“Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
“Melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—JAK. 4:7.
1. Ikuphi ukuphikiswa uJesu ayazi ukuthi wayeyobhekana nakho emhlabeni, futhi kube namuphi umphumela?
UJESU KRISTU wayazi ukuthi wayeyophikiswa uDeveli. Leli qiniso lalisobala ngenxa yalokho okwashiwo uNkulunkulu enyokeni, isidalwa somoya esibi esiyisihlubuki esasisebenzisa le nyoka: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane [ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova] naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona [uJesu Kristu] iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Gen. 3:14, 15; IsAm. 12:9) Ukulinyazwa kukaJesu esithendeni kwakusho ukuthi ubuhlungu ayeyobuzwa lapho ebulawa emhlabeni babuyoba obesikhashana kuphela, ngoba uJehova wayeyomvusela enkazimulweni yasezulwini. Kodwa ukulinyazwa kwenyoka ekhanda kwakuyosho ukuthi uDeveli wayeyobhujiswa angaphinde abe khona.—Funda izEnzo 2:31, 32; Hebheru 2:14.
2. Kungani uJehova ayeqiniseka ukuthi uJesu wayeyomelana ngempumelelo noDeveli?
2 UJehova wayeqiniseka ukuthi ngesikhathi uJesu esemhlabeni wayeyosifeza ngempumelelo isabelo sakhe, amelane noDeveli. Kungani uJehova ayeqiniseka kangaka ngalokhu? Ngoba wayedale uJesu eminyakeni eminingi ngaphambili, wabona indlela enza ngayo izinto, wazi ukuthi lesi ‘sisebenzi esiyingcweti’ ‘nezibulo layo yonke indalo’ sasilalela futhi sithembekile. (IzAga 8:22-31; Kol. 1:15) Ngakho, lapho ethuma uJesu emhlabeni futhi uDeveli evunyelwa ukumvivinya aze ambulale, uNkulunkulu wayeqiniseka ukuthi iNdodana yakhe ezelwe yodwa iyonqoba.—Joh. 3:16.
UJehova Uyazivikela Izinceku Zakhe
3. UDeveli uzizwa kanjani ngezinceku zikaJehova?
3 UJesu wabiza uDeveli ngokuthi “umbusi waleli zwe” futhi waxwayisa abafundi bakhe ukuthi babeyoshushiswa, njengoba naye ashushiswa. (Joh. 12:31; 15:20) Izwe, elisemandleni kaSathane uDeveli, liyawazonda amaKristu eqiniso ngoba akhonza uJehova futhi angabashumayeli bokulunga. (Math. 24:9; 1 Joh. 5:19) UDeveli uhlasela ngokukhethekile insali yabagcotshiwe eyogcina ibusa noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini. USathane uhlasela noFakazi BakaJehova abaningi abanethemba lokuphila phakade epharadesi emhlabeni. IZwi likaNkulunkulu liyasixwayisa: “Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.”—1 Pet. 5:8.
4. Yini efakazela ukuthi abantu bakaNkulunkulu baye bamelana noDeveli ngempumelelo osukwini lwethu?
4 Njengenhlangano esekelwa uJehova uNkulunkulu, simelana ngempumelelo noDeveli. Cabanga ngala maqiniso: Eminyakeni eyikhulu edlule, abanye omashiqela ababa nonya kakhulu emlandweni baye bazama ukuqothula oFakazi BakaJehova. Kodwa inani loFakazi liyaqhubeka landa futhi manje licela ezigidini ezingu-7 emabandleni angaphezu kuka-100 000 emhlabeni wonke. Omashiqela abanonya abashushisa abantu bakaJehova yibo abashabalala!
5. U-Isaya 54:17 uye wagcwaliseka kanjani ezincekwini zikaJehova?
5 Ekhuluma nebandla lika-Israyeli wasendulo, ‘owesifazane’ wakhe, uNkulunkulu wathembisa: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele, nanoma yiluphi ulimi oluyokuvukela ekwahluleleni uyolulahla. Leli yifa lezinceku zikaJehova, futhi ukulunga kwazo kuvela kimi.” (Isaya 54:11, 17) Lesi sithembiso siye sagcwaliseka kubantu bakaJehova emhlabeni wonke phakathi nalezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1-5, 13) Siyaqhubeka simelana noDeveli, futhi asikho isikhali azama ukusisebenzisela ukuqothula abantu bakaNkulunkulu esiphumelelayo, ngoba uJehova ungakithi.—IHu. 118:6, 7.
