Indlela Yokuqinisa Izibopho Zomshado
“KUVUNYELWE yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” kubuza abaFarisi ababezama ukucupha uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu. Wabaphendula ngokubhekisela emshadweni wokuqala wabantu futhi wabeka indinganiso ngokuqondene nalendaba: “Lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
Abafarisi baphikisa ngokuthi uMose wenza amalungiselelo esehlukaniso ngokuyaleza ukuba kukhishwe “incwadi yesehlukaniso.” UJesu wabaphendula: “Ngenxa yobulikhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo. Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:3-9.
Ekuqaleni, umshado kwakumelwe ube yisibopho esihlala njalo. Ngisho nokufa kwakungeke kuwehlukanise umbhangqwana wokuqala oshadile, ngoba wawudalwe ungabantu abaphelele abanombono wokuphila okuphakade. Nokho, wona. Isono sawo sonakalisa umshado wesintu. Isitha esiwukufa saqala ukuhlukanisa imibhangqwana eshadile. UNkulunkulu ubheka ukufa njengesiphetho somshado, njengoba sifunda eBhayibhelini: “Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe‚ kuphela ukuba kube-seNkosini.” (1 Korinte 7:39) Lokhu kuhluke kakhulu emibonweni engokwenkolo enjengokufa komuntu nomyeni wakhe, lapho kunxuswa noma kuphoqelelwe khona umfazi ukuba ngemva kokufa komyeni wakhe azibulale ngokuzishisa ngenxa yenkolelo yokuthi isibopho somshado siyaqhubeka ekuphileni okuthile kwangemva kokufa.
Ilungiselelo Lomthetho KaMose
Ngesikhathi uMthetho kaMose owanikezwa ngaso, ubuhlobo basemshadweni base bonakele kangangokuba uJehova, ngenxa yokuba lukhuni kwezinhliziyo zama-Israyeli, wenza ilungiselelo lesehlukaniso. (Duteronomi 24:1) Kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ukuba ama-Israyeli awusebenzise kabi lomthetho ukuba ahlukanise nomkawo ngenxa yamaphutha amancane, njengoba kubonakala emyalweni wakhe wokuba athande omakhelwane bawo njengoba ezithanda wona. (Levitikusi 19:18) Ngisho nokukhishwa kwesitifiketi sesehlukaniso kwaba yisithikamezo ngoba, njengengxenye yenqubo yokubhala lesitifiketi, indoda efuna isehlukaniso kwakumelwe ithintane namadoda ayenegunya elifanelekile, ayengazama ukwenza ukubuyisana. Cha, uNkulunkulu akazange anikeze lomthetho ukuze amise noma yiliphi igunya lokuba umuntu ahlukanise nomkakhe “noma ngaliphi icala.”—Mathewu 19:3.
Nokho, ekugcineni ama-Israyeli akushaya indiva lokho okwakushiwo yilomthetho futhi alisebenzisa kabi lelilungiselelo ngokuba ahlukanise ngaphansi kwanoma yisiphi isisekelo esasivumelana nemizwelo yawo. Ngekhulu lesihlanu B.C.E., ayekhohlisa abafazi bobusha bawo, ehlukanisa nabo ngenxa yazo zonke izinhlobo zezizathu. UJehova wawatshela ngokuqinile ukuthi uyakuzonda ukwahlukana. (Malaki 2:14-16) Kwakungaphansi kwalesimo lapho uJesu akulahla khona ukuhlukanisa okwakwenziwa ama-Israyeli osukwini lwakhe.
Okuwukuphela Kwesisekelo Esingokomthetho Sesehlukaniso
Nokho, uJesu wasisho isisekelo esisodwa sesehlukaniso: ubufebe. (Mathewu 5:31, 32; 19:8, 9) Lapha igama elihunyushwe ngokuthi “ubufebe” lihlanganisa zonke izinhlobo zobuhlobo bobulili obungemthetho ngaphandle komshado ongokomBhalo, kungakhathaliseki ukuthi benziwa nowobulili obufanayo noma owobulili obehlukile noma nesilwane.
Ngisho nakuba kunjalo, uJesu wayengatusi ukuba kuhlukanise abalingane abangathembekile. Kushiyelwa kumngane womshado omsulwa ukuba acabangele imiphumela ehilelekile bese enquma ukuthi uyasifuna yini isehlukaniso. Abafazi abacabangela ukuhlukanisa ngalesisekelo esingokomBhalo bangase futhi bafune ukucabangela amazwi ashiwo uNkulunkulu lapho edlulisela isahlulelo kowesifazane wokuqala ngenxa yesono sakhe. Ngaphezu kwesigwebo sokufa, uNkulunkulu watshela u-Eva ngokuqondile: “Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Genesise 3:16) I-Commentary on the Old Testament, kaC. F. Keil noF. Delitzsch, ichaza lokhu “kunxanela” ngokuthi “isifiso esicishe sifane nesifo.” Kuyavunywa, lokhu kunxanela akumandla kangako kubo bonke abafazi, kodwa lapho umfazi omsulwa ecabangela isehlukaniso, uyobe ehlakaniphile uma engacabangela izidingo ezingokomzwelo abesifazane abaye bazizuza njengefa ku-Eva. Nokho, njengoba ubulili bangaphandle komshado obenziwe umngane onecala bungaholela ekubeni umngane omsulwa angenwe yizifo ezithathelwana ngobulili, kuhlanganise nengculaza, abanye baye banquma ukuthola isehlukaniso njengoba kwachaza uJesu.
