ukuba ufune ukwenza konke ongakwenza ekukhonzeni uNkulunkulu oqondayo nonothando kanjalo?
12 Khona-ke, akukhathalelayo uJehova akukhona ukuthi wenza okungangokomunye, kodwa ukuthi wenza lokho wena—umphefumulo wakho—ongakwenza yini. Ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yethu ngabanye kwabonakala ngendlela ethinta inhliziyo ekusebenzelaneni kukaJesu nabesifazane ababili ababengafani nakancane phakathi nezinsuku zokugcina zokuphila kwakhe emhlabeni.
Isipho ‘Esibiza Kakhulu’ Sowesifazane Onokwazisa
13. (a) Kwakwenzekani ngesikhathi uMariya eqhola ikhanda nezinyawo zikaJesu ngamafutha anamakha? (b) Ayebiza kangakanani amafutha kaMariya?
13 NgoLwesihlanu kusihlwa, ngo-Nisan 8, uJesu wafika eBethaniya, umuzana omncane osemthambekeni ongasempumalanga weNtaba Yeminqumo, cishe amakhilomitha amathathu ukusuka eJerusalema. UJesu wayenabangane ayebathanda kulomuzana—uMariya, uMarta, nomfowabo, uLazaru. UJesu wa-yeke wabavakashela ekhaya labo, mhlawumbe kaningana. Kodwa ngoMgqibelo kusihlwa, uJesu nabangane bakhe badlela ekhaya likaSimoni owayekade enochoko, okungenzeka waphulukiswa uJesu. Njengoba uJesu ayehlezi etafuleni, uMariya wenza isenzo sokuthobeka esibonisa uthando lwakhe olujulile ngalendoda eyayivuse umfowabo ekufeni. Wavula umfuma onamafutha anamakha, “ayebiza kakhulu.” Ayebiza ngempela! Ayengodenariyu abangu-300, elingana cishe nomholo wonyaka. Wathela lamafutha anamakha ekhanda likaJesu nasezinyaweni zakhe. Waze wasula nezinyawo zikaJesu ngezinwele zakhe.—Marku 14:3; Luka 10:38-42; Johane 11:38-44; 12:1-3.
14. (a) Basabela kanjani abafundi esenzweni sikaMariya? (b) UJesu wamvikela kanjani uMariya?
14 Abafundi bathukuthela! ‘Okwani lokhukuchitha?’ bebuza. UJuda, efihla isifiso sakhe sokweba ngokusikisela ukusiza abaswele, wathi: “Kungani lamafutha anamakha engathengiswanga ngodenariyu abangamakhulu amathathu futhi baphiwa abantu abampofu?” UMariya wayelokhu ethule. Nokho, uJesu watshela abafundi: “Myekeni. Kungani nizama ukumkhathaza? Wenze isenzo esihle [isimo selithi ka·losʹ] kimi. . . . Wenze abengakwenza; uthathe kusengaphambili umsebenzi wokuqhola umzimba wami ngamafutha anamakha ngokucabangela ukungcwatshwa. Ngiqinisile ngithi kini, Nomaphi lapho izindaba ezinhle zishunyayelwa khona ezweni lonke, lokho lona wesifazane akwenzile nakho kuzokhulunywa ngakho njengesikhumbuzo sakhe.” Yeka indlela ukufudumala kwamazwi kaJesu okumelwe ukuba kwayizolisa ngayo inhliziyo kaMariya!—Marku 14:4-9; Johane 12:4-8.
15. Kungani kwamthinta kangaka uJesu lokho okwakwenziwe uMariya, futhi sifundani kulokho ngenkonzo yomphefumulo wonke?
15 UJesu kwamthinta ngokujulile lokho okwenziwa uMariya. Ngokubona kukaJesu, wayenze isenzo esitusekayo. Kwakungekhona ukubiza kwesipho okwakubalulekile kuJesu kodwa kwakuwukuthi ‘wenza ayengakwenza.’ Wabamba ithuba wapha ngalokho ayengaphana ngakho. Ezinye izinguqulo ziye zahumusha lamazwi ngokuthi, “Wenze konke abengakwenza,” noma, “Wenze obekusemandleni akhe.” (An American Translation; The Jerusalem Bible) Ukupha kukaMariya kwakungokomphefumulo wonke ngoba wapha ngokungcono kakhulu kwakhe. Yilokho okushiwo inkonzo yomphefumulo wonke.
