Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Isifundo Ngokuthethelela
NGOKUSOBALA uJesu usesendlini eKapernawume nabafundi bakhe. Ubexoxa nabo ngendlela yokusingatha izinkinga phakathi kwabazalwane, ngakho-ke uPetru uyabuza: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na?” Njengoba abefundisi benkolo bamaJuda besikisela ukuthethelela kuze kube kathathu, ngokunokwenzeka uPetru ukubona kuwumusa kakhulu ukusikisela: “Kuze kube-kasikhombisa na?”
Kodwa kwawona umqondo wokugcina irekhodi elinjalo awulungile. UJesu uyamqondisa uPetru: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube-kasikhombisa kodwa kuze kube-kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ubonisa ukuthi akumelwe kubekwe umngcele enanini lezikhathi uPetru athethelela ngazo umfowabo.
Ukuze agcizelele kubafundi isibopho abanaso sokuba abathethelelayo, uJesu ubatshela umfanekiso. Umayelana nenkosi efuna ukulungisa izindaba nezinceku zayo. Enye inceku enecala lesikweletu sawodenariyu abayizi-60 000 000 (cishe izi-R100 000 000) ilethwa kuyo. Ayikho indlela yokuthi iyikhokhe. Ngakho-ke, njengoba uJesu echaza, inkosi iyaleza ukuba yona nomkayo nezingane zayo bathengiswe bese ikhokhelwa.
Ngalokho inceku iwa phansi ezinyaweni zenkosi, iyakhuleka: “Ake ungibekezelele ngizakukukhokhela konke.”
Ishukunyiswa uzwela, inkosi isula isikweletu esikhulu kakhulu senceku ngomusa. Kodwa ngokushesha ngemva kokuba isikwenzile, uJesu uyaqhubeka, yona lenceku iyahamba futhi ithola enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu abayi-100 kuphela (cishe u-R180). Indoda ibamba inceku ekanye nayo entanyeni, iyayiklinya, ithi: “Khokha icala lakho.”
Kepha inceku ekanye nayo ayinayo imali. Ngakho-ke iwa phansi ezinyaweni zenceku enecala kuyo, ikhuleka: “Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.” Ngokungafani nenkosi yayo, inceku ayinawo umusa, kepha ifaka inceku ekanye nayo etilongweni.
Nokho, uJesu uyaqhubeka, ezinye izinceku ezikubonile okwenzekile zibika enkosini. Yona, futhi, ibiza inceku ngentukuthelo. Ithi: “Nceku embi,” “lonke lelocala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga; nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?” Icasukile inkosi ithumela inceku engenamusa konogada basejele kuze kube yilapho kumelwe ikhokhe lonke icala layo.
Ngakho-ke uJesu uyaphetha: “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube-yilowo nalowo umfowabo.”
Yeka isifundo esihle ngokuthethelela! Uma kuqhathaniswa necala elikhulu lesono uNkulunkulu asithethelele sona, noma yibuphi ububi obungenziwa umzalwane ongumKristu kithina buncane ngempela. Ngaphezu kwalokho, uJehova uNkulunkulu usithethelela izikhathi eziyizinkulungwane. Ngaso sonke isikhathi, asiziqapheli ngisho nezono esizenza kuye. Ngakho-ke, ngeke yini sikwazi ukuthethelela umfowethu izikhathi ezimbalwa, ngisho noma sinesizathu esiqinile sokusola? Khumbula, njengoba uJesu afundisa eNtshumayelweni yaseNtabeni, uNkulunkulu ‘uzosithethelela amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi.” Mathewu 18:21-35; 6:12; Kolose 3:13.
◆ Yini ebangela umbuzo kaPetru ngokuthethelela umfowabo, futhi kungani angase abheke ukusikisela kwakhe kwezikhathi eziyisikhombisa njengokunomusa?
◆ Ukusabela kwenkosi esicelweni senceku yayo kuhluke kanjani kulokho kusabela kwenceku yayo esicelweni senceku ekanye nayo?
◆ Sifundani emfanekisweni kaJesu?