Isahluko 57
Uzwela Ngabahluphekayo
NGEMVA kokusola abaFarisi ngamasiko abo okuzifunela okwabo, uJesu uyahamba nabafundi bakhe. Kungenzeka uyakhumbula ukuthi, esikhathini esingeside ngaphambili, umzamo wakhe wokuhamba nabo bayophumula isikhashana waphazamiseka lapho izixuku zibathola. Manje, enabafundi bakhe, uya ezifundeni zaseTire naseSidoni, amakhilomitha amaningi kuya ngasenyakatho. Lolu ngokusobala ukuphela kohambo uJesu aluthatha nabafundi bakhe ngalé kwemingcele yakwaIsrayeli.
Ngemva kokuthola indlu ababezohlala kuyo, uJesu ukwenza kwaziwe ukuthi akafuni muntu azi ukuthi bakuphi. Nokho, ngisho nakulesifunda sabangewona amaIsrayeli, akanakukubalekela ukuqashelwa. Owesifazane othile ongumGreki, ozalelwe lapha eFenike yaseSiriya, uyamthola abese eqala ukunxusa: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.” Nokho, uJesu akaphenduli ngazwi.
Ekugcineni, abafundi bakhe batshela uJesu: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.” Echaza isizathu sokungamnaki kwakhe, uJesu uthi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli.”
Nokho, lona wesifazane akadikibali. Usondela kuJesu azithobe phambi kwakhe. Uyancenga, “Nkosi, ngisize.”
Yeka ukuthi inhliziyo kaJesu kumelwe ukuba ishukunyiswa kanjani yilesicelo esiqotho salona wesifazane! Nokho, uphinde abhekisele emthwalweni wakhe wemfanelo wokuqala, ukukhonza abantu bakaNkulunkulu bakwaIsrayeli. Ngesikhathi esifanayo, ngokusobala ukuze avivinye ukholo lwakhe, usebenzisa umbono wobandlululo wamaJuda ngalabo bezinye izizwe, ethi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
Ngephimbo lakhe elinozwela nesimo sobuso, uJesu ngokuqinisekile uveza imizwa yakhe yokuba nesihe kwabangewona amaJuda. Uze ngisho athambise ukuqhathaniswa kwabeZizwe nezinja ngokubhekisela kubo ‘njengezinjana,’ noma imidlwane. Esikhundleni sokucasuka, lona wesifazane uthathela ekubhekiseleni kukaJesu obandlululweni lwamaJuda abese ephawula ngokuthobeka: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”
“O mame, kukhulu ukukholwa kwakho,” kuphendula uJesu. “Makube-kuwe njengokuthanda kwakho.” Futhi kuyenzeka! Lapho ebuyela ekhaya lakhe, uthola indodakazi yakhe isembhedeni, iphulukiswe ngokuphelele.
Besuka esifundeni esingasogwini saseSidoni, uJesu nabafundi bakhe badabula izwe, baya ngasesizalweni soMfula iJordani. Ngokusobala bawela iJordani cishe ngenhla koLwandle lwaseGalile futhi bangena esifundeni saseDekapholi empumalanga yolwandle. Sebelapho bakhuphuka intaba, kodwa izixuku ziyabathola futhi ziletha kuJesu izinyonga, abakhubazekile, izimpumputhe, nezimungulu, nabaningi abanezifo nabayizilima ngezinye izindlela. Babalahlela kahle ezinyaweni zikaJesu, futhi uyabaphulukisa. Abantu bayamangala, njengoba bebona izimungulu zikhuluma, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona; futhi badumisa uNkulunkulu kaIsrayeli.
UJesu unikeza enye indoda eyisithulu engakwazi neze ukukhuluma ukunakekela okukhethekile. Izithulu ngokuvamile ziphoxeka kalula, ikakhulukazi uma zisesixukwini. Kungenzeka ukuthi uJesu uyakubona ukungakhululeki kwalendoda. Ngakho ngozwela uJesu uyibizela ngasese bayasuka esixukwini. Lapho bebodwa, uJesu ubonisa lokho azoyenzela khona. Ufaka iminwe yakhe ezindlebeni zalendoda, futhi ngemva kokufela amathe, uthinta ulimi lwayo. Khona-ke, ebheka ngasezulwini, uJesu uyabubula abese ethi: “Vuleka!” Kulokho, amandla okuzwa alendoda ayabuyiselwa, futhi iyakwazi ukukhuluma kahle.
Lapho uJesu esenzé lokhu kuphulukisa okuningi, izixuku zisabela ngokwazisa. Zithi: “Wenzé kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.” Mathewu 15:21-31; Marku 7:24-37.
▪ Kungani uJesu engamphulukisi ngaso lesosikhathi umntwana wowesifazane ongumGreki?
▪ Ngemva kwalokho, uJesu ubayisaphi abafundi bakhe?
▪ UJesu uyiphatha kanjani ngozwela indoda eyisithulu futhi engakwazi ukukhuluma?