“Izinhlamvu Zemali Ezimbili Ezincane” Zomfelokazi
16. (a) Kwenzeka kanjani ukuba uJesu aphawule umnikelo womfelokazi ompofu? (b) Zazinenani elingakanani izinhlamvu zemali zomfelokazi?
16 Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngo-Nisan 11, uJesu waba nosuku olude esethempelini, lapho kwakunemibuzo ngegunya analo futhi waphendula imibuzo enzima mayelana nentela, uvuko, nezinye izinto. Phakathi kwezinye izinto asola ababhali nabaFarisi ngazo ‘kwakuwukushwabadela izindlu zabafelokazi.’ (Marku 12:40) UJesu wabe esehlala phansi, ngokusobala eGcekeni Labesifazane, lapho ngokwesiko lamaJuda kwakunamabhokisi angu-13 omcebo. Wahlala isikhashana, ebukisisa njengoba abantu babefaka iminikelo yabo. Kwafika abantu abaningi abacebile, mhlawumbe abanye bebonakala bezibona belungile, bebukisa nokubukisa. (Qhathanisa noMathewu 6:2.) Amehlo kaJesu anamathela kowesifazane othile. Umuntu ovamile wayengase angaboni lutho oluphawulekayo ngesipho sakhe. Kodwa uJesu, owayekwazi ukubona izinhliziyo zabanye, wazi ukuthi ‘wayengumfelokazi ompofu.’ Walazi nenani eliqondile lesipho sakhe—“izinhlamvu zemali ezimbili ezincane, ezinenani elincane kakhulu.”b—Marku 12:41, 42.
17. UJesu wawubheka kanjani umnikelo womfelokazi, futhi kanjalo sifundani ngokunikela kuNkulunkulu?
17 UJesu wabizela abafundi bakhe kuye, ngoba wayefuna bazibonele ngawabo isifundo ayesezosifundisa. “Ukhalakathisele okungaphezulu kunabo bonke labo abakhalakathisela imali emabhokisini omcebo,” kusho uJesu. Ngokubona kukaJesu, lomfelokazi wayefake okungaphezu kwabo bonke abanye behlangene. Wanikela ‘ngakho konke ayenakho’—imadlana yakhe yokugcina. Ngokwenza kanjalo, wazibeka ezandleni zikaJehova ezinakekelayo. Umuntu owabalulwa ngalendlela njengesibonelo sokupha uNkulunkulu yilowo osipho sakhe sasingelutho ngokwenani lemali. Nokho, emehlweni kaNkulunkulu sasinenani elingenakuqhathaniswa!—Marku 12:43, 44; Jakobe 1:27.
Ukufunda Embonweni KaJehova Ngenkonzo Yomphefumulo Wonke
18. Sifundani ekusebenzelaneni kukaJesu nabesifazane ababili?
18 Endleleni uJesu asebenzelana ngayo nalaba besifazane ababili, sifunda izifundo ezijabulisayo ngendlela uJehova abheka ngayo inkonzo yomphefumulo wonke. (Johane 5:19) UJesu akazange aqhathanise umfelokazi noMariya. Wazazisa izinhlamvu ezimbili zemali zomfelokazi ngokulinganayo namafutha kaMariya “ayebiza kakhulu.” Njengoba owesifazane ngamunye anikela ngokungcono kakhulu kwakhe, emehlweni kaNkulunkulu zombili izipho zabo zazinenani elikhulu. Ngakho uma uba nemizwa yokungafaneleki ngenxa yokuthi awukwazi ukwenza konke ofuna ukukwenza ekukhonzeni uNkulunkulu, ungadangali. UJehova uyakujabulela ukwamukela okungcono kakhulu onganikela ngakho. Khumbula, uJehova “ubheka okusenhliziyweni,” ngakho ukuqaphela ngokugcwele okulangazelelwa inhliziyo yakho.—1 Samuweli 16:7.
