-
‘Ukuthola Iparele Elilodwa Lenani Eliphakeme’INqabayokulinda—2005 | Febhuwari 1
-
-
‘Ukuthola Iparele Elilodwa Lenani Eliphakeme’
“Umbuso wamazulu uwumgomo abantu abaphikelelé kuwo, futhi labo abaphikelela phambili bayawuqhwaga.”—MATHEWU 11:12.
1, 2. (a) Iyiphi imfanelo engavamile uJesu ayiveza komunye wemizekeliso yakhe yoMbuso? (b) Wathini uJesu emzekelisweni weparele lenani eliphakeme?
IKHONA into oyazisa kangangokuthi ungadela konke onakho ukuze uyithole? Nakuba abantu bekhuluma ngokuzinikela ekuphishekeleni kwabo umgomo othile—imali, udumo, igunya, noma isikhundla—akuvamile ukuba umuntu athole into efiseleka kangangokuba azimisele ukudela konke ngenxa yayo. UJesu Kristu wakhuluma ngale mfanelo engavamile kodwa etusekayo komunye wemizekeliso yakhe eminingi ecabangisayo mayelana noMbuso kaNkulunkulu.
2 Lowo umzekeliso, noma umfanekiso, ophathelene neparele lenani eliphakeme uJesu awulandisa abafundi bakhe ngasese. Nakhu uJesu akusho: “Umbuso wamazulu unjengomthengisi ohambahambayo ofuna amaparele amahle. Lapho ethola iparele elilodwa lenani eliphakeme, wahamba wathengisa masinyane zonke izinto ayenazo wayeselithenga.” (Mathewu 13:36, 45, 46) Yini uJesu ayefuna izilaleli zakhe ziyifunde kulo mfanekiso? Futhi singazuza kanjani emazwini akhe?
Amaparele Enani Eliphakeme
3. Kungani amaparele amahle ayaziswa kangaka endulo?
3 Kusukela endulo, amaparele abelokhu aziswa njengezinto zokuhlobisa. Enye incwadi ithi ngokwesazi esingumRoma uPliny Omdala, amaparele “ayedla ubhedu kuzo zonke izinto ezaziswayo.” Ngokungafani negolide, isiliva, noma amatshe amaningi ayigugu, amaparele akhiqizwa izinto eziphilayo. Kuyinto eyaziwayo ukuthi izinhlobo ezithile zama-oyster zikwazi ukuguqula izinto ezizihluphayo—ngokwesibonelo, izingcezwana ezincane zamatshe—zibe amaparele akhazimulayo ngokuzigcoba ngokuphindaphindiwe ngongwengwezi loketshezi okuthiwa i-nacre. Endulo, amaparele amahle ayetholakala ngokuyinhloko oLwandle Olubomvu, ePersian Gulf, nase-Indian Ocean—kude nezwe lakwa-Israyeli. Akungabazeki ukuthi yilesi isizathu esenza uJesu wakhuluma ‘ngomthengisi ohambahambayo ofuna amaparele amahle.’ Kudinga umzamo omkhulu ukuthola amaparele enani ngempela.
4. Isiphi okuyisona sifundo somzekeliso kaJesu womthengisi ohambahambayo?
4 Nakuba sekuyisikhathi eside amaparele amahle ebiza kakhulu, kusobala ukuthi akukhona ukubiza kwawo okwakuyisona sifundo somzekeliso kaJesu. Kulo mzekeliso, uJesu akazange nje afanise uMbuso kaNkulunkulu neparele lenani eliphakeme; wakhuluma ngokuyinhloko ‘ngomthengisi ohambahambayo ofuna amaparele amahle’ nangalokho akwenza lapho elithola. Ngokungafani nomnini-sitolo ovamile, umthengisi wamaparele ohambahambayo wayengungoti kulo msebenzi, umuntu oneso elibukhali noma ukuqonda okudingekayo ukuze abone ubuhle nezici ezifihlekile ezenza iparele libe elingavamile. Wayekwazi ukulibona iparele langempela uma liphambi kwakhe futhi wayengeke aluthwa amaparele-mbumbulu noma ezinga eliphansi.
5, 6. (a) Yini ephawuleka ngokukhethekile ngomthengisi womzekeliso kaJesu? (b) Umzekeliso wengcebo efihliwe wembulani ngomthengisi ohambahambayo?
5 Kukhona enye into ephawulekayo ngalo mthengisi. Umthengisi ovamile nje angase aqale ngokuzama ukuthola ukuthi lingathengiswa ngamalini iparele ukuze abone ukuthi angalikhokhela malini ukuze athole inzuzo. Angase abheke nokuthi bakhona yini abangalithenga ukuze alithengise masinyane. Ngamanye amazwi, angakhathalela ukuthola inzuzo esheshayo, hhayi nje ukuba neparele. Kodwa kwakungenjalo ngomthengisi womzekeliso kaJesu. Wayengakhathalele inzuzo yemali. Eqinisweni, wayezimisele ukudela “zonke izinto ayenazo”—cishe yonke impahla yakhe—ukuze athole lokho ayekufuna.
