Abathweswe Iziqu EGileyadi—“Izithunywa Zevangeli Zangempela!”
“SIYINI isithunywa sevangeli?” Lowombuzo waphakanyiswa ohlwini lomhleli lwephephanda cishe eminyakeni engu-40 edlule. Umlobi wayecabanga ukuthi izithunywa zevangeli zeqiniso zazingamathuluzi enguquko yezenhlalo nezomnotho. Nokho, ngeSonto, ngo-March 5, 1995, eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova laseJersey City, kwanikezwa ngokugcizelela impendulo ehluke kakhulu. Sasiyini isenzakalo? Ukuthweswa iziqu kwekilasi lama-98 le-Watchtower Bible School of Gilead—isikole esesithumele izithunywa zevangeli kuwo wonke umhlaba!
Ngemva kwengoma yokuvula nomthandazo, u-Albert D. Schroeder weNdikimba Ebusayo wabamukela ngemfudumalo bonke abangu-6 430 ababekhona. Emazwini akhe okuvula, uMfoweth’ uSchroeder wakwenza kwakhanya ukuthi kungani labo abathweswe iziqu eGileyadi behlukile kwabanye abaye bazibiza ngokuthi bayizithunywa zevangeli. Wathi: “IBhayibheli liyincwadi eyinhloko yokufundisa eGileyadi.” Abathweswe iziqu eGileyadi abaqeqeshelwa ukuba babe izisebenzi zezenhlalakahle, kodwa abafundisi beZwi likaNkulunkulu. Ngakho bakufanelekela ngokuyingqayizivele ukunakekela izidingo ezingokomoya zabantu emasimini akwamanye amazwe.
Izikhulumi ezalandela zaxoxa ngezici eziningi abathweswe iziqu eGileyadi abanikeza kuzo ubufakazi bokuba izithunywa zevangeli “zangempela.” UCharles Molohan wakhuluma nabo ngesihloko esithi “Qhubekani Niveza Izithelo Ezinhle Njengezithunywa Zevangeli.” Ebhekisela emazwini omphostoli uPawulu akweyabaseKolose 1:9, 10, uMfoweth’ uMolohan wakhumbuza ababethweswa iziqu ukuthi izinyanga ezinhlanu ezidlule beseGileyadi zibasize ukuba bandise “ulwazi olunembile ngoNkulunkulu.” Lokhu kuyobasiza ukuba bakhiqize izithelo ngezindlela ezimbili: ngokubonakalisa izithelo zomoya kaNkulunkulu nangokuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye.
UDaniel Sydlik weNdikimba Ebusayo walandela nesihloko esisangulukisayo esithi “Ungathengisi Ngokuphila Kwakho.” Wakhulumela umbuzo kaJesu: “Yini umuntu angayinikeza ukuze enane umphefumulo wakhe?” (Mathewu 16:26) UMfoweth’ uSydlik waphawula: “Abantu baye bahweba ngemiphefumulo yabo ukuze bathole indlela yokuphila elula, enethezekile.” Nokho, labo abanokholo oluphilayo abanakuyekethisa lapho bebhekene nezilingo novivinyo. Amazwi kaJesu abonisa ukuthi umuntu kumelwe azimisele ‘ukunikeza,’ okungukuthi, ukuzidela, ukuze azuze umphefumulo, noma ukuphila kwakhe. Lezizithunywa zevangeli ezintsha zanxuswa ukuba zinike uJehova konke okungokwazo, okungcono kakhulu ezinakho, enkonzweni yakhe!
Ngokulandelayo, uWilliam Van de Wall weKomiti Yomnyango Wenkonzo wakhuluma ngesihloko esithi “Umphostoli UPawulu—Isibonelo Esifanele Ukulingiswa.” UMfoweth’ uVan de Wall wachaza: “UPawulu wahola emsebenzini wezithunywa zevangeli ekhulwini lokuqala.” Khona-ke, kwaqokonyiswa ngokufanelekile izici ezine umphostoli uPawulu abekela kuzo izithunywa zevangeli isibonelo namuhla: (1) Ukukhathalela nothando oluqotho lukaPawulu ngabantu, (2) ukuphumelela kwakhe enkonzweni, (3) ukwenqaba kwakhe ngokuzithoba ukuziphakamisa, (4) ukuthembela kwakhe kuJehova ngokungangabazi.