Imisuka Yezinkinga Zomkhaya
Ukuba nezinhliziyo ezilukhuni kwabantu kusuke esonweni umbhangqwana wokuqala ongabantu owasenza kuNkulunkulu. (Roma 5:12) Imisuka yengxabano yomkhaya yaqala lapho abantu ababili bokuqala bona kuYise wasezulwini. Kanjani? Lapho owesifazane wokuqala, u-Eva, elingwa inyoka ukuba adle emthini owenqatshelwe, wasidla isithelo ngaphandle kokuzindela. Kwakungemva kokuba esesenzile lesosinqumo esibalulekile lapho akhuluma khona nomyeni wakhe ngalokho inyoka eyayimtshele khona. (Genesise 3:6) Yebo, wayethathe isinyathelo ngaphandle kokuthinta umyeni wakhe. Lesi isandulela sezinkinga imikhaya eminingi ebhekene nazo namuhla—ukuntuleka kokuxhumana kokuthululelana izifuba.
Kamuva, lapho bebhekene nemiphumela yesono sabo, bobabili u-Adamu no-Eva basebenzisa amacebo afanayo imibhangqwana eminingi ewasebenzisayo namuhla lapho isenkingeni, okungukuthi, ukusola abanye. Umuntu wokuqala, u-Adamu, ngenxa yalokho ayekwenzile wasola kokubili umkakhe noJehova, ethi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” Owesifazane naye wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”—Genesise 3:12, 13.
Ukukhipha kukaJehova isahlulelo ku-Adamu no-Eva kubonisa esinye isici ezinkingeni ezaziyovela. Ngokuqondene nobuhlobo bakhe nomyeni wakhe, uJehova watshela u-Eva: ‘Uyokubusa.’ Namuhla amadoda amaningi, njengo-Isao oshiwo esihlokweni sethu sokuqala, abusa omkawo ngendlela enonya engenandaba nemizwa yomkawo. Nakuba kunjalo, abafazi abaningi bayaqhubeka benxanela ukunakwa abayeni babo. Lapho lokho kunxanela kunganeliswa, abafazi bangase bakufune ngenkani lokho kunakwa futhi benze ngobugovu. Njengoba amadoda amaningi ebusa futhi abafazi abaningi benxanela, kuba nobugovu, futhi ukuthula kuyanyamalala. Ephepheni elinesihloko esithi “Indlela Yokuhlaziya Izehlukaniso Zanamuhla,” uShunsuke Serizawa wathi: “Uma singayinaki inkinga eyisisekelo kulempikiswano, okungukuthi ukukhathalela komuntu izithakazelo zakhe siqu kuqala, ngokungazelele kuyoba okungenakwenzeka ukuhlaziya izehlukaniso namuhla.”
Nokho, uJehova uye walungiselela isiqondiso eZwini lakhe ukuze imibhangqwana eshadile elalelayo ikwazi ukujabulela isilinganiso esithile senjabulo yasemshadweni ngisho nakuba isesimweni sayo sokungapheleli. U-Isao walandela isiqondiso sikaNkulunkulu futhi manje ujabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo. Ake sibone ukuthi izimiso zeBhayibheli zibasiza kanjani abantu ukuba baqinise isibopho somshado.
Khulumisanani
Emishadweni eminingi, ukuntuleka kokuxhumana, ukuthambekela kokusola abanye, nezimo zengqondo zobugovu kwenza kube nzima ukuba amadoda nabafazi baqonde imizwelo yomunye nomunye. “Njengoba kudingeka ukuze kuhlanganyelwe imizwa, ukusondelana kudinga ukuthembana ngokuphelele. Futhi namuhla ukuthembana kuyindlala,” kusho umcwaningi uCaryl S. Avery. Ukwanda kwemizwa ejulile ehlanganyelwayo kwakha ukuthembana okunjalo. Lokhu kudinga ukuxhumana kokuthululelana izifuba phakathi kwendoda nomfazi.
Izaga zisebenzisa umfanekiso ukuze zikhuthaze ukuhlanganyelwa kwemicabango ejulile, zithi: “Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo, kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.” (IzAga 20:5) Abangane bomshado kumelwe babe abaqondayo futhi bakhiphe imicabango esekujuleni kwezinhliziyo zabangane babo bomshado. Ake sithi umngane wakho udangele. Kunokuba usabele ngokuthi: “Kwamina ngibe nosuku olunzima,” kungani ungabuzi ngomusa: “Ingabe ube nosuku olunzima? Kwenzekeni?” Kungase kudinge isikhathi nomzamo ukulalela umngane wakho womshado, kodwa ngokuvamile kujabulisa ngokwengeziwe, kuyanelisa, futhi konga isikhathi ukuchitha isikhathi ngaleyondlela kunokungamnaki umngane wakho bese kudingeka ubhekane nemizwelo enamandla equbukayo kamuva.