6 Ngokwabathengisi abaningi, okwenziwa yilo muntu womzekeliso kaJesu cishe kwakuwubuwula. Usomabhizinisi ohlakaniphile akanakulokotha enze isenzo esinjalo. Kodwa lo mthengisi womzekeliso kaJesu wayenezindinganiso ezihlukile. Umvuzo wakhe wawungekhona ukuthola imali kodwa wawuyinjabulo nokwaneliseka kokuba nento yenani elingenakuqhathaniswa. Leli phuzu licaciswa komunye umfanekiso ofana nalona uJesu awulandisa. Wathi: “Umbuso wamazulu unjengomcebo ofihlwe esigangeni, umuntu awuthola wawufihla; futhi ngenxa yenjabulo anayo uyahamba ayothengisa lokho anakho athenge leso siganga.” (Mathewu 13:44) Yebo, injabulo yokuthola le ngcebo nokuba nayo yayanele ukuba yenze le ndoda idele konke eyayinakho. Bakhona yini abantu abanjalo namuhla? Ikhona yini ingcebo efanelwe ukuzidela okunjalo?
Labo Abakubona Ukuphakama Kwenani
7. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayekubona ngokucacile ukuphakama kwenani loMbuso?
7 Lapho elandisa lo mzekeliso wakhe, uJesu wayekhuluma ‘ngombuso wamazulu.’ Naye ngokwakhe wayekuqonda ngempela ukuphakama kwenani loMbuso. Ukulandisa kwamaVangeli kulifakazela ngokuqinile lelo qiniso. Ngemva kokubhapathizwa kwakhe ngo-29 C.E., uJesu “waqala ukushumayela ethi: ‘Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.’” Iminyaka emithathu nengxenye, wafundisa izixuku ngoMbuso. Walidabula lonke izwe, ‘ehamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.’—Mathewu 4:17; Luka 8:1.
8. Yini uJesu ayenza ukuze abonise lokho okuzokwenziwa uMbuso?
8 Ngokwenza izimangaliso eziningi kulo lonke izwe—ezazihlanganisa nokuphulukisa abagulayo, ukupha abalambile ukudla, ukukhuza isimo sezulu, ngisho nokuvusa abafileyo—uJesu wabonisa nalokho okuzofezwa uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 14:14-21; Marku 4:37-39; Luka 7:11-17) Ekugcineni, wafakazela ubuqotho bakhe kuNkulunkulu naseMbusweni ngokunikela ngokuphila kwakhe, wafela ukholo esigxotsheni sokuhlushwa. Njengoba nje lowaya mthengisi ohambahambayo adela konke ayenakho ukuze athole “iparele . . . lenani eliphakeme,” uJesu wawuphilela futhi wawufela uMbuso.—Johane 18:37.
9. Iyiphi imfanelo engavamile eyabonakala kubafundi bakaJesu bokuqala?
9 UJesu akagcinanga nje ngokugxilisa ukuphila kwakhe eMbusweni kodwa futhi wakha iqembu elincane labalandeli. Nalaba kwakungabantu ababelibona ngokucacile inani eliphakeme loMbuso. Omunye wabo kwakungu-Andreya, owayekade engumfundi kaJohane uMbhapathizi. Lapho bezwa ubufakazi bukaJohane bokuthi uJesu ‘uyiWundlu likaNkulunkulu,’ u-Andreya nomunye wabafundi bakaJohane, okungenzeka kwakungenye yamadodana kaZebedewu, nayo okwakunguJohane, balandela uJesu ngokushesha baba amakholwa. Kodwa akugcinanga lapho. Ngaso leso sikhathi, u-Andreya waya kumfowabo uSimoni wathi kuye: “Simtholile uMesiya.” Ngokushesha, uSimoni (owaziwa ngokuthi uKhefase, noma uPetru) kanye noFiliphu nomngane wakhe, uNathanayeli, nabo baqaphela ukuthi uJesu unguMesiya. Eqinisweni uNathanayeli washukumiseleka ukuba athi kuJesu: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi yakwa-Israyeli.”—Johane 1:35-49.
Bashukumiseleka Ukuba Bathathe Isinyathelo
10. Benzenjani abafundi lapho uJesu efika ebabiza ngemva kwesikhathi esithile ehlangane nabo okokuqala?
10 Injabulo ka-Andreya, uPetru, uJohane nabanye lapho bethola uMesiya, ingafaniswa nenjabulo yomthengisi ohambahambayo lapho ethola iparele lenani eliphakeme. Yini manje ababezoyenza? AmaVangeli awasitsheli okuningi ngokuthi yini abayenza ngemva nje kwalokhu kuhlangana kwabo kokuqala noJesu. Kubonakala sengathi abaningi babo babuyela ekuphileni kwabo okuvamile. Nokho, ngemva kwesikhathi esingaba izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni, uJesu waphinda futhi wahlangana no-Andreya, uPetru, uJohane nomfowabo kaJohane uJakobe besemsebenzini wabo wokudoba oLwandle LwaseGalile.a Lapho ebabona, uJesu wathi: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.” Benzenjani? Ukulandisa kukaMathewu kuthi ngoPetru no-Andreya: ‘Beshiya amanetha ngaso leso sikhathi, bamlandela.’ NgoJakobe noJohane sifunda lokhu: “Beshiya isikebhe kanye noyise ngaso leso sikhathi, bamlandela.” Ukulandisa kukaLuka kunezela ukuthi “bashiya konke bamlandela.”—Mathewu 4:18-22; Luka 5:1-11.