Esithi “Vumela UJehova Akuhlole Esabelweni Sakho Esisha” kwaba isihloko uLyman A. Swingle weNdikimba Ebusayo axoxa ngaso. Esebenzisa itekisi losuku, iHubo 139:16, uMfoweth’ uSwingle wavuma ukuthi, njengezithunywa zevangeli ezintsha, bayohlangabezana nezinkinga ezabelweni zabo nokuthi uJehova uyalazi ikhambi. “Iyani kuye,” enxusa, “khulumani naye lapho ninenkinga. Lwelani ukuthola ukuthi iyini intando yakhe.”
UJohn E. Barr weNdikimba Ebusayo wabe esekhuluma ngesihloko esithi “Ukholo Lwenu Lukhula Ngokudluleleyo.” (2 Thesalonika 1:3) KuLuka 17:1, sifunda ukuthi uJesu wathi: “Kungokungagwemeki ukuba izimbangela zokukhubeka zize.” Abanye baye bakhutshekiswa izithunywa zevangeli abakanye nazo. Kodwa uMfoweth’ uBarr wakhuthaza izithunywa zevangeli ukuba zibe nokholo oludingekayo ukuze zithethelele. Ngempela, kwakungokwalomongo lapho abafundi bakaJesu becela: “Siphe ukholo olwengeziwe.” (Luka 17:2-5) Ukholo lwezithunywa zevangeli lungavivinywa nayizinguquko ezihlukahlukene ezingokwenhlangano. “Sinalo yini ukholo lokuzamukela lezizinguquko,” kubuza uMfoweth’ uBarr, “noma ingabe ziyoba izingibe ezinjengentaba?”
Kwalandela isiyalo esasinikezwa abafundisi ababili baseGileyadi. UJack Redford wanxusa ababethweswa iziqu ukuba balondoloze isimo sengqondo esifanele. Wakhuluma ngesithunywa sevangeli esashiya isabelo saso ngoba sicasulwa ukugconwa ezinye izithunywa zevangeli esasikanye nazo. Nokho, imiBhalo isixwayisa ngokukhubeka ngokungadingekile. (UmShumayeli 7:9, NW) “Yiba nesimo sengqondo esiqondile,” enxusa. “Thethelelani amaphutha nokungapheleli kwabanye abanizungezile.”
U-U. V. Glass, umbhalisi waseGileyadi, wabe esebuza: “Nizimisele yini ukubhekana ‘nezenzakalo ezingalindelekile’”? (UmShumayeli 9:11, NW) “Ukuphila kwethu kuhlala kunezinguquko ngaso sonke isikhathi,” kuphawula uMfoweth’ uGlass, “futhi ezinye zazo zingase zibe buhlungu kakhulu.” Izithunywa zevangeli ezithile ziye zabhekana ngokungalindelekile nempilo ebuthaka, izifo, nezinkinga zomkhaya, okwenza ukuba ezinye zishiye izabelo zazo. “Kungakhathaliseki ukuthi izenzakalo ezingalindelekile zingase zibe yini,” kusho uMfoweth’ uGlass, “siyazi ukuthi uJehova uyaziqaphela futhi uyakhathalela. Uma sithembela kuye, siyazi ukuthi siyonqoba!”
Inkulumo eyayinesihloko esithi “Ukuhlukaniselwa Inkonzo Yezithunywa Zevangeli” yaletha emvuthwandaba uchungechunge lwezinkulumo zasekuseni. UTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo waphendula umbuzo ophawulwe ekuqaleni, othi, “Siyini isithunywa sevangeli?” Lapho ewuphendula, waxoxa ngezEnzo izahluko 13 no-14 eziphathelene nomsebenzi wezithunywa zevangeli uPawulu noBarnaba. Ngokusobala, lowomsebenzi awuzange ugxile ekwelapheni ukugula kwezenhlalakahle, kodwa ‘ekumemezeleni izindaba ezinhle.’ (IzEnzo 13:32) UMfoweth’ uJaracz wabuza: “Anivumi yini ukuthi uPawulu noBarnaba babonisa lokho isithunywa sevangeli sangempela okumelwe sibe yikho?” Isithunywa sevangeli esingumakadebona saseMexico uRobert Tracy sacelwa ngalesosikhathi ukuba silandise ngokunye kokuhlangenwe nakho kwaso siqu okujabulisayo njengomshumayeli wevangeli.