6. Isiprofetho sikaDaniyeli sisitshelani ngalokho okuzokwenzeka ekubuseni kukaDeveli?
6 Lapho ukuphela okusondela ngokushesha kwaso sonke lesi simiso sezinto esibi kufika, zonke izici zokubusa kukaSathane ziyochotshozwa ziphele nya. Ephefumulelwe uNkulunkulu, umprofethi uDaniyeli wabikezela: “Ezinsukwini zalawo makhosi [akhona osukwini lwethu] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso [ezulwini] ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso [ekhona manje], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Dan. 2:44) Lapho lokhu kwenzeka, ukubusa kukaSathane nokwabantu abangaphelele kuyoshabalala. Zonke izici zesimiso sezinto sikaSathane ziyobhujiswa ngokuphelele, futhi uMbuso kaNkulunkulu uyobusa wonke umhlaba ngaphandle kokuphikiswa.—Funda eyesi-2 Petru 3:7, 13.
7. Sazi kanjani ukuthi izinceku zikaJehova njengabantu ngabanye zingamelana noDeveli ngempumelelo?
7 Akungabazeki ukuthi inhlangano kaJehova iyovikelwa futhi iyochuma ngokomoya. (Funda iHubo 125:1, 2.) Thina-ke? IBhayibheli lisitshela ukuthi singaphumelela ukumelana noDeveli njengoba kwenza uJesu. Ngempela, isiprofetho uKristu asinikeza esebenzisa umphostoli uJohane sibonisa ukuthi naphezu kokuphikisa kukaSathane, “isixuku esikhulu” salabo abanethemba lasemhlabeni siyosinda ekupheleni kwalesi simiso sezinto. ImiBhalo ithi siyakhamuluka, sithi: “Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, nakulo iWundlu [uJesu Kristu].” (IsAm. 7:9-14) Abagcotshiweyo kuthiwa banqoba uSathane, futhi abangane babo ‘bezinye izimvu’ nabo bamelana naye ngempumelelo. (Joh. 10:16; IsAm. 12:10, 11) Kodwa lokhu kudinga ukuzikhandla nomthandazo oqotho wokucela ‘ukukhululwa komubi.’—Math. 6:13.
Isibonelo Esiphelele Sokumelana NoDeveli
8. Isiphi isilingo sokuqala esilotshwe eBhayibhelini uDeveli alinga ngaso uJesu ehlane, futhi uKristu wasabela kanjani?
8 UDeveli wazama ukwephula ubuqotho bukaJesu. Walinga uJesu kathathu ehlane ezama ukumenza ukuba angamlaleli uJehova. Nokho, uJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu sokumelana noSathane. Ngemva kokuzila ukudla izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, cishe uJesu wayelambe kakhulu. USathane wathi kuye: “Uma uyindodana kaNkulunkulu, tshela la matshe ukuba abe yizinkwa.” Kodwa uJesu wenqaba ukusebenzisa amandla awanikezwe uNkulunkulu ukuze azizuzise yena. Kunalokho wathi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’”—Math. 4:1-4; Dut. 8:3.
9. Kungani kumelwe simelane nemizamo kaDeveli yokusizakala ngezifiso zethu zenyama ezingokwemvelo?
9 Namuhla, uDeveli ufuna ukusizakala ngezifiso zenyama ezingokwemvelo zezinceku zikaJehova. Ngakho, kumelwe sizimisele ukumelana nokulingelwa ekuziphatheni okubi ngokobulili okuvame kakhulu kuleli zwe elingcolile. IZwi likaNkulunkulu liseluleka ngamandla: “Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda . . . ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Kor. 6:9, 10) Ngakho, kusobala ukuthi abantu abaziphatha kabi futhi benqabe ukushintsha ngeke bavunyelwe ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu.
