“Isibonakaliso Esivela Ezulwini”
ISISHO esidala esiphathelene nezulu sesiNgisi sithi: “Isibhakabhaka esibomvu ebusuku, amatilosi ayajabula,/Isibhakabhaka esibomvu ekuseni, amatilosi ayaxwaya.” Namuhla, ama-satellite, ukuhlola nge-computer izinga lokushisa okuthuthukisiwe, i-Doppler radar, kanye nezinye izindlela zesayensi kuyasetshenziswa ekubikezeleni izulu. Izibikezelo ngokuvamile ziyavumelana nesisho esisanda kucashunwa.
Izitha zikaJesu Kristu zenkolo zake zafuna ukuba azinike “isibonakaliso esivela ezulwini,” umbukiso ongavamile ofakazela ukuthi wayenguMesiya. “Kusihlwa,” esho, “nithi: Loba lisile, lokhu izulu libhejile; kuthi kusasa nithi: Namuhla, lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na? Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa-sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.”—Mathewu 16:1-4.
Izitha zikaJesu zazikwazi ukubikezela izulu kodwa zazehluleka ukuqonda izinto ezingokomoya. Ngokwesibonelo, kuthiwani ‘ngesibonakaliso sikaJona’? Ngemva kokuhlala cishe izinsuku ezintathu esiswini senhlanzi enkulu, umprofethi kaNkulunkulu uJona washumayela eNineve futhi ngaleyondlela waba isibonakaliso kulowomuzi owawuyinhloko-dolobha yase-Asiriya. Isizukulwane sikaJesu sasithola “isibonakaliso sikaJona” lapho uKristu ehlala izingxenye zezinsuku ezintathu ethuneni futhi wavuswa. Abafundi bakhe bamemezela ubufakazi balesosenzakalo, futhi kanjalo uJesu waba isibonakaliso kulesosizukulwane.—Mathewu 12:39-41.
Ngesinye isikhathi, abafundi bakaJesu bacela ukuba abanike “isibonakaliso [sokuba-khona, NW]” kwakhe kwesikhathi esizayo emandleni oMbuso. Ephendula, wanikeza isibonakaliso esiyinhlanganisela esakhiwa izici ezihlukahlukene, kuhlanganisa izimpi ezingenakuqhathaniswa, ukuzamazama komhlaba okukhulu, ukusweleka kokudla, kanye nokushumayela emhlabeni wonke ngoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini osumisiwe.—Mathewu 24:3-14.
Ingabe uyasibona isibonakaliso sokuba-khona kukaKristu njengeNkosi yasezulwini engabonakali? Izici zaso ziyagcwaliseka kulesizukulwane. (Mathewu 24:34) Futhi kuthiwani ngesikhathi esizayo? IBhayibheli alembuli nje kuphela ukuthi isiphelo salesimiso sezinto siseduze kodwa futhi libikezela usuku olusha lukaNkulunkulu oluthenjisiwe oluzofika ngokushesha lukhanyisele isintu.—2 Petru 3:13.