11. Yini okungenzeka yabangela ukuba abafundi basabele ngokushesha lapho uJesu ebabiza?
11 Ingabe lokhu kusabela kwabafundi okusheshayo kwakuyisinqumo sokuthatheka? Lutho! Nakuba babuyela emabhizinisini akubo okudoba ngemva kokuhlangana kwabo kokuqala noJesu, akungabazeki ukuthi ababekubonile nababekuzwile ngaleso sikhathi kwakubathinte kakhulu ezinhliziyweni nasezingqondweni. Ukudlula kwesikhathi esicishe sibe unyaka kwakuyobanika isikhathi esanele sokuzindla ngalezo zinto. Manje kwase kuyisikhathi sokwenza isinqumo. Ingabe babezofana nomthengisi ohambahambayo onhliziyo yakhe yashukunyiswa ukuthola iparele lenani elikhulu kangangokuthi ‘wahamba masinyane’ wenza lokho okwakumelwe akwenze ukuze athenge lelo parele? Yebo. Ababekubonile futhi bakuzwa kwazithinta izinhliziyo zabo. Baqaphela ukuthi sase sifikile isikhathi sokuthatha isinyathelo. Ngakho, njengoba ukulandisa kusitshela, ngaphandle kokunqikaza, badela konke baba abalandeli bakaJesu.
12, 13. (a) Basabela kanjani abaningi abezwa uJesu? (b) UJesu wathini ngabafundi bakhe abathembekile, futhi asikiselani amazwi akhe?
12 Yeka ukuthi babehluke kanjani laba abathembekile kwabanye abashiwo kamuva emaVangelini! Baningi uJesu abelapha noma wabapha ukudla kodwa abavele baziqhubekela nokuphila kwabo. (Luka 17:17, 18; Johane 6:26) Abanye benqaba nokwenqaba lapho uJesu ebabiza ukuba babe abalandeli bakhe. (Luka 9:59-62) Ngokungafani nalabo, kamuva uJesu wathi ngalaba abathembekile: “Kusukela ezinsukwini zikaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wamazulu uwumgomo abantu abaphikelelé kuwo, futhi labo abaphikelela phambili bayawuqhwaga.”—Mathewu 11:12.
13 ‘Phikelela,’ ‘phikelela phambili’—asho ukuthini la magama? Ngokuqondene nesenzo sesiGreki okuthathwe kuso la magama, i-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words ithi: “Lesi senzo sisikisela umzamo wamandla.” Futhi ngokuqondene naleli vesi, isazi seBhayibheli uHeinrich Meyer sithi: “Kuchazwa kanjalo lokho kulwela nokuzabalazela [komuntu] ngomdlandla umbuso ozayo kaMesiya, [ukuwuzabalazela] ngendlela enganqandeki . . . Isithakazelo [sakhe] embusweni sikhulu futhi sinamandla (akusesona nje esomuntu olinde ngokuthula).” Njengomthengisi ohambahambayo, laba bantu abambalwa basheshe bayibona into eyigugu ngempela, futhi badela konke ababenakho ngenxa yoMbuso.—Mathewu 19:27, 28; Filipi 3:8.
Nabanye Bahlanganyela Ekufuneni
14. UJesu wabalungiselela kanjani abaphostoli umsebenzi wokushumayela, waba yini umphumela?
14 Njengoba uJesu eqhubeka nenkonzo yakhe, waqeqesha futhi wasiza abanye ukuba bazame ukuthola uMbuso. Waqale wakhetha abangu-12 kubafundi bakhe wababiza ngokuthi abaphostoli, noma abathunywe nguye. Laba uJesu wabanika iziqondiso eziningiliziwe mayelana nokuthi bayenze kanjani inkonzo yabo wabanika nezixwayiso ngezinselele nobunzima ababezobhekana nabo. (Mathewu 10:1-42; Luka 6:12-16) Eminyakeni emibili noma ngaphezudlwana eyalandela, bahamba noJesu ekushumayeleni kwakhe kulo lonke izwe, bajabulela ubudlelwane obuseduze naye. Bezwa amazwi akhe, babona imisebenzi yakhe yamandla, babona nesibonelo sakhe. (Mathewu 13:16, 17) Akungabazeki ukuthi konke lokhu kwabathinta ngokujulile, kangangokuthi, njengomthengisi ohambahambayo, bawuphishekela ngentshiseko nangomphefumulo wonke uMbuso.
