Isahluko 58
Izinkwa Nemvubelo
IZIXUKU ezinkulu zithuthelekele kuJesu eDekapholi. Abaningi bahambe ibanga elide beza kulesifunda esihlala ikakhulukazi abeZizwe bezomlalela futhi baphulukiswe ebuthakathakeni babo. Bafike nobhasikidi abakhulu, noma iziqabetho, abavame ukubasebenzisela ukuphatha imiphako lapho bethatha uhambo oludabula ezindaweni zabeZizwe.
Nokho, ekugcineni uJesu ubiza abafundi bakhe abese ethi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.”
“Umuntu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?” kubuza abafundi.
UJesu uyabuza: “Ninezinkwa ezingaki na?”
“Eziyisikhombisa,” bephendula, “nezinhlanzana eziyingcosana.”
Eyala abantu ukuba bahlale phansi, uJesu uthatha izinkwa nezinhlanzi, athandaze kuNkulunkulu, azihlephule, abese eqala ukuzinikeza abafundi bakhe. Bona, bazinika abantu, bonke badla basuthe. Ngemva kwalokho, lapho kuqoqwa imvuthuluka, igcwala obhasikidi bomphako abayisikhombisa, ngisho nakuba kuye kwadla amadoda acishe abe ngu-4 000, kanye nabesifazane nabantwana!
UJesu umukisa izixuku, ungena emkhunjini nabafundi bakhe, futhi uwelela ogwini olungasentshonalanga loLwandle lwaseGalile. Lapha abaFarisi, kulokhu bephelezelwa amalungu ehlelo lenkolo labaSadusi, bazama ukulinga uJesu ngokumcela ukuba enze isibonakaliso esivela ezulwini.
Eqaphela imizamo yabo yokumlinga, uJesu uyaphendula: “Kusihlwa nithi: Loba lisile, lokhu izulu libhejile; kuthi kusasa nithi: Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?”
Ngalokho, uJesu ubabiza ngokuthi isizukulwane esibi nesiphingayo futhi ubaxwayisa ngokuthi, njengoba atshela abaFarisi ngaphambili, ngeke banikwe sibonakaliso ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona. Behamba, yena nabafundi bakhe bangena emkhunjini futhi balibangisa eBetsayida ogwini olusenyakatho-mpumalanga loLwandle lwaseGalile. Endleleni abafundi bathola ukuthi bakhohlwe ukuphatha izinkwa, banesinkwa esisodwa kuphela.
Ecabanga ngalokho abhekene nakho muva nje nabaFarisi nabasekeli bakaHerode abangabaSadusi, uJesu uyayala: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.” Ngokusobala ukukhuluma ngemvubelo kwenza abafundi bacabange ukuthi uJesu ubhekisela ekukhohlweni kwabo ukuphatha izinkwa, ngakho baqala ukuphikisana ngalendaba. Ephawula ukungaqondi kahle kwabo, uJesu uthi: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na?”
Muva nje, uJesu ngokuyisimangaliso unikeze izinkulungwane zabantu izinkwa, enza lesimangaliso sokugcina mhlawumbe usuku olulodwa noma ezimbili ngaphambili. Kufanele bazi ukuthi akakhathazekile ngokungabikho kwezinkwa ezingokoqobo. “Anikhumbuli yini,” ebakhumbuza, “mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?”
“Ishumi nambili,” bephendula.
“Mhla ziyisikhombisa kwabayizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?”
“Isikhombisa,” bephendula.
“Anikaqondi na?” kubuza uJesu. “Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”
Ekugcineni abafundi bayalithola iphuzu. Imvubelo, okuthile kokubilisa nokokukhukhumalisa isinkwa, kwakuyigama elisetshenziselwa ukubonisa ukonakala. Ngakho manje abafundi bayaqonda ukuthi uJesu usebenzisa isifanekiso, ukuthi ubaxwayisa ukuba baxwaye “isifundiso sabaFarisi nabaSadusi,” okuyisifundiso esinomphumela owonakalisayo. Marku 8:1-21; Mathewu 15:32–16:12.
▪ Kungani abantu befike nobhasikidi abakhulu bomphako?
▪ Emva kokuhamba eDekapholi, yiluphi uhambo lomkhumbi oluthathwa uJesu?
▪ Yikuphi ukungaqondi kahle abafundi ababa nakho ngokukhuluma kukaJesu ngemvubelo?
▪ Usho ukuthini uJesu ngamazwi athi “imvubelo yabaFarisi nabaSadusi”?