10. NgokukaMathewu 4:5, 6, isiphi esinye isilingo uSathane asisebenzisa lapho ezama ukwephula ubuqotho bukaJesu?
10 Ngokuqondene nesinye sezilingo uJesu abhekana nazo ehlane, imiBhalo ithi: “UDeveli wamthatha waya naye emzini ongcwele, wammisa phezu kombhoshongo wethempeli, wathi kuye: ‘Uma uyindodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngoba kulotshiwe ukuthi, “Uyoyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla zazo, ukuze lungaqhuzuki nanini unyawo lwakho etsheni.”’” (Math. 4:5, 6) Lokhu kwakuyokwenza ukuba uJesu abukise ngokuba kwakhe uMesiya. Nokho, kwakuyoba isenzo esingafanele, sokuqhosha esasingeke samukelwe futhi sisekelwe uNkulunkulu. Nakulokhu, uJesu wahlala eqotho kuJehova futhi wacaphuna umBhalo. Wathi: “Kulotshiwe futhi ukuthi, ‘Ungamvivinyi uJehova uNkulunkulu wakho.’”—Math. 4:7; Dut. 6:16.
11. USathane angasilinga kanjani, futhi umphumela ungaba yini?
11 USathane angase asilingele ukuba sifune udumo ngezindlela ezihlukahlukene. Angase azame ukusiyenga ukuba silingise izimfashini zezwe zokugqoka nokuzilungisa noma ukuba sizijabulise ngezinto ezingabazisayo. Kodwa uma singasishaya indiva iseluleko seBhayibheli futhi silingise izwe, singalindela yini ukuba izingelosi zisivikele emiphumeleni emibi yenkambo enjalo? Nakuba iNkosi uDavide yaphenduka ezonweni zayo ezazihilela uBhati-sheba, kwadingeka ukuba ibhekane nemiphumela yezenzo zayo. (2 Sam. 12:9-12) Masingamlingi uJehova ngezindlela ezingafanele, mhlawumbe ngokuba abangane nezwe.—Funda uJakobe 4:4; eyoku-1 Johane 2:15-17.
12. NgokukaMathewu 4:8, 9, iNdodana kaNkulunkulu yalingelwa ukuba yenzeni, futhi yasabela kanjani?
12 UDeveli waphinde wazama ukulinga uJesu ngokuthembisa ukumnika amandla okubusa. Wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo futhi wathi: “Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi wenze isenzo sokukhuleka kimi.” (Math. 4:8, 9) Yeka umzamo wobuqili wokuthola ukukhulekelwa okungokukaJehova nowokuyenga uJesu ukuba angathembeki kuNkulunkulu! Ngokufukamela isifiso sokukhulekelwa, le ngelosi eyake yaba qotho yayisiguquke yaba uSathane uDeveli, umlingi onesono, onobugovu nomubi kakhulu. (Jak. 1:14, 15) Nokho, uJesu wenza okuhluke ngokuphelele, wazimisela ukuhlala ethembekile kuYise wasezulwini, ngakho wathi: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” Ngakho, nalapha uJesu waphinde wamelana noDeveli ngokucacile nangokunganqikazi. INdodana kaNkulunkulu yayingafuni lutho lwezwe likaSathane futhi yayingenakulokotha ikhulekele leso sidalwa esibi!—Math. 4:10; Dut. 6:13; 10:20.
“Melanani NoDeveli Khona-ke Uyonibalekela”
13, 14. (a) Ngokubonisa uJesu yonke imibuso yezwe, uDeveli wayemthembisani? (b) USathane uzama kanjani ukusonakalisa?
13 Ngokubonisa uJesu yonke imibuso yezwe, uDeveli wayethembisa ukumnika igunya okungekho muntu owake walithola. USathane wayenethemba lokuthi lokho uJesu akubona kwakuyomkhanga futhi kumqinisekise ukuthi angaba umholi wezombusazwe onamandla kunabo bonke. Namuhla, uDeveli akasithembisi imibuso, kodwa uzama ukonakalisa izinhliziyo zethu ngezinto esizibukayo, esizizwayo nesizicabangayo.