15. Yini uJesu athi iyisizathu sangempela sokuba abalandeli bakhe bajabule?
15 Ngaphandle kwabaphostoli abangu-12, uJesu ‘wakhetha abanye abangamashumi ayisikhombisa wabathuma ngababili ngaphambi kwakhe kuyo yonke imizi nezindawo yena ngokwakhe ayezofika kuzo.’ Wabatshela nangovivinyo nobunzima ababezobhekana nabo wabayala ukuba batshele abantu: “Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.” (Luka 10:1-12) Lapho bebuya laba abangu-70, babechichima injabulo futhi babikela uJesu: “Nkosi, ngisho namademoni ayasithobela ngokusebenzisa igama lakho.” Kodwa mhlawumbe okwabamangaza ukuthi uJesu wabembulela ukuthi babesazojabula nakakhulu ngenxa yokushisekela kwabo uMbuso. Wathi kubo: “Ningajabuli ngalokhu, ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulani ngenxa yokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”—Luka 10:17, 20.
16, 17. (a) Yini uJesu ayitshela abaphostoli bakhe abathembekile ngobusuku bokugcina enabo? (b) Amazwi kaJesu abajabulisa futhi abaqinisekisa kanjani abaphostoli?
16 Ekugcineni, ngobusuku bokugcina uJesu enabaphostoli bakhe, ngo-Nisani 14, 33 C.E., wamisa lokho kamuva okwaziwa ngokuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, wabayala ukuba basikhumbule lesi senzakalo. Ngalokho kuhlwa, uJesu watshela abangu-11 ababesele: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami; ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso nami, sokuba nidle futhi niphuze etafuleni lami embusweni wami, nihlale ezihlalweni zobukhosi ukuze nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.”—Luka 22:19, 20, 28-30.
17 Yeka injabulo nokwaneliseka okumelwe ukuba kwagcwala ezinhliziyweni zabaphostoli lapho bezwa lawo mazwi kaJesu! Babethenjiswa ilungelo elikhulu kunawo wonke angatholwa umuntu. (Mathewu 7:13, 14; 1 Petru 2:9) Njengalowo mthengisi ohambahambayo, babedele okuningi ukuze balandele uJesu befuna uMbuso. Manje babeqinisekiswa ukuthi ukuzidela kwabo kuze kube manje kwakungelona ize.
18. Ngaphandle kwabaphostoli abangu-11 obani abanye ababezogcina bezuzile eMbusweni?
18 Akubona bodwa abaphostoli ababenoJesu ngalobo busuku ababezozuza eMbusweni. Kwakuyintando kaJehova ukuba ingqikithi yabangu-144 000 ifakwe esivumelwaneni soMbuso ibe ababusi kanye noJesu Kristu eMbusweni okhazimulayo wasezulwini. Ngaphezu kwalokho, umphostoli uJohane wabona embonweni “isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, . . . simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, . . . sithi: ‘Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, nakulo iWundlu.’” Laba yizakhamuzi zasemhlabeni zalo Mbuso.b—IsAmbulo 7:9, 10; 14:1, 4.
19, 20. (a) Iliphi ithuba elivulekele abantu bazo zonke izizwe? (b) Imuphi umbuzo okuzoxoxwa ngawo esihlokweni esilandelayo?
19 Ngaphambi nje kokuba uJesu anyukele ezulwini, wayala abalandeli bakhe abathembekile: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:19, 20) Ngakho abantu bezizwe zonke babezoba abafundi bakaJesu Kristu. Nalaba babezobeka izinhliziyo zabo eMbusweni—ekutholeni umvuzo wasezulwini noma wasemhlabeni—njengoba kwenza umthengisi ohambahambayo ngeparele elihle.
20 UJesu wabonisa ukuthi umsebenzi wokwenza abafundi wawuzokwenziwa kuze kufike “isiphelo sesimiso sezinto.” Ngakho osukwini lwethu, basekhona yini abantu abanjengomthengisi ohambahambayo, abazimisele ukudela konke ngenxa yokuphishekela uMbuso kaNkulunkulu? Lo mbuzo kuzoxoxwa ngawo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Kungenzeka ukuthi uJohane, indodana kaZebedewu, walandela uJesu ngemva kokuhlangana kwabo kokuqala wabona ezinye zezinto ayezenza, okwenza wakwazi ukuziloba ngokucace kangaka eVangelini lakhe. (Johane, izahluko 2-5) Noma kunjalo, wabuyela ebhizinisini lakubo lokudoba isikhathi esithile ngaphambi kokuba uJesu ambize.
b Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isahluko 10 sencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
-
-
Ukuphishekela ‘Iparele Lenani Eliphakeme’ NamuhlaINqabayokulinda—2005 | Febhuwari 1
-
-
Ukuphishekela ‘Iparele Lenani Eliphakeme’ Namuhla
“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi.”—MATHEWU 24:14.
1, 2. (a) AmaJuda osuku lukaJesu ayezizwa kanjani ngoMbuso kaNkulunkulu? (b) Yini uJesu ayenza ukuze uMbuso uqondwe kahle, futhi kwaba namiphi imiphumela?