Isimiso sasekuseni safinyelela umvuthwandaba waso njengoba uMfoweth’ uSchroeder enikeza ama-diploma kwabangu-48 ababethweswa iziqu. Izilaleli zakujabulela ukuzwa amagama amazwe angu-21 lezizithunywa zevangeli ezazabelwe kuwo: IBarbados, iBenin, iBolivia, iCentral African Republic, iCosta Rica, iCôte d’Ivoire, i-Ecuador, i-Equatorial Guinea, i-Estonia, iGuinea-Bissau, iHonduras, iLatvia, iLeeward Islands, iMauritius, iMozambique, iNicaragua, iParaguay, iPeru, iSenegal, iTaiwan, neVenezuela.
Ngemva kwekhefu lasemini, izilaleli zaphinde zahlangana futhi zajabulela isifundo esishisayo se-Nqabayokulinda, esasiqhutshwa uRobert P. Johnson woMnyango Wenkonzo. Amalungu ekilasi lama-98 ayephendula imibuzo. Lesisifundo salandelwa uchungechunge oluthakazelisayo lwezingxoxo ezaziqhutshwa amalungu ezisebenzi zaseGileyadi. Izilaleli zakhuthazwa kakhulu njengoba ababethweswa iziqu belandisa ngokuhlangenwe nakho kwabo kwasensimini futhi bezwakalisa imizwa yabo ngezabelo zabo zakwamanye amazwe.
Iminyaka eyisithupha nengxenye, iGileyadi ibisezakhiweni ze-Watchtower Society eWallkill, eNew York. Nokho, ngo-April 1995, isikole sathuthelwa e-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York. Wazizwa kanjani umkhaya waseBethel eWallkill ngalolushintsho? Kulokhukuthweswa kweziqu kwaxoxwa nabaningi abavela eWallkill. Izinkulumo zabo ezithinta inhliziyo zakwenza kwacaca ukuthi abafundi baseGileyadi babebahlabe umxhwele kakhulu. Ngokusobala, lamadoda nabesifazane abazimisele bayizithunywa zevangeli zangempela—ezithobekile, ezizidelayo, ezikukhathalela ngokujulile ukusiza abanye.
Njengoba ukuthweswa iziqu kwakusondela esiphethweni, bonke ababekhona babeqiniseka ukuthi iSikole SaseGileyadi siyoqhubeka ngempumelelo senza lokho esiye sakwenza eminyakeni engaphezu kwengu-50 edlule—sikhiqiza izithunywa zevangeli zangempela!
[Ibhokisi ekhasini 18]
Imininingwane Yekilasi:
Inani lamazwe amelelwe: 8
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 21
Inani labafundi: 48
Isilinganiso seminyaka: 32,72
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 15,48
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 10,91
[Isithombe ekhasini 18]
Ikilasi Lama-98 Elithweswa Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Eszlinger, A.; Mann, T.; Rivera, G.; Baruero, M.; Vaz, M.; Durga, K.; Silweryx, H.; Alvarado, D. (2) Toth, B.; Segarra, S.; Hart, R.; Rooryck, I.; Escobar, P.; Ejstrup, J.; Sligh, L.; Rivera, E. (3) Archard, D.; Snaith, S.; Marciel, P.; Koljonen, D.; Waddell, S.; Blackburn, L.; Escobar, M.; Archard, K. (4) Hart, M.; Toth, S.; Koljonen, J.; Bergman, H.; Mann, D.; Blackburn, J.; Park, D.; Vaz, F. (5) Segarra, S.; Sligh, L.; Leslie, L.; Bergman, B.; Baruero, W.; Alvarado, J.; Leslie, D.; Park, D. (6) Silweryx, K.; Eszlinger, R.; Waddell, J.; Snaith, K.; Durga, A.; Rooryck, F.; Ejstrup, C.; Marciel, D.