19. Kungani kungafanele sahlulele lokho abanye abakwenzayo ekukhonzeni uNkulunkulu?
19 Umbono kaJehova ngenkonzo yomphefumulo wonke kufanele uthonye indlela esibhekana nesiphathana ngayo. Yeka indlela obekungaba okungenaluthando ngayo ukugxeka imizamo yabanye noma ukuqhathanisa inkonzo yomunye umuntu neyomunye! Ngokudabukisayo, omunye umKristu wabhala: “Ngezinye izikhathi abanye benza kube sengathi kuphakathi kokuthi uyiphayona noma awuyinto yalutho. Phakathi kwethu, labo abazabalazela ukuba baqhubeke nje bengabamemezeli boMbuso abaphuma njalo nabo bayakudinga ukuzizwa baziswa.” Masikhumbule ukuthi asigunyaziwe ukwahlulela ukuthi yini eyinkonzo yomphefumulo wonke kumKristu esikanye naye. (Roma 14:10-12) UJehova uyayazisa inkonzo yomphefumulo wonke yomunye nomunye wabamemezeli boMbuso abakholekile abayizigidi, nathi kufanele siyazise.
20. Ngokuvamile kungcono ukucabanga ngayiphi indlela ngabakhulekeli esikanye nabo?
20 Nokho, kuthiwani uma abanye bebonakala benza okungaphansi kwabangakwenza enkonzweni? Ukwehla komsebenzi wesikholwa naye kungase kubonise abadala abakhathalelayo ukuthi kunesidingo sosizo noma isikhuthazo. Ngesikhathi esifanayo, akumelwe sikhohlwe ukuthi kwabanye, inkonzo yomphefumulo wonke ingase ifane kakhulu nezinhlamvu zemali ezincane zomfelokazi kunamafutha kaMariya abizayo. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukuthatha ngokuthi abafowethu nodadewethu bayamthanda uJehova nokuthi uthando olunjalo luyobashukumisela ukuba benze okuningi—hhayi okuncane—ngangokunokwenzeka. Ngokuqinisekile ayikho inceku kaJehova enonembeza oqotho engakhetha ukwenza okungaphansi kwengakwenza ekukhonzeni uNkulunkulu!—1 Korinte 13:4, 7.
21. Yimuphi umsebenzi ovuzayo abanye abawuphishekelayo, futhi kuphakama miphi imibuzo?
21 Nokho, kwabaningi babantu bakaNkulunkulu, inkonzo yomphefumulo wonke iye yasho ukuphishekela umsebenzi ovuza kakhulu—inkonzo yobuphayona. Yiziphi izibusiso abazitholayo? Futhi kuthiwani ngalabo phakathi kwethu abangakakwazi ukuphayona—singawubonisa kanjani umoya wokuphayona? Lemibuzo izodingidwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Njengoba uMathiya angena esikhundleni sikaJuda njengomphostoli, kwakuyoba negama lakhe—hhayi elikaPawulu—phakathi kwalawo ayesematsheni ayisisekelo angu-12. Nakuba uPawulu ayengumphostoli, wayengeyena omunye wabangu-12.
b Ngalunye lwalezi zinhlamvu zemali lwaluyi-lepton, uhlamvu lwamaJuda oluncane kunazo zonke olwalusetshenziswa ngaleso sikhathi. Ama-lepton amabili ayelingana nengxenye eyodwa kwezingu-64 zomholo wosuku. NgokukaMathewu 10:29, ngohlamvu lwemali i-assarion (olulingana nama-lepton angu-8), umuntu wayengathenga ondlunkulu ababili, ababephakathi kwezinyoni ezishibhe kunazo zonke ezazisetshenziswa abampofu njengokudla. Ngakho lomfelokazi wayempofu ngempela, ngoba wayenemali eyingxenye nje yedingekayo ukuze athenge undlunkulu owodwa, yayingalanele nepuleti elilodwa.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke?
◻ Umfanekiso okweyoku-1 Korinte 12:14-26 ubonisa kanjani ukuthi uJehova akasiqhathanisi nabanye?
◻ Sifundani ngokupha ngomphefumulo wonke emazwini kaJesu mayelana namafutha kaMariya abizayo nezinhlamvu zemali ezimbili zomfelokazi?
◻ Umbono kaJehova ngenkonzo yomphefumulo wonke kufanele uyithonye kanjani indlela esibhekana ngayo?
[Isithombe ekhasini 15]
UMariya wapha ngokungcono kakhulu kwakhe, eqhola umzimba kaJesu ngamafutha “ayebiza kakhulu”
[Isithombe ekhasini 16]
Izinhlamvu zemali zomfelokazi—zazingelutho ngokwenani lemali kodwa zazinenani elingenakuqhathaniswa emehlweni kaJehova