LAPHO uJesu efika emhlabeni, uMbuso kaNkulunkulu wawungundab’ uzekwayo kumaJuda. (Mathewu 3:1, 2; 4:23-25; Johane 1:49) Kodwa ekuqaleni iningi lawo lalingaqondi ngokugcwele ukuthi wawuzoba namandla negunya elingakanani; futhi lalingaqondi ukuthi wawuzoba uhulumeni wasezulwini. (Johane 3:1-5) Ngisho nabanye ababa abalandeli bakaJesu babengaqondi ngokugcwele ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu noma ukuthi kumelwe benzeni ukuze bathole isibusiso sokuba ababusi kanye noKristu.—Mathewu 20:20-22; Luka 19:11; IzEnzo 1:6.
2 Njengoba isikhathi siqhubeka, ngesineke uJesu wafundisa abafundi bakhe izifundo eziningi, kuhlanganise nomzekeliso weparele lenani eliphakeme esixoxe ngawo esihlokweni esandulele, ebabonisa ukubaluleka kokuba bazikhandle ekuphishekeleni uMbuso wasezulwini. (Mathewu 6:33; 13:45, 46; Luka 13:23, 24) Kumelwe ukuba lokhu kwazithinta kakhulu izinhliziyo zabo ngoba ngokushesha base bengabamemezeli abakhuthele nabanesibindi bezindaba ezinhle zoMbuso ezingxenyeni ezikude zomhlaba, okufakazelwa kakhulu yincwadi yezEnzo.—IzEnzo 1:8; Kolose 1:23.
3. Ngokuqondene nesikhathi sethu, uJesu wathini ngoMbuso?
3 Namuhla-ke? Izigidi zabantu zisethubeni lokuthola izibusiso zepharadesi lasemhlabeni ngaphansi koMbuso. Esiprofethweni sakhe esibalulekile “sesiphelo sesimiso sezinto,” uJesu washo ngokuqondile: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:3, 14; Marku 13:10) Wachaza nokuthi lo msebenzi omkhulukazi kumelwe wenziwe naphezu kwezingqinamba nezinselele ezinkulu, ngisho noshushiso. Nokho, wanikeza lesi siqinisekiso: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:9-13) Konke lokhu kudinga ukuzidela nokuzinikela okufana nokomthengisi ohambahambayo womzekeliso kaJesu. Bakhona yini namuhla abantu ababonisa ukholo olunjalo nentshiseko ekuphishekeleni uMbuso?
Injabulo Yokuthola Iqiniso
4. Iqiniso loMbuso libathinta kanjani abantu namuhla?
4 Emzekelisweni kaJesu, umthengisi wajabula kakhulu lapho ethola lokho akubona ‘kuyiparele lenani eliphakeme.’ Leyo njabulo yamshukumisela ukuba enze konke ayengakwenza ukuze libe ngelakhe lelo parele. (Hebheru 12:1) Namuhla, iqiniso ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe nalo likhanga abantu futhi libashukumise ngokufanayo. Lokhu kusikhumbuza amazwi kaMfoweth’ u-A. H. Macmillan, owabhala ngokufuna kwakhe uNkulunkulu nenjongo yaKhe ngesintu, encwadini ethi Faith on the March. Wathi: “Ngitholé into izinkulungwane zabantu ezisayithola unyaka nonyaka. Laba abantu abanjengami nawe, ngoba bavela kuzo zonke izizwe, izinhlanga, nezizinda, futhi bayashiyashiyana ngobudala. Iqiniso alikhethi. Lidonsa zonke izinhlobo zabantu.”
5. Imiphi imiphumela emihle ebonakala embikweni wonyaka wenkonzo ka-2004?
5 Ukuthi lawo mazwi ayiqiniso kubonakala ngokuthi unyaka ngamunye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishukumisela amakhulu ezinkulungwane zabantu abanhliziyo ziqotho ukuba anikezele ukuphila kwawo kuJehova, enze intando yakhe. Kwenzeke okufanayo nangonyaka wenkonzo ka-2004, owaqala ngo-September 2003 waphela ngo-August 2004. Kulezo zinyanga ezingu-12, abantu abangu-262 416 babonisa obala ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. Lokhu kwenzeke emazweni angu-235, lapho oFakazi BakaJehova baqhuba khona izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-6 085 387 masonto onke ukuze basize abantu bazo zonke izizinda, abavela ezizweni eziningi, izinhlanga, nezilimi ukuba bathole iqiniso elinika ukuphila leZwi likaNkulunkulu.—IsAmbulo 7:9.
