Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Esinye Iseluleko Sokubaqondisa
LAPHO besesendlini eKapernawume, bakhuluma ngokuthile ngaphandle kwempikiswano yabaphostoli yokuthi ngubani omkhulu kubo bonke. Nalesenzakalo futhi kungenzeka senzeka ekubuyeleni kwabo eKapernawume, lapho uJesu ayengekho. Umphostoli uJohane uyabika: “Sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”
Ngokusobala uJohane ubheka abaphostoli njengeqembu labaphilisi elikhethekile, elinegama. Ngakho unomuzwa wokuthi lendoda yayenza imisebenzi yamandla ngokungafanele ngoba yayingeyona ingxenye yeqembu labo.
Nokho, uJesu uyeluleka: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”
Kwakungadingekile ngalendoda ukuba imlandele ngokoqobo uJesu ukuze ibe sohlangothini lwakhe. Ibandla lobuKristu lalingakamiswa ngalesosikhathi, ngakho ukungabi kwayo ingxenye yeqembu labo kwakungasho ukuthi yayingeyebandla elihlukile. Lendoda ngempela yayinokholo egameni likaJesu futhi ngaleyondlela yaphumelela ekukhipheni amademoni. Yayenza okuthile okwakufana kahle nalokho uJesu athi kwakuwufanela umvuzo. UJesu ubonisa ukuthi ngokwenza lokhu, yayingeke ilahlekelwe umvuzo wayo.
Kodwa kuthiwani uma lendoda yayikhubekile ngamazwi nezenzo zabaphostoli? Lokhu kwakuyoba okungathi sína kakhulu! UJesu uyaphawula: “Nalowo okhubekisa abe-munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle.”
UJesu uthi abalandeli bakhe kufanele basuse noma yini ekuphileni kwabo ethandekayo kubona njengesandla, unyawo, noma iso engabakhubekisa. Kungcono ukungabi nayo lento ethandekayo futhi ungene eMbusweni kaNkulunkulu kunokuba ubambelele kuyo futhi uphonswe eGehena (indawo yemfucumfucu evuthayo eseduze neJerusalema), efanekisela ukubhubha kwaphakade.
UJesu uyaxwayisa futhi: “Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.” Usebonisa ubugugu ‘babancinyane’ ngokulandisa ngendoda enezimvu eziyi-100 kodwa ilahlekelwe eyodwa. UJesu uyachaza ukuthi lendoda izoshiya ezingama-99 iyofuna elahlekileyo, futhi lapho iyithola iyojabula kakhulu ngayo kunezingama-99. Khona-ke, uJesu uyaphetha, “kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.”
Ngokunokwenzeka ekhumbula impikiswano ephakathi kwabaphostoli ngokwabo, uJesu uyanxusa: “Yibani-nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.” Ukudla okuduma kwenziwa kuhlwabuse ngokwengeziwe ngosawoti. Ngakho, usawoti ongokomfanekiso wenza ukuba lokho umuntu akushoyo kube lula ukukwamukela. Ukuba nosawoti onjalo kuyosiza ukuba kulondolozwe ukuthula.
Kodwa ngenxa yokungapheleli kwabantu, ngezinye izikhathi kuyovela izimpikiswano ezingathi sína. UJesu futhi unikeza iziqondiso zokuzisingatha. UJesu uthi: “Uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakuzwa thatha futhi abe-munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.”
Kuphela njengesinyathelo sokugcina okungaphendukelwa kuso, uJesu uthi, yisa indaba “ebandleni,” okuwukuthi, kubabonisi bebandla abanomthwalo wemfanelo abanganikeza isinqumo sokwahlulela. Uma isoni singezukuvumelana nesinqumo sabo, uJesu uyaphetha, “makabe-kuwe njengowezizwe nomthelisi.”
Lapho benza isinqumo esinjalo, ababonisi badinga ukunamathela eduze neziyalezo eziseZwini likaJehova. Ngakho, lapho bethola umuntu enecala futhi efanelwe isijeziso, isahlulelo ‘siyobe sesiboshiwe ezulwini.’ Futhi lapho ‘bekhulula emhlabeni’ okuwukuthi, bathole umuntu engenacala, kuyoba ‘sekukhululiwe ezulwini.’ Ezinqumweni ezinjalo zokwahlulela, uJesu uthi, “lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Mathewu 18:6-20; Marku 9:38-50; Luka 9:49, 50.
◆ Kungani kwakungadingekile ngosuku lukaJesu ukuhamba naye?
◆ Ingengathi sína kangakanani indaba yokukhubekisa omncinyane, futhi uJesu wakubonisa kanjani ukubaluleka kwalabo abancinyane?
◆ Yini ngokunokwenzeka eyashukumisela isikhuthazo sikaJesu kubaphostoli sokuba babe nosawoti phakathi kwabo?
◆ Kufanekiselani ‘ukubopha’ ‘nokukhulula’?