14 Leli zwe lilawulwa uDeveli. Ngakho, ulawula nemithombo yalo yezindaba. Akumangazi-ke ukuthi izinto zezwe esizibukayo, esizilalelayo nesizifundayo zigcwele ukuziphatha okubi nobudlova. Ezokukhangisa zaleli zwe zizama ukutshala kithi isifiso sokuba nezinto eziningi ezibonakalayo esingazidingi. Ngale ndlela, uDeveli uhlale ezama ukusilinga ngezinto ezibonakalayo ezikhanga amehlo, izindlebe nezingqondo zethu. Kodwa lapho senqaba ukubuka, ukulalela nokufunda izinto ezingqubuzana nemiBhalo, empeleni sisuke sithi: “Hamba, Sathane!” Ngaleyo ndlela, silingisa uJesu ngokuba qotho nangokuthatha isinyathelo ngokushesha sokwenqaba izinto ezilethwa izwe likaSathane elingcolile. Iqiniso lokuthi asiyona ingxenye yezwe likaSathane libonakala nasendleleni esiziveza ngayo ngesibindi njengoFakazi BakaJehova nanjengabalandeli bakaKristu emsebenzini, esikoleni, endaweni esihlala kuyo nasezihlotsheni zethu.—Funda uMarku 8:38.
15. Kungani ukumelana noSathane kusho ukuhlala siqaphile?
15 Ngemva kokwehluleka kukaDeveli kathathu ukulinga uJesu ukuba angahlali eqotho kuNkulunkulu, “uDeveli wamshiya.” (Math. 4:11) Nokho, uSathane akazange adele, ngoba siyatshelwa: “Ngakho uDeveli, eseqede konke ukulinga [ehlane], wasuka kuye kuze kube esinye isikhathi esikahle.” (Luka 4:13) Lapho siye saphumelela ukumelana noDeveli, kufanele simbonge uJehova. Kodwa kufanele futhi siqhubeke sicela usizo lwakhe ngoba uDeveli uzobuya azosilinga nangesinye isikhathi esikahle—hhayi kuphela ngesikhathi esilindele ngaso isilingo. Ngakho, kumelwe sihlale siqaphile ngazo zonke izikhathi, sizimisele ukukhuthazela njengoba sinikela kuJehova inkonzo engcwele kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naluphi uvivinyo.
16. Imuphi umoya onamandla uJehova asinikeza wona, futhi kungani kufanele siwuthandazele?
16 Ukuze sikwazi ukumelana noDeveli, kufanele sithandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu futhi siyowuthola lo moya onamandla kunayo yonke endaweni yonke. Uyosisiza ukuba sikwazi ukwenza izinto ebesingenakukwazi ukuzenza ngawethu amandla. UJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ngokuthi lo moya uyatholakala lapho ethi: “Ngakho-ke, uma nina, nakuba [ningaphelele futhi ngenxa yalokho ngezinga elithile] nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:13) Masiqhubeke sithandaza kuJehova sicele umoya wakhe ongcwele. Njengoba lo moya onamandla kakhulu usisekela ekuzimiseleni kwethu ukumelana noDeveli, siyonqoba. Ngaphezu kokuthandaza njalo ngokusuka enhliziyweni, kudingeka sigqoke zonke izembatho zempi ezingokomoya ezivela kuNkulunkulu ukuze sikwazi “ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.”—Efe. 6:11-18.
17. Iyiphi injabulo eyasiza uJesu ukuba akwazi ukumelana noDeveli?
17 Kunenye into eyasiza uJesu ukuba akwazi ukumelana noDeveli, futhi nathi ingasisiza. IBhayibheli lithi: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi [kukaJesu] wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heb. 12:2) Nathi singaba nenjabulo efanayo ngokumelela ubukhosi bukaJehova, ngokudumisa igama lakhe elingcwele nangokuhlala sicabanga ngomvuzo wokuphila phakade. Yeka ukuthi siyojabula kangakanani lapho uSathane esenziwe ize phakade kuhlanganise nayo yonke imisebenzi yakhe, nalapho ‘abamnene bedla ifa lomhlaba, futhi bethola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula’! (IHu. 37:11) Ngakho-ke, qhubekani nimelana noDeveli njengoba kwenza uJesu.—Funda uJakobe 4:7, 8.
Ungaphendula Kanjani?
• Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJehova uyabavikela abantu bakhe?
• UJesu wasibekela kanjani isibonelo sokumelana noSathane?
• Iziphi izindlela ongamelana ngazo noDeveli?
[Isithombe ekhasini 29]
Ukuba abangane nezwe kusenza sibe izitha zikaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 31]
UJesu wenqaba lapho uSathane ethembisa ukumnika yonke imibuso yezwe