6. Yini ebangele ukwanda okuqhubekayo kule minyaka edlule?
6 Yini eyenze konke lokhu kwenzeka? Akungabazeki ukuthi nguJehova odonsela kuye laba bantu abathambekele ngokufanele. (Johane 6:65; IzEnzo 13:48) Kodwa futhi akufanele siweye umoya wokungazigodli nenkuthalo yalabo abaye bazidela ekuphishekeleni uMbuso. Lapho eseneminyaka engu-79 ubudala, uMfoweth’ uMacmillan wabhala: “Kusukela ngiqala ukuzwa ngezithembiso ezibhekiswe esintwini esigulayo nesifayo, ithemba lami kulokho okwambulwe yilowo myalezo weBhayibheli alizange lifiphale. Ngaso leso sikhathi ngazimisela ukuthola okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ukuze ngikwazi ukusiza abanye abanjengami, abafuna ulwazi ngoNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, nezinjongo zakhe ezinhle ngesintu.”
7. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa injabulo nokuzimisela kwalabo abathola iqiniso leBhayibheli?
7 Lokho kuzimisela kuyabonakala nasezincekwini zikaJehova namuhla. Ngokwesibonelo, cabanga ngoDaniela waseVienna, e-Austria. Wathi: “Kusukela ngisemncane, uNkulunkulu wayengumngane wami omkhulu. Ngangilokhu ngifuna ukwazi igama lakhe ngoba elithi ‘Nkulunkulu’ mina lalingangitsheli ngomuntu ongokoqobo. Kodwa kwadingeka ngilinde ngize ngibe neminyaka engu-17 ubudala, lapho kufika oFakazi BakaJehova ekhaya. Bachaza yonke into engangifuna ukuyazi ngoNkulunkulu. Ekugcineni, ngase ngilitholile iqiniso, futhi laliyisimangaliso! Ngangijabule kangangokuthi ngaqala ukushumayeza wonke umuntu.” Ngokushesha, intshiseko yakhe yamenza wahlekwa izingane afunda nazo. “Kodwa kimina kwakusengathi ngibona iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka,” kuqhubeka uDaniela, “ngoba ngangifundile ukuthi uJesu wathi abalandeli bakhe babeyozondwa futhi bashushiswe ngenxa yegama lakhe. Ngangingeve ngijabule futhi ngimangele.” Ngokushesha, uDaniela wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova, wabhapathizwa, futhi waqala ukuphishekela umgomo wenkonzo yezithunywa zevangeli. Ngemva kokushada, uDaniela nomyeni wakhe, uHelmut, baqala ukushumayela kubantu base-Afrika, abaseChina, abasePhilippines nabaseNdiya, eVienna. Manje uDaniela noHelmut bakhonza njengezithunywa zevangeli eningizimu-ntshonalanga Afrika.
Abayeki
8. Iyiphi enye yezindlela ezinemivuzo emihle abaningi abaye babonisa ngayo uthando lwabo ngoNkulunkulu nobuqotho babo eMbusweni wakhe?
8 Impela, inkonzo yezithunywa zevangeli ingenye yezindlela abantu bakaJehova namuhla ababonisa ngayo uthando lwabo ngoNkulunkulu nobuqotho babo eMbusweni wakhe. Njengomthengisi womzekeliso kaJesu, labo abangenela le nkonzo bazimisele ukuya ezindaweni ezikude ngenxa yoMbuso. Yebo, lezi zithunywa zevangeli aziyeli ukuyothola izindaba ezinhle zoMbuso; ziziyisa kubantu abasemajukujukwini omhlaba, zibafundise futhi zibasize babe abafundi bakaJesu Kristu. (Mathewu 28:19, 20) Emazweni amaningi, kudingeka zikhuthazelele izinkinga ezingavamile. Kodwa ukukhuthazela kwazo kunemivuzo emihle kakhulu.
9, 10. Ikuphi okuhlangenwe nakho okumnandi izithunywa zevangeli ezikutholayo ezindaweni ezikude, njengaseCentral African Republic?
9 Ngokwesibonelo, cabanga ngeCentral African Republic, lapho ngonyaka odlule inani lababeseSikhumbuzweni sokufa kukaKristu lalingu-16 184, okwacishe kwaliphinda kasikhombisa inani labamemezeli boMbuso kulelo zwe. Njengoba izindawo eziningi kulelo zwe zingenawo ugesi, abantu ngokuvamile bayenzela phandle imisebenzi yabo yansuku zonke, ngaphansi komthunzi wesihlahla. Ngakho kuyinto elindelekile ukuba nezithunywa zevangeli ziwenze kanjalo umsebenzi wazo—ziziqhubele phandle izifundo zeBhayibheli, ngaphansi komthunzi wesihlahla. Akukhona nje kuphela ukuthi phandle kuyakhanya futhi kupholile, kodwa futhi kunenye inzuzo. Abantu bakhona bayazithandela iBhayibheli, futhi ukuxoxa ngenkolo kuvame njengokuxoxa ngezemidlalo noma ngesimo sezulu kwamanye amazwe. Ngokuvamile abantu abadlula ngendlela bayakubona okwenzekayo, bese bevele bezohlanganyela esifundweni.
10 Ngakho, lapho esinye isithunywa sevangeli siqhuba isifundo seBhayibheli phandle, insizwa yangaphesheya komgwaqo yeza yafike yathi, njengoba yona yayingavakashelwanga, kufanele isithunywa sevangeli size nakuyo sizofunda nayo iBhayibheli. Yebo yayisho entshweni kulesi sithunywa sevangeli, futhi manje le nsizwa ithuthuka ngokushesha. Kulelo zwe, amaphoyisa avamile ukumisa oFakazi emgwaqweni, engabamiseli ukubabopha noma ukubahlawulisa, kodwa ukuze acele INqabayokulinda yamuva ne-Phaphama!, noma ukuze ababonge ngesihloko asijabulele kakhulu.
11. Naphezu kwezinkinga, izithunywa zevangeli ezingomakad’ ebona zizizwa kanjani ngenkonzo yazo?
11 Abaningi balabo abángenela inkonzo yezithunywa zevangeli eminyakeni engu-40 noma engu-50 edlule basaqhubeka bekhonza ngokwethembeka ensimini. Yeka isibonelo sokholo nokukhuthazela abayiso kithi sonke! Omunye umbhangqwana usukhonze ndawonye njengezithunywa zevangeli iminyaka engu-42 emazweni amathathu. Indoda ithi: “Beziba khona izinkinga. Ngokwesibonelo, salwa nomalaleveva iminyaka engu-35. Kodwa asikaze sizisole ngesinqumo sethu sokuba izithunywa zevangeli.” Inkosikazi iyanezela: “Kuhlale kukuningi kakhulu esibongayo ngakho. Insimu ayive imnandi, futhi kulula ukuqala izifundo zeBhayibheli. Lapho ubona izifundo ziza emihlanganweni futhi ziqala ukwazana, kuba sengathi kuhlangene umndeni isikhathi ngasinye.”
‘Zonke Izinto Bazishaya Indiva’
12. Kubonakala kanjani ukuthi umuntu ukwazisa ngempela ukubaluleka koMbuso?
12 Lapho umthengisi ohambahambayo ethola iparele lenani eliphakeme, “wahamba wathengisa masinyane zonke izinto ayenazo wayeselithenga.” (Mathewu 13:46) Lokhu kuzimisela ukulahlekelwa izinto ezingase zibhekwe njengeziyigugu kuyisimo salabo abawazisa ngempela uMbuso. Njengoba ayezokhazinyuliswa kanye noKristu eMbusweni, umphostoli uPawulu wathi: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.”—Filipi 3:8.
13. Umuntu othile waseCzech Republic walubonisa kanjani uthando lwakhe ngoMbuso?
13 Ngokufanayo, abaningi namuhla bazimisele ukwenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo ukuze bathole izibusiso zoMbuso. Ngokwesibonelo, ngo-October 2003, uthishanhloko oneminyaka engu-60 ubudala wesikole saseCzech Republic wathola insiza-kutadisha yeBhayibheli ethi Ulwazi Oluholelela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngemva kokuyifunda, waphuthuma wathinta oFakazi BakaJehova endaweni yakubo ukuze abe nesifundo seBhayibheli. Wathuthuka kahle ngokomoya, ngokushesha waqala ukuya kuyo yonke imihlangano yebandla. Kodwa kuthiwani ngomgomo wakhe wokukhankasela ukuba umphathi-dolobha nokuba yilungu lephalamende? Wakhetha ukungenela umkhankaso ohlukile—umkhankaso wokuthola ukuphila, njengommemezeli woMbuso. Wathi, “Ngakwazi ukuhambisela abafundi bami izincwadi zeBhayibheli eziningi.” Wabonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokucwiliswa emanzini emhlanganweni owawungo-July 2004.
14. (a) Izindaba ezinhle zoMbuso zibashukumisele ukuba benzeni abantu abaningi? (b) Imiphi imibuzo esangulukisayo ngamunye wethu angazibuza yona?
14 Izigidi zabanye emhlabeni wonke ziye zasabela ngendlela efanayo ezindabeni ezinhle zoMbuso. Ziye zaphuma ezweni elibi, zakhumula ubuntu bazo obudala, zashiya abangane bazo abadala, zayeka izinto zezwe ezaziziphishekela. (Johane 15:19; Efesu 4:22-24; Jakobe 4:4; 1 Johane 2:15-17) Kungani laba benza konke lokhu? Kungoba izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu bazazisa ngaphezu kwanoma yini abangayinikwa yilesi simiso sezinto. Ingabe wena uzizwa ngendlela efanayo ngezindaba ezinhle zoMbuso? Ingabe zikushukumisela ukuba wenze izinguquko ezidingekayo ukuze indlela yakho yokuphila, izinto ozibheka njengezibalulekile, nemigomo yakho, kuvumelane nalokho uJehova akufunayo? Ukwenza kanjalo kuyophumela ezibusisweni ezicebile, manje nasesikhathini esizayo.