Ukuze kube nokuthembana, ngamunye kumelwe athembeke futhi azame ukuveza imizwa ngendlela omunye umngane ayoyiqonda. “Nikhulume iqiniso,” kunxusa iZwi likaNkulunkulu, “lokhu singamalungu omunye komunye.” (Efesu 4:25) Ukukhuluma iqiniso kudinga ukuqonda. Ake sithi umfazi unomuzwa wokuthi akalalelwa lapho ekhuluma. Ngaphambi kokuba akhulume, kumelwe acabangele lesisaga: “Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.” (IzAga 17:27) Kunokuba asole umyeni wakhe ngokuthi, “Njalo awungilaleli!” kuyoba ngcono kakhulu ukuba ngomoya opholile aveze imizwa yakhe ngaphambi kokuba ukukhungatheka nokudumazeka kwakheke ngaphakathi kuye. Mhlawumbe angaveza indlela azizwa ngayo ngokusho amazwi anjengokuthi, “Ngiyazi ukuthi umatasa, kodwa ukuba nesikhathi esengeziwe kancane nginawe kuyongenza ngijabule kakhulu.”
Ngempela, “lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka.” (IzAga 15:22) Umngane wakho uyakuthanda, kodwa lokho akusho ukuthi angafunda ingqondo yakho. Kumelwe umtshele umngane wakho indlela ozizwa ngayo ngendlela yokuhlakanipha. Lokhu kuyonisiza, njengombhangqwana oshadile ongamaKristu, ukuba nenze ukulungisa kothando ukuze ‘nigcine ubunye bomoya ngesibopho sokuthula.’—Efesu 4:2, 3.
Ngokwesibonelo, cabangela uKazuo owayeyindoda ebuswa yisifiso esingalawuleki sokugembula. Wazithola ecwile ezikweletini ezibalelwa emakhulwini ezinkulungwane zamaRandi. Lapho eboleka imali ukuze akhokhele lezikweletu zakhe, wacwila ngokujule ngokwengeziwe obishini. Wabe eseqala ukutadisha iBhayibheli futhi ekugcineni wathola isibindi sokutshela umkakhe ngezinkinga zakhe. Wayezimisele ukubhekana nokumbeka kwakhe icala. Nokho, wamangala lapho umkakhe, owayesetadishe iBhayibheli isikhathi eside kunaye, ephendula ngomoya opholile: “Ake sizame ukuthola ukuthi singazikhokhela kanjani lezikweletu.”
Kusukela ngosuku olulandelayo, bavakashela labo ababebakweleta futhi baqala ukukhokha izikweletu zabo, bathengisa ngisho nendlu yabo. Kwathatha cishe unyaka ukukhokha lezikweletu. Yini eyashintsha uKimie, umkakhe? Uthi: “Amazwi atholakala kweyabaseFilipi isahluko 4, amavesi 6 no-7, ayiqiniso ngempela. ‘Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.’” Wanezela: “Umngane wami, emangele ngokubona indlela engangeneme ngayo naphezu kobunzima, waqala ukutadisha iBhayibheli kanye nami.” Kusukela ngalesosikhathi uKazuo nomkakhe baye babhapathizwa futhi manje bajabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo.
Ngaphezu kokuthembana ngokukhuluma iqiniso, amadoda nabafazi abaye baba nokuhlangenwe nakho okungenhla benza okuthile okusiza imibhangqwana ukuba ixazulule izinkinga zayo zomshado. Baxhumana noMsunguli welungiselelo lomshado, uJehova uNkulunkulu. Naphezu kokucindezeleka nobunzima imibhangqwana ebhekana nako, uyoyibusisa ngokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda uma yenza konke okusemandleni ayo ukuba isebenzise izimiso zakhe bese ishiyela konke ezandleni zakhe. Ukuthandaza ndawonye kuwusizo kakhulu. Indoda kumelwe ihole futhi ‘ithulule inhliziyo yayo’ phambi kukaNkulunkulu, ifune isiqondiso sakhe kunoma iyiphi inkinga yona nomkayo ababhekene nayo. (IHubo 62:8) UJehova uNkulunkulu uyoyizwa nakanjani imithandazo enjalo.
Yebo, kungenzeka ukuqinisa isibopho somshado. Ngisho kwamanje, njengoba siphila nakho konke ukungapheleli kwethu emphakathini oyaluzayo, imibhangqwana eshadile ingathola injabulo enkulu ebuhlotsheni bayo. Ungathola ukusikisela okwengeziwe okuzuzisayo neseluleko saphezulu encwadini ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. Ngaphezu kwalokho, imibhangqwana ezama ngobuqotho ukuba isebenzise izimiso zeBhayibheli inethemba lokuboshwa ndawonye ngothando emhlabeni omusha owenziwe uNkulunkulu ozofika ngokushesha.