Ukuvuna Kufinyelela Umvuthwandaba
15. Yini okwaprofethwa ukuthi abantu bakaNkulunkulu bayoyenza ezinsukwini zokugcina?
15 Umhubi wabhala: “Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.” Labo abaye bazinikela bahlanganisa “neqembu . . . lezinsizwa elinjengamaconsi amazolo” kanye ‘nebutho elikhulu labesifazane abalandisa izindaba ezinhle.’ (IHubo 68:11; 110:3) Uye waba yini umphumela wenkuthalo nokuzidela kwabantu bakaJehova—abesilisa nabesifazane, abancane nabadala—kulezi zinsuku zokugcina?
16. Nikeza isibonelo sendlela izinceku zikaNkulunkulu ezizama ngayo ukusiza abanye bazi ngoMbuso.
16 ENdiya iphayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele, lazibuza ukuthi abantu abayizithulu abangaphezu kwezigidi ezimbili kulelo zwe bangasizwa kanjani ukuba bazi ngoMbuso. (Isaya 35:5) Lanquma ukubhalisa esikoleni sokufunda ulimi lwezandla eBangalore. Lapho, lakwazi ukuxoxa nezithulu eziningi ngethemba loMbuso, futhi kwakhiwa amaqembu okutadisha iBhayibheli. Emasontweni ambalwa nje, abantu abangaphezu kwabangu-12 baqala ukuza emihlanganweni eHholo LoMbuso. Kamuva, edilini lomshado, leli phayona lahlangana nensizwa eyisithulu yaseCalcutta eyayinemibuzo eminingi, futhi yabonisa isithakazelo esikhulu sokwazi kabanzi ngoJehova. Kodwa kwakunenkinga. Le nsizwa kwakufanele iphindele eCalcutta ekude ngamakhilomitha angaba ngu-1 600, ukuze iyoqala ekolishi, kanti babengekho oFakazi abazi ulimi lwezandla khona. Ngemva komzamo omkhulu, uyise wayivumela ukuba iyofunda eBangalore kunaseCalcutta, ukuze ikwazi ukuqhubeka nesifundo sayo seBhayibheli. Yathuthuka kahle ngokomoya, kwathi cishe ngemva konyaka yanikezela ukuphila kwayo kuJehova. Nayo yabe isifundela ezinye izithulu eziningana iBhayibheli, kuhlanganise nomngane eyakhula naye. Ihhovisi legatsha laseNdiya manje lihlela ukuba amaphayona afunde ulimi lwezandla ukuze asize kuleyo nsimu.
17. Yisho lokho okuthola kuthakazelisa ngokukhethekile embikweni wonyaka wenkonzo ka-2004 emakhasini 19 kuya ku-22.
17 Emakhasini 19 kuya ku-22 alo magazini, uzothola umbiko womhlaba wonke womsebenzi wasensimini woFakazi BakaJehova phakathi nonyaka wenkonzo ka-2004. Zinike isikhashana sokuwuhlola, uzibonele ubufakazi bokuthi abantu bakaJehova emhlabeni wonke bagxile kakhulu ekuphishekeleni ‘iparele lenani eliphakeme’ namuhla.
Qhubeka ‘Ufuna Kuqala Umbuso’
18. Yini uJesu angayishongo emzekelisweni womthengisi ohambahambayo, futhi ngani?
18 Uma siphindela emzekelisweni kaJesu womthengisi ohambahambayo, siphawula ukuthi uJesu akashongo lutho ngokuthi lo mthengisi wayezoziphilisa kanjani ngemva kokuthengisa konke ayenakho. Eqinisweni, abanye bangase babuze: ‘Lo mthengisi wayezokuthola kanjani ukudla, izembatho, nendawo yokuhlala njengoba manje ayengasenalutho angaphila ngalo? Lalizomsiza ngani lelo parele eliyigugu?’ Leyo yimibuzo enengqondo ngokombono wenyama. Kodwa uJesu akazange yini anxuse abafundi bakhe: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa”? (Mathewu 6:31-33) Iphuzu eliyinhloko lomzekeliso womthengisi yisidingo sokubonisa ukuzinikela ngenhliziyo yonke kuNkulunkulu nokushisekela uMbuso. Kukhona yini thina esingakufunda kulokhu?
19. Isiphi isifundo esiyinhloko esisifunda emzekelisweni kaJesu weparele lenani eliphakeme?
19 Kungakhathaliseki ukuthi sisanda kuzwa ngezindaba ezinhle ezimangalisayo noma sesinamashumi eminyaka siphishekela uMbuso futhi sitshela abanye ngezibusiso zawo, kumelwe siqhubeke sigxilise isithakazelo nokunaka kwethu eMbusweni. Yizikhathi ezinzima lezi, kodwa sinezizathu eziqinile zokukholelwa ukuthi lokho esikuphishekelayo kuyinto engokoqobo futhi engenakuqhathaniswa nalutho—njengeparele elatholwa umthengisi. Izenzakalo zezwe neziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Njengomthengisi ohambahambayo, masibonise ukuwushisekela ngenhliziyo yonke uMbuso kaNkulunkulu futhi silijabulele ilungelo lokumemezela izindaba ezinhle.—IHubo 9